INJULA YESIKO LOKWELUSA ESIZWENI SAMAZULU KANYE NOKUTHUTHUKISA KWALO ULIMI LWESIZULU NGU- MAGWEGWE ZEBLON MTHEMBU 2009 INJULA YESIKO LOKWELUSA ESIZWENI SAMAZULU KANYE NOKUTHUTHUKISA KWALO ULIMI LWESIZULU NGU- MAGWEGWE ZEBLON MTHEMBU LWETHULWA UKUFEZA IZIDINGO ZEZIQU ZOBUDOKOTELA EMNYANGWENI WEZILIMI ZABOMDABU ENYUNIVESITHI YAKWAZULU Umeluleki : USolwazi Z.LM. Khumalo Indawo : KwaDlangezwa Usuku : UMasingana 2009 ISIFUNGO Ngifunga ngiyagomela ukuthi: Injula Yesiko Lokwelusa Esizweni SamaZulu Kanye Nokuthuthukisa Kwalo Ulimi LwesiZulu umsebenzi ocwaningwe yimi. Yonke imithombo yolwazi okuthekelwe kuyo iveziwe ngokusemthethweni futhi lo msebenzi awukaze ulethwe kwesinye isizinda semfundo ngenhloso yokuthola iqhuzu. ……………………… …………………… M.Z. Mthembu Usuku: i 2009 UMNIKELO Lo msebenzi ngiwunikela ngenhliziyo emhlophe nangokukhulu ukuzithoba kubaba uDokotela u-R.S. Khumalo ngendima enkulu ayilimile ekuthuthukiseni Ulimi Namasiko esizweni sakithi KwaMthaniya. Sithi sitongelile eshungwini lakho ebeligcwele phama ulwazi saze sathimula kodwa besingadeli ngoba ugwayi wakho ububukhali. Ngithi noma usukwelamathongo imisebenzi yakho iyohlala iphila. Mzilikazi! MNtungwa! ii UKUBONGA Ngiswele amazwi engingabonga ngawo uSolwazi Z.L.M. Khumalo ngokungikhuthaza kwakhe kusukela ngaqala lo mshikashika engicangcatha ukuze kuphume le mbenge ethungwe ngobuchule. Ngithi ume njalo Mntungwa. Ngiphinde ngibonge kakhulu umndeni wami wonkana ngokungifaka ugqozi lapho sengithanda ukufadabala, ikakhulukazi owakwami uZamanje. Ngabe ngiyixoki uma ngingemethulele isigqoko umfowethu uDokotela u-V.J. Mthembu obekuthi lapho sengimtetemela kodwa angincikise ehlombe lakhe ukuze ngikhalele kulo. Ngiphinde ngibonge kakhulu kubafowethu abalandelayo ngeqhaza abalibambile ukuze lo msebenzi ube impumelelo. Labo ngoMnumzane J.B. Nene, M.W.Sibisi, R.M.M. Bhengu, N.E. Jobe, ngithi kini nime nje. Ngiphinde ngizibongele kakhulu kudadewethu uNonhlanhla Msomi ngokungihlelela lo msebenzi ngezinkinobho zabelungu. Sengiphetha ngibonga oPhezukonke ngokungihlenga aphinde angiphe amandla okuqwala le ntaba. iii ISIFINYEZO Lolu cwaningo luveza injula yesiko lokwelusa esizweni sakithi kwaMthaniya nendlela elithuthukisa ngalo ulimi lwakithi. Lubheka ukubaluleka kwemfuyo ngokwezinga layo lunyuke njalo lubheka imfundiso nolwazi olutholakala lapho kanye nemidlalo etholakala khona ekwaluseni. Isahluko sokuqala sethula ucwaningo nenhloso yalo. Kuvezwa umklamo wocwaningo nendlela ezosetshenziswa ngenkathi kuqwalwa le ntaba. Kwendlalwa kafuphi ngokubaluleka kwaleli siko nemibono yongoti ngaleli siko. Isahluko sesibili sibheka iqhaza elibanjwa imfuyo ezimpilweni zethu kusukela ezinkukhwini, amakati, izinja, izimvu nezimbuzi kuze kuyoshaya ezinkomeni. Kubhekwa imisebenzi enhlobonhlobo eyenziwa ngemfuyo. Isahluko sesithathu sibheka amazinga okwelusa kusukela umfana esemncane elusa izinkukhu akhule aye ezimbuzini aphumele endle aluse amathole aze agogode ngokwelusa izinkomo. Kuzobhekwa ukukhula komqondo kulelo nalelo zinga elusa kulo. Isahluko sesine sibheka kabanzi imfundiso etholakala ekwaluseni njnegokufunda ulwazi lwemibala yezinkomo, ukwazi ukuqagula nokubona isimo sezulu, ulwazi olunzulu lokwazi izinhlobonhlobo zezihlahla, izilwane, izinyoka, amakhambi emfuyo, ulwazi lokweshela kanye nenhlonipho efundwa khona ekwaluseni. Isahluko sesihlanu sibheka imidlalo enhlobonhlobo edlalwa abafana ngenkathi belusile neqhaza elibanjwa yilowo nalowo mdlalo ekucijeni umqondo womfana. Sibheka imidlalo efana nokungcweka, ukuqhathana, ukudla iphaphu, ukubhukuda, ukuzingela, ukuciba insema neminye. iv Isahluko sesithupha sesithi khumu, amajoka siwabeke ethala bese sihlaziya sicubungule lonke ucwaningo siveze nezincomo ezisuselwa emiphumelweni yocwaningo. Ekugcineni kuphethwa wonke umsebenzi. v OKUQUKETHWE Isihloko Ikhasi ISAHLUKO SOKUQALA 1.0 ISETHULO SOCWANINGO 1 1.1 Isingeniso 1 1.2 Inhloso Yocwaningo 7 1.3 Intshisekelo Yocwaningo 8 1.4 Imidiyo Yocwaningo 8 1.5 Indlela Yokuqhuba Ucwaningo 9 1.6 Imibono Yongoti 9 1.7 Abasazosizakala Ngocwaningo 11 1.8 Uhla Lwezahluko 12 1.9 Isiphetho 12 ISAHLUKO SESIBILI 2.0 UKUBALULEKA KWEMFUYO 13 2.1 Isingeniso 13 2.2 Ukubaluleka Kwezinkukhu 16 2.3 Ukubaluleka Kwamakati 25 2.4 Ukubaluleka Kwenja 33 2.5 Ukubaluleka Kwezimbuzi 43 2.6 Ukubaluleka Kwezimvu 53 2.7 Ukubaluleka Kwezinkomo 62 2.7.1 Ukwenza Imisebenzi Yesiko 63 vi 2.7.2 Inyama, Ubisi Namasi 65 2.7.3 Ukuqopha Amabheshu 67 2.7.4 Ukusika Amahawu 67 2.7.5 Ukushuka Izidwaba 69 2.7.6 Ukulobola 70 2.7.7 Ukuzibophela 73 2.7.8 Ukuxoshisa 74 2.7.9 Ukusisela 76 2.8 Izimo Zokukhuluma Eziphathelene Nenkomo 78 2.9 Isiphetho 95 ISAHLUKO SESITHATHU 3.0 AMAZINGA OKWELUSA 97 3.1 Isingeniso 97 3.2 Ukwelusa Izinkukhu 98 3.3 Ukwelusa Izimbuzi 107 3.4 Ukwelusa Imivemve, Amankonyane, Amathole Namaguqa 114 3.5 Ukwelusa Izinkomo 119 3.5.1 Ukungcweka Nokuqhathwa 125 3.5.2 Izimo Zemvelo Nezilwane 129 3.6 136 Isiphetho ISAHLUKO SESINE 4.0 IMFUNDISO NOLWAZI OLUTHOLAKALA EKWALUSENI 137 4.1 Isingeniso 137 4.2 Ulwazi Lwemibala Yezinkomo 138 4.3 Ulwazi Lwesimo Sezulu 156 vii 4.4 Ulwazi Lwesikhathi 161 4.5 Ulwazi Lwemithi / Izihlahla 166 4.6 Ulwazi Lwezifo Nmakhambi Emfuyo 171 4.7 Ulwazi Lwezilwane 175 4.8 Ulwazi Lwezinyoni 182 4.9 Ulwazi Lwezinyoka 188 4.10 Ulwazi Lokweshela 193 4.11 Ulwazi Lwenhlonipho 208 4.12 Ulwazi Lokunakekela Imfuyo 212 4.1.3 Isiphetho 217 ISAHLUKO SESIHLANU 5.0 IMIDLALO ETHOLAKALA EKWALUSENI 218 5.1 Isingeniso 218 5.2 Ukubumba 220 5.2.1 Ukubumba Izinkomo Nokuziqhatha 221 5.3 Ukuqhatha Izinkunzi 223 5.4 Ukudla Iphaphu 228 5.5 Ukungcweka 233 5.6 Ukuqhathana 238 5.7 Ukuqwagela 242 5.8 Iqanda Lenjelwane 247 5.9 Ukuciba Insema 248 5.10 Ukudlala Emanzini 252 5.10.1 Ukubhukuda 252 5.10.2 Ukutshuza 254 5.10.3 Ukushaya Intiki 255 5.10.4 Ukulwa Emanzini 256 5.10.5 Umdlalo Wezingwenya 257 viii 5.10.6 Ukushaya Idadamu 258 5.11 Ukuzingela 259 5.12 Ukwelenyoni 268 5.13 Ukushaya Izinyoni 270 5.14 Isiphetho 272 ISAHLUKO SESITHUPHA 6.0 ISIHLAZIYO, IZINCOMO NESIPHETHO 273 6.1 Ukuhlaziywa Kocwaningo 273 6.2 Izincomo Zocwaningo 290 6.3 Isiphetho Socwaningo 295 IMITHOMBO YOLWAZI 301 ix ISAHLUKO SOKUQALA 1.0 ISETHULO SOCWANINGO 1.1 Isingeniso Ukwelusa ngelinye lamasiko elibambe iqhaza elibaluleke kakhulu esizweni samaZulu. Isizathu salokho ukuthi lapha ekwaluseni akubhekwa izinkomo kuphela kepha kuyisikhungo sezinga eliphezulu lapho abafana bethola khona uqeqesho olunzulu ezintweni eziningi. Lokhu kufakazelwa uMsimang, (1975:180) lapho ethi: Akukhona ukukhalima izinkomo zingadli amasimu kuphela okwakwenza ukwelusa kubaluleke ekukhuleni kwabafana endulo: Imbangela yokubaluleka kokwelusa yinhlakanipho nolwazi olwaluzuzwa ngabafana ekwaluseni. Le nhlakanipho iqhathaniseka ncamashi nenhlakanipho ezuzwa ngabantwana banamuhla ezikoleni. Njengoba namuhla kuthiwa umntwana ongaqondisisi kahle izinto kayanga esikoleni, kokhokho umfana ongahlahlambile kahle kwakuthiwa akelusanga. Usuke usumthinte nalapho engathintwa khona umuntu onguMzulu uma eseze akutshele ezikabhoqo ukuthi “mina ubongibheka kahle, ngelusa.” Usuke engasagayelwe mbhantshi lapho ngoba usuke esethelwe ngezibonkolo esetshela lowo ngezikhwepha ahilizisana naye endodeni, akalona ukuthi yena uyazifikela mathupha igwala ngoba wafunda wagogoda ekwaluseni onke amaqhinga okulwa eqhathwa, engcweka ngakho-ke akesabi muntu. USibisi, (2006) uyakweseka lokhu lapho ethi: Kusuke kuzosuka uthuli lwezichwe uma uzwa insizwa yoMzulu ithi koxabana nayo “mina ngelusa.” Lapha kusuke 1 kungasasiniswa mahleza. Uma insizwa ingazethembi kuhle ukuthi isheshe ijokole, ibone eze ngayo zingaze ziyinethe. Lokhu kuphinde kwesekwe uKhumalo ephephandabeni Isolezwe lomhla zingama-22 Julayi 2006, ikhasi le-13 lapho evikela umfo kaVolovolo esigagayini esasimgxeka kanje: Ngicela ukukubonisa mfo kaMcondo, bekumele wena ubeke uthi ucela ukuxhunyaniswa noVolovolo noma uthi ngifisa ukwazi ngoVolovolo. Mhlawumbe wawuzoluthola usizo. Kodwa-ke manje kuyacaca ukuthi wawuzedelelela nje wena. Mfowethu uVolovolo welusa, waqhathwa, wafunda wase esesebenza njengoba ngikhuluma nje usemsebenzini lapho aphandela khona izingane zakhe. Mfowethu ingosi kaVolovolo siyayithanda kakhulu, ngakho-ke kumele omunye umuntu simkhuthaze ukuze kusasa sizoziqhenya ngaye. Kumele uwafundisise amaphuzu abekwa nguVolovolo ezingosini zakhe ukuze wazi ukuthi ungubani. Singasho kugcwale umlomo ukuthi sonke isidalwa esingaphansi komthunzi welanga sidinga ukwelusa ukuze siphile impilo ephusile neyamukelwa ezinye izidalwa emhlabeni. Akuyona imfuyo kuphela eyaluswayo kepha sonke siyimfuyo yongaPhezulu, uMvelinqangi ngakho ungumelusi wethu. Lokhu kufakazelwa uKhumalo, (1994:72) lapho ethi: Igama elithi imfuyo uma ledlulile nje emadlebeni, umuntu uyaye athathe ngokuthi kuqondwe lezo zilwane ezifuywe ekhaya kuphela. Libukeka lenebe kakhulu kunalokho leli gama. 2 UKhumalo, (1996:32) uphinde akwesekele lokhu lapho ethi: Kukho konke esengikubalile, kuyagqama ukuthi kwenzeka ezidalweni zikaMdali hhayi ngokuqonda, nokwazi nokuthanda kwazo, kuphela kwalowo ongabonwayo. Nguyena onguMninimandla onke. Nguye oyingalo egijimisa yonke indalo ngezikhathi zonke, noma ikuphi ngokuthanda nokulawula kwakhe. Akukho okwenzeka ekusithekeni kuye. Konke kwenzeka ngokohlelo lwakhe ezulwini phezulu, emhlabeni phansi nasemanzini ngaphansi komhlaba kuze kuyothi ngci emgogodleni ongamathumbu nesisekelo somhlaba kwelokhokho. Kusuke kungemnandi uma kuthiwa “umuntu ungumhlambi kazalusile.” Lokhu kuchaza ngokusobala ukuthi lowo muntu akanambheki, uzenzela umathanda ngoba engeluswe muntu. Lesi simo sokukhuluma sithathelwa ezinkomeni okuthi uma zingalusiwe zenze umonakalo emasimini abantu. Lesi saga siveza ngokusobala isidingo sokwaluswa kuzo zonke izidalwa ezingaphansi komthunzi welanga. Lokhu kuphinde kusekelwe imibhalo eyiNgcwele emaHubeni 23:1-4 lapho uDavide ethi: UJehova ungumalusi wami, angiyikuswela. Uyangilalisa emadlelweni aluhlaza; Uyangiyisa ngasemanzini okuphumula. Ubuyisa umphefumulo wami; Uyangihola ezindleleni zokulunga ngenxa yegama lakhe. Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa, angesabi okubi, ngokuba wena unami, intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza. Lokhu kuphindwe kunanelwe ivangeli likaMphostoli uJohane, 10:11 lapho ethi: Ngingumalusi omuhle. Umalusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu. 3 Imfuyo-ke ingezinye zezidalwa ezidingwa ukunakekelwa lapha emhlabeni. Indoda lapha kwelikaMthaniya iyindoda ngoba inemfuyo eningi esibayeni. Umcebo wendoda kwelengabade ulinganiswa ngemfuyo enayo ikakhulukazi izinkomo. UCope, (1968:19) ubeka kanje ngalokhu: The position of the cattle-fold in the centre of the Zulu kraal symbolizes the paramount importance of cattle in Zulu life. References to cattle pervade the praise-poems, and the concord zi, in the absence of a specific subject or object, refers to cattle (izinkomo). The language contains literally hundreds of terms for cattle, distinguishing them minutely as to horns, colourings, and markings. Cattle have praise-names, and the owner of a favourite or beautiful beast may compose and recite praises in its honour. Wealth is counted in terms of cattle, which constitute the basis of the ceremony. They have legal value in marriage, for it is only the transfer of cattle according to the lobola custom that legalizes a marriage and legitimizes its issue. U-Odoli, (1999:28) ushayelela isipikili lapho ethi: To the traditional Zulu, cattle are his pride and joy and also symbols of wealth. The greater the number of beasts a man possesses, the wealthier he is. Cattle are also important sacrifice animals used to worship God and petition the ancestors to play their mediating roles. UDonda, (1997:1) naye usika elijikayo ngokubaluleka kwenkomo lapho aze aveze khona ukuthi inkomo ayibalulekile kwaZulu kuphela kepha i-Afrika yonkana: Abantu base-Afrika bakholwa wukuthi umnotho wempela yinkomo. Amasiko onke ase-Afrika anesizinda esisodwa vo, inkomo. 4 UMakhambeni, (1985:1) naye ushayela isipikili ngokubaluleka kwemfuyo eAfrika yonkana lapho ethi: Isizwe samaMasayi sizinze laphaya esigodini iRift Valley, eMpumalanga ne-Afrika. Sekuyiminyakanyaka silokhu sikule ndawo, siphila impilo yonozulazulane ngenxa yemfuyo yaso. Imfuyo lena, izinkomo nezimbuzi, iyisisekelo sempilo yawo amaMasayi. Kuyadabukisa ukubona ukuthi esikhathini sanamuhla isiko lokufuya kwezinye izindawo selithanda ukufadabala. Isizathu salokho ukuthi selithanda ukwenganyelwa wusikompilo lwaseNtshonalanga lapho indoda ibonakala ubudoda bayo ngamasenti ewathukuse ebhange. Lokhu kufakazelwa uMsimang, (1975:36) lapho ethi: Namhlanje abanumzane bakithi sebehlonishwa ngokuba kwaziwe ukuthi banezimali ezilondolozwe emabhange, noma kumbe bafundisiwe, noma-ke banezitolo neminye imisebenzi enjalo. KwaZulu kusadliwa ngoludala kwakungekho konke lokho. Umnumzane obesatshwa, ekhulekelwa, yilowo kuphela obenesibaya esibonakalayo. Lo mbono uphinde wesekwe uKhumalo, (1994:72) lapho ethi: Iqholo lendoda nendoda lisemfuyweni yayo ngoba yiyona eyishoyo ngisho yona ingakathi vu ngomlomo wayo. Abanye bangakuchitha namanzi lokhu okungenhla ngoba bazi ukuthi kwakuyinto nenkolelo yakudala leyo. Bangakusho lokho bekushiso ukuthi bona sebafuyela emaphaketheni nasemabhange. Sebakholelwa ukweluselwa izinkomo nezimbuzi zabo, zithi uma zizala zibazalele bobabili, umfuyi nomalusi. Indoda eseyindoda yazi ukuthi ubuhle bendoda zinkomo zayo. Iyakwazi futhi iyayazi 5 imfuyo yayo ngezikhathi zonke. yona mathupha imfuyo yayo. Noma lolu khondolo Izalusela lwaseNtshonalanga seluthanda ukudlondlobala kuyancomeka ukuthi abantu bengabade basanamathele esikweni labo lokufuya. Abafuni nangengozi ukuba usikompilo lwaseNtshonalanga lubagobe uphondo. Okungenani basebenzisa usikompilo lwaseNtshonalanga ukuthi uma sebegqibile bathenge ngawo lawo masenti imfuyo. UNyembezi, (1994:38) uyakuveza lokhu lapho eveza khona uNonkosi noQwabe bephikisana ngemfundo kanje: Kwase kufike leso sikhathi-ke lapho umuntu uma efisa ukukhuluma nomhlobo wakhe okude, adimede ahlale phansi athathe usiba lwakhe alobe. Abazali bakaVusumuzi babeyazisa kakhulu imfundo. Noma bexoxa nawomakhelwane, babengakufihli ukuthi bona injongo yabo ukuba umntwana wabo angene esikoleni, afunde konke anokukufunda. “Suka lapha Qwabe, uthi uzofundisa umntwana, umfundisani? Uzovuma ukuba ahambe ayoluthwa ngabeLungu?” “Chabo Nonkosi akunjalo. Ngiyabona nami ukuthi imfundo ayikagxili kakhulu ezinhliziyweni zethu. Kodwa ngibona kufanelekile ukuba nathi sizame ukuthola lobubuhlakani bezazi ezimhlophe.” “Abukho yini obakithi ubuhlakani? Thina asikwelaphi yini ukufa kwelapheke? Wakhulumisa okwengane nje Qwabe.” “Musa ukungithatha ngewala Xaba. Angisho nami ukuthi akukho kuhlakanipha kithi. Kodwa ngithi siphi isiphosiso uma sizama ukuncela nasekuhlakanipheni kwezizwe ezinye na? Kukhona abakwaziyo esingakwazi okungasisiza kakhulu uma nathi sikwazi. Owami umntwana ngeke ahlale angayi esikoleni.” 6 Ukwelusa lokhu nakho kunamazinga akhona ahambisana nokujula komqondo womfana. Lokhu kufana ncamashi nesikole. UJobe, (2006) uphawula kanje ngalokhu: Ukwelusa isikole sethu thina maZulu. Umfana nomfana ulusa imfuyo elingana neminyaka yakhe ukuze ingamehluli. Nasesikoleni sakobelungu ibanga nebanga lihambisana neminyaka yomntwana. Umfana akathi eqala ukwelusa agagamele ayolusa izinkomo kepha uqala phansi acathule aluse izinkukhu, akhuphuke njalo eze ezimbuzini, alandelise ngamathole aze afike emphelandaba lapho eselusa izinkomo nalapho eseqala ukwelusa endle. Kukulesi sikhungo-ke lapho umfana ethola khona uqeqesho olunzulu. 1.2 Inhloso yocwaningo Lolu cwaningo luhlose ukuveza ukubaluleka kokwelusa esizweni sikaMalandela. Kuhloswe ukuveza ukwelusa njengesikhungo esibalulekile soqeqesho kwelakithi kwaMthaniya. Luhlose ukuveza ubuntu, inhlonipho, ukuzwana nobuchwepheshe obutholakala ekwaluseni. Ukubaluleka kwemfuyo kusukela phansi ezinkukhwini kuze kuyophuma phezulu ezinkomeni kungenye yezinhloso zocwaningo. Kuhloswe ukuveza ukubaluleka kokuba ngaphansi kweso lomuntu othize kwazo zonke izidalwa ezingaphansi komthunzi welanga. Kuhloswe ukuqwashisa ngobungozi obukhona ngokushabalala kwaleli siko lokwelusa lisibekelwa usikompilo lwaseNtshonalanga. Luhlose ukulondoloza amagama esiZulu, izaga nezisho osekuthanda ukushabalala ngenxa lwaseNtshonalanga. 7 yokwenganyelwa usikompilo Luhlose nokuveza iqhaza elibanjwa ukwelusa ekuthuthukiseni ulimi lwakithi lwengabade. 1.3 Intshisekelo yocwaningo Intshisekelo yocwaningo isuswe ukubona indlela eselithanda ukushabalala ngayo leli siko lokwelusa. lokuziphatha kwabafana Iphinde yasuswa ukubona ukwehla kwezinga esizweni sakithi. Ukuphela kwezindawo ezinamadlelo amahle esikhathini samanje eqedwa uHulumeni osezintanjeni ngokwakha izindlu nakho kuvuse uhlevane. Ukushabalala kolwazi lwemithi, imibala yezinkomo, izinhlobonhlobo zezinkomo nezifo eziphathelene nemfuyo nakho kususe intshisekelo. 1.4 Imidiyo yocwaningo Lolu cwaningo luzoqala phansi ezingxabeni lubheke ukubaluleka kwemfuyo kwelikaPhunga noMageba, lunyuke njalo lubheke izigaba zokwelusa. Luzomthatha umfana esabhibhidla elusa izinkukhu, lukhuphuke naye njalo lapho eselusa izimbuzi nezimvu. Luzophotha njalo lwenyuka naye lapho esengumkhapheyana eselusa imivemve, amankonyane, amathole kanye namaguqa luze lumkhiphe phezulu lapho umfana esekhulakhulile, eseyibhungu esesesikhungweni sokugcina lapho eselusa izinkomo, esenga, edibha, ehlinza, ehlahla, osa, elima, evuna, ebumba, ezingela, ecupha, nokunye. Imfundiso nolwazi olutholakala ekwaluseni njengokwazi ukubona isimo sezulu, ulwazi lwemithi nolwezilwane, ulwazi lwamakhambi, ulwazi lokweshela kanye nolokufunda inhlonipho konke lokhu kuzofakelwa izibuko ngenhloso yokwakha isakhamuzi esiqotho, esithembekile nesisebenza ngokuzikhandla. Imidlalo etholakala ekwaluseni nayo izobhekwa ngelibanzi. Imidlalo efana nokungcweka, ukuqhathana, nokuqwagela kuzobhekwa. ukudla iphaphu nobhedu, ukuzingela Imidlalo yasemanzini nayo angeke yabukelwa 8 phansi. Leyo midlalo imidlalo efana nokubhukuda, ukushaya intiki, umdlalo wezingwenya kanye nokushaya idadamu neminye. 1.5 Indlela yokuqhuba ucwaningo 1.5.1 Ucwaningo luzosebenzisa imithombo yolwazi netholakala emitatsheni yezincwadi. 1.5.2 Ukufakana imilomo noSolwazi asebeminkantshubomvu kanye nongoti abasadla amabele nakho kuzosetshenziswa njengenye yezindlela zokuqhuba ucwaningo. 1.5.3 Kuyovakashelwa abafana emadlelweni ngenhloso yokuzibonela nokuzwa kubona abanikazi bendaba ngemikhutshana eyenziwa khona ekwaluseni. 1.5.4 Imibono yongoti emabhukwini okuzuza iziqu kanye nezihlaziyo ngenhloso yokuzuza okunzulu ngalesi sihloko izocutshungulwa. 1.5.5 Kuzoboniswana nezingwevu nezimpunga ezedlula kuleli siko ngenhloso yokwethekela nokuzwa uvo lwabo ngaso sonke isimo sokukhula nokuziphatha kwabafana izolo nanamuhla ngenhloso yokwakha isisekelo esinqala sangomuso. 1.6 Imibono yongoti Kuyethusa ukuthola ukuthi sengathi ongoti bathande ukuba madolo nzima ukwenza ucwaningo ngalesi sihloko. Sengathi impela bathande ukusishalazela ngoba mincane imisebenzi ebhalwe ngaso. UMsimang, (1975:150) uyenaba ngokubaluleka kwemfuyo kwelikaMthaniya. Ubuye aqoqe ulwazi olutholwa abafana ekwaluseni aludidiyele alufake ezibayeni ezintathu. Isibaya sokuqala yilapho abafana befunda khona ngokunakekelwa kwemfuyo njengolwazi lotshani obuhle nobunomsoco, izifo eziphatha imfuyo nokunye. Esesibili yilapho abafana befunda indlela yokuziphatha belungiselela ingomuso. Kulesi sibaya bafunda inhlonipho nokwazi umthetho nokuhlonipha abesifazane. befunda ulwazi ngemvelo. Isibaya sokugcina yilapho Lapha bafunda ngemimoya eletha imvula, 9 izihlahla, izinhlobonhlobo zezilwane. Bazi kamhlophe okudliwayo nokungadliwa. UMkhize, (2001) ohlelweni oluthi 50/50 lomhla ziyi- 8 kuNtulikazi 2001 wazama ukuveza isithombe ngenjula “Ukwelusa – A herdboy‟s duty.” yokwelusa esihlokweni esithi: Noma-ke wayekha phezulu kodwa umcwaningi ucabanga ukuthi wayexinwe isikhathi lapho ethi: Ukwelusa is more than just herding the cattle. There are so many things that you learn out there. It is a form of education and the hardships that you come across while you are out there in the veld prepares you and makes you strong, preparing you for manhood. Uphinde akuveze ukubaluleka kokwelusa lapho eveza khona abadala bephawula uma umuntu enza okuphambene kanje: In Zulu culture, let‟s say you are given a task and you do it the wrong way. The older men will come and say: “Were you never a herdboy?” UMkhize, (2001) uyayiveza eminye imidlalo etholakala ekwaluseni njengokuqhathwa noma-ke ekha phezulu. UDonda, (1997:9) usika elijikayo lapho eveza ukubaluleka kokwelusa lapho echaza ukwelusa kanje: Kusuke kwelusiwe lapho abafana befunda khona imikhuba ebalulekile yesizwe. Kufundwa ukuhlonipha izingqwele. Zike zibathume ukuyoqwagela bangathi vu, futhi bangasho emakhaya. Kukule ndawo lapho befunda khona ukuhlaba insema ngezinkande. Basuke bevivinywa ukuze babe yizingwazi zesizwe. Bafundiswa ukushaya induku uma beqhathwa ukuze bakwazi ukubekezelela ubuhlungu bempilo uma sebekhulile, bakwazi futhi ukulwela inkosi yabo. Kufuneka abantu abanesibindi 10 abangahlehli nakanci. Kusendle lapha kufundwa khona amagama ezilwane kanye nemithi yasendle. Abanye babegcina bengamaphisi okuyinto edingekayo eqhaweni lesizwe. Isilo uShaka, uCetshwayo, abantwana uShingane kanye noDabulamanzi babengamakhulu amaphisi. Yikho-ke babengamaqhawe anuka igazi labafo nangamakhala. Ukuphunyuka kwabo emabhubesini nakwezinye izilwane eziyingozi, kwabanika umqhanagu kanye nosikisiki lwempi. Ulwazi lwemithi eyayibenza bangashaywa nxa izinkomo zonile kwakugcina kubenze ezinkulu izinyanga ezingaze zigcine zihole izinkomo. 1.7 Abazosizakala ngocwaningo Baningi abantu nemikhakha ezosizakala ngalolu cwaningo. Abafana abahlala ezindaweni lapho leli siko selithanda ukufadabala khona bazovukwa ugqozi sebebona ukubaluleka kwaleli siko ezimpilweni zabo. Abanumzane asebethanda ukubukela phansi isiko lokufuya sebethathwe usikompilo lwaseNtshonalanga sanamuhla nje lona njengomuntu kumfelandawonye emabhange olubuka okufanele bazovuka umnumzane agqibisise bazithathe esikhathini openi bakhe sebebona ukuthi bayanhlanhlatha. Amakhosi nezinduna akhele leli elikaMthaniya azovuseleleka alidlulisele leli vangeli ezizweni zabo esebona ngamanye amehlo ukubaluleka kwaleli siko. Akuzukugcina kubaholi bendabuko abakhele leli lengabade kepha kungasizakala nabakwezinye izizwe sebethekela imiphumela emihle yaleli siko. UMnyango WeZolimo NamaHlathi nawo uzosizakala ngokubona kabusha ukubaluleka kokufuya ngaphandle kokucisha indlala nokunyusa umnotho kepha neqhaza elingaphandle kwalokho. UMnyango WezoBuciko, Amasiko NokuVakasha uzohlomula ngoba okuningi okulapha kuthinta wona ngqo ngokobuciko, amasiko nezokuvakasha okuthokozelwa yizivakashi. 11 UMnyango WezeMfundo NamaSiko uzoluthokozela lolu cwaningo ngoba usuzobona ukuthi iningi imfundiso nobuchwepheshe obutholakala ekwaluseni. Uzothola ukuthi nangokwengqondo. lolu qeqesho lukhulisa umfana ngokomzimba Bazothokoza ukuthola ukuthi amasiko amaningi kuyaxoxwa ngawo ekwaluseni aphinde agcinwe njengesiko lokuhlonipha nesiko lokuqhathula. 1.8 Uhla lwezahluko Isahluko sokuqala - Isethulo socwaningo. Isahluko sesibili - Ukubaluleka kwemfuyo. Isahluko sesithathu - Amazinga okwelusa. Isahluko sesine - Imfundiso nolwazi olutholakala ekwaluseni. Isahluko sesihlanu - Imidlalo etholakala ekwaluseni. Isahluko sesithupha – Isihlaziyo, izincomo nesiphetho. 1.9 Isiphetho Akekho ongama ngentaba athi akasiboni isidingo salolu cwaningo ngoba lubaluleke ngendlela engechazwe ukuveza ingonyuluka etholakala ekwaluseni nokwenekela izwe ukuthi ukwelusa lokhu akukhona ukukhalima izinkomo kepha kuyisikhungo lapho abafana beqeqeshwa khona emikhakheni eminingi yempilo. Ulimi nalo ngabe alunothile ngokwanele ukuba imfuyo ayikho. 12 ISAHLUKO SESIBILI 2.0 UKUBALULEKA KWEMFUYO 2.1 Isingeniso Kuliqiniso elingephikwe ukuthi umhlaba ngabe awubukeki kahle ukuba uMlenzemunye akazange abone isidingo sokuwuhlobisa ngokuthile. Uke ucabange ukuthi ngabe unjani umhlaba ngaphandle kwezihlahla nezilwane? Yingalesi sizathu esenza oPhezukonke abone isidingo sokuba awuhlobise ngezihlahla nangemfuyo. Lokhu kufakazelwa uLamula, (1963:117) lapho ethi: Kusobala ukuba uMvelinqangi wawakha umhlaba wawulungisela izinto ezithile nezithile, ezifuywayo nezinjani, ukuba zifuywe ngezindawo ngezindawo. Uma umuntu efika endaweni ethile, ufumana izilwane nemithi, nezinyoni ezehlukeneyo. Namuhla sivama ukubona izilwane, njengezinkomo, amahhashi, izimbuzi, izimvu, izinja, amakati nokunye. UKhumalo, (1997:72) ushaya icilongo elifanayo neloGcumisa noMthiyane aphinde agxile lapho ethi: Igama elithi imfuyo uma ledlulile nje emadlebeni, umuntu uyaye athathe ngokuthi kuqondwe lezo zilwane ezifuywe ekhaya kuphela. Libukeka lenebe kakhulu kunalokho leli gama. Umazihlonza uqagula ukuthi yonke imfuyo ingeYakhe. Esezulwini uma ikhona, esemkhathini, esemhlabeni phansi nesemanzini ngaphansi komhlaba ingeYakhe. Ingani ngisho abafuyi abafuye emhlabeni bayizimvu Zakhe. Iqholo lendoda nendoda lisemfuyweni yayo ngoba yiyona eyishoyo ngisho yona ingakathi vu ngomlomo wayo. Abanye bangakuchitha 13 namanzi lokhu okungenhla ngoba bazi ukuthi kwakuyinto nenkolelo yakudala leyo. Bangakusho lokho bekushiso ukuthi bona sebafuyela emaphaketheni nasemabhange. Sebakholelwa ukweluselwa izinkomo nezimbuzi zabo, zithi uma zizala zibazalele bobabili, umfuyi nomalusi. Indoda eseyindoda yazi ukuthi ubuhle bendoda zinkomo zayo. Iyakwazi futhi iyayazi imfuyo yayo ngezikhathi zonke. Izalusela yona mathupha imfuyo yayo. UXulu, (nd:6) naye uhaya ingoma efanayo lapho echaza umfo kaMahlase kanje: UMahlase wayehlonipheke kakhulu eNkandla. Wayenezinkomo eziningi. Abanumzane babemhlonipha kakhulu. UPaton, (1948:112) uyakweseka lokhu lapho echaza ubuhle bendalo budidiyelwe nezilwane nezinyoni kanje: There is a lovely road that runs from Ixopo into the hills. These hills are grass-covered and rolling, and they are lovely beyond any singing of it. The road climbs seven miles into them, to Carisbrooke; and from there, if there is no mist, you look down on one of the fairest valleys of Africa. About you there is grass and bracken, and the forlorn crying of the titihoya, one of the birds of the veld. Below you is the valley of the Umzimkulu, on its journey from the Drakensberg to the sea; and beyond and behind the river, great hill after hill; and beyond and behind them, the mountains of Ingeli and East Griqualand. The grass is rich and matted, you cannot see the soil. It holds the rain and the mist, and they seep into the ground, feeding the streams in every kloof. It is well tended, and not too many cattle feed upon it, and not too many fires burn it, laying bare the soil. Up here on the tops is a small and lovely valley, between two hills that shelter it. 14 There is a house there, and flat ploughed fields; they will tell you that it is one of the finest farms of this countryside. It is called High Place, the farm and dwelling place of James Jarvis, Esquire, and it stands high above Ndotsheni, and the great valley of the UMzimkulu. UZama, (1967:3) ushayela isipikili lapho ethi: Hhayi-ke kulokho kuthule kwethu nokwendalo eyayisizungezile kulowo mthunzi, kwakudamane kuzwakala ukuhlabelela kwemizwilili, ophezukomkhono namanqomfi ehlungwini elingezansi komuzi wakithi. Konke lokhu ngakunaka maqede ngababaza ubukhulu bukaMvelinqangi ngokudala indalo yezinhlobonhlobo umuntu angeke ayibeka isici. Imfuyo nemfuyo ineqhaza elibalulekile elibambayo emphakathini. Iqhaza elibanjwa umangobe, inkukhu, imbuzi, imvu, ukotshi kuze kuyoshaya phezulu enkomeni umuntu engelibukele phansi. KwelikaMthaniya umnumzane ungumnumzane ngoba enochibidolo lwemfuyo. Lokhu kufakazelwa uGcumisa noMthiyane, (1992:49) ngokubaluleka kwemfuyo: Endulo izwe lisabusa ayikho into eyayibaluleke ukwedlula imfuyo kumuntu wakwaZulu. Imfuyo eningi okungaba nguchibidolo lwezinkomo olubulala inyoka, umhlambi wezimbuzi noma wezimvu. Ngokubaluleka kwayo yayingalingani. Ukushiyana kwayo ngokubaluleka kwakuya ngemisebenzi yayo. Ubunumzane bebubonakala ngemfuyo kanye nezidingo ezifezwayo ngayo. Yayikhomba ukudla kusale komnumzane kungafani nanamuhla lapho ukuhlonishwa sekuya ngezikhundla, imfundo nemali okucatshangwa ukuthi unayo emabhange. Izinkomo zazibaluleke ukwedlula konke. 15 Ngenxa yeqhaza elikhulu elibanjwa imvelo nemfuyo ezimpilweni zethu yingakho abadala beqikelela ukuthi baxhumanise abantwana besebancane nakho ukuze inkonyane ingethuki isisinga uma sebekhulile. UMagubane, (1998:45) uhamba ezinyaweni ezifanayo lapho ebeka kanje: A clear distinction was made on the basis of sex, age, and ranks. The young boys were responsible for taking the cattle out into the veld to graze, the girls, either on their own or with their mothers, went to the river to fetch water. This Zulu children were exposed to nature at the early ages inculcating a deep, lasting understanding and empathy for the environment in which they lived. 2.2 Ukubaluleka kwezinkukhu Inkukhu iyinyoni yasekhaya ngoba yisona silwane esincane kwezindizayo esifuywayo. Yize likhona idada kodwa alithokozelwa njengenkukhu. UCele, (2006) ubeka kanje ngedada: Idada linyamanambana lapha kwelakithi kwaMthaniya. Akekho umZulu onogqozi lokufuya lolu hlobo lwenyoni ngoba nenyama yalo ithanda ukungashayi khona. Noma kunjalo kwaboMdabu baseNdiya aliconsi phansi. Balisebenzisa ngisho benza imisebenzi yamasiko abo. Inkukhu ibalulekile futhi iligugu elikhulu kwaZulu. Umuzi usuke ungemuzi ngaphandle kwayo. Lokhu kufakazelwa uMsimang, (1975:46) lapho ethi: Uma ngishiya izinkukhu ngabe ngenza iphutha elikhulu kabi. Ingani ngisho 16 nanamuhla lokhu izinkukhu Endulo nakhona manje. ziseligugu! Izinkukhu nazo zehlukene izigaba ezithile uma kubhekwa ukukhula kwazo. Emva kokuzalela amaqanda, isikhukukazi siyawafukamela. Ukufukamela lokhu yilapho isikhukukazi simboza khona amaqanda aso ngaphansi kwaso. Isizathu salokho ukuthi senzela ukuthi afudumale ukuze imbewu ephakathi eqandeni ikwazi ukukhula kahle, kuphume amachwane amahle. Okwesibili siwambozela ukuthi avikeleke ezilwaneni eziwadlayo njengenja, amagwababa nochakide. Inja edla amaqanda ayithandeki nangengozi. Kweminye imizi inja egile lowo mhlolo ishoba lilala amazolo. UMakhaye, (2006) uphawula kanje ngenkukhu: Isikhukukazi esingawanakekeli ngokuthi singawafukameli amaqanda asithandeki. Leso sikhukukazi sifanele into eyodwa vo, leyo eyokungena ebhodweni ngoba siyisilahlwanaboya futhi asiyandisi imfuyo ekhaya. Uma isikhukukazi sigile leli lumbo, amaqanda aso aba ukudla kwezilwane. Uma isichamsele inkukhu kuphuma amachwane. Ayakhula abe amatshwele, engagcini lapho, elensikazi likhula libe umvimbazana lapho seliqala ukuxoshwa bese liqala ukukekela. Elesilisa libe ichogo noma ichogwana bese liqala ukufunda ukukikiliga nokuxoshaxosha. Uma sekukhule ngokwanele eleduna liba iqhude, elesifazane libe isikhukukazi. Izinkukhu lezi zithandelwa inyama yazo. benkukhu ngoba yehla esiphundu. yisisulu sabafana uma kuqwagelwa. ibilisiwe. 17 Akekho ongabazi ubumnandi Yingalesi sizathu esadala ukuba ibe Inkukhu imnandi yosiwe, imnandi Ubumnandi bayo bufakazelwa uMsimang, (1975:46) lapho ethi: Akugcini lapho, inyama yenkukhu imnandi kangangoba ngeke usinike esingaboni. Uma umuntu ethatha uhambo, inkukhu ingumphako osheshayo. Khona kuthiwa isiqosheme kuvele kuconse amathe sengathi ungabhonyula umlenze noma uhlephule iphiko. Uma nifikelwe isihambi ekhaya ningazelele, omama basizwa yiyo ngoba iyashesha ukuvuthwa futhi iyazoyiza. UXulu, (2006) uphawula kanje ngalokhu: Kuyisibusiso ukuba nesihambi ekhaya ngakho uma sesifikile siphathwa ngezandla ezimhlophe. Inkolelo ukuthi ngabe kudalwe yini siyeke yonke imizi sikhethe owalapha ekhaya. Lokhu kubukwa njengesibusiso esivela ezinyanyeni, ngakho isikhukukazi esinamaqanda esiswini besiyini. Noma sesihamba akulicala ukusinika enye inkukhu kanye nojeqe sizohamba sithiba umashayandawonye ngendlela. Kuyadabukisa nokho ukubona ukuthi usikompilo lwaseNtshonalanga seluthanda ukwehlisa isithunzi sezinkukhu ngokwenza uhlobo oluthile ngemishini, olamthuthu phela. Inyama yawo ayinambitheki njengeyasekhaya. Uma libalele kakhulu ilanga, lolu hlobo lwezinkukhu luyaqhuma, lufe. Inyama yazo ize inambitheke kahle uma abaniniyo sebeyifake izithako zabo kanti lena eyomdabu imnandi ingenalutho. Uzwa kahle uma udla inqondo lenkukhu yasekhaya kuthi shaya umlozi ngenxa yobumnandi kanti lena yomshini amanqondo acishe aphelele emanzini ngenkathi iqhuthwa ngenxa yokushisa. Ngenxa yobumnandi benkukhu yasekhaya abaseNtshonalanga sebaze bayivuma induku ngokuthi babone isidingo sokuthi bayithengise emgwaqeni. 18 Yingakho sekwaba khona izitolo ezifana noNdosi (Nandos), oKhentane (Kentucky), izingonyama ezilambile (Hungry Lion) nezinye. UMakhaye, (2006) uphawula kanje ngalezi zitolo: Noma abaseNtshonalanga bengafaka nhloboni yezithako ezinkukwini zabo zokuzakhela kepha ngeke balibone elidlalayo kulena yakithi yomdabu ngoba yona ayidingi zithako kepha inezayo zendabuko. Usuke ungakabuzwa ubumnandi benkukhu uma ungakawuphuzi umhluzi wayo. Uwulozolo uma usuwehla emphinjeni. Ngaphandle kobumnandi bawo, umhluzi lona uyasiza uma umuntu elimele enesilonda esikhulu. Imihlatshelo eminingi ixutshwa nomhluzi wenkukhu ukuze ingene kalula egazini futhi usheshe usebenze. Omunye umsebenzi omkhulu wezinkukhu yilowo wokuhlaba umkhosi uma sekuzokusa, ikakhulukazi amaqhude bese zinanela nezikhukukazi. Lokhu kufakazelwa uZama, (1967:8) lapho eveza uDlovunga umfo kaGazi elele engalele ejahe ukuya komkhulu ukuyobuthwa kanje: Dukuduku kwakikiliga iqhude lakithi elalihlala esihlahleni buqamamana ngemuva kwelawu lethu. Ukukhala kwalelo qhude kwase kuyisibonakaliso kimi sokuthi kwase kusa. Ukuze ngibone noma kwakuzokusa libalele noma qha, ngaphenduka ngalala ngohlangothi lwangakwesokunxele, ngaphonsa amehlo esikhaleni esasiphezulu kwesivalo. Nembala ngasibona isibhakabhaka sicwebile ngaseMpumalanga. Izinkukhu zikhala kathathu anduba kuse. Ezokuqala zikhala ngehora lesithathu entathakusa, ezesibili ngehora lesine, ezesithathu ngehora lesihlanu. Kusukela ngehora lesihlanu zisuke sezehla emthini. Ingakafiki impucuko yaseNtshonalanga kwelikaMthaniya, 19 lena yamawashi akhalayo nomakhalekhukhwini abakhalayo noThawunihholo isizwe sasethembele kuzona izinkukhu. UMsimang, (1975:90) uyakweseka lokhu lapho ephawula kanje: Ngokuphuma kwenkanyezi enkulu okuthiwa yindonsa kuzothi ngo-“3a.m.” bazi ukuthi sekuyintathakusa, ofuna ukuvukela ngoba enolwendo azoluhamba, usengavuka, babona ngokuphuma kwekhwezi, bezwa futhi ukukhala kwezinkukhu kokuqala. Ekukhaleni kwezinkukhu zesibili, sekungu-4 emawashini, bona babebheka esibayeni, bafice ukuthi izimpondo zawoSohlanti, oMabhengwana, noSiyecaleni seziyabonakala noma imibala yezinkomo yona ingakabonakali, sebezothi-ke kumpondozankomo. Ngesikhathi sika-5 sekukhala izinkukhu zokugcina, sekuzontwela ezansi kushone ikhwezi bese zehla izinkukhu. Emva kwalokho liyaphuma ilanga, ngesilungu u-6. Kuzothi ngo-7 kuphume izinkomo, okhokho bebethi into eyenzeke ngo-7, yenzeke ziphuma inhlazane. Kukhona-ke abathanda ukuwubukela phansi lo msebenzi ongaka owenziwa izinkukhu. Izinkukhu zidela ubuthongo bazo bumnandi, zincamele ukuvusa bona beshisa obudala futhi bethokomele. Kukhona abathi akuyona into yokwethenjwa ngoba azisinembi isikhathi futhi uma zithanda zivele zigweve kungonakele lutho, zingakhali. Futhi zinjalo azinixwayisi uma zizogila lesi siga. USibiya, (1993:19) uyakufakazela lokhu lapho ethi: Kuye kubengcono kakhulu uma inkinga yokuthi ulinde kuze kuse kuqala ikuthole unalo newashi. Kubalula ukuthi wazi ukuthi singakanani isikhathi okusafanele usilinde ngaphambi kokuba kuse. Umuntu osuke esenkingeni yilona osuke elinde engenalo newashi. Kuye kufanele alinde kuze kukhale izinkukhu kuqala noma ede ephuma ebuka 20 phandle ukuthi kakukho mpawu yini ezikhomba ukuthi kusele isikhathi esingakanani ngaphambi kokuthi kuse. Kuyahlupha-ke ukulinda ukukhala kwezinkuku. Kazisinembi isikhathi esishiwo yizinkukhu. Uma ulinde ukuthi kuze kuse kuqala ukuze uhambe uye ungakwazi ukuba nesiqiniseka sokuthi singakanani ngempela isikhathi okufanele usihlale usalindile. Into ebuye ihluphe ngukuthi usuke ungazi ukuthi lezi zinkukhu ezikhalayo ngezokuqala noma ezesibili yini. Phela kuyefana nje ukukhala kwezinkukhu zokuqala nezesibili. Lo mbono uphinde usekwe iphephandaba Isolezwe langeSonto lomhlaka 25 kuNhlaba, 2008 ikhasi leshumi (10) lapho liveza khona iziphathimandla zaseSwazini edolobheni iMbabane zihlongoza ukubuyisa umthetho omdala wokuqeda amaqhude ngoba kuthiwa aphazamisa inhlalakahle yomphakathi kanje: Amaqhude asuse laseSwazini. umsindo edolobheni Iziphathimandla zaseSwazini sezishaye umthetho ozovimbela ukuthi abantu bafuye izinkukhu ezingaphezu kwezingu-12 edolobheni laseMbabane. Lokhu kulandela izikhalo ezivela kubantu abakhele idolobha abakhononda ngokuthi ukukikiliga kwamaqhude phakathi kwamabili kubaphazamisa ebuthongweni. Okhulumela uMasipala, uMnumzane Bongani Dlamini, uthe sebezophoqeka ukuthi babuyele emthethweni wabo omdala wokuthi abantu bafuye izikhukhukazi kuphela, hhayi amaqhude ngoba izibani zikagesi ezisetshenziselwa ukuwagqugquzela ukuthi akhwele ziyawadida akikilige ebusuku ezitshela ukuthi sekuyasa. UDlamini uthe uMkhandlu ukhathazekile ukuthi idolobha seliphenduke ipulazi 21 “Ezigamekweni eziningi sithola ukuthi amaqhude ayinkinga, agcina ephazamisa inhlalakahle yezakhamizi,” kusho uDlamini. Kuyathokozisa nokho ukuthi lo mthetho uhlongozwa kwelinye izwe hhayi kwelikaPhunga noMageba ngoba thina asitolikelwa ngokubaluleka kweqhude, ngoba awethu asashaya emhlolweni ngisho ngabe adle amavovo. Noma kunjalo iqhaza elibanjwa izinkukhu lingebukelwe phansi ngenxa yokulutheka impucuko yaseNtshonalanga. Ingani nasencwadini eyiNgcwele iqhaza elibanjwa izinkukhu liyavezwa lapho uSimon kaPetro ephika iNkosi uJesu. Iqhude yilona elisetshenziswa ukulinganisa isikhathi kulesi sigameko. Lokhu kuvezwe encwadini kaMphostoli uMathewu 26 amavesi ama-34–35 kanye nama- 74-76 lapho ethi: 34. UJesu wathi kuye: Ngiqinisile ngithi kuwe: Ngalobu busuku, lingakakhali iqhude, uzakungiphika kathathu. 35. UPetru wayesethi kuye: Noma ngingaze ngife nawe, angisoze ngakuphika. Basho njalo nabafundi bonke. 74. Khona waqala ukuthuka nokufunga, wathi: Angimazi lowo muntu. Masinyane laselikhala iqhude. 75. UPetru wayesekhumbula izwi likaJesu abelisho lokuthi: Iqhude lingakakhali, uzakungiphika kathathu. Waphumela phandle, wakhala ngomunyu. UMfundisi uBhengu, (2006) uphawula kanje ngalokhu: Ngokwemibhalo eNgcwele uJesu wabethelwa ngehora lokuqala ekuseni ngoba ngaleso sikhathi izinkukhu zokuqala ezweni lamaJuda zazikhala ngehora lokuqala. Ezinye zathekela lapho njengamaPhalestina kuze kufike kwesakithi isizwe samaZulu. 22 Izinkukhu ziyasetshenziswa uma kwenziwa amasiko athile noma kuthethwa idlozi. Uma kukhishwa isinyama inkukhu emnyama iyasetshenziswa. Iyabulawa igazi layo lithakwe nezintelezi ezithile bese egeza emanzini agobhozayo ikakhulukazi olwandle. UMyeza, (2006) uyakweseka lokhu lapho ethi: Noma inkukhu ingabukeka incane kangakanani kepha ibambe elikhulu iqhaza uma kwenziwa amasiko athize. Uma umuntu kudingeka inkomo noma imbuzi engenayo, uyashweleza, awenze ngazo izinkukhu aze abe namandla. Izinkukhu lezi zibambe elikhulu iqhaza ukunonophalisa ulimi lwakithi lwesiZulu. Uma umuntu esephelelwe amazwi okuziphungela uma kade enze okuphambene lapho kuthiwa: “Inkukhu inqunywe umlomo.” Lokhu kususelwa esigamekweni lapho inkukhu iyaye inqunywe umlomo ukuze ingakwazi ukudla imbewu noma izitshalo emasimini ibe isinguthunguthu. Uma umuntu esola ubungozi entweni ethile kuthiwa “Inkukhu iyawusola umbila.” UNyembezi, (1954:169) uyichaza kanje imvelaphi yalesi saga: Inkukh‟ iyawusol‟ ummbila (The fowl suspects the maize). To trap a fowl, one may take a mealie grain and tie it with a string. If the fowl eats such a grain, it is helpless because it has no way of taking out the grain from the crop. A fowl on seeing a grain tied with a string, may look at it and decide, perhaps, not to eat it. The string makes it suspicious. The saying is used when one suspects danger. A variant of this proverb also with the same origin is, Iyasol’ impangele (The guinea-fowl is suspicious). 23 Uma umuntu enze into ewubuduphunga noma ehlale ethithiza, isiZulu siye sithi kuye, “Kazehlanga zonke emthini” noma kuthiwe, “Zakhala kanye zehla.” Lokhu kususelwa ekuziphatheni kwezinkukhu. Uma likhala iqhude okokugcina zonke izinkukhu ziyehla emthini, ziqale ukuqhwandaqhwanda ukudla ngoba zisuke zigcine ukudla ngayizolo. Lezo ezisalayo emthini zisuke zikhombisa ukungabi nomqondo ophusile futhi akwejwayelekile ukubona izinkukhu zikhala zibe zisesihlahleni emini. UNyembezi, (1954:158) ubeka kanje ngalesi saga: Zakhala kazehla (They [fowls] crowed but did not come down). When the cocks crow at dawn, the fowls generally come down shortly after, and look for food. It would be an unusual thing for fowls to go on crowing when it is day, but remain perched. The expression is used of a half-stupid person. Inkukhu inomkhutshana ewenzayo uma idla wokude isula umlomo wayo enhlabathini. Obukayo ubona sengathi isiyenele kanti qha ushaye phansi. Lesi senzo sezinkukhu sesaholela ekutheni nomuntu owenza imisebenzi emibi kodwa ebe efihla kuthiwe: “Udla usulela phansi njengenkukhu.” Inkukhu iyalunonophalisa ulimi lwakithi bheka ngoba uma umuntu esebenza kanzima kepha inqubekela phambili ingabonakali kuye kuthiwe “Usebenzela emuva njengenkukhu.” Lokho kushiwo ngoba inkukhu iyaqhwisha ifuna ukudla, iyakumba iphinde ikugqibe futhi ngenkathi iqhwishela emuva ithi iqhubeka nokubheka ukudla. Ziningi izaga ezifukula zikhuluphalise ulimi lwakithi kwaMthaniya. UmZulu wempela akasho ukuthi uSibanibani akazwani noSibanibani kodwa uyaye athi uSibanibani noSibanibani inkukhu nempaka. Uma umuntu kade ekhuluma into engesilona iqiniso, esebuzwa ngoba sekukhona imithombo eyiqiniso, eselokhu engingiza, engasaphumeli obala, isitha sisebenzisa yona inkukhu kuthiwe “Inkukhu ibindwe isidwa.” 24 Kuyenzeka umuntu azigqaje ngokuthile kuze kube sengathi into ethile angeke yenzeke ngaphandle kwakhe. Nakhona kulesi simo izinkukhu zibambe iqhaza ngesaga esithi: “Nala kungekho qhude kuyasa.” UNyembezi, (1954:57) usichaza kanje lesi simo sokukhuluma: Nala kungekho qhude kuyasa (Even where there is no cock day dawns). There were no clocks in old Zulu society. Even today many people still do without them. Cocks were, therefore, and still are, very useful in announcing the time of night. The first crowing of the cocks announces the small hours of the night. The second crowing ushers in the dawn. It is not the crowing of the cocks, however, which brings day. Thus even where there are no cocks, day dawns. This expression is used when a person attempts to assert himself, as if without him nothing would go on. A person may be useful but not indispensable. 2.3 Ukubaluleka kwamakati UMangobe ngelinye lamalungu aqavile enza isibaya semfuyo. Noma engaba mncane kangakanani uMangobe kodwa likhona iqhaza alibambayo kulelo khaya. Kungabe siyini emagundaneni ngaphandle kwakhe? Umsebenzi obaluleke kakhulu wekati yiwona owokuqapha amagundane. Ikati linekhono elingandele muntu lelo lokucathamela isitha salo ngobunono lize lisibambe. Isitha noma ukudla asizwa lutho sibona sesiphakathi emlonyeni wekati ngenxa yobunono obuyisimangaliso ngenkathi ikati licathama. Yingakho kwaze kwavela nesimo sokukhuluma okuthi uma umuntu enze into ngokucophelela kuthiwe uyenzise okobunono bekati. 25 UDube, (2006) uphawula kanje ngekati: Uma ikati licathamela inyoni noma igundane lisebenzisa amanzonzwane ukuze isitha singazizwa izigi. Lokhu likwenza ngobunono obuyisimangaliso. Yingakho kwaze kwavela isisho esithi “Umuntu uyinono njengekati” uma umuntu eyenza kahle into. Ikati leli intandakubukwa ngoba alizwani nokungcola. Uma lithuke langcola liyazesula ngobukhulu ubunono ngamathe. Angiphathi-ke uma lithuke lathelwa okusamanzi njengamazolo lisuke lifile. Kusuke kukubi uma ubona ikati liphoseka emazolweni. Lokhu kufakazelwa iphephandaba iCity Press lomhla zi-3 kuNcwaba 2006, ikhasi lesi-7 lapho kuthiwa: Mosime is a dog lover to the end. He doesn‟t like cats much. “They are too secretive and they like themselves too much,” he says. Ngenxa yokuba ligcokama ikati kuthiwa ngumthini ngoba umthini isilwane esihlala olwandle kepha esizithandayo futhi esihloniphayo. Angeke walibona ikati lizikhulula uma uthuke walelamela liyagqiba lapho lenze khona umonakalo. Noma ngabe kuyisikhathi sokukhwelana angeke wawabona eganga obala njengezinye izilwane ikakhulukazi izinja ozifica zibhuza emva kwensikazi ezinye sezibomvu ukulwa. Izilwane eziningi zidlela ogageni enyokeni, ngaphandle kwalo ikati. Inyoka ayiliboni elidlalayo ekatini ngoba ikati liyibamba kanye ekhanda ngobunono, liyishilinganise kube ukuphela kwayo njalo inyoka. Lukhona uhlobo oludume kabi lwamakati. Lolu hlobo kuthiwa impaka. Lolu hlobo ludume kakhulu ukuba nobudlelwane nabathanda ukuhambahamba. 26 UKrige, (1950:325) uyakufakazela lokhu lapho ethi: More important than any other of these animal familiars is, however, the impaka, a wild cat, for it has power to bewitch various animals, such as dogs, cattle and snakes, and send them on a message of malice to those it hates. Not all wild cats are familiars of witches; the impaka for bewitching is as big as a large cat, has a short tail, and lives in a large pot in the kraal of its owner. Sometimes an impaka is sent to clip some hair of a sleeping person to give to a wizard to use against him, and when anyone‟s fields bear well, an umthakathi simply puts an impaka in the lands and the crop is destroyed. A female umthakathi very often employs an impaka to bewitch women with whom she is not on friendly terms. If she goes to their village for any reason, such as for a beer party, she will take her impaka with her, hiding it under her clothes. Then she will watch her chance to let it loose on the roof, where she will leave it to do its work. During the night she will send her husband to go and watch, and when he sees the impaka coming out of the house, he will seize it and take it home. Umuntu ofuye lolu hlobo lwekati umphakathi uyamexwaya ngoba lona alifani nhlobo nekati elejwayelekile. UKrige, (1950:325) uyakweseka lokhu lapho ethi: So closely indeed is the impaka, or a tiger-cat associated with wizards, that if a man is seen feeding a tiger-cat his guilt is established, and the appearance of one is a cause of universal woe, for it shows that abathakathi are near. To expel the animal and discover the wizard, a diviner will immediately be employed, and a sacrifice may even be offered. Isaacs tells how “the head of a kraal killed a cow as a sacrifice to the spirits to preserve his kraal, having seen an impaka in the hut in the 27 night.” The skin of a wild cat is a very powerful thakatha medicine for killing a man. Okunye okwenza uMangobe abenyamanambana yile nkolelo yokuthi unezimpilo eziyisishiyagalolunye (9). Akekho umuntu ofisa ukufuya umafavuke. Lokhu kwesekelwa iphephandaba iCity Press lomhla zi-3 kuNcwaba 2006, ikhasi 45 lapho lithi: One of the myths about cats is that they have nine lives, which makes people wary of them. Abanye bathi linezimpilo eziyisikhombisa. Noma ngabe zingaki, inqobo nje uma zingaphezu kweyodwa kulidalela isigcwagcwa ngoba kulibeka ingcabha yokuthi kwakunhloboni yesilwane? Okubuye kudide futhi wukuthi noma ungalishwiba ngesankahlu esinjani ulibhekise phezulu kodwa uma seliwa alibhaklazeki phansi kepha lihlala ngezinyawo. UMakhaye, (2006) ubeka kanje ngalo mkhuba: Imvamisa zonke izilwane ziwa zibheke phezulu. Kuseyimpicabadala ukuthi lona lehlelwa nhlanhla yini ukuthi lenganyelwe yilo mthetho. Kodwa impendulo ilula, ukuthi lihlobene nobuthakathi. Ngenxa yokundlondlobala kwempucuko yaseNtshonalanga umsebenzi omkhulu wamakati wokubamba amagundane usuthanda ukuphelelwa isikhathi ngenxa yokubakhona koshevu bokubulala amagundane. Noma kunjalo abanye sebewafuyela ukuhlobisa nje ngawo amakati. Kuyathokozisa ukubona isizwe sikaMthaniya sisabazisa omangobe noma umsebenzi wabo usuthanda ukufekela. 28 Asikaze sicabange ukubasobozela njengoba kwenza ezinye izizwe ezinjengabeSuthu. AbeSuthu abalibheki ikati, inyama engaconsi phansi kubo. Likhona neqhaza elibanjwa ikati ukunonophalisa ulimi lukaMageba. Ikati akusona isilwane esithanda eduze nomlilo. Uma iziko lingasasetshenziswa ngenxa yokusweleka kokuzophekwa, iziko ligcina selifana nezinye izindawo ekhaya. Uma sekunjalo nekati usungathuka usulibona selibhabhabele eziko esikhundleni sebhodwe ngoba phela kufudumele eziko. Yingakho kwaze kwavela isaga esithi “ikati lilele eziko.” UNyembezi, (1954:114) uphawula kanje ngemvelaphi yalesi saga: Ikati lilal’ eziko (The cat sleeps in the fireplace). Ordinarily a cat will not sleep on the hearth. When it does so, that means that the people have nothing to cook, and, therefore, make no fire. The saying thus describes people who are starving. Uma abantu bengaboni ngaso linye, bengezwani ikati nalo liyambandakanywa ezageni eziphathelene nalobo butha. Izaga ezithi “yikati negundane” noma “yikati nenja” ziyasetshenziswa kulesi simo, kokubili inja negundane akubhekani nekati. Uma igundane libona ikati lithi galo yephuka ngoba lazi kamhlophe ukuthi lophelela esiswini. Nalo ikati uma libona inja lithi nyawo zami ngibelethe. Kodwa kuyenzeka ikati liyemukele inselelo enjeni. Uma isimo sinjalo ikati lilwela ukufa nokuphila inja igcine ijokole. Ngenxa yenguquko esikhona emhlabeni esimweni samasiko nenhlalo usuthola ukuthi kwezinye izindawo usuthola amakati nezinja sekungamathe nolimi lokhu okufaka ingcindezi kulesi saga ukuthi sibukezwe. Lokhu kufakazelwa iphephandaba iCity Press lomhla zi-3 kuNcwaba ikhasi 45, 2006 lapho libeka khona ngolimi lwasemzini kanje: 29 Despite a perception that dogs and cats fight, Brooks and Lisa are close buddies and have fun playing together. Ngenxa yalobu bungani lezi zilwane seziqala nomkhuba ongakaze ubonwe selokhu kwathi nhlo ezweni. Lowo mkhuba owokukhwelana. Lo mhlola ufakazelwa iphephandaba iSunday Sun lomhla zi-19 kuNcwaba ikhasi 23, 2006 lapho liveza khona lo mhlola owenzeke ezweni laseBrazil kanje: Scientists are buffled after a cat apparently gave birth to pups in Brazil. Mimi‟s owner says she got pregnant after mating with a neighbours dog. Cassia Oparecida de Souza from Passo Fundo, says Mimi had a litter of six babies – three cat-like and the rest looking like dogs. Lo mkhuba usuphonsela inselelo nakubantu imbala ukuthi aboke bayeke ukuthi behlale beyizitha beklwebhana kepha babuyisane ukuze izwe lakithi likhule lidlondlobale. Ulimi lwakithi kwaMthaniya lugcwele inhlonipho. ukwenza kwaso kwehlukaniswa ngezigaba. Yileso naleso sidalwa Njengoba singasho ukuthi umuntu uzele, sithi ubelethile, kanjalo nekati sithi lephukile. UKhumalo, (2008) ubeke kanje ngalokhu: Kuyadabukisa ukubona isizukulwane sanamuhla sibonda ulimi usizwe sithi umuntu uzele noma inja izele singasho ukuthi inyelezele. Ngisho bekala imihlandla yezinkomo ubathole sebelalisa isandla esikhundleni sokumisa. Laze lafa elihle kakhulu! Uma umuntu eyinono, iqhathanzipho uqobo lwalo, kuye kuthiwe ngesiZulu “uyinono njengekati.” Isizathu salokho ukuthi umangobe lona uzithanda kuze 30 kweve. Akezwani nokungcola. Yingakho njalo ehlala ezikhothakhotha okuyiyona ndlela azigeza ngayo. Uma ethuke wangena emazolweni udinda esikaNandi isililo. Kodwa emuva kwemizuzwana uzomthola esome geqe ngendlela azithanda ngayo. UPriya Pitermbeer ephephandabeni iCity Press yomhla zi-3 kuNcwaba 2006, ikhasi 45 lapho ebeka ngolimi lweNdlovukazi kanje: Mosime is a dog lover to the end. He doesn‟t like cats much. “They are too secretive and they like themselves too much,” he says. Yibo lobu bunono obulidalela isigcwagcwa ikati kwabanye abantu. Lokhu kuphinde kuxake ngoba uma selingazithandi ikati bazolifanisa nengulube, yona ezwana nokungcola. Akwaziwa ngempela okujabulisa umuntu njengoba kungaziwa okwakhuluphalisa ingulube. Esinye sezimo sokukhuluma esavela ngakho ukuqaphela ukuziphatha kwekati isisho esithi “ukuhamba ubuswana bekati.” Lesi sisho sisetshenziswa ukuchaza umuntu omane ahambe isinyelela engavalelisi kulabo ekade enabo. UJobe, (2006) ubeka kanje ngalesi sisho: Asikho isilwane esiyigcokama njengekati. Yonke into ikati liyenza ngobunono obumangalisayo. Yingakho noma lingasekho eduze kwakho kungabilula ukubona, ubone ngesikade. Umnikaziyo uyaye afise sengathi lingavalelisa selizonyamalala ukuze azi. Esinye sezimanga esenziwa ikati yileso sokuba nesiphiwo sokuhogela umonakalo ozokwenziwa izulu. Uma kuduma izulu, nilibona liphuma liqhasha endlini nani ningabe nisabuza, kufanele nihlale ezithendeni zalo ngoba uma nidembesela funa neleleswe ngumphezulu. Imvamisa ukuqagula kwalo kuvamise ukushaya emhloleni. 31 UBhengu, (2002) uphawula kanje ngalokhu: Uma ufuna isangoma esingayidli imbumba ubovakashela umangobe. Ukuthi kubenenkolelo yokuthi unezimpilo eziyisikhombisa kuchaza ngokusobala ukuthi unamandla athize athe thuthu kunezinye izidalwa. Yingakho ekwazi ukuqagula umphezulu uma uzolelesa kulowo muzi. Yize enalesi siphiwo esiyivelakancane umangobe, ubuye abe nenhliziyo egaya izibozi. Ikati liyisilwane esinekhono ekuzingeleni. Yize inyoni indizela phezulu, ikati liyakwazi ukuyicathamela uma ihlezi phansi lize liyibambe, kwenye inkathi liyethule khona phezulu. Uma umuntu ethuke walilamela wase eliphuca leyo nyoni, uzowukhomba umuzi onotshwala ngoba limane limlandele uhalakasha lwenyoka. Leyo nyoka lifike liyibeke lapho ezolala khona noma lapho ejwayele ukuhlala khona. Leyo kusuke kuyindlela yokuziphindiselela kulowo olemuke inyama yayo. Kufanele kukhumbuleke ukuthi ikati linekhono elingandile lokukwazi ukubulala inyoka. Lifike liyisikaze, ithi ingadinwa, ivuse ikhanda, kuthi ngokuphazima kweso liyigxavune ikhanda bese lizungelezwa umzimba wonke kuze kuqhume ithambo lentamo bese kuba ukuphela kwendaba njalo enyokeni. Nayo belu inja iklewula iklewulile ekatini ngoba uma ingabhekile isikhumba singagcwala ubuso. Kubangcono uma izinja zilihlanganyela, uma iyodwa idlela ogageni. UMthethwa, (2006) ubeka kanje ngalokhu: Uma ufuna ukubona ubuchule nobunono bokubulawa kwento ubobuka ikati lapho licathamela inyoni noma igundane noma lapho lisoconga inyoka. Lezi zenzo lizenza ngobunono kepha futhi nangokuphazima kweso. Amakati anda ngokushesha. Yilesi isizathu esidala ukuthi abanye babanikazi bawo bahambe bayowalahla, ikakhulukazi lawo asekhulakhulile bashiye lawo 32 asemancane. Ngenxa yekhono lalo lokuqaphela ikati uma liyolahlwa lifakwa esakeni lodwana ukuze nangengozi lingabe lisakwazi ukulandela umkhondo wendlela ngoba kungenjalo lingabuyela emuva ngokushesha. Ngenkathi liyontshingwa lisuke ligunquza lodwa esakeni lingazi ukuthi lilibangisaphi. Nesisho esithi “ukugunquza esakeni njengekati” savela kanjalo, sichaza uma ohamba yedwana engazi lapho eya khona. La makati ehlelwa yilo mshophi wokulahlwa agcina eseyimdlwembe ehlala emahlane asobozele amachwane namaqanda. Lawo makati abizwa ngokuthi izimbodla. Kwenye inkathi la makati asuke engalahliwe kepha asuke ezibalekele emakhaya agcine eseyizimbodla. UNyembezi, (1992:30) uyichaza kanje imbodla: Imbodla ikati elingasabuyi ekhaya, ikati lasendle, iqola. Imvamisa lolu hlobo lwamakati lukhula ngamandla bese lusabisa. Ngenxa yobulwane nakumuntu imbala liyazidela uma esendleleni yalo. Kungasiphuka udaka kushunqe uthuli uma umuntu engabhekile. UNgema, (2007) uphawula kanje ngalolu hlobo lwamakati: Lolu hlobo lwamakati luyingozi kubantu nasemfuyweni. Aluwabheki amaqanda kanye namachwane. Lunolaka olubi kangangoba nakumuntu luyazifikela imbala. Ngenxa yokuziphatha kabi kwembodla nomfana ongumdlwembe, ongahloniphi abazali, ongasalali ekhaya ubizwa ngayo imbodla. Leli yigama elingelihle nokho. 2.4 Ukubaluleka kwenja Noma izinja zingadliwa kwelikaPhunga kodwa zibaluleke kakhulu njengengxenye yemfuyo ngenxa yeqhaza ezilibambayo kumuzi ngomuzi. 33 UMsimang, (1975:37) uphawula kanje ngokubaluleka kwezinja: Okunye okubalulekile yize sesigcina ngakho yizinja. Ngisho nanamuhla lokhu, angikholwa ukuthi ukhona umuzi wesiZulu ongayifuyile. Ingani ngisho nabafundisiwe nabaphucukile, bayayifuya. Impela umsebenzi wayo ungacishe wedlule yonke eminye. Ngisho nabamhlophe, bayayazisa inja. Izinja zibaluleke ngendlela engechazeke kumaphisi ngoba azingela ngazo. Inqina angeke yaphuma nangengozi uma izinja zingabonwa ngoba akekho umuntu ongamelana nejubane lezinyamazane. Okwesibili izinja ziphiwe ikhono lokuthungatha umkhondo wezinyamazane. Ziyivusa noma ngabe icashe kuphi. UKhumalo, (1994:20) uyakweseka lokhu: Ukuzingela kungeminye yemidlalo engaconsi phansi kumaphisi. Kuba ngokunye uma kuthiwa kuphuma inqina, alala engalele. Abanye baze baphuphe sebewukhomba umseka bethi: yini lokhuya? Nakhuya! Nakhuya! Umseka! Unyazi, ukuphazima kweso, umshubo. Uma-ke sibuya emdlalweni nje-ke wokuzingela kuyakhanya ukuthi lo mdlalo awuqali nje ngenkathi isiphuma inqina kepha uyalungiselelwa. Amaphisi ayazicija, acije izinja zawo zibe yisibabule somlilo, uyayazi inhlamvu yenduku yamagwala? Nse, nse, nse, nokuqhosha kwebhansi nomsiko. UBryant, (1950:204) naye uyakuveza ukubaluleka kwenja uma kuzophuma inqina lapho ethi: The dogs to be used in the hunt were sometimes made keen by being starved before the hunt, and there is a superstition that in order to make them fierce, beaks and claws of birds should be given them to eat. 34 Omunye umsebenzi obalulekile wezinja yilowo wokuba ugqayinyanga othembekile wemizi. Ngenxa yalo msebenzi inja ihlala esithumbanjeni ngaphandle kwendlu kodwa eceleni komnyango ukuze ikwazi ukubona zonke izihambi ezingena ngesango ebese ihlaba umkhosi. USokhela, (2006) ubeka kanje ngalokhu: Uma umuntu esezobeka uhlangothi kusihlwa uyaye alale obenyoni ecabanga ngokuphepha kwempahla yakhe, nangabakhunkuli abangalali ebusuku. Kepha uma umuntu efuye izinja ulala akhululeke ngoba azi kamhlophe ukuthi izinja ziyowuhlaba umkhosi uma kukhona okushaya amanzi. UZama, (1967:8) uyakufakazela lokhu lapho eveza khona umfo kaGazi uDlovunga evuswa izinja esemaphusheni kanje: Njengoba ngangingazi ukuthi ngangingenabo ubuthongo obuningi, ukuphathwa ubuthongo kangakho ngakuphawulisisa ngalobo busuku ngoba babuqala futhi bagcina ngalelo langa, kwazise ukuthi ngangilale kahle ngobusuku obendulelayo. Okunye futhi engakuphawulayo emuva kwezinsukwana ukuthi esikhundleni sokuthi ngiphaphame phakathi kwamabili njengomkhuba wami njengasemihleni, bese ngibuye ngizumeka kuze kuse, kodwa ngalobo busuku ngalala ngaze ngavuswa umsindo wokukhonkotha kwezinja zomuzi wakithi nezawomakhelwana. Okwangidida kakhulu ngaze ngakunakisisa ukuthi cisho zonke izinja zaziphetha ukukhonkotha kwazo ngokuhlaba umkhulungwane. UMsimang, (1975:37) ushayela isipikili lapho ethi: KwaZulu inja ibingugqayinyanga omangalisayo, phela nayo isizwa ikhala layo elihogela lehlukanise imimoya. Inja iyakwazi ukukhetha umuntu wokuhamba kowasekhaya. Iyakwazi ukubandlulula 35 umuntu ongcolile imnengwe impela. njengomthakathi, Ngaphezulu kwakho konke lokhu inja ingumngane wangempela futhi othembekile. Umngane ohamba ngezinyawo uyaye athi galo yephuka uma ethi uzama ukulekelela umngane wakhe abone ukuthi ziyamnetha. Kuyathokozisa ukubona ukuthi inja ifa nomniniyo, ayilokothi imshiye uma esenkingeni. Noma ishoba lingalala amazolo, ilala eduze kwakhe umniniyo kuyoze kubekhona ohlaba umkhosi. Ubufakazi balokho babonakala kwelikaMzilikazi (Zimbabwe) ngo-2004 ngenkathi uMongameli osezintanjeni eqhuba umkhankaso wokuxosha abalimi bebala. Lo mkhankaso wagcina usunemithelela engemihle ngoba abanye abalimi baya kwagoqanyawo. Omabonakude abaningi emhlabeni baveza isithombe senja ilele eduze komniniyo owayesephangalele kepha ingafuni muntu osondela kuye. Le nja yaze yathathwa umndeni othile ozinze phesheya kwezilwandle beyithathela ukwethembeka kwayo. UMsimang, (1975:37) naye uyakweseka lokhu: Futhi ingumvikeli nomlweli omkhulu. Umniniyo imkhonza kangangoba ingamfela. Kuqala beziqedwa izingwe, nezimamba ngakho lokho ukuthi zivikela abaninizo. Ibihlonishwa inja kwaZulu. Empeleni kufanele ihlonishwe ngisho nanamuhla. Ngiye ngimbhekisise lowo okhankatha inja. Ingani lesi silwane sinengqondo njengomuntu! Ingani uma uyikhuza iyalalela, kanti nalapho uyithuma iyaya! KwaZulu ububekwa icala uma uke wakhahlela inja ngonyawo. Bekuthiwa ukhahlele umniniyo uqobo, kanti uma isindala ibiba lidlozi. Ukwethembeka kwenja kuphindwe kwesekwa uPriya Govender ephephandabeni iCity Press lo mhla zi-3 kuNcwaba 2006 ikhasi 45 lapho ethi: Mosime says one of the reasons people love dogs is their loyalty. He once put Daisy on a „loyalty‟ test. 36 “I asked my friend to give her a bone at the front gate while I stood at the back.” He says: Daisy would have none of it, barking widly at the stranger instead . According to a golden retriever rescue website, dogs have lived and worked with humans for so many years and inso many roles that they are considered „„mans best friend.‟‟ Uma ikhula inja, ibanga nebanga ithola igama elithile kuye ngobulili bayo. Uma inja isencane kuthiwa umdlwane, enkulu yeduna kuthiwa ichalaha, eyensikazi esikhulile kuthiwa yinjakazi. Zikhona nezimo zokukhuluma eziphathelene nezinja. NgesiZulu uma umuntu engenaso isandla, encishana kuye kuthiwe “ubopha inja nogodo.” Lesi saga kuthiwa savela ngokuthi umuntu mumbe abophe inja yakhe nokhuni ukuze abantu bezosaba ukucela ukhuni lolo ngoba besaba inja. Leso senzo sasikhombisa ukuncishana okuxakile. Umuntu ohlala ephakela unyawo kuthiwa “uyinja yomoya.” NgesiZulu umuntu osebenza kanzima kepha zingabonakali izithelo zokusebenza kwakhe kuyaye kuthiwe “isithukuthuku senja siphelela oboyeni.” Lesi saga savela ngokuthi kuqashelwe ukujuluka kwenja. Inja noma ingajuluka kanjani angeke uyibone iconsa umjuluko kepha uvele uphelele eboyeni. UNyembezi, (1954:121) ubeka kanjena ngalokhu: Isithukuthuku senja siphelel’ oboyeni (The perspiration of a dog disappears on the hair). A dog is a peculiar animal. Whereas human beings and certain animals will perspire when they exert themselves physically, the perspiration of a dog is never visible on the skin. If it perspires at all through the skin, the perspiration is all absorbed by the hair and is never observed. The tongue, however, drips much water, as the dog seems to perspire by means of this organ. 37 There are people who always look busy. They are working, so it is alleged, but one never sees the fruits of their labour. They do not seem to derive anything from their work. They are like the dog which will run very hard but whose perspiration is never seen by anyone. A variant of this proverb is, Umjuluko wenj’ uphelel’ oboyeni (The perspiration of a dog disappears on the hair). ULamula, (1963:107) usihumusha ngenye indlela lesi saga: Isithukuthuku senja siphelela eboyeni. Kuthi noma umuntu ethukuthele, kakusizi lutho uma ungenamandla. Kulinganiswa ngenja ngoba iyisilwane esishaywa qede singabi namandla okuziphindiselela. Usuke esethukuthele kabi uma umuntu esho njalo: kusuke sekusweleke amandla kuphela alwe. Uma umuntu ebuyela entweni embi ekade eyenza nakhona ukuziphatha kwenja kuyabhekwa. Isaga esithi: “inja yabuyel‟ ebuhlanzweni bayo” kuyasicacisa lokho. Inja ayenqeni ukudla umhlanzo wayo. Nomuntu okade efa ngezimbiza zikaFaro, wayeka, uma esephinda ebuyela lesi futhi simo sokukhuluma siyasetshenziswa. Isaga esithi „kukwanja yoth‟ umlilo” naso sisakhombisa ukubaluleka kwenja kwelikaMthaniya. Lesi saga simbaxa mbili. Singasho ikhaya elinobubele kangangoba bavumela inja ingene endlini kanti futhi singasho umuzi ongenasihawu lapho abantu bevumela inja ingene endlini ithokomale kepha umuntu ahlale phandle, adliwe umbayiyane nokunye okumbi. Uma umuntu edelela abadala kunaye kuyaye kuthiwe “ukhwela phezu kwendlu njengenja.” 38 UBhengu, (2006) uphawula kanje ngomsuka walesi saga: NakwaMadala eJuteni inja ayikaze ikhwele phezu kwendlu. Uma ingase yenze lesi siga kungabe kukhona okushaya amanzi futhi ngabe leyo nja igcwaneka lokhu okungaphezu kwamandla. Ngakho-ke lesi saga sichaza umuntu ongananhlonipho kwabadala. Uma abantu behlangene bedingida izindaba kuyaye kufanele kuthathwe izinqumo ezithile ekugcineni. Imvamisa izinqumo kufikwa ekugcineni sekube nokungqubuzana okuthile. Uma isimo sesifike kwangqingetshe kuyaye kube khona umuntu owengamele okunguyena onamandla obeka izwi lokugcina. Uma sebebekile bonke imibono yabo bese yena ebekungelakhe elingaweli phansi kuyaye kuthiwe “isiphingwe ngenkulu” okuchaza ukuthi imibono yabanye isikhale ngaphansi yenganyelwe yilona onamandla. Ukubekezela kungenye yezinto eziwumgogodla wempilo. Uma umuntu engakwazi ukubekezela, amathuba okuphumelela ayamfimfa empilweni. Noma kunjalo inja iyasifundisa lesi sifundo sokubekezela ngesaga esithi “Inja iyawaqeda amanzi ngolimi.” Uma umuntu ethanda ukuvusa ukungezwani okudala kuyaye kuthiwe “Inja iguguda amadala amathambo.” Lokhu kususelwa emzini lapho bedla imbuya ngothi, bengenawo amandla okuhlaba njalo. Izinja zakhona zigcina sezikhalela emathanjeni amadala ngoba engekho amasha ngoba kungahlatshwa. Indlela yokuziphatha kwabantu ayifani. Kunabantu abanamahloni kunalabo abangawagqiziqakala amahloni. Umuntu onamahloni imvamisa ujwayele ukwesaba ukucela ephindelela komunye. Yingakho sekwaze kwavela nesaga esithi “Ithi ingadla ithambo yejwayele.” Lapha kusuke kushiwo inja ngoba yiyona edla amathambo futhi uma wayipha kanye usuke usuzigwaze ngowakho ngoba iyobilokhu itshikizisa umsila ngethemba lokuthi uzophinda uyiphe. 39 ULamula, (1963:112) uyakufakazela lokhu: Kuyizwi lokucela kumuntu, uma ocelayo esebuyelela. Kuthathelwa ngenja okuthi ingathola ithambo endaweni ethile, ide isibuyelela icinga elinye. Ingane uma yenze umonakalo, icala lithwalwa abadala. Isaga esithi “Inja ibambela umniniyo” sikuchaza kahle lokhu. Inja uma ibambe inyamazane isuke kungeyona eyayo kodwa kungeyomniniyo. Umniniyo ube eseyipha izithwana ezithile ngenhloso yokuyikhuthaza ukuthi iphinde futhi nangomuso. Kuyacaca-ke ukuthi likhulu iqhaza elibanjwa izinja ezimpilweni zethu. Noma abanye bengazingeli ngazo kodwa sebezenza izimbali zokuhlobisa ngoba sekukhona nezincanyana ezingalumi futhi ezingakwazi nokuzingela. Ubafica sebezibophe ngamabhanjana amahle, abanye sebezifake nakobhasikidi uma behamba. Abanye bangancamela ukuthi kusale umuntu phansi ezimotweni ngoba ufica okuyizinja sekuveze amakhanjana ngamafasitela. Inja futhi yisilwane esinobuhlakani obuyisimanga. Uma kuhlatshiwe ifike idle isuthe bese ihamba iyogqiba ithambo uma isisuthi. Uma isiligqibile ibisichama ngaphezulu ukuze ezinye izinja zidukelwe umkhondo zingalitholi ithambo, liyoze limbiwe yiyona uma isithanda ngoba ayikhohlwa. USibisi, (2007) ubeka kanje ngalo mkhutshana: Inja ayitolikelwa ngesaga esithi “isisu sibekelwa ngaphandle” ngoba uma kuhlatshiwe ayikushiyi ukudla kudindilizile kuyiziduli zabasali kepha iyaye ijumbe ithambo elilodwa nobona sengathi lizosheshe lithambe iligqibe. Inhloso yokuligqiba ukuthi lisheshe lithambe. Ukulichamela isuke eqhelisa ezinye lize lidliwe yiyo. Nasendaweni yayo iyaye ichame izungeze lapho kukhonya khona yona. Uma ezinye zifika, zifike zinuke bese zifunda kwezazo ukuthi kunenkunzi engumakhonya kuleyo ndawo. 40 Okunye okuhle okwenziwa yinja yilokho kokusiza ekulapheni izilonda ezinkulu, ozozo osekugezwe izandla ngazo. Uma leso silonda sithole amathe enja lokho kuyikhubalo lokhu isilonda sisheshe siphole. Lokhu kufakazelwa uKhumalo, (2008) kanje: Uma umuntu enesilonda esiwuzozo uyaye aphakele kuso isilonda ngenhloso yokuthi inja isikhothe ukuze sisheshe siphole ngokushesha. Noma izinja zidume ngobuhle, zikhona-ke lezo eziphuma eceleni kuhle kwentuthu yenqawe ezenza okuphambene nokuthandwa umnikazi nabantu. Leso senzo yileso sokudla amaqanda. Singayibeka icala nayo ngoba phela akukho soka elinganasici. UBhengu, (2006) uyalushwelezela lolu hlobo lwezinja: Inja uma umniniyo eyinakekela eyondla ngendlela okuyiyo, angeke iwalokothe amaqanda. Ukudla amaqanda inkomba yokuthi ayiphethwe ngendlela. Inja enakekelwayo idla ngesikhathi thizeni futhi ayidleli phansi. UMhlongo, (1987:11) naye uyawafakazela lo mkhuba wenja lapho eveza khona uNokutheza esenyobozela koninalume ngamanikiniki owayewagqokile emuva kokuqolwa kwakhe amabhayi imbulumakhasana kanje: Bahamba-ke sebelandelana beyongena komalume. Phambili kwabe sekuhamba yona imbulumakhasana. Bantakababa! Yabe isihamba iqhawuzela, iziqhenya, iqhebekenyeka, iqholosha. UNokutheza wabe eyilandela enyobozela ngemuva sengathi inja idle amaqanda. Bathi bengaqondana namakhosikazi lawa imbulumakhasana eyabe iwakhombile ithi iyafika igumule uma isiseduze nawo, yakhuza yaphumula! 41 “Yehheni webantu! Akeningibukiseni....? Lapha isishaya izandla.” ...nasi isilwane engingasazi. Sesilokhu singilandele lapho ngithi ngiwela umfula uMtimona. Mihlola mini kodwa lena? Yasho yamchilizela laphaya. Kwaphuma abantu ezindlini, baba yizixongololo phandle. Ingani bonke babefuna ukuzibonela ngawabo amehlo, umhlola lona owabe usumenyezwa egcekeni. Ukuduka kwenja ekhaya kwenza umndeni uhlalele ovalweni ngoba inja inezinsila zekhaya. Abakhunkuli bayayisebenzisa ukufeza izinjongo zabo zobubi ngokuthi baliloye ngalo ikhaya. Bangaliqotha lonke ikhaya uma umnumzane engasukumeli phezulu. Inja iyambelwa, igqitshwe umndeni uma ifile ngenhloso yokuzivikela kuzigilamkhuba nabakhunkuli. UMyeza, (2006) ubeka kanje ngalokhu: Ukuduka kwesilwane sasekhaya ikakhulukazi inja akuthandeki neze. Uma idukile kufanele umnumzane abhukule afune ngokushesha usizo ngoba ihlala zonke izindawo ngakho iyinsila yekhaya. Kuyathokozisa ukuthi nochwepheshe baphesheya kwezilwandle sebekubonile ukubaluleka kwenja kangangoba sebezama amaqhinga okuthi batolike ulimi lwazo ukuze baxhumane nazo. Lokhu kufakazelwa iphephandaba Isolezwe lo mhla ka-21 kuMasingana 2008, ikhasi lesibili esihlokweni esithi “umuntu usezokwazi ukuxoxa nenja” kanje: Uke ufise ukwazi ukuthi uma inja ikhonkotha isuke iqondeni noma kusuke kuthini kuyona? Abantu bangase bakwazi maduze ukuzwa ukuthi inja isuke izama ukuthini njengoba ososayensi baseHungary bematasatasa nokwakha ikhompyutha ezokwazi ukuhumusha ukukhonkotha kwenja. Ngokuthola kwabezindaba bakwa-BBC, kuthiwa le khompyutha izokwazi ukuhumusha uma inja ikhonkotha, ishaya 42 umkhulungwane imisindo. noma yenza eminye Uma ucwaningo luhamba kahle maduze nje abanikazi bezinja sebezokwazi “ukuxoxa: nazo. – Intatheli yeSolezwe. 2.5 Ukubaluleka kwezimbuzi Uma imfuyo kwelikaJama ikleliswa ngokwamazinga okubaluleka kwayo, imbuzi ingawudla kungakhali muntu umhlanganiso wokulala isibili ngenxa yokubaluleka kwayo. Sekuyadumaza nokho ukuthola ukuthi kwezinye izindawo ukubaluleka kwenkomo sekuthanda ukwenganyelwa izimbuzi, ikakhulukazi emadolobheni nasemakhaya ngenxa yokugxambukela kukaHulumeni ezindaweni zasemakhaya ngokunciphisa amadlelo. Kwezinye izindawo uHulumeni uze abeke ngisho inani lemfuyo okufanele umnumzane abe nayo. UGcumisa noMthiyane (1992:61) bayakweseka lokhu: Imbuzi ilandela inkomo ngokubaluleka kumZulu. Ezikhathini zanamuhla khona ukubaluleka kwayo sekuthi akwedlule okwenkomo. Lokhu kubangwa yizinguquko esezenzekile empilweni kaZulu, ikakhulukazi ukuncipha kwezinkomo. Miningi imisebenzi osekwemukeleka ukugcinwa kwayo ngembuzi namuhla okwakungelokothwe kwenziwe emandulo. Nakhu phela imbuzi noma nazo sezimba eqolo, isatholakala kalula kunenkomo. Isifeza eminingi imisebenzi yenkomo. Isiyandile nemisebenzi yembuzi esithathwa yinkukhu. Umsebenzi omkhulu wembuzi noyisisekelo kumuntu owumZulu yilowo wokubika kwabalele. Usuke ungaphelele umsebenzi womuntu ongumZulu uma imbuzi ingahlatshwanga noma kuwumsebenzi wenkomo kuqale kwendlalelwe ngayo imbuzi. Imbangela yokudliwa unkatho lokuthi imbuzi kuthethwe ngayo idlozi, ithandelwa ukukhala kwayo uma ihlatshwa. Lowo 43 msindo kuthiwa ziyawunanela izinyanya. Lokho okwadala ukuthi imvu ibe nyamanambana enganikwa nelincane ithuba lokuthi kubikwe ngayo kwabalele. UMsimang, (1975:36) uyakufakazela lokho: Ngenxa yokuhlabela abaphansi, awukho umuzi wesiZulu owawungafunyanwa ungenayo imbuzi, yiyo kuphela ebithetha amadlozi. Lokhu kwethenjwe ngoba yona iyakhala lapho ibulawa. Yiqiniso ukuthi nenkomo yabe isetshenziswa kodwa kokuningi bekwandulela imbuzi kuthethwe ngayo abalele kube yikhani kuhlatshwa inkomo. Imvu ayizange nakanye yenze umsebenzi wabaphansi ngoba yona ayilokothi ikhale. Ukukhala lokhu kubaluleke njena ngoba kuthiwa yikhona bezokuzwa abaphansi bese besondela bezokuzwa isikhalo leso. Ngaphandle kwalo msebenzi obalulekile wokuthetha idlozi, miningana eminye imisebenzi imbuzi ebamba kuyo iqhaza. Noma lingadlondlobala kangakanani leli siko laseNtshonalanga lokuncishana ngokuhloniphisa ngoba bethi bayacaza (izilinganisomali) uma benza izinto, kusathokozisa ukubona isizwe sakithi sisanamathele esikweni lokuba nesihe, liphane ngokudla. UMjadu, (2006) ubeka kanje ngalokhu: AbaseNtshonalanga abanqeni neze ukudla phambi kwesihambi sibuka ngoba nje singabazisanga ukuthi sizofika ngakho abasilindele, ngakho abasihlinzekele. Okunye futhi ukuthi uma uthole isimemo wasemukela ukuthi uzophumelela kodwa ngasizathu thizeni wangaphumelela uzoyikhotha imbenge yomile ngoba kuzofuneka ukhokhe ngoshova izindleko zabo. 44 Yingalesi sizathu esidala ukuthi isizwe sakithi sokuthi sihamba phambili ekubhekeleni izihambi. KwelikaMthaniya isihambi siba yisihambi lina, liduma, ebusuku nasemini, sifika silindelwe noma singalindelwe. Futhi sengathi lesi esifika singalindelwe sidla ubhedu ngoba sithokozelwa kakhulu kunaleso esilindelwe. Isihambi kwelikaMthaniya siphathwa ntofontofo, ngakho-ke ukuwa kwembuzi akucala. Yingalesi sizathu esidala ukuthi imbuzi yaziwe njengempahla yesipho. Lokhu kufakazelwa uMsimang, (1975:44): Ngaphandle kokuthetha amadlozi njengoba ngiphawulile ngaphambili, imbuzi yaziwa njengempahla yezipho. Uma kukhona noma ubani osemqoka kangangokuthi kufuneka aphiwe ukudla, ubehlatshiswa imbuzi. Umnumzane usihlabela imbuzi khona belu ebusuku isihambi ukuze uma sesiqhubeka nohambo lwaso ekuseni singahambi silambatha, sikwazi ukucisha umashayandawonye endleleni. UMjadu, (2006) ubeka kanje ngalokhu: Kusuke kuyinhlanhla isibili uma kuthuke kwahambela isihambi emzini wakho. Lokho kukhombisa ukujabula kwezinyanya. Yingakho siphathiswa okweqanda uma sithuke sangena. Uma umuntu ecela inhlanhla kwabaphansi, uyicela ngokuhlaba imbuzi. Leyo mbuzi kuthiwa imbuzi yesiphandla. UGcumisa noMthiyane, (1992:62) baphawula kanje ngale mbuzi: Nanxa ukufakwa kwesiphandla kungasakhethi ezinsukwini zanamuhla imbuzi yesiphandla kwakuba yileyo ehlatshelwe ukubonga nokucela izinhlanhla ezinyanyeni. Esikhumbeni senqina lale 45 mbuzi kwakusikwa isiphandla sifakwe yilowo ocela inhlanhla noma obongayo. Uyaye athelwe nangenyongo kuqukulu. Miningi eminye imisebenzi eyenziwa ngezimbuzi. Kukhona imbuzi yembeleko, yokungenisa umntwana osikweni lwakubo, eyokubika inxiwa uma sekuthuthelwa enxiweni elisha. Kukhona imbuzi ehlatshwa uma kwemulwa eyandulela inkomo, indlakudla enikeza othile ilungelo lokudla ukudla kulowo muzi. UGcumisa noMthiyane, (1992:63) benaba kanje ngale mbuzi: Indlakudla yehlukene kaningi. Kukhona indlakudla yomukhwe, yomkhongi, yomkhwenyana, kamakoti, njll. Yisijingi somukhwe noma somkhongi noma somkhwenyana noma sikamakoti lesi. Ngokosiko ukuhlatshiswa indlakudla nokuyidla kwakunikeza lowo onikwa yona ilungelo lokudla noma yikudla kuni kwasemzini. UMsimang, (1975:44) uphawula kanje ngendlakudla: Uma kukhona noma ubani osemqoka kangangokuthi kufuneka aphiwe ukudla, ubehlatshiswa imbuzi. Bekuhlatshiswa umukhwe wesizwe lapho ezonikwa indlakudla. Ngokunjalo naye umkhwenyana ubehlatshiswa imbuzi kuthiwe indlakudla. Omunye umsebenzi osemqoka wembuzi owokwenza isiphandla. UMsimang, (1975:115) usichaza kanje lesi simo lapho ethi: Ngaphandle kokuthetha idlozi, nokubusa nje, imbuzi inomsebenzi omkhulu wokucelela abomuzi izinhlanhla. Uma kukhona owomndeni onamashwa noma umnyama othile, ubehlatshiswa imbuzi. Ngenkathi ihlatshwa le mbuzi, kuthethwa idlozi, kucelwe lokho okucelwayo (okwabe 46 kuyizicelo ezisemqoka kuqala kwakuyimpilo enhle, ukuqonywa nokwenda kwabasha – namhlanje sekuyaye kucelwe impumelelo emsebenzini, esilungwini). Kokunye isiphandla lesi besenziwa ngoba kubongwa okuthile okuvela kuwo amathongo. Kukho konke nje-ke, lowo othetha idlozi uyachaza okuyinjongo yesiphandla leso. Kuyothi ngakusasa sekuhlahlwa, bese engeniswa endlini kwabo ayothelwa ngenyongo leyo, kokunye bese kufuthwa isinye senyongo sibe ibhamuza, somiswe qede siboshelwe ekhanda asithwale. Sekuzosikwa isikhumba senqina bese sifakwa esihlakaleni sengalo. Sekuyisiphandla njalo leso. Okubalulekile ukuba osifakile aqaphele singalahleki, kuthi noma sigqashuka engekho ekhaya, asigcine aze abuye naso siyoshiswa umuntu omdala ekhaya. Abanye njalo abasishisi, kepha bayasigqiba. Yimbuzi kuphela eyabe yenza iziphandla ngokwesiko lesiZulu. UGcumisa noMthiyane, (1992:64) bayaqhubeka bechaza izimbuzi zale misebenzi elandelayo: eyokukhula kwentombazane, eyokukhehla, eyomncamo, eyokuphuca, eyokukhipha ithwasa, eyogxa, eyokuhlonipha amathongo kanye neyokunqwambisa. Izimbuzi nazo zihlukaniswe izigaba zazo zokukhula. UMsimang, (1975:45) uzibeka kanje izigaba zezimbuzi: Encane esanda kuzalwa kuthiwa izinyane. Izinyane leduna linele liqhume izimpondo kuthiwe isiphohlohlwana kanti elensikazi kuthiwa isibhuzazana. Isiphohlohlwana siyathenwa sibe intondolo. Uma singathenwanga siba impongo. Isibhuzazana sikhula sibe imbuzikazi. Ngaphandle kwemisebenzi ebalulekile eyenziwa imbuzi ezimpilweni zabantu likhulu iqhaza elibanjwa izimbuzi kwaMthaniya. ekuthuthukiseni ulimi lwakithi Izingqalabutho, izazi zokukhuluma nokhokho baqaphela 47 imikhutshana nendlela eziphatha ngayo imbuzi bese bethasisela sebenonga olimini lwakithi. USibisi, (2006) uphawula kanje ngalokhu: UMdali wasidala ukuthi siphilisane nezilwane ngakho ukuziphatha kwethu nazo izilwane kubamba elikhulu iqhaza ekuthuthukiseni ulimi. Imbuzi inomkhutshana ongemuhle wokuthanda izindaba. Uma ithuke yanikezwa ilungelo lokuthi ingayi endle izulazule egcekeni, igcina ingaseneliseki eduze ukuba segcekeni, igcine isizidlisa satshanyana nomnyango ngokuthi ilokhu izihlikihla eduze nawo. Lokhu ayikwenziswa ukuthi iyalunywa kepha isuke yenza iqhinga lokulunguza ukuthi kukhonani endlini. Yingakho izazi zokukhuluma zaveza isaga esithi “Imbuzi igudla iguma.” Lesi saga sisetshenziswa uma umuntu efuna into kodwa engaqondi ngqo, elokhu eshona le nalena njengayo imbuzi. UNyembezi, (1954:199) uyakweseka lokhu: Imbuz’ igudl’ iguma (The goat rubs itself on the door screen). Goats when allowed to roam in the yard at home, become curious and want to see what is in the huts. A goat will be seen moving against the grass screen at the door, to see if there is no chance of peeping inside. The saying is used of a person who, although he wants a thing will not go straight to the point, but will keep on going this way and that way. Uma umuntu eseqiwe ukudla uyahluleka ukuhamba aqonde kepha uye agcwale umgwaqo kube sengathi udonswa yimbuzi. Isisho esithi “Ukuqhuba imbuzi” savela ngokubuka lokhu kuziphatha. Uma umuntu esefika ekhaya, uyehluleka ukuzihambela, uye ancike ngendlu kancane kancane aze afike kuleyo ndlu ababele kuyona. Isaga esithi “Imbuzi igudla indlu.” 48 ULamula, (1963:106) uyawuseka lo mbono: Imbuzi igudla indlu. Kushiwo ngomuntu edakiwe esehamba ngendlu ehluleka ukuzihambela engabambelele ndawo. Asikho isidalwa esingaphansi komthunzi welanga esinganikela ngengane yaso. Yileso sidalwa silwela ukufa nokuphila uma sibona into eza nobungozi ezinganeni zaso. Esinye sezaga esikhombisa lokhu kuvikela savela ngokuqaphela ukuziphatha kwayo imbuzi. Isaga esithi “Imbuzi ilele phezu kwezinyane” sichaza ngokusobala ukuvikela. Selokhu kwathi nhlo lapha kwelikaPhunga noMageba abesifazane nabesilisa abakaze bangahlala ndawonye. Endlini yesintu abesifazane bahlala ohlangothini lwasokunxele kanti abesilisa kwesokunene. Uma kunomsebenzi ibandla lihlala lodwa nembokodo nayo ngokunjalo. UNxumalo, (1951:1) uyakweseka lokhu: Umthetho wesiZulu uthi nxa ungena emzini wabantu, ungena ngasesandleni sokunene, uhambe ugudle isibaya njalo uze uyongena lapho uyongeniswa khona. Nxa ufika emnyango uyakhuleka uthi, “E: Nina basekuthini; sikhulekile!” Uma umuntu okhulekayo kuyisihambi esingaziwayo, kuphuma omunye kulaba abasendlini akubingelele. Nxa usuvumile akubuze lapho uqhamuka khona, nalapho ulibangise khona. Mhlawumbe angaze abuze nokuthi uhamba ngani lapho uhambela khona. Usezongena endlini-ke akubike kahle kubanumzane bomkhaya. Sewuzongena-ke nxa kuthiwa, “Ngena.” Ungena nje phela uyagaqa, ungene wenyukele ngenhla ngasesandleni sokunene uma ungowesilisa, kanti uma ungowesifazane, wenyukela ngasesandleni sokunxele. Sebezokubingelela bonke ngamunye ngamunye. Nxa unyawo lwakho lwethuke luba luhle, wabafumana bebusa ngotshwala buzoke 49 bulandulwe kuqala, kubikwe indlala, kande uphuziswe-ke. Amadoda ahlala ngobukhulu bawo noma ngobudala bawo. UZama, (1967:62) uyakuveza lokhu lapho eveza khona uMaMzobe ayoveza amehlo kwamakhelwane wakhe uSisulu kanje: Esengenile ngaphakathi uMaMzobe wahlala ocansini olwaselwendlelwe ohlangothini lwabesifazane, njengenhlalayenziwa esiNtwini. Wahlala wathi thekence wabambelela ngesinye isandla phansi. Njengaye wonke umuntu wesimame kuzo zonke izinhlanga zomdabu, nxa esemaphaphu aphezulu akaze angalindela ukuba abingelelwe abomkhaya. Naye-ke uMaMzobe wabona besathule ababesendlini wathi: “MaSihlahla, makhelwane, ubona ngilapha nje ngilethwa yisililo esinizwe nisikhala izolo ebusuku sekulelwe. Ngozobuza-ke ukuthi bekwenze njani?” UMyeza, (2006) ubeka kanje ngalokhu: Lingawa licoshwe zinkukhu uma ungase uthole owesifazane ethalaza noma ethi dlwa phakathi kwebandla. Lokho kungasho ishwa, futhi ngeke kwavumeleka. Kanjalo nowesilisa angeke ahlale nesimame. UZama, (1967:65) uyakufakazela ukuthi kulicala elibomvu ukuhlala ohlangothini okungelona lapho eveza uMaMzobe ehlala ngamasibomu ngoba ehlose okuthile ngenkathi ezobona uSisulu kanje: Nxa sebezinzile emacansini bobabili abesimame ngasohlangothini lwabo, uMaMzobe wadlulisa imizuzu embalwa andukuba akhulume ngomoya odangele athi: “Awu bandla! Muhlolo muni lo okuvelele yise kaXobisile?” 50 Nxa uSisulu ethi ulinga ukukhuluma wehluleka ukuphumisela ayefuna ukukusho, ngoba wasimze nje wanyakazisa izindebe zomlomo wakhe kwaba sengathi uyanyenyeza. Lokho kunyenyeza kukaSisulu kwavezela uMaMzobe ithuba lokuthi awephule ngamabomu umthetho owawuhlonishwa kakhulu owawumenqabela umuntu wesifazane ongayena owomndeni ukuba abeke unyawo lwakhe ngasohlangothini lwabesilisa endlini; kwazise ukuthi okaMzobe wasimze nje wawelela ngalapho kulele khona uSisulu; wafike waguqa eceleni kwakhe. Ngokunyukubala kobuso bakhe, uSisulu wazihlakaza ukuthi kwakumnenga kabi ukwenganywa isimame ikakhulu somuzi wendoda ayengahoshelani umoya omuhle nayo. UMaMzobe wakuziba ekubonile ngempela ukuhwaqabala kowayelele ocansini, ngoba yena wasimze nje wakhuluma ngephimbo elalinesihe wathi: “Kusobala ukuthi ulimele kakhulu, Baba. Kungaba njani kengisibone isifuba sakho Baba, khona ngizolayela uMaSihlahla amakhambi engiwaziyo angahle akuthobe ngawo.” Lo mkhuba wokwehlukanisa abantu ngobulili uqala ebunganeni ukuze kungonakali izinto. Ngakho-ke uma umuntu ehlanganisa izinto ezingaba nobungozi uma zihlanganiswa kuyaye kuthiwe “Ingwe kayilali nembuzi.” Kuyaziwa ukuthi ingwe ingayisobozela imbuzi ngokushesha. UNyembezi, (1954:171) uyakweseka lokhu: Ingwe kayilali nembuzi (A leopard does not sleep with a goat). A leopard and a goat are natural enemies. Putting them to sleep in the same kraal would be sacrificing the goat. It is foolish to put together things which should not be put together. The saying may be used, for instance, when boys and girls are confined in the same room. 51 A variant of this proverb is, Ingwe kayikhulekwa nembuzi (A leopard is not tied together with a goat). UNyembezi noNxumalo, (1965:164) bona basichaza kalula lesi saga: Kuwubulima ukuhlanganisa izinto ezingahlangani. Ubuwula bafika nabantu ngakho budala babakhona. Uma umuntu enza ubuwula, imbuzi nalapho ayisali ngaphandle. Isaga esithi “Imbuzi iphekwe nezimpondo” siyichaza kucace bha le ndaba. Inhloko yembuzi iyahlahlelwa bese kukhishwa izimpondo ngoba zona aziphekwa ngoba azidliwa. Ngakho umuntu opheka imbuzi nezimpondo ukhombisa ubuwula bezinga eliphezulu. Kungahlwa emini uma ungabona imbuzi izala inkomo. Into engeke yenzeka leyo. Ngakho uma umuntu efunga ukuthi into ethile ngeke yenzeka kusetshenziswa yona imbuzi ngesaga esithi “Imbuzi ingazal‟ inkomo.” Lesi saga sinencazelo efanayo nalesi esithi “Umlungu angathung‟ isicoco” nalesi esithi “Inkomo ingazal‟ umuntu.” Esinye isaga esinonophalisa ulimi lwakithi yilesi esithi “Umkhumiso ulingene izintondolo.” Intondolo imbuzi yeduna esuke itheniwe. Umkhumiso ukudla okuthile okwenza izimbuzi zikhuluphale. Izimbuzi ngokujwayelekile zikhunyiswa kanye ngonyaka kanti izintondolo kuba ngaphezudlwana. Inhloso yokukhumisa izintondolo ngokuthe xaxa yingoba zihlatshiswa abekhethelo. Lokhu kufakazelwa uMsimang, (1975:44): Into eligugu kubafuyi bezimbuzi ukuzikhumisa. Kukhona umkhumiso wokuba zikhuluphale. Kusetshenziswa ikakhulu incamu; kuqothwe isigaxa salo bese zikhunyiswa izimbuzi ngokhezo. Izintondolo zona zikhunyiswa noma kathathu ngonyaka kanti ezinye lezi zikhunyiswa kanye. Sekwaze kwakhona isisho esithi; „Umkhumiso usulingene izintondolo.‟ Phela 52 izintondolo zihlatshiswa labo abaqavile nabahloniphekile. Futhi inyama yazo imnandi ngokunona. Ngenxa yokuthi izimbuzi azikhunyiswa njalo ngakho nawo mhla wenziwa ulingene isibalo salezo zimbuzi ezizokhunyiswa. Ngakho amathuba okusala kwawo mancane. Yingakho kwaze kwavela lesi saga esichaza ukuthi into ethile ibilingene abantu abasesibalweni ikakhulukazi ukudla. Imbuzi uma ihlatshwa inqunywa intamo. Le ndlela yokubulala ibuhlungu ngendlela engachazeki yingakho imbuzi iyaye ikhale. Kodwa noma ingakhala kangakanani akekho emlandweni osewake wayidabukela, wayiyeka wangaqhubeka nokuyibulala ngoba eyizwela ubuhlungu. Yingalesi sizathu izazikukhuluma zaqhamuka nesaga esithi “Ukukhala akusizi, kwehlula imbuzi ngoKhisimuzi.” Yize noma izimbuzi zibamba iqhaza elibalulekile ukuthuthukisa ulimi lakoJama nokho kukhona abanye abasebenzisa zona izimbuzi ukugcona noma ukuteketisa abanye. Uma owesilisa engenalo ihwanqa bese eba nentshebe ende ethe qekelele, kuye kuthiwe unentshebe yembuzi. Uma umuntu wesilisa engezwani nendlu yengwenya aze abe nephungana elingelihle, kuye kuthiwe “Unuk‟ iququ lempongo.” Kuyacaca ukuthi likhulu iqhaza elibanjwa izimbuzi ekusekeleni amasiko ethu nokukhulisa ulimi lwakithi kwaMthaniya. Nangalo iphunga leli lazo, yilo elenza abalele bazikhonze. 2.6 Ukubaluleka kwezimvu Izimvu zingenye yemfuyo ebambe iqhaza elikhulu kwelakithi. iyisilwane esidume ngokuthula nokuba nesizotha. Imvu Lokhu kulunga kwayo kwenza ukuba idliwe unkatho lokuthi izizwe ngezizwe emandulo zenze ngayo imihlatshelo ikakhulukazi isizwe sika-Israyeli. 53 Lokhu kufakazelwa uMsimang, (1975:37) lapho ethi: EBhayibhelini sithola umqondo owehlukene nalana. Phela abakwa-Israel bebenza imihlatshelo yabo ngezimvu. Nginethemba lokuthi bebekhetha zona ngoba zithule ukuthula okuyinqaba, zithula ngisho phambi kwabagundi bazo, zithule futhi ngisho sezibulawa kabuhlungu ngeklwa. Lokho kungacishe kukhombe ukuthi bezichaza intobeko nenhlonipho. Futhi bezithathwa njengezilwane ezingenacala. Lokhu kuphindwe kwesekelwe incwadi eyiNgcwele kaGenesise 22 ivesi 6 – 13 lapho eveza khona u-Abraham efuna ukwenza indodana yakhe u-Isaka umnikelo kodwa uNkulunkulu waveza elinye isu kanje: 6. U-Abraham wathatha izinkuni zomnikelo obuzakushiswa, wazibeka phezu kuka-Isaka indodana yakhe, waphatha esandleni sakhe umlilo nomese, bahamba bobabili kanye kanye. 7. U-Isaka wathi ku-Abraham uyise: Baba wathi yena: Ngilapha, ndodana yami. Wayesethi: Bheka, nanku umlilo nezinkuni, kepha iphi imvu yomnikelo ezakushiswa na? 8. U-Abraham wathi: uNkulunkulu uzakuzibonela imvu yomnikelo ezakushiswa ndodana yami, bahamba bobabili kanye kanye. 9. Bafika endaweni uNkulunkulu abemtshele yona, u-Abraham wakha khona i-altare walungisa izinkuni, wambopha u-Isaka indodana yakhe, wambeka e-altare phezu kwezinkuni. 10. U-Abraham waselula isandla sakhe, wathatha umese ukuba ahlabe indodana yakhe. 11. Kwase kumemeza kuye ingelosi kaJehova isezulwini, ithi: Abrahama, Abrahama! Yena wathi! Ngilapha. 54 12. Yayisithi: ungabeki isandla sakho kumfana, ungenzi lutho kuye, ngokuba ngiyazi manje ukuthi uyamesaba uNkulunkulu, lokhu ungagodlanga kimi nandodana eyodwa yakho. 13. U-Abrahama waphakamisa amehlo akhe, wabona, bheka, ngemuva inqama, ibhajiwe esihlahleni ngezimpondo zayo, u-Abrahama waye wayithatha inqama, wanikela ngayo umnikelo wokushiswa esikhundleni sendodana yakhe. Ukulunga kwemvu kwaze kwafaniswa neNdodana kaMvelinqangi uJesu Kristu yingakho yaze yathiwa igama lokuthi yiMvana. Lokhu kuchaza ukuthi uJesu oyimvu encane elunge ngaphezu kokulunga ngoba imvu ilunga isikhulile, kangakanani uma isencane? Lokhu kufakazelwa incwadi ka-Isaya 53 ivesi 7 lapho lithi: Yacindezelwa, kepha noma yathotshiswa, ayivulanga umlomo wayo, njengewundlu eliyiswa ekuhlatshweni, nanjengemvu ethule phambi kwabagundi bayo, ayiwuvulanga umlomo wayo. Uma umuntu elungile ngesiZulu kuye kuthiwe “uyimvu.” Noma kunjalo imvu kwelikaMthaniya ayilokothi isetshenziswe ukubika kwabalele. Ukuba nyamanambana kwayo ekuyisebenziseni ukwenza lo msebenzi yikho ukuthula kwayo ngisho isihlatshwa. Ngokwesiko lamaZulu uma isilwane sihlatshwa, kubalulekile ukuthi sikhale. Lokho kukhala kusuke kusondeza abaphansi eduze kwalowo osuke ehlabile ukuze bezozwa isikhalo sakhe. UMyeza, (2006) uphawula kanje ngokukhala kwesilwane uma sihlatshwa: Abaphansi bayaphuza ukuzwa noma sebezwile kuba sengathi abazwisisi kahle yingakho nedlozi lithethiswa ukuze lizwe. Nakhona-ke lapho uma ikhala imbuzi, ibhonge inkomo, kukikize omame sebenanela lowo msindo ubavusa bame ngezinyawo abaphansi. 55 UMsimang, (1975:37) uyakweseka lokhu: Imvu ayizange nakanye yenze umsebenzi wabaphansi, ngoba yona ayilokothi ikhale. Ukukhala lokhu kubaluleke njena ngoba kuthiwa yikhona bezokuzwa isikhalo leso. Noma kungathethwa ngayo ngqo idlozi imvu kodwa kwelikaMthaniya kwakwenziwa umhlatshelo uma kuyocelwa imvula kuMabelemade. UMabelemade kuthiwa wayephila ehlala koNtilasifali ngakho wayengelona idlozi. Lokhu kufakazelwa uNyembezi noNxumalo, (1966:132): Kwakubuywe kuyiwe futhi nakuMabelemade. Kuthiwa le nkosikazi kwakunguMjantshi. Abanye babethi lo nkosikazi unamabele amane, kepha beqinisa ngokuthi mabili kodwa made. UMabelemade wayehlala le eNyakatho-Ntilasifane. Kwakufika amadoda-ke egquba izinkomo. Bese lapho emzini kaMabelemade kubaswa umlilo omkhulu, ubaswa yizintombi ezingakaqomi ezingamazi umfana zingembethe lutho. Kuthathwe izimvu ezintathu ezimnyama ezingakakhweli, zishiswe kulo mlilo, kuthelwe nemithi yokunisa izulu. Kubhunqe intuthu yenyukele phezulu. Kubuywe lokho obekwenziwa ekhaya kuyokwenziwa entabeni. Kubuthane sonke isizwe. Bese ewatshela-ke amanxusa akwaZulu lawa uMabelemade ukuthi kophela izinsuku eziyikuthi line izulu. Afike abikele iNkosi. Kuthiwa nempela kwakwedlula lezo zinsuku line izulu. Noma-ke imvu inyamanambana ekubikeni kwabalele, kuyajabulisa ukuthi nayo kukhona lapho edla khona ubhedu. Uma sekukleliswe zonke izinyama 56 ngaphansi komthunzi welanga, imvu iwudla ngokungananazi umhlanganiso ngobumnandi. UMthethwa, (2006) uphawula kanje ngemvu: Inyama yemvu yehla esiphundu. Ungasishalazela esingaboni uze ubanjwe yiso esibonayo. Yingakho nje nentengo yayo ezitolo zenyama imba eqolo. Ngaphandle kobumnandi benyama yayo imvu, zenza izingubo zekhethelo ngoboya bazo. Buyagundwa kwenziwe amajazi, izigqoko, izikhafu kanye neziphuku zokwembatha. ULamula, (1963:175) uyakwesekela lokhu: Izikhumba zezimbuzi nezezimvu nezamankonyane bezishukelwa ukwenza iziphuku, kodwa ezamankonyane zenziwa amabheshu ezinsizwa. Kade kuvame kakhulu ukubona abafana belusile, bembethe iziphuku, kakhulu zezimvu. UMsimang, (1975:37) ubeka kanje ngalokhu: .....Nginethemba lokuthi bebekhetha zona ngoba zithule ukuthula okuyingoba, zithula ngisho phambi kwabagundi bazo, zithule ngisho sezibulawa kabuhlungu ngeklwa. Okunye okubalulekile okwenziwa ngesikhumba semvu ukuthi kuzilwa ngaso. Isizathu esidala ukuthi kuthathwe isikhumba saso kusabhekwa khona ukuzithoba kwaso. Uma umuntu ezilile kulindeleka ukuthi abe nenhlonipho futhi azithobe njengayo imvu. Okunye okwenziwa ngemvu amabheshu abafana. Izikhumba ziyashukwa zize zibe sesimweni sokuwenza. 57 UMsimang, (1975:37) uyakweseka lokhu: Bezibaluleke kakhulu ngenyama yazo emnandi kanye nezikhumba zazo ezifudumalayo ekushukeni iziphuku zokwembatha. Amabheshu abafana nawo abeshukwa ngezikhumba zezimvu. Nakhona ezimvini zinamazinga okukhula kwazo. Kukhona izinyane okuyimvu ezelwe ngakho kodwa kube khona ixhukazana, imvukazi kanye nentondolo nenqama. Izimvu nazo ziyalunothisa ulimi kakhulu. Kukhona isaga esithi “Ukuhlehla kwenqama akusho ukubaleka kepha kusho ukuthatha amandla.” Lesi saga sasuselwa ekuqapheleni indlela izinqama ezilwa ngayo. Ziya ziqhelelana kube sengathi azisalwi. Zibuya ngesikhulu isivinini, zishayane ngeziphongo kuchitheke gula linamasi. Lokhu kufakazelwa uLamula, (1963:123): Into enye enkulu ngezinqama, bekuba yilapho zilwa, zidubulana. Phela onkabi bahlehla nyovane, kube yileyo iyothathela laphaya, kuthi kuya lapho ziyohlangana khona kube kubhekuza imisila. Zishayane qede kwenanele amawa. Ezinye bezilwa kucishe kushone ilanga. Bona-ke, nabafana besaba ukuzilamula - enye ingabe isezwa noma ishaywa. Futhi-ke bekwesabeka ukuba zilanyulwe ngoba bekungathi uma isithukuthele ibuyelane naye umfana. Into nje, bekungaze kuqhutshwe umhlambi wezimvu uthelwe kuzo, zethuke sezidukelana, ziyekane. Inqama yayiyingozi ngisho nasezinkunzini zezinkomo. Lesi saga sisetshenziswa lapho umuntu eyeka into ethile ngoba eseyozama amaqhinga athile angamphumelelisa iningi licabange ukuthi usencamile njengakho ukuhlehla kwenqama kanti usayokhokha umfutho namasu. 58 Esinye isaga yilesi esithi “Uyadela uMakhasana owazibona zishayana.” Lesi saga sisetshenziswa lapho kuhlangene abantu abacishe babe namandla alinganayo. Kungabe kuyaliwa noma umqhudelwano othile okungaba umculo, ukungcweka nokunye. Lapho kusho ukuthi kuyoba ukheth‟ ukhethi kuphumelele ophumelelayo ngoba zindala zombili. ULamula, (1963:107) uyichaza kanje imvelaphi yalesi saga: Uyadela uMakhasana owabona izinqama zakhe zikhahlelana. Kushiwo lapho kuliwa. Basho njalo abantu sebebukela kulwa abantu, noma izinkunzi, noma yini. Phela kungathi kwakukhona indoda, uMakhasana, efuye izimvu eziningi, ede ebukela kudubulana izinqama zayo. Inqama ayiyona ingozi kwezinye kuphela ngisho nasezinkunzini ezinye zidlela ogageni. Ezinye izinkunzi ziyafa, ezinye zephuke isiphanga noma ziphume igazi ngamakhala noma zephuke uphondo zibe yizihleza. Kukhona-ke nezinqama ezingokhandalimtshelokwakhe. Lezi zinomkhuba wokuvimbela abantu endleleni, yale ukhasha ingafuni kudlule muntu. Akekho umuntu ongashiya inqama ngejubane uma isikutshakadulisa. Indlela elula nengcono yokuzivikela ukuthi uzilalise phansi, ungathi ufile ukuze ingalitholi ithuba lokukumuhluza ngesiphongo. ULamula, (1963:124) usakweseka lokhu: Bekukhona izinqama ezivimba nezindlela, kungabe kusahanjwa ngaleyo ndlela kakhulukazi ngesikhathi sokwethwasa konyaka zihubula. Isisho esithi “Ukuba yimvu” savela ngakho ukubona indlela imvu ezithobe ngayo nemnene ngayo. Lesi sisho sisetshenziswa kumuntu olunge ngaphezu kokwenza, umuntu okuthi noma ngabe uhlukumezeke kanjani kodwa 59 engazweli futhi angazami ukuphindisela hhayi ngoba engenamandla kepha ngoba enziwa ukuzithoba. Esinye isaga esejwayeleke kakhulu yileso esithi “Zifa ngamvunye.” Lesi saga sisuselwa ekuguleni kwemvu. Uma imvu eyodwa iphathwe umkhuhlane othize, zonke kulowo muzi zizogula nazo. Lokhu kufakazelwa uNyembezi, (1954:203): If one sheep in a flock is deseased, the others will also get the infection, so that many die because of one. Lesi saga sisetshenziswa uma kone umuntu oyedwa bese neningi lithole ukuhlupheka noma amachaphazelo ngenxa yalona oyedwa. Uma kwenzeke isehlakalo esingandile futhi esingakholeki, kuye kuthiwe “Imvu ibulala indlovu.” Ngisho sekuthiwani akekho ongacabanga ukuthi imvu iyoke ibulale indlovu ngenxa yokuthoba kwayo. Uma kungase kwenzakale kungaba insumansumane. UNyembezi, (1954:110) uyichaza kanje imvelaphi yalesi saga: The sheep is chosen because it is a very tame animal. Also it is very small compared with an elephant. Thus it is inconceivable that a sheep may kill an elephant. This saying is used when something has happened which is ordinarily considered as impossible. Esinye isaga esinonophalisa ulimi lwethu esiphathelene nemvu yileso esithi “Impungushe kayivalelwa nezimvu.” 60 USibisi, (2006) uyichaza kanje imvelaphi yalesi saga: Kuyaziwa ukuthi imvu nempungushe akubhekani nangengozi. Uma umuntu angase enze lelo phutha akuvalele ndawonye lokho kungachaza ukwenzela impungushe idili ngoba impungushe ingayisobozela imvu. Lesi saga sichaza ubulima bokuhlanganisa ndawonye izinto ezingahlangani njengokulalisa abafana namantombazane ndawonye. UNyembezi noNxumalo, (1966:164) bayifingqa kanje incazelo yalesi saga: Lesi saga sichaza ukuthi kuwubulima ukuhlanganisa izinto ezingahlangani. Abamnumzane bayazifuya izimvu. unganakile ungathi iziduli. Uzifica zigcwele amadlelo uma Yingakho sekwaze kwathiwa izimvu yiziduli. Okunye okuthe phecelezi ngemvu ukuthi inethuku ekhanda. Leli thuku lenziwa uhlobo oluthile lwempukane olufike luzalele amaqanda ekhaleni lemvu bese lamaqanda ekhuphukela ebuchosheni agcine esechamuseleke khona kuphume ithuku. Uma lishisa uzithola izimvu zihlanganise amakhanda. USibisi, (2006) uphawula kanje ngalo mkhuba: Akekho ongaphika ukuthi imvu inethuku ekhanda. Uma libalele ithuku leli lide lehla lenyuka ekhanda, liguquza. Lesi simo asimnandi okudala ukuthi zize zibone ukuthi kungcono zihlanganise amakhanda zikhombise ukuzwelana kulobo buhlungu. Uma sibhekisisa imisebenzi neqhaza elibanjwa izimvu ezimpilweni zesizwe sakithi, kuyacaca ukuthi nazo zibaluleke kakhulu ngaphandle kobumnandi benyama yazo. Nasemibhalweni eyiNgcwele asikho isilwane okwakwenziwa ngaso iminikelo nemihlatshelo ngaphandle kwazo izimvu. Lokhu kungenxa yokuzithoba nesizotha enaso ukwedlula zonke izilwane. 61 2.7 Ukubaluleka kwezinkomo Kuyajabulisa ukubona ukuthi lapha kwelakithi kwaZulu sinenhlanhla yokuba sibe nemikhiqizo eminingana embiwa phansi. Singabala amadayimane, ithusi, insimbi, amalahle, igolide kanye nokunye. Konke lokhu osekubaliwe kubambe elikhulu iqhaza ekuthuthukiseni umnotho wezwe lakithi. Noma kunjalo awukho umkhiqizo odlula igolide neplatinamu ngokubaluleka nasekuthuthukiseni umnotho wezwe lakithi. Nakhona kwelikaMthaniya iningi imfuyo esinayo kepha ayikho edlula inkomo ngokubaluleka ngakho yona singayifanisa neplatinamu lethu thina maZulu ngenxa yokubaluleka kwayo. ULanga, (1991:7) uyakuveza lokhu kubaluleka: Cattle were the most important thing in life to a Zulu. They gave him food. Their hides made clothes and shields. He bought his wives with them. He killed them when he made a sacrifice. Cattle made a man rich, and a rich, important Zulu owned many cattle. This was why looking after the cattle was important work. Noma uLanga ethande ukuphaphalaza lapho ethi thina maZulu sasithenga abafazi ngazo izinkomo ngoba abathengwa kepha kusuke kwakhiwa ubuhlobo. Kuyancomeka nokho ukuthi uyakuveza ukubaluleka kwezinkomo esizweni sakithi. UKrige, (1950:185) naye uvuthela icilongo elifanayo: Of all the activities which are considered the special sphere of men, the most important in tribal economy is certainly the rearing and the care of cattle. Cattle provide meat and amasi, the mainstay of the Zulu diet, as well as hides for shields and for clothing, while the wealth of a man is always reckoned in cattle, since it is with cattle that he must acquire wives for himself and his sons and pay doctor‟s fees when there is illness in his kraal. Such being the case, it is not 62 surprising to find the greatest care taken of these valuable possessions, the loss of which is the greatest disaster in the eyes of any Zulu. UKrige, (1950:189) uyaqhubeka aveze ukubaluleka kwazo izinkomo ngaphezu kwenye imfuyo kanje: Besides cattle, the Zulus possessed goats, sheep, fowls and dogs before they first came into contact with Europeans; but these animals did not have the ritual value of cattle nor are they considered as important. Goats are indeed sacrificed for occasions of lesser importance, or when a man is poor and has no cattle, but for all important sacrifices cattle are always used. Uma sibheka izincazelo zezinzululwazi, akekho ongashaya phansi ngonyawo athi akakuboni ukubaluleka kwezinkomo. Izinkomo zicishe ziziqwaqwade emakhanda zonke izilwane ezifuywayo ngokubaluleka. Ukubaluleka kwazo kungachazwa kusukela liphuma lize liyozilahla kunina ngendlela imisebenzi yezinkomo eminingi ngayo. USibiya, (2006) uchaza kanje ngemisebenzi yenkomo: Uma kuthiwa chaza imisebenzi yezinkomo akuhlukene nokubala izinwele ekhanda lomuntu ngenxa yobuningi bayo. Sekungaya ngomuntu ukuthi iyiphi imisebenzi ayibona inesigqi uma eyihlaziya. 2.7.1 Ukwenza imisebenzi yesiko Miningi ngangezimpethu zendlovu imisebenzi yamasiko lapho inkomo ibamba khona iqhaza elibalulekile. Umsebenzi ophathelene nesiko nonesigqi nesizotha usuke ungaphelele uma ingazange iwe inkomo. Noma ingahlatshwa imbuzi, inhloso yalokho kusuke kuwukubika umsebenzi futhi isuke icaba indlela yokuphendlela ukuwa kwenkomo. Yingakho uthole ukuthi imbuzi ihlatshwa ngoLwesine ezindaweni eziningi yandulela inkomo ehlatshwa 63 ngoLwesihlanu. Ngenxa yokwenyuka kwezinga lobuphofu, usuthola abadla imbuya ngothi sebenza imisebenzi ngayo imbuzi kanti umnumzane odla izambane likampondo uziwisa eziwisile. Lokhu kufakazela uJobe, (2006) uma ethi: UThulasizwe woMnumzane akalokothi enze umsebenzi ngembuzi kepha uwisa izinkomo. Uma edla imbuya ngothi, ekhala engashayiwe engakhalela embuzini kepha angeke wazishaya isifuba ngalokho ngoba usuke edlala ububha. Kuyenzeka umnumzane ayihlabele izingane zakhe imbuzi ngenhloso yokuzijabulisa. Lena kayidingi ukulandelwa inkomo. Lokhu kufakazelwa uMsimang, (1975:114) uma ethi: Inkomo kwakungeyona eyomuzi kepha yayibulawelwa umndeni nebandla ngakho-ke okuyiyona nyama yomnumzane nezingane zakhe kwabe kuyimbuzi. Yiyona eyaziwa ngokuthi inkukhu yabamnumzane. Kukhona imbuzi ehlatshwa ngoba kugcinwa umsebenzi othile wabangasekho kanti ikhona futhi imbuzi engukudla kwasekhaya. Inkomo iyahlatshwa uma kujatshulwe ekhaya. Uma kunomgcagco, kukhuliswa abantwana, kwemuliswa, umncamo, kubongwa izinhlanhla neminye imisebenzi efuze leyo. Iphinde ihlatshwe uma kuvele amashwa noma kushwelezwa kwabaphansi. ihlambo, ukubuyisa osewashona, Uma kushone umnumzane kwenziwa ukulungisa amathwasa noma ukuwacola. UMsimang, (1975:124) uyakweseka lokhu: Kukhona futhi eminye imisebenzi okuhlatshwa kuyo inkomo njengokukhulisa umntwana womfana noma wentombazana, 64 idlozi nokulungiselela ukuncamisa, ukuqholisa, ukwemulisa, ukukhipha ihlambo, ukulungisa idlozi, ukucola amathwasa, nezinyanga, neminye eminingi. Yonke lena igcinwa ngokuhlaba inkomo kanti emincane kwanele ukuhlaba imbuzi. 2.7.2 Inyama, ubisi namasi Umuzi ofuye izinkomo umashayandawonye uzwiwa ngendaba. Inkomo inenyama emnandi ezoyizayo uma iphekwe kahle. Okungajwayelekile ukuthi umnumzane awise inkomo enzele umdeni wakhe idili kepha uyihlaba uma enza umsebenzi othile wesiko ukuze kudle iningi. Lokhu kufakazelwa uDonda, (1997:5): Ngaphandle kwamasi kukhona inyama. Umnikazi wenkomo ingeyakhe nje uma isamdalela amacala, idla amasimu abantu, nenkunzi igwaza izinkomo zabantu. Kuyingcosana kabi okwakhe uma isihlatshiwe. Inyama-ke yivela kancane futhi inyama yinyama ngokunyamalala. Abantu abangayejwayele baba namehlo amnyama uma beyiphethe. Umuzi ongavamisile ukuba nenyama awuthandeki. Umuzi kaShingana wethiwa yiNkosi uMpande ngokuthi kuSonkweni ngenxa yokwesweleka kwenyama kulowo muzi. Phela inyama yiyo edala ukuba abantu bahloniphane futhi bazazi izikhundla zabo. Izitho zonke zenkomo zinabaninizo. Ngaphandle kwenyama lesi silwane siphinde sikhiqize ukudla okubalulekile kwelikaMthaniya, ubisi namasi. UNxumalo, (2006) uwachaza kanje amasi: Amasi ayisisekelo sokudla komuntu ongumZulu. Awukho umuzi ongawadli 65 amasi. Okubalulekile ngawo ayahlonishwa ngoba awukudla kwabaphansi. Okuphiswana ngawo komunye umuzi ngoba abafana bakhona bangasuke bawadle bengaqosheme bese ziphuza ukukhwela lezo zinkomo. UKrige, (1950:55) naye uyakweseka lokhu: The mainstay of the Zulu diet is amasi or curds of milk and most of their dishes are a mixture of this amasi with different vegetables. Amasi is looked upon as food of the household and strangers are not allowed to partake of it. UDonda, (1997:4) ukuchaza kanje ukubaluleka kwamasi: Inkomo-ke ithandelwa ubisi lwayo. Amasi ayayixosha indlala. Abafana babuya sebewaqhuba amahinikazi, onondlini kumbe izinsengwakazi zakwabo. Izigqala bagcina ngazo ngoba azinalubisi kanti futhi zinemibele elukhuni. Zithi uma izinkomazi zisaphunga imikhonto bebe bekhipha amathunga namagula, bavule incotho emibhotshoselweni ukuze kukhameke umlaza. Sekuzohlanjwa izandla qede kusengwe. Uma sekusengiwe kuzokwethiwa kugcwale amagula. Umlaza uzophuzwa, omunye kwenziwe ngawo ihongo. Nakanjani ntambama kuzodliwa umthamo obandayo. Uma kudliwa inkomo ihamba phela izingane zikha ngezandla zokudla zithele kwezokunxele ngaphambi kokuba zidle. Ekugcineni izandla zizokwesulelwa eziswini ukuze iziswana zabo zithambe. Kuyacaca ukuthi uma uzifuyile izinkomo usuke uphelele ekuzivikeleni kumashayandawonye ngoba amasi ahlale eqhilika emaguleni okungamaphela lokhu kusina kuzibethela kuze kudele. 66 2.7.3 Ukuqopha amabheshu Imvunulo iyisisekelo sesiko. Umuntu umbona ngayo imvunulo ukuthi ungumhlobo muni. Umuntu ongumZulu angeke wamfunisela uma esevunule ngoba uzizwa ngaphakathi uma esengene kuyo. UNyembezi noNxumalo, (1966:4) balichaza kanje ibheshu: Ibheshu lenziwa ngesikhumba. Okoqobo lwalo ngelokubhinca phaqa, kodwa lisikwa ngokusikwa futhi nemibala ibekela ngokubekela, lokho okwenza libe yimvunulo yokuhloba nxashane kuyiwa emicimbini ngemicimbi. Umuntu ukhetha inhlobo leyo ayithandela lolo suku. Isikhumba okujwayeleke ukusikwa kuso amabheshu nesitholakala kalula esenkomo. Insizwa iswela umsila ukukhombisa injabulo uma ivunule ngebheshu elisikwe enkonyaneni yakubo. Kufanele kukhumbuleke ukuthi ukugqokela umcimbi nomcimbi ingqephu yawo akufikanga nempucuko yaseNtshonalanga nokhokho bebevunula ngamabheshu ahlukile umcimbi nomcimbi. Lokhu kufakazelwa uNyembezi noNxumalo, (1966:44): Insizwa yayingabi nebheshu elilodwa, kanjalo nomnumzane. Abemaningi nje-ke amabheshu abe efuna ukuqoshwa. Ngenxa yokuthi imisebenzi miningi emphakathini futhi namakhono abantu kawafani, iningi labantu laliqoshelwa ngabanye amabheshu. 2.7.4 Ukusika amahawu Umuntu ongumZulu akahambi evathazela njengenina, engaphethe ngisho induku yokushaya inyoka endleleni yodwa nehawu ngokunjalo nalo alisali. Amahawu nawo awafani, ahambelana nesimo somcimbi. Elokuhloba nelempi alifani. Nawo amahawu asikwa esikhunjeni senkomo. 67 UNyembezi noNxumalo, (1966:44) bayakweseka lokhu: Ukusika amahawu nokugatshwa kwawo nakho kwakunabantu bakho. Elinye iqembu lalaba bantu lalenza izihlangu zeNdlunkulu, lizihlobise kahle ngekhono. Cishe isikhumba senkomo sasisetshenziswa sonke ngoba noma sekusele isiqeshana esincane kwakusikwa amahawu amancane abafanyana bamathole noma aphethwe ngomumo. Kuliqiniso elingephikwe ukuthi ukuphatha isihlangu senkomo yakini kwenza umfana aziqhayise. UDonda, (1997:3) uyakuveza lokhu: Izinhlobo zonke zezihlangu yizinkomo zodwa. UBhongoza owaholela izinsizwa ophathe wazikhohlisa wathi yizinkomo kanti ngamabutho athwele izihlangu emakhanda. Uma izinsizwa zedelelana iye isho enye ithi: “Emdlalweni othile wofika nawe uyiphethe inkomo yakwenu ngoba nami ngiyobe ngiyiphethe eyakwethu.” Le nkulumo isho ukuthi iyosha induku phakathi kwalezi zinsizwa. Izinduna zezinsizwa ziyovele zithi abayekwe batitinyane, kuthi leyo naleyo nsizwa isungubale ngenkomo yakwabo. UDonda, (1997:1) uphinde akuveze lokhu: “Ngadla ngenkomo kababa.” Isho njalo insizwa uma isihlabana ngenkomo isuke iqonde umdlela esuke ivika ngawo. Konke umuntu akuqokelele ngemsebenzi yakhe akusho ukuthi ngokwakhe, kepha ukubiza ngoyise. Ukubiza ngoyise ngoba amandla onke akuye wawahleshulelwa uyise ngoba lonke igazi elimveneneza ngemithambo yakhe ngelikayise. Uyise wakukhokhela ngezinkomo ukuba ahlephule la mandla akhe. 68 Kudela owaziyo ukuthi ukuba oPhezukonke akazidalanga izinkomo ngabe sivika ngani futhi ngabe sihloba ngani? Kusobala ukuthi ngabe siphila ngokuzingela izinyathi nezinkonkoni qede sisike sigabelele ukuhloba nokuvika njengabafokazana abanumzane bevunule nabafana abavunula ngamankonyane emiphunzo ngezinyamazane, yezimazi zoyise noyisemkhulu. 2.7.5 Ukushuka izidwaba Isidwaba siyimvunulo abalulekile kumuntu wesifazane onguMzulu. Naso-ke isidwaba senziwa ngaso isikhumba senkomo. Lokhu kufakazelwa uLamula, (1963:175): Izikhumba zezinkomo zazishukelwa amabhahu. Amabhahu yizikhumba ezishukelwa izidwaba, isikhumba sicwiliswe emanzini size sithambe impela bese senyulwa sibethelwa. Kuthi uma sekwenziwe isidwaba, kubhuqwe ngetshede emnyama noma yezibi ezishisiweyo, noma yenswani yezinkuni kugcotshwe ngamafutha kuthambe kube yisidwaba-ke kulungele ukubhincwa. Ubezwe-ke abesifazane sebethi: “Awu yanhle yini ingubo kakoSibanibani!” kushiwo eseyibhincile isinuthuzela umsendo. Izidwaba lezi zazisikwa ongoti bazo. UMthethwa, (2006) ubeka kanje ngalokhu: Ikhono lokushuka izikhumba akulona elikanoma ubani. Kanjalo nekhona lokusika izidwaba lidinga ongoti bakhono ngoba akuwona umsebenzi wokusinisa amahleza. 69 Ongoti kungaba yibona abesifazane uqobo noma kube ngabesilisa abanekhono lalo msebenzi. Ngenxa yokubaluleka kwalo msebenzi amanye amadoda athengisa ngazo izidwaba ukuze athole izinkomo. ULamula, (1963:175) uyakuveza lokhu: Kothi sesalunga, sisikwe ngokukwazi ukwenza izidwaba. Lokho kuvame ukwenziwa yibo abesifazane ngoqobo; kodwa-ke namadoda ayakwenza nje athandayo ngoba omunye njalo, abethola izinkomo ngokwenza zona izidwaba athengise ngazo. 2.7.6 Ukulobola Ukwakha umuzi kuyisifiso sawo wonke umuntu wesilisa kwelikaMthaniya. Yize kunjalo, lesi sifiso asilula, siwumqansa ngoba noma usulutholile ubambo lolo, kusafuneka uyocela ubuhlobo kubo. Ubuhlobo-ke abucelwa uhamba uvathazela ngendlela kepha kusebenza zona izinkomo. UNxumalo, (1951:46) uyakuveza lokhu lapho uveza umfo kaKhoza eseyolobola intombi yaseMakhuzeni kanje: Ekuseni kusempondo-zamnenke baphuma abakhongi bafike bema esangweni bamemeza ukuthi bathunyiwe nguKhoza, bazokokha umlilo. Basho futhi ukuthi bamemeza ngesithole esimaqandakawayiba. Baphuma abantu beyozwisisa ukuthi lona omemezayo esangweni uthini. Nempela kuthe ukuba bezwe kahle, bakhonjwa endlini. Kwakhulunywa-ke kwaze kwagcina ngelokuthi kuhle babuye abakhongi ngoLwesihlanu kwelizayo sebephethe izimfanelo. Naye-ke uSifo waphindela ekhaya esese, wafike wakhininda indaba enhle kwaKhoza. 70 ULamula, (1963:81) uhaya imvunge efanayo: Kulisiko lesizwe ukulobola. Bheka kukho ukukhehla kwezintombi ngesimemezelo seNkosi. KwaZulu, ukulobola kwakwehlukene nalokhu okubuye kwafika nabaseSilungwini, lapho kubizwa khona “ingquthu.” Futhi-ke manje sekwanqunywa ubuningi bezinkomo okufanele balotsholelwe ngazo oyise bezintombi. Ngithi kuyinto enhle ukuba unina wentombi anikwe ingquthu, ngoba kukhombisa ukubonga ngokondla kwakhe umntanakhe. UKrige, (1950:121) naye uyameseka okaZwide: There was, before the codification of the Zulu law, no fixed amount of lobola, and when the husbands people had no cattle they might even produce two or three stones, and their suit could not be refused on this account. It was however, consired an honour to lobola with many cattle, and therefore every man did all in his power to give as many cattle as he could. Inhloso enkulu yokuganwa nokugana ukuthi owesifazane nowesilisa basuke befuna ukuthatha igxathu lokugcina ezimpilweni zabo lelo lobudala. UMsimang, (1975:249) ubeka kanje ngalokho: Ukugana nokuganwa kungukuphelela kwalawo mabanga okukhula. Ongaganiwe kakapheleli ebuntwini, ngesiko owesilisa waziwa ngokuthi ungumfana kungakhathaleki noma useneminyaka emingaki yobudala, futhi ngeke ahlale ebandla aphendulane namadoda ngisho angaze abe impunga ekhanda. UZama, (1967:90) uyakuveza ukubaluleka kwezinkomo lapho eveza uDlovunga eseshukwashukwa umcabango wokuthi kufanele aganwe njengoba 71 engase athole indawo yokufihla ikhanda esizweni samaMpumuza emva kokulimala empini kanje: Ngobusuku belanga esasiye ngalo kwaMshengu, ubuthongo bephuza ukungifikela ngenxa yokuqwashiswa umcabango owawuqale ukungihlupha sisesendleleni sesibuya kwaMshengu, kwazise ukuthi nganele ngazifunyanisa ukuthi ngiyamukelwa ukuba ngikhonze esizweni sikaMachibisa Zondi, ngafisa kakhulu ukuthi nami ngize ngigcine ngokuba ngibe nomdlandla phakathi kwamaMpumuza, ngokuba ngigcine senginomuzi, kodwa leso sifiso sami sasigutshazwa umbuzo owawungibuza ngokuthi: “Umuzi ungawakha kanjani ungenazo izinkomo ongayilobola ngazo intombi ongayikha?” Indaba yokuzeswela kwami izinkomo yaba inkinga. Ngacabanga izindlela eziningi engangingagcina ngiyizuze ngazo imfuyo enoboya, kodwa zonke ngazifunyanisa zizokwephuza ukungisondezela inhloso yami. Ekugcineni sekuze kwaba ngesikabhadakazi, kwathi shazi umqondo owangikhumbuza ukuthi ngangike ngacabanga ukuncibilikisa insimbi engangiyibone isematsheni emhumeni kodwa ngathiywa ukwesaba ukuthi ngangiyobe ngiziqhatha nabantu besizwe engangingakabinayo imvume yokubakhona ezweni labo. Kuyacaca ukuthi ngaphandle kwezinkomo ngabe ukuganiselana kuyinkinga ngoba izinkomo yiwona mgogodla womcebo wesintu. Kufanele kukhumbuleke ukuthi intombi ayiqedwa ngoba lokho kuvulelwa abasekhweni intuba yokuzozikhalela uma besenkingeni kwazise phela ukuthi umkhwenyana isigodo sokuqhuzula. 72 2.7.7 Ukuzibophela Ukudla kuyihawu lokuxosha umashayandawonye futhi ngaphandle kokudla ngabe imisebenzi eminingi ayiqhubeki ngenxa yokufadabala kwamandla. Abantu basebenza nje kungenxa yokuthi bafuna ukuthola amasentshana okuthiba yona inkemane. Isizwe sikaMageba siyisizwe esikhuthele nesithanda ukulima. UNene, (2006) uphawula kanje ngokulima: Umuntu onguMzulu wempela akabuzwa ngasekulimeni. Ukulima odedangendlale bamasimu kuyinsakavukela kuyena. Uma iqala imbozisa igeja libuzwa kuyena noma lithwasa ngokunjalo. Ukulima odedangendlale bamasimu kudinga amandla nesikhathi esiningana. Yingakho okhokho babona isidingo sokuthi basebenzise izinkabi uma kwenziwa lo msebenzi. Izinkomo ziyigugu elingechazeke kumuntu ongumZulu futhi engayifela nokuyifela. Angiphathi uma olusile eyibhaxabula phambi komniniyo kuthi akamudle amfele. Ukulima kwakungacatshangwa. Lo mkhuba wafika nondlebezikhanyilanga. Lokhu kufakazelwa uLamula, (1967:176): Ukulima ngezinkabi, sake sade silinyelwa yibo. Kulukhuni kobaba ukuba izinkomo, izinkomo ukudla kwabo, ziboshelwe kulinywe ngazo: kube sengathi ingebe isadliwa nakudliwa inkomo eboshelwayo, sengathi sekungumuntu! Konke-ke, nemimese, nezimfologo, nezipunu, nezindishi, namabhulukwe, sakwejwayela kakhulu, sikubuka kulabo: kakhulu-ke ngoba bafika nezintombi nezinsizwa, kwabuye kwendiselwana. Safunda nokugadlela ukushaya indlamu, nemikhuba yokubonga kwabo izintombi. 73 ngazo Kuyadabukisa ukuthola ukuthi izinto eziningi ezisetshenziswa uma kuboshelwa ziqhamuka khona enkomeni. Izitilobho, izinswebhu namatilensi zakhiwa ngaso isikhumba senkomo. UDonda, (1997:3) uyaweseka lo mbono: Inkomo ithandelwa imisebenzi eyahlukene. Ukulima okwenziwa izinkabi. Kusuke kudabukise okwezinkabi ngoba izitilobho zokubophela izinkabi zenziwa ngesikhumba senkomo. Iziswebhu okushaywa ngazo izinkabi zenziwa ngesikhumba sayo futhi inkomo. Kusetshenziswa ingxenye yenkomo ukucindezela kuhlushwe inkomo. Azazi izinkabi ukuthi zimidwayidwa nje futhi zifuthelwa yimivimbo nje sixetshulwa ngenkomo. 2.7.8 Ukuxoshisa Inkomo isipho esikhulu esizedlula zonke lapha kwelikaMthaniya. Uma umnumzane ehlabele enye yezingane zakhe inkomo ukwenza umsebenzi othile abantu abawuvali umlomo. Uyaye ubezwe bekhulumela phezulu bethi; “uSibanibani phela ubewise inkomo.” Angisayiphathi eyezinyanga, zijabula zize ziswele imisila uma sezithole ugxa lwazo oluyinkomo. UMasondo, (1940:24) uyakufakazela lokhu lapho eveza inkomo ewa emuva kokukhula komfana kanje: Ngalolo lusuku umfana usuke esebhince njengoba bonke ungasekho umahluko, nalapha sekuhlatshwa le nkomo, ubuye elashwe ngeminye imithi futhi kugcizelelwa kuleyo yokuqala. Inyama yenkomo ikhishwa izitho kodwa enye isiwe eNdlunkulu, iyobekwa emsamo njenganxa kusuke kuthethwa amadlozi. 74 UMasondo, (1940:26) uphinde akuveze lapho sekukhule intombazane kanje: Njengoba intombazane kayiwadli amasi, kuthi-ke ngalusuku lumbe uyise ayihlabise imbuzi yokuwadla amasi, kanye nenkabi yokuba ithombile. Lapho utshwala sebulungile. Phela utshwala babungasileli ndawo emadilini emvelo. Uma umuntu enze umsebenzi ongaphezu kwamandla, iNkosi yathokoza nakhona iyomxoshisa. Lokhu kufakazelwa uBhengu, (1965:19) lapho eveza khona iNkosi ixoshisa umfo kaNosizila uNyambose emuva kokulwa nenkunzi eyedwa ngenkathi bekleziswa kanje: Bonke abantu ababekhona komkhulu abawuhlanganisanga umlomo bebabaza isibindi sami sokusukela isilwane esigadalala kalula nje. Izinduna zakunokondisa lokho. Kwaba sengathi kwakukhona eyayizongixoshisa khona iNkosi ngesibindi sami sobuqhawe engangisibonakalisile. Ngaba yindaba egudwini. INkosi yangibuza ukuthi ngingubani, ngizalwa ubani. Ngayitshela ukuthi nginguShiyabantu; ngizalwa uNosizila kaMbobozehluzo wakwaNyambose. INkosi yayimazi ubaba ngoba kwakunguntanga. Yathi: “Wena ungokaNosizila ngokusizila, Amadoda nabafazi; Abasingise enhla nasenzansi. Usanda sithebeni njengensonyama! Ingani abanye bayaqhaqhelwa. Ngiyabona mfana nawe uzofuza bona oyihlo.” Amazwi eNkosi angithokozisa, angigunyaza ukuba ngenze izimanga zobuqhawe ukuze iNkosi ingenze ngibe yinto ethile. Kwachacha ukuthi isenzo sami sangiveza eNgonyameni. Ngabanethemba elikhulu 75 lokuthi kukhona okuhle engangisazokuthola eNkosini yami. UBhengu, (1965:164) uphinde akuveze lokhu lapho iNkosi yasebuThonga uSihawuhawu exoshisa umshana wayo uZinitha kanje: Kwathi lapho iNkosazana isifuna ukubuyela kwelasebuThonga, wanqaba uSihawuhawu, wathi: “Ngeke kwalunga mshana wami ukuba uye kobamba izintambo zombuso ungachanguzile. Ngakho-ke ngizonichanguzisa ninoNyambose. Alikho ilobolo engizolibiza kuNyambose ngoba usekusebenzele kakhulu, waze wabuyisa nombuso wakho. Nami ngiyambonga uNyambose emsebenzini asewenzile phakathi kwesizwe samaThonga. Ngakho-ke mshana wami ngizokuxoshisa ngesinyikanyika somhlambi wezekhethelo inyonikayiphumuli, uyofika wakhe ngazo umuzi wakho. Lezi zinkomo ngikuxoshisa ngazo nje, ngoba ifa lakho ladliwa nguyihlo omncane. Wena umntakadadewethu uMevase; lokhu engikwenzayo angichithi, kodwa ngakha umuzi womntanami. Ibhojongwana elinguyihlo omncane lakuqhwaga ifa lakho mshana wami.” Kusobala ukuthi ukuba izinkomo azibonwa ngabe leli siko lokuxoshisa ngabe selithanda ukufekela, ngakho kufanele sizethulele isigqoko izinkomo ngokwenza leli siko libelula futhi lingafadabali. 2.7.9 Ukusisela Isizwe sakithi samaZulu sidume ngokuba yisizwe esinobubele nezandla ezihlale zivulekile. Umuntu ongumZulu akaze wasina ngethambo lomunye uma embona eswele, ehlwempu kepha uyaye afune izindlela zokumsiza. Uma kuwukuthi lowo oswele udlala umashayandawonye ngoba engenamfuyo, omunye womphakathi ube esemsisela. 76 Lokhu kufakazelwa uMasondo, (1940:84): Abansundu babefihlana ngaleli siko ubuphofu bomunye bungabonakali. Kwabe kufana nokucela umfana ayokwelusa izinkomo komunye umuzi, abese enikwa isisinga okungukuthi imbuzi, noma inkomo ibisiyanda le mpahla, naye abeseba nezinkomo noma izimbuzi. Uma usisela umuntu awumniki inkomo eyodwa phaqa kepha umnika ezimbalwana ngoba inhloso yaleli siko ukuthi athole okuya ethunjini ikakhulukazi amasi. Akulula ukuthola amasi ongondla ngawo umndeni wonke ngenkomo eyodwa. UNxumalo, (2007) uphawula kanje ngalokhu: Amasi ukudla okubalulekile nokuyisisekelo kumuntu ongumZulu. Ngakho-ke uma uhlose ukumsiza umuntu wakini umnika okufanele. Yingakho uma usisela umuntu umnikeza izinkomo ezibonakalayo futhi ezingabaleki. Ngaphandle kokusiza lowo osuke esiselwe naye umsiseli uyasizakala kwesinye isikhathi. Uma isibaya sakhe singenelwa ubhubhane lwesifo, sishaya siqothe umnikazi uyaphepha ngoba uyazi ukuthi lezo azisisile ziphephile ezifweni ngoba zona zikude nekhaya. Uma futhi umnumzane kwenzeka iNkosi imudle isibaya ngecala elithile, imfuyo esisiwe iyasinda akwazi ukuthi abuye aphembe ngayo. Lokhu kufakazelwa uKrige, (1950:186): A well-known custom among the Zulus in the ukusisa in accordance with which a man seldom keeps all his cattle at his own kraal, but invariably places some in care of some kraal owner. Then if disease breaks out among his cattle, all will not be lost and he is “eaten up” (i.e. has his cattle confiscated and 77 is killed, together with all the inmates of the village in his charge, by order of the King), he will at least have benefited some friend. 2.8 Izimo zokukhuluma eziphathelene nenkomo Kudela owaziyo ukuthi ngabe yayiyozala nkomoni olimini lwakithi ukuba inkomo ayizange ibekhona kwelikaMalandela. Isizathu salo mbuzo ukuthi izinkomo azisuki olimini lomuntu ongumZulu uma esejula enonga ulimi lwakithi kwaMthaniya. Kukhona isaga esithi; “Kazi iyozala nkomoni.” Lesi saga savela ngokuthi kuqashelwe inkomo uma ingakazali. Uma ingakazali akekho owaziyo ukuthi iyozala nkomoni, ngisho umnikazi wayo imbala. Ngakho-ke kusuke kubanjwe umoya, kungaziwa mbantshi kujiya. Lesi saga sisetshenziswa uma ungaziwa umphumela wento ethile. ULamula, (1963:113) ubeka kanje ngalesi saga: Kushiwo ngento eyenqenekileyo okungaqondwa nokuthi iyakulunga yini. Ngenxa yokubaluleka kwezinkomo sekwaze kwavela isaga esithi; “Indod‟ ifel‟ ezinkomeni.” Lungakafiki ukhondolo lwemali lapha kwelakithi, izinkomo kwakuyiyona ngcebo enkulu. Umnumzane wayengafuni lutho oluthinta imfuyo yakhe, yingakho enganquma ukuyifela namanje liselikhulu iqhaza layo. Lokhu kufakazelwa uNyembezi, (1954:129): Indod‟ ifel‟ ezinkomeni (A man dies with the cattle). Before the arrival of the Europeans with their money exchange, the wealth of the Zulu was his cattle. With cattle he was able to get himself many wives. A man enjoyed going out to sit by the cattle kraal, to see his cattle out or returning. The cattle were everything. Therefore a man had to go out if 78 anything threatened his cattle and save them. It was a manly act to die in the defence of one‟s cattle. One has to look after one‟s valuable possessions well. Ukufika kwabamhlophe nenkece kwacishe kwayiphazamisa inkomo ukubaluleka kwayo kwezinye izindawo. Ondlebezikhanyilanga lapho bafika bathola amatshe aligugu abiza eshisiwe imali lena. Lokho kwaphoqa amadoda akithi ukuba nawo ahambe ayosebenza emigodini, emba akhiphe leli tshe elinemali. Lesi senzo sazala isaga esithi: “Inkomo imbiw‟ etsheni kobelungu.” Lokhu kuchaza ukuthi umnotho wakobelungu imali ulingana nenkomo. Akukuhle neze ukuthembela entweni yomuntu. Kuhle ukuba ube neyakho ngoba uma eseyifuna umniniyo wena uyosala usungumtshingo ubethwa ngubani. Isaga esithi: “Enethunga kayidingi noma enethunga kayisengelwa phansi” savela ngokubona lesi simo. ULamula, (1963:111) uyakweseka lokhu: Enethunga kayidingi. Kusho inkomo. Kuthi uma umuntu esengela ethungeni lokwetshelekwa, kothi mhla umninilo ezokusenga eyakhe, akwephuce, mhlawumbe athi makusenge yena kuqala ngoba ngelakhe. Kuyisiluleko sokuthi musa ukuzejwayeza ukuphila ngezinto zabanye. Yiba nezakho. Lokhu kuphindwe kwasekelwa uNyembezi, (1954:198): “Enethung‟ ayisengelwa phansi.” The one (cow) with a pail is not milked onto the ground. This means that one is not prepared to suffer when he has own things, just as a cow with a milk pail should not be milked onto the ground. Esinye sezimo zokukhuluma esiphathelene nenkomo yileso esithi: “Inkunzi isematholeni.” Lesi simo sokukhuluma sichaza ukuthi abaholi bangomuso 79 baziveza besebancane ngoba nenkunzi ayizalwa isikhulile isiyinkunzi kepha iqala isencane ibe ithole igcine isikhulile isiyinkunzi. Isizwe samaZulu isizwe esiqikelelayo ukuziphatha ngendlela efaneleyo kodwa noma kunjalo ezinyantisayo. bakhona osikhwiliphambananobhoko abenza izenzo Isaga esithi: “Useng‟ inkomo nenkonyane” sichaza abantu abanjalo. Isibonelo salokho yilapho umuntu ethandana nonina nendodakazi. Lokhu kufakazelwa uNyembezi, (1954:55): This is used of a thoroughly bad and unscrupulous person, who has no respect for decency, like a person who will have intimate relations with a woman and her daughter. Kukhona abantu abanesiphiwo esibi sokuhubhuza amanga noma kungenasidingo. IsiZulu siyababhekela nabantu abanalesi sifo ngokusebenzisa yona inkomo esageni esithi: “Usenga ezimithiyo.” UMthethwa, (2006) uphawula kanje ngalesi saga: Kuyaziwa ukuthi uma kusengwa kusengwa inkomo encelisayo ngoba emithi ubisi alubonwa noma uma uphoqa kuphuma amanzana angelona ubisi. Ngakho uma usenga inkomo emithiyo usuke uzikhohlisa wena qobo ngoba aluphumi ubisi. Kukhona abantu asebaphila ngawo, umuntu agcine esehilwe yiwo amazwi akhe esekhohliwe yena. Isaga esithi: “Inkomo ixakelwe yinkonyane.” Sithola indawo yaso esimweni esinjena. UNyembezi, (1954:106) usichaze kanje lesi saga: It is not usual that animals find labour difficult. But it happens and when it does happen, it becomes very difficult to say whether the animal will live or die. It is this 80 element of uncertainity which is stressed by the proverb. One may find that in an affair under discussion, there may be so much contradiction as to make the whole issue uncertain. This saying is also used of an untruthful person caught by his own words. Uma abantu bengcebelekile, bebusa, kumnandi kusetshenziswa isaga esithi: “Kukwankom‟ isengw‟ ilele.” Emlandweni wakithi kwaZulu akukaze kwenzeke ukuthi inkomo isengwe ilele. Noma ngabe umsengi unekhono elingakanani, angeke waphumelela ukuyisenga ilele. Empeleni uma engase enze lo mkhuba, kungabonakala sengathi azehlanga zonke emthini. UNyembezi, (1954:155) uyakweseka lokhu: A cow is never milked lying down. Only a stupid person would ever dream of doing such a thing. The saying may also be used, however, to describe a general state of contentment, where people do thing leisurely. Ulimi lwakithi lunemfundiso nezexwayiso. Kubalulekile ukuthi umuntu ngaphambi kokuba enze into ayicubungulisise, athole ulwazi olunzulu ngayo ukuze agweme ukuhlangabezana nobungozi. Isaga esithi: “Inkomo isengwa ngoyaziyo,” sisichaza kukhanye bha lesi simo. UMakhaye, (2007) ubeka kanje ngalesi saga: Ngaphambi kokuba umuntu asenge inkomo uyaye ayifundisise imikhuba yayo aze ayejwayele umsengi. Wena oqalayo ungathwala kanzima uma uyiqala. Uma umuntu efuna into kumuntu, indlela ayicela ngayo ibalulekile. Uma ocelayo eyidliwa, ecela ngesankahlu noma ubuzomnika, ugqozi luyaphela, ungabe usaphumelela ukumnika. 81 Noma uma ube nozwelo ungamniki ngendlela obufisa ngayo. Isaga esithi: “Iyagodla nxa igqulwa yehlisa nxa inxenxwa,” sikubeka kucace isidingo senhlonipho nesineke uma wenza into. Umsengi ophusile uthi uma esenga, ayibongele inkomazi yakubo, kwenye inkathi anandise nangekhwela. Lapho usuke eseyithinte emanonini inkomazi kuthi cosololo kuyo bese iyehlisa kugcwale amathunga ngamathunga. Esinye isimo sokukhuluma esiphathelene nenkomo yilesi esithi: “Indlezan‟ ayisengelwa thungeni” noma “Indlezan‟ isengelwa phansi.” Lesi saga sisuselwa ekutheni uma inkomo isanda kuzala kuphuma ubisi olungeluhle ezinsukwini zokuqala. Ngakho-ke ngoba lolo bisi alunamsebenzi, lusengelwa phansi. Kuthatha izinsukwana ukuthi kuphume ubisi oluyilo bese kusetshenziswa ithunga ukubone ukukhiqiza kwayo. Lesi saga sichaza ukuthi kulukhuni ukulinganisa izinga lamangwevu omuntu uma esanda kuqala umsebenzi. UMthiyane noKheswa, (1992:80) basichaza kanje lesi saga: Kusuke kushweleza umuntu ongakabi lutho, kakunakwa okwakhe akushoyo. Impatho yabantu ayifani. Kukhona ophathwa kahle, kukhona ophathwa kabi. Kumuntu ophethwe kahle kufanele naye abonelele ngokuphatha kahle abanye. Kuyaye kuthiwe : “Inkomo ayisengwa ngokwehlisa kushiyelwa inkonyane” UMthiyane noKheswa, (1992:80) bashaya icilongo elifanayo: Kushiwo kumuntu ophethwe kahle. Ubobuye ubonelele phela. Ukuziphatha kwabantu kuncike kakhulu ekuziphatheni kwabazali. Abantwana babukela kubo ukuthi baziphatha kanjani. Isaga esithi: “Inkonyane ifuze unina” noma kuthiwe “Umbala uchacha enkonyaneni.” 82 Kubalulekile ukwenza into kunesikhathi ukuze ungaxhamazeli. Nakulesi simo inkomo iyasetshenziswa lapho kuthiwa: “Inkonyane ikhethwa kusakhanya.” Lokhu kushiwo ngoba uma sekunqundeke amehlo kubalukhuni ukubona nokuhlukanisa inkonyane kunina uma incela. Lokhu kufakazelwa uNyembezi noNxumalo, (1966:166) basichaza kanje lesi simo sokukhuluma: Yenza izinto ngesikhathi esifanele. ULamula, (1963:112) yena usichaza kanje lesi simo sokukhuluma: Inkonyane ikhethwa kusakhanya. Kuthi umuntu kaboqaphela masinyane, ayibalekele indlela engamfaka engozini. Kulinganiswa ngenkonyane, ngoba uma abafana bengawakhethi kusakhanya, kuvama ukuba amanye angabe esabonakala, ngakho-ke angase alale konina. Okunye kungathi bayawakhetha, kanti sekuthule umthakathi eziqundwini, bengasamboni. Okujwayelekile ukuthi umuntu uma eqala ukwenza into aphatheke kahle. Kungenzeka kubekhona lokho kungaphatheki kahle aze aye ngokujwayela. Nakulesi simo inkomo iyasetshenziswa lapho kuthiwa: “Inkonyane ithuka isisinga.” Njengayo inkonyane uma iqala ukuboshwa ngesisinga, iqale idlubulundele ifuna ukuziqaqa ize ibone ukuthi lesi senzo asiyiyisi ndawo, kungcono ithambele umthetho. Kafushane lesi saga sichaza ukuthi uzobuya ajwayele. IsiZulu sithi: “Intandane enhle umakhothwa ngunina.” Sikhona nesaga esisho lokhu esiphathelene nenkomo. Lesi saga sithi: “Amankonyane alandela onina.” 83 UMthiyane noKheswa, (1992:78) basichaza kanje lesi simo sokukhuluma: Kungcono umntwana oyintandane nonina kunokuba asale noyise. asale Abantwana abazalwa nguye uqobo umuntu abaconsi phansi kunalabo angabazali. Isimo sokukhuluma esithi: “Inkonyane yenye iyayiqhubukusha, eyayo iyayikhotha.” Izinkomo nazo zinakho ukucwasana. Kukhona okuthi uma zihlangana zijabulelana ngokuthi zikhothane kanti futhi kukhona okuthi uma zihlangana kube yimpi, zikhahlelana. Yileyo naleyo yenze okwenziwa omunye. Ngenxa yalesi simo kwaze kwavela isaga esithi: “Ikhoth‟ eyikhothayo, ikhab‟ eyikhabayo.” ULamula, (1963:99) usichaza kanje lesi saga: Kuthi yilowo muntu uthanda lowo naye amthandayo. Kulinganiswa ngenkomo ngoba ikhotha eyithandayo. Usuke ukhombisa ubuntu uma umbonelela omunye uma esebunzimeni, ungasini ngethambo lakhe. Isimo sokukhuluma esithi: “Inkonyane iyashiyelwa” sichaza khona lokho. Umsengi uma esenga akafaki amazipho ayigude inkomazi isale ibakaza inkonyane. Lokho akuthandeki, kufanele nayo ayicabangele. OPhezukonke wadala abantu bobulili obungefani kodwa wabenza ukuthi ekugcineni bahlale ndawonye ukuthiba isizungu. Uma omunye ehlezi yedwa engekho omunye kubamuncu ngenxa yokudlala umzwangedwa. isaga esithi: “Isizungu sabulal‟ inkonyana njengakwaMasuku siyasetshenziswa.” Imvelaphi yalesi saga ithanda ukuba nendida. 84 Nakhona UNyembezi, (1954:200) ushaya icilongo elifanayo: Isizungu sabulal‟ inkonyana njengakwaMasuku (Loneliness killed a calf as at Masuku‟s). It is not easy to trace the origin of this expression. It may be that the people of a certain Masuku household would go away leaving the home deserted during the day. Then one day, they returned to find that a calf lost its mother through death, and then later the calf itself died. The death of the calf would then be ascribed to loneliness. Whatever the origin may be, the saying is used by a person who feels the want of a companion, man or woman. Umuntu ongazinzi ndawonye akathandeki futhi usuke ekhombise ukuthi uyisehluleki. Umuntu onjalo kuthiwa: “Umanxiwa kamili mbuya.” Isaga esithi: “Inkomo yokuthutha kayinamquba” ngoba phela umquba utholakalala ngokuthi inkomo izikhulule ndawonye. Uma ilokhu ithutha, igcogcoma umquba awubonwa. UNyembezi noNxumalo, (1966:171) basichaza kanje lesi saga: Umuntu ohlala ngokuthutha njalo akavami ukuphumelela. NgesiZulu uma sifunga sigomela ukuthi into ngeke yenzeke sithi: “Inkom‟ ingazal‟ umuntu.” Selokhu kwathi nhlo akukaze kwenzeke ukuthi inkomo izale umuntu. Lesi saga sichaza nje ukuthi leyo nto ngeke yenzeke noma usuthanda kangakanani. Into emnandi iba mnandi ngokuphindwa. Isaga esithi: “Inkomo ayimithi ingaphindwanga” siyibeka icace le nkulumo. Lesi saga sisuselwa ekutheni inkomazi ayibambi ngokokuqala, kudingeka ize ikhobe. Lesi saga sichaza ukuthi into emnandi noma enhle iyaphindwa. 85 Kukhona abantu okuthi uma bekhuluma baziveze sengathi banemisebenzi emikhulu nebonakalayo esebeyenzile. Nakulesi simo esinjalo inkomo inesaga sayo esiphathelene naleso senzo esithi: “Inkomo enomlomo kayinamasi.” UNyembezi noNxumalo, (1966:161) basichaza kanje: Umuntu okhulumela futhi kavamile ukuba nemisebenzi ebonakalayo. Akuyi ngomlomo. Inkomo, ingeyena umuntu ayinawo amandla okuthenga iduku ukuze izesule ngalo amafinyila kepha isebenzisa ulimi ukuzesula. Yingakho kwaze kwavela isaga esithi: “Ufinya ngolimi njengenkomo” okuchaza ukuthi uyahlupheka, udlala indlala nokuhlupheka. UNyembezi, (1954:115) usichaza kanje lesi saga: Ufinya ngolimi njengenkomo (He cleans his nostrils with the tongue like a beast). When a beast wants to clean its nostrils, it uses its tongue. A person referred to in this manner is one who is in great want, who lacks even a rag to clean his nose with. Not only that, but the poverty seems to affect his mind as well, so that he sees nothing wrong in eating his own mucus. Kuhle ukuthi umntwana akhuliswe ngendlela kuthi uma ephaphalaza ephuma kwinqubo ayiyo, aqoqwe ngendlela yakhona ngoba nesiZulu siyasho ukuthi ugotshwa usemanzi. Uma umntwana eyekelelwa ukhula nalo ukhula. Yingakho kwaze kwavela isaga esithi: “Inkomo ikhula namafutha ayo” noma “Ithole likhula namafuth‟ alo.” Lokhu kuchaza ukuthi lokho ekade eyikhona umuntu ebunganeni bakhe ubayikhona uma esemdala. Inkonyane uma ikhuluphele isencane akwenzeki ukuthi uma isindala izace. kubalulekile ukuthi ingane ifundiswe inqubo okuyiyo isencane. 86 Yingakho UNyembezi noNxumalo, (1966:174) basichaza kanje lesi saga: Lokho umuntu ayikho ebuntwaneni uvama ukuba yikho nalapho esekhulile. Ukungaboni ngaso linye kuyimpilo esintwini. Kuyenzeka abantu baphikisane ngento isobala, kuthi uma omunye eseboniswa ukuthi umbono wakhe ubuphaphalaza, azivume izinduku. Yingakho kwaze kwavela isaga esithi: “Inkomo icolile inone.” UNyembezi noNxumalo, (1966:158) basichaza kanje: Bengithi-ke wathini wena? Kwenzeke kahle kwahamba ngale ndlela. Noma udaba lungajula kangakanani, kuyaye kufike lapho kufanele kuthathwe khona isinqumo. Nalapho inkomo ibamba elibonakalayo iqhaza ngesaga esithi: “Kwehlukana inhloko nesixhanti.” Inhloko nesixhanti kuyizitho ezimbili ezahlukene kodwa umuntu ongakaze ahlinze akhiphe izitho angeke akwazi ukuzihlukanisa zihlale obala. Lesi saga sichaza ukuthathwa kwesinqumo endabeni ebibhekwe ngabomvu. Isizwe esingawagcini amasiko aso asivamisile ukuthuthuka. Isiko liyisisekelo sesizwe. Isaga esithi: “Inhloko idliwa ebandla,” sihlaba esikhonkosini. Lokhu kususelwa ekutheni inhloko ukudla kwebandla ngakho ongase anikeze abanye kungelona ibandla ngabe uphambana nesiko futhi ungayikhotha imbenge yomile ebandleni. Kafushane lesi saga siqonde ukuthi akugcinwe amasiko. Noma into ungayifihla kanjani, iqiniso ligcina livelile. Ngakho-ke kuhle ukuthi uma wenza into uyenzele obala ukuze ungatholi kugxekwa ngelinye ilanga. Isaga esithi: “Inhloko idlelwa obala” sifakazela khona lokho. Uma ibandla lidla inhloko, liyidla kubone lonke ilizwe, aliyidleli esithe. 87 UNyembezi noNxumalo, (1966:177) basichaza kanje lesi saga: Izinto ubozenza obala, hhayi ngasese. Izinkomo zithi uma zizwa iphunga lomswani lapho kade kuhlinzelwa khona, ziye zivukwe uhlevane, zibhonge, ziqhwishe kube njeya. Zisuke zikhombisa ukukhala ngokubulawa kwenye. Kepha noma zingenzani angeke zikwazi ukuyivusa leyo nkomo. Isisho esithi: “Ukubhodlela / ukubhonga emswaneni” sasukela lapho. Nakubantu kukhona ukuthi umuntu akhalele angeke esakwazi ukukulungisa. ULamula, (1963:108) usichaza kanje: Ukubhodla emswanini. Yizwi elithi noma uthukuthele kakusasizi lutho ngoba kawusenakwenza lutho kulokho ebe kusweleke ukwenze. Kulinganiswa ngenkomo, ngoba zibhodla lapho kade kuhlinzelwa khona enye, kodwa kazisenakuyivusa. Umuntu odume ngezenzo ezimbi uyaziwa agcine esexwaywa umuntu wonke. Isaga esithi: “Sekuyinkomo yombala” siyasetshenziswa kumuntu onjalo. Umnumzane nomnumzane uyazi yonke ngemibala yayo imfuyo yakhe nayeke uma enezenzo ezimbi, uzifaka umbala omubi kubantu ngalokho. IsiZulu sithi “Ithemba kalibulali.” Kuye kwenzeke ukuthi nithembele entweni ethile kanti senibambe amaqubu entenesha leyo nto, ayisezukuphumelela, sekonakele. Isaga esithi: “Yawuchitha umuthi inkonyane” siyasetshenziswa uma sekunjalo. UMakhathini, (2007) uyichaza kanje imvelaphi yalesi saga: Amankonyane kuyenzeka alaliswe exhibeni ngenxa yezimo ezithile ikakhulukazi uma ephethwe umkhuhlane. Kuba yinzukazikeyi uma sekufanele iphuziswe imishanguzo. 88 Kuleso sidididi kuyenzeka ukuthi muthi ndini uchitheke. Uma usuchithekile kuphela nasozwaneni ngoba kusuke kuthenjelwe kuwo. Esinye isaga esiphathelene nenkomo yileso esithi: “Inkomo ehambayo kayiqedi tshani.” Lesi saga sichaza ukuthi ubopha isihambi, angeke walahlekelwa yilutho. UNyembezi, (1954:51) uyasekela lesi saga: Inkom‟ ehambayo kayiqedi tshani (A beast that is passing finishes no grass). Cattle may be driven from place to place. Whilst being driven, they may pick up some grass as they go. But because they do not stop for a long time as they are driven, the amount of grass which they consume is negligible. The same is true of strangers. A stranger is not likely to ruin anybody who treats him well. He is there only for a short while. The proverb commends the kind treatment of strangers. Strangers should be treated with kindness and consideration, for one never knows where one will land one day. Kuyenzeka umuntu enze into ezomfaka kwenkulu inkinga lena. Isaga esithi: “Ngadl‟ ulovu ngadl‟ inkomo yasodwini.” Kuye kushiwo kwenye inkathi uma abantu beganene omunye wabo ehlupha. Leso simo sokuhlupha size simbangele isigcwagcwa nokungemukeleki. Kuyagwenywa lokhu empilweni. Uma umuntu ephucwe ekade enakho ngezizathu ezithile bese kuvela isimo esithile esidinga athathe izinyathelo kuvela isaga esithi: “ Inkunz‟ inqunyw‟ amanqindi.” Isikhali senkunzi izimpondo uma zinqunyiwe inkunzi isuke ingasenawo amandla isinqindiwe. 89 Inkunzi enhle ngenezimpondo ukuze ikwazi ukuzivikela, ivikela nomhlambi wayo. Nomuntu muhle ephethe izikhali zakhe ziqine uma enza umsebenzi wakhe. Ingozi iyenzeka noma kubani engahlosile. Kuyenzeka umuntu alimaze into yakho engaqondile, kwenye inkathi egajwe yintukuthelo. “Umuntu ohlab‟ eyakhe kalelwa” sivela kanjalo. Isaga esithi: Uma umnumzane esekhombile esibayeni, akekho ongaphikisa isinqumo asesithathile athi akuhlatshwe enye ngoba usuke enesizathu salokho. Kodwa noma kunjalo uyasidinga iseluleko ukuze kusasa angakhali athi nimyekelele waze wakhalakathela eweni engazelele. Kungakho kufanele aqale abike yize azi ukuthi unamandla onke hleze kuvele omunye umbono omuhle nowakhayo. Umuntu ocophelelayo nowenza umsebenzi wakhe ngendlela uyathandeka. Kukhona osikhwiliphambana umsebenzi wabo ngendlela. nobhoko abangamadlabha, abangawenzi Kubangconywana kulowo osuke esathuka isisinga engakabi nalo ikhono lokuthi umsebenzi wakhe kufanele awenze kanjani. Uma umuntu ekuleso simo isaga esithi: “Udukuz‟ oswini lwenkomo” siyasetshenziswa. Nakhona lapha kunconywa ukuthi abuze indlela kwabadala, angaphumputhi ngoba azi ukuthi wazi kangcono yena kwazise indlela ibuzwa kwabaphambili. Owenze kanjalo akazisoli ngokuzayo. IsiZulu sithi: “Izinkunzi ezimbili azihlali sibayeni sinye.” Lesi saga sichaza ukuthi abantu abanamandla alinganayo abahlalelani, bajwayele ukuklwebhana. Lokho kususelwa ekutheni yileyo naleyo nkunzi iyathanda ukuba umakhonya esibayeni. Uma kukhona oyibangisayo kuyaliwa, kusiphuke izidindi kuze kubekhona ejokolayo. Emveni kwalokho isingakhululeka ukuthi iphathe. Isaga esithi: “Inkunzi iyazibeka” angeke inkunzi izibeke uma ingenazo izikhwepha. Yisifundo esikhulu lesi nasempilweni yesiNtu ukufunda ukuhlalisana nokwamukelana ngezigaba zenu zempilo. Ukucwasana kuyinto endala futhi engenziwa abantu kuphela ngoba nezilwane nazo ziyawenza lowo mkhuba. Uma kufika inkomo entsha emhlambini, lena yokufika iphathwa kabuhlungwana ngoba zithi ziyayifikisa. 90 Lo mkhuba ziwenza ize yejwayele. Yingakho kwaze kwavela isaga esithi: “Eyokufika ziyayibovula.” UNyembezi, (1954:204) uyakufakazela lokhu: Eyokufika ziyayibovula (A strange one [beast] they [cattle] gore). When a strange beast is brought into a herd, it has to pass through a phase of initiation, when the others constantly trouble it. It has to fight quite often until the others get used to it, and until its status is properly defined, i.e., when it knows which animals it beats, and which animals beat it. In a community, a new arrival may find that the old inhabitants try to make his stay unpleasant. That will continue until they get used to him. Eqinisweni inkomo yokufika ithelwa ngomquba wasekhaya ukuze ezalapha ekhaya zithi uma ziyinuka, zizwe iphunga lazo ebese ziyamukela. Nomuntu ngokunjalo wemukelwa ngendlela nangobuntu uma efika ekhaya noma endaweni. Akusibo ubuntu ukuqhubukusha omunye umuntu ofana nawe. Imfuyo enomalusi ikhula kahle ngoba eyinakekela. Uma imfuyo engalusiwe iba uvanzi, idle amasimu, ingadliwa zilwane ayilawuleki. Nabantu uma bengenaye umphathi, baziphatha kabi, bengalawuleki babe imidlwembe. Isisho esithi: “Ukuba ngumhlambi kazalusile” sivela kanjalo. Sichaza lesi simo, ngamanye amazwi leyo mfuyo izeluse yona, ayinambheki, yenza ekuthandayo. UNyembezi noNxumalo, (1966:174) bayakweseka lokhu: Ngumhlambi kazalusile. Ngabantwana abangenandlela, abazichachazela nje, abangenambheki. 91 Lapha ezweni kukhona abantu abaphilela ukudla hhayi abadlela ukuphila. Leyo nhlobo yabantu ayiphuthwa mcimbi. Kulolu hlobo lwabantu olunje kusetshenziswa isaga esithi: “Inkom‟ enhl‟ ilal‟ ehlangeni.” Lokhu kuchaza ukuthi inkomo ilala endle ebusuku iyakhuluphala ngoba yona idla ubusuku bonke ngenkathi lezi ezinye zivalelwe esibayeni. Kuhle ukwenza into kancane inqobo nje uma isiphetho sayo sizoba sihle. Isaga esithi: “Nezala muv‟ izala ngabele” lokhu kuchaza ukuthi noma izinkomazi ezimbili zimithi, enye izale, lena engazele ayiphatheki kabi ngoba ekugcineni nayo iyozala uma sekufika isikhathi bese lutholakala ubisi. Ngamafuphi yisifundo lesi nakubantu ukuthi zonke izinto zinesikhathi sazo. Akunanhlanhla ukuphanga umdaka izulu linganile. Ukubukelana phansi kungelinye lamasiko athandwa ngabantu nokho elingabusisekile. Kuyenzeka umuntu abukele omunye phansi kanti kwenye inkathi ushaye phansi. Uma umuntu ethuke wehlelwa yilo mshophi, uyaye asebenzise isaga esithi: “Yeka isikhumba senkabi ukudliwa endlwaneni.” Lokhu kususelwa ekutheni umuzi oba nezikhumba umuzi ohlobayo ngakho omacaphunakusale abadla izambane likampondo. Ngakho-ke umuzi ozidlel‟ imbuya ngothi akulindelekile ukuthi ungaba nesikhumba ngoba awuhlabi. UNyembezi noNxumalo, (1966:149) basichaza kanje lesi saga: Kushiwo uma umuntu efumanise into angayilindele emzini owedelelekile. Njengalapho intombi yomnumzane iyogana kwandlwana. Isikhali esikhulu enkunzini esokuzivikela izimpondo zayo. Uma inkunzi isilele phansi ngophondo lolo, kusuke sekuchaze ngokusobala ukuthi ubunkunzi bayo sebuphelile ngoba ayisenawo amandla. Lesi saga esithi: “Inkomo isiwe ngophondo” sichaza ukuphelelwa ngamandla, ungakwazi ukuzisiza. Uma into isiphelile, kulandulwa kusetshenziswa lesi saga. 92 UNyembezi, (1954:96) uyakwesekela lokhu: Inkom‟ iwe ngophondo (The beast has fallen by the horn). Because a beast protects itself with its horns, it is in a helpless position when it falls on them. The saying describes a person in a helpless condition. It may also describe a person whose illness is so serious that he is regarded as past recovery. A variant is, Ilele ngophondo (It [beast] is lying on its horn). Inyathi isilwane esidume ngokuba namandla amakhulu kangangoba ziyabalwa izilwane ezingamelana nayo. kakhulu kunenyathi. Ngakho-ke lezi zilwane zombili kungaba ukudlala ngesikhathi ukuziqhatha. osukelwa ingane. Ithole isilwane esingenamandla, esincane Kwesinye isikhathi kubakhona umuntu omdala Kuleso simo kufanele omdala engayinaki noma isimcefezelela ingane. Isaga esithi: “Akunyathi yaphika nethole” siyasebenza esimweni esinje. Akuthandabuzwa ukuthi imfuyo ngayinye ineqhaza elibalulekile elibambekile empilweni yesizwe sakithi. Noma ibalulekile yonke kepha amazinga okubaluleka ayashiyana. Imfuyo edla umhlanganiso ngokubaluleka, inkomo ngoba iyona engumgogodla womZulu. ngokugingqa inkomo. Ziningi izinto zamasiko ezenziwa Izimvu nezimbuzi ziyawa kalula kepha inkomo ayigingqwa kalula ngenxa yesisindo sayo esizweni. UGcumisa noMthiyane, (1992:49) bayakweseka lokhu: Endulo izwe lisabusa ayikho into eyayibaluleke ukwedlula imfuyo kumuntu wakwaZulu. Imfuyo eningi okungaba nguchibidolo lwezinkomo olubulala inyoka, umhlambi wezimbuzi noma wezimvu. Ngokubaluleka kwayo yayingalingani. Ukushiyana kwayo ngokubaluleka kwakuya ngemisebenzi yayo. Ubumnumzane bebubonakala ngemfuyo kanye nezidingo 93 ezifezwayo ngayo. Yayikhomba ukudla kusale komnumzane kungafani nanamuhla lapho ukuhlonishwa sekuya ngezikhundla, imfundo nemali okucatshangwa ukuthi unayo emabhange. Izinkomo zazibaluleke ukwedlula konke. Amasiko amaningi akithi kwaMthaniya afana nokulobola, ukuxoshisa, ukubonga nokucela izinhlanhla ezinyanyeni neminye imisebenzi eminingi enhlobonhlobo eyenziwa ngenkomo ngabe iyafekela ngaphandle kwayo. Ngabe izidwaba, amahawu namabheshu kwakhiwa ngani ngaphandle kwenkomo? Amasi, inyama ukuzibophela khona bekungaba yisima kanjani? Ngenxa yokubaluleka kwale mfuyo kufanele isizwe silituse iLembe ngokuthi sidle izinkomo zezizwe ezinye ezazingabonwa kwelikaMthaniya. Le mibala enhlobonhlobo yezinkomo esigcwele kwelikaJama kungenxa yemisebenzi yalo iLembe. ULamula, (1963:117) uyakweseka lokhu: Kusobala ukuba uMvelinqangi wawakha umhlaba wawulungisela izinto ezithile nezithile, ezifuywayo nezinjani, ukuba zifuywe ngezindawo ngezindawo. Uma umuntu efika endaweni ethile, ufumana izilwane nemithi, nezinyoni ezehlukeneyo. Namuhla sivama ukubona izilwane, njengezinkomo, amahashi, izimbuzi, izimvu, izinja, amakati nokunye. Lezi zilwane zilethwa ngaBelungu kulelizwe, ngabe kasizazi. Kanjalo-ke uShaka, iNkosi yakwaZulu, yaletha khona izinkomo zezizwe ngezizwe, ezimnyama, ezifuywa ngapha nangapha kulelizwe. Uma ebongwa kuthiwa: “Waye wadla nezikaGubencuge eMampondweni, Waye wadla nezaBamadlodlongwanyana baphotha imiyeko, Wabuya kwabaBomvana.” 94 Yize inkomo ibaluleke kangaka kodwa ithola ukuhlukumezeka ndlelathize. Ukuba iyazi ukuthi inamandla angaka ngabe ike igweve ukwenza okunye. Lokhu kufakazelwa uDonda, (1997:12): Uma inkomo ingase ibe nenhlanhla yokubona futhi iwazi amandla enawo ngeke ivume ukuba iboshelwe ilime amasimu engavunyelwe ukuwavuna, ithuthe izigxobo zokwakha ijele layo, isengwe lonke ubisi engabe luncintwa yinkonyane yayo. Uma ike yagodla ishaywe ishiywe ulimi. Phela basuke begabe ngokuthi nenkomo iyashayelwa ubisi lwayo. Inkomo ingeze yavuma ukuboshwa isondezwe epalini ingone lutho. Ingeze yavuma ukuba igwazwe emhlabankomo ife ingazendlalelanga. Nezinye izinkomo zingalwa kugobe izimpondo kuphume nezinselo uma sezibona enye yazo isidindilizile. Ngabe zilwa ngakhona zibona umfowabo ehlinzwa ngabantu bezijabulele nje sengathi akwenzeke lutho. Futhi inkomo ngeke ivume ukubhaxatshulwa yizingane ezingafiki ngisho emakhaleni ayo. Uma umuntu ethi: “Igama lomuntu libiza inkomo,” usuke ethi impilo yomuntu inokuphelela noma ubugimbilikici okufana nokuphelela kwemisebenzi kanye nempilo yenkomo. Ukuqhutshwa kwayo, ukucindezelwa kwayo, ukubiyelwa kwayo, ukusengwa kuze kugcine ekuhlatshweni kwayo. Ukuba abantu bayawazi amandla abo ngabe bayawalwela amalungelo abo, abenzi njengezinkomo. 2.9 Isiphetho Kulesi sahluko kuvele ngokusobala ukuthi ayikho imfuyo engabambi iqhaza elibonakalayo ezimpilweni zethu noma ngabe incane kangakanani. Kusukela kuyona inkukhu ngenyama yayo emnandi nangokuba iqophasikhathi, umangobe ngokusilwelwa namagundane, inja ngokuzingela nokuba ngugqayinyanga, izimbuzi ngokwenza amasiko anhlobonhlobo nenkomo 95 ngokusipha inyama, ubisi, amahawu, izidwaba nokwenza amasiko anhlobonhlobo njengokulobola, ukusisela namanye. Akwaziwa mbhantshi kujiya ukuthi ngabe ulimi lungumtshingo ubethwa ngubani ukuba yayingekho imfuyo. Ulimi lujulile nje ngokuthakwa kwemfuyo nezimo zokukhuluma. Kuyacaca ukuthi iqhaza elibanjwa imfuyo liyababazeka ngakho ifanele ukunakekelwa ukuze yande, ingashabalali. 96 ISAHLUKO SESITHATHU 3.0 AMAZINGA OKWELUSA 3.1 Isingeniso Ngokwemvelo zonke izinto ezingaphansi komthunzi welanga zihamba ngamazinga athile. Izinga nezinga lihambisana nokuphusa komqondo waleso sidalwa. Uma kwenzekile ngasizathu thizeni leso sidalwa seqa izinga elithile, lokho kuhambe kuhambe kumkhinyabeze umuntu noma leso sidalwa enkambweni noma ezifisweni zakhe. Isizathu salokho ukuthi uMlenzemunye ngenkathi edala isidalwa esingumuntu wahlela ngobuchule ukuthi izinga lokukhula komuntu kuhambisane nokukhula komqondo namandla akhe. USithole, (2007) ubeka kanje ngalokhu: NgesiZulu siyaye sithi umuntu uyagagamela uma enza into engaphezu komqondo wakhe kumbe amandla. Yize kuthiwa “Umthente uhlaba usamila” lokho akumunikezi umntwana igunya lokwenza imisebenzi engaphezu kwamandla noma okwenziwa abadala. Nakhona ekwaluseni umfana akuthi eqala ukwelusa agagamele eluse izinkomo kepha uqala phansi aluse izinkukhu, aye ezimbuzini, anyukele ematholeni aze afike emphelandaba ekwaluseni izinkomo. Kulelo nalelo zinga lokwelusa kukhona akufundayo okumhlomisela ukuthi akwazi ukubhekana nezinselelo zezinga elilandelayo. UHillary, (1989:26) ubeka kanje: Young boys are taught how to herd calves, goats and sheeps while their older brothers work with cattle. 97 3.2 Ukwelusa izinkukhu Umntwana ngaphambi kokuba ahambe ngokugcwele, uqale agaqe ngamadolo, abambelele ngezindonga acathule aze ahambe kahle. Naye-ke umfana uqala khona emagcekeni asekhaya ngokwelusa izinkukhu. Kufanele kukhumbuleke ukuthi naye umfana usuke esabhibhidla amagwebu ngalesi sikhathi ngakho naye kufanele alume umthamo angakwazi ukuwuhlafuna. Ngenkathi elusa izinkukhu, abadala kunaye bayakwazi ukumkhuza uma ephaphalaza engayibheki imfuyo ngendlela. Izalukazi namakhehla yibona abaqapha ngeso lokhozi ukuthi umfana ulandela yona ngempela inqubomgomo yokwelusa kuleli zinga. Kuleli zinga alukho olutheni olwenziwa umfana ngaphandle kokulinda. Uma sekuyisikhathi sokulima, umfana ulinda izinkukhu, izimpangele nezinkawu ukuthi zingaqhwandi imbewu noma zicekele phansi izithombo. Izinkukhu ezigila lo mkhuba, ziyalindwa bese ziphetshezwa ngamagabade uma ziza emasimini noma zivalelwe emahhokweni. Izinkawu zona zijikijelwa ngezagila noma zesatshiswe ngezichuse, kufakwe nonongekleni ukuthi zethuke uma zithi zicathamela amasimu uma abafana bengekho. UBhengu, (2007) uwuchaza kanje unongekleni: Unongekleni intwana ethile esamuntu engakhiwa ngokuphambanisa izinti, noma kwakhiwe ngezidwedwe. Inhloso enkulu ukuthusa izinyoni nezilwane ukuthi zingadli amasimu, zithi uma zikubuka zicabange ukuthi umuntu ngempela. Uma owakhile enekhono nomuntu imbala uyethuka uma sekuhwalele ecabanga ukuthi umuntu ngempela ngoba uma uwubuka kuba sengathi uyakubuka ube ngumuntu woqobo. Izinyoni zona zilindwa ngezindwayimane noma ngezihlilingi. zalubhada emasimini, abafana izindwayimane kumbe izihlilingi. 98 abananazi, bazithela Uma zike phansi ngazo Mertens noSchoeman, (1975:69) babeka kanje: In other days they spent hunting birds by means of the isagila, the knobbed throwing stick, or playing truant a while to swim in the pools of nearby stream. Lokho kubenza bathole iqashana, bafunde nokuzingela kanye nokunemba. Kwenye inkathi abafana bayazicupha ngezihishe noma ngezife, bafake ukudla ezikuthandayo njengencombo kumbe ingqululwane, amabele noma ummbila. Ziyothi ziyadla, zibhabheke kulezo zife. Ezinye izinyoni zihlakaniphile, ziyakwazi ukuzigwema izife zingabambeki, ezinye ziye zixakeke uma zihlangana nokudla okuningi esikhaleni bese zingakudli. Yingakho kwaze kwaqhamuka isaga esithi: “Impangele iyawusola ummbila.” Enye indlela yokuzibamba ukuzicupha ngenomfi ukuze ngenkathi zithi ziyahlala, zibambeke zehluleke ukundiza. Noma kunjalo izinyoni ziyakusobozela ukudla emasimini uma zithola ithutshana yize abafana bekhona. Lokho kwenziwa ngabomu uMlenzemunye ngoba akafuni ukuthi izidalwa zakhe zibulawe yinkemane. Yingakho kwaze kwaqhamuka isaga esithi: “Ziwadla elindiwe.” Lapha kwakuqondiswe emabeleni kuphela kodwa kushiwo nakwezinye izitshalo. Lokhu kushiwo ngoba noma abafana bengaziqaphela izitshalo ngeso lokhozi izinyoni kodwa intuba yokuzidla izitshalo ziyayiveza izinyoni noma kunjalo. UNtombela, (2007) uphawula kanje ngokwelusa komfana kulelo zinga: Uma ubona abafana belinde izinkukhu ungafunga ukuthi abahlose kusebenza basinisa amahleza nje kanti akunjalo lapha usuke eqeqeshwa ukuze kuthi uma esedlulela ezingeni elizayo, ikakhulukazi endle ebesenawo amaqhinga nolwazi oluthile ngokwalusa. Esinye isilwane esihlupha ngokudla amabele imfene. Yona inomkhutshana wokozelisa abalindi ndlela thize bese zisina zizibethela. 99 Lokhu kufakazelwa uMsimang, (1975:96): Uhlupho lwezinyoni emabeleni lwalungathi lungconywana lokhu zona ziyethuswa ngisho nangomnhlonhlo. Inkathazo enkulu kwakungeyokulinda izimfene. Zona zinele zibone ukuthi abalindi babukhali bese zibozelisa balale wo, zidle zize zigamanxe. Nakhona ekulindeni kwakhiwa amadlangala. Wona aba nobamba ophakeme ukuze okuwo abone yonke insimu. Kubuye kubaswe nokubaswa kuthunqe intuthu yokwethusa zona izinyoni. Kudela owaziyo ukuthi mfene ndini ubathunqisela ngahlobo luni lwezinyamazane oludala ukuthi bavithike kanje abelusi! Ukwelusa izinkukhu kusiza kakhulu abafana ukuthi bazi kabanzi ngezinhlobo zezinyoni, imibala yazo nezithanda ukuhlupha emasimini njengejuba ntendele elidla amabele nentaka yona evuka ekuseni ngovivi bengakafiki abafana, izodla amabele. Bayazazi ezithanda ukudla amatshwele njengokholo, uklebe nokhozi nezidla amaqanda njengegwababa. UJobe, (2007) ubeka kanje ngegwababa: Kuyaxaka ukuthi igwababa libizwe ngomfundisi ngoba izinto zalo azihambisani neze nokukholwa, kodwa phela singelibeke icala ngoba nalo futhi kuyintando kaSimakade ukuthi liziphilise ngawo amaqanda. Kuyabasiza futhi ukuthi bakwazi ukutolika imilayezo ethile eshiwo izinyoni ngokukhala kwazo. UGcumisa noMthiyane, (1992:42) babeka kanje: Imilozi noma umculo wezinyoni wawuyinto enkulu kabi kubafana abelusayo, kubazingeli nakwabesifazane abalinda amabele emasimini. 100 Abafana ekwaluseni babengagcini nje ngokuba nodlebe ekulalelisiseni ubumtoti bemilozi yezinyoni, kodwa babezilingisa, bahumushe umculo wazo ngokuwuchaza baze bazibongele ngokuzipha izibongo izinyoni lezo. Babezazi kahle izinyoni zasemahlathini, zasezintabeni, zasemfuleni nezakwezinye izindawo. Isibonelo salokhu uphezukomkhono. Le nyoni ivela ukuthwasa kwehlobo. Ikhala ithi: “Phezu komkhono, mfazi wadl‟ imbewu.” Le nyoni isuke ichaza ukuthi akuhanjwe kuyolinywa selethwese ihlobo. Ayazi-ke kulabo abahluleke ukubeka imbewu, bayidla ukuthi bona bazotshalani. Ngamanye amazwi iyabadabukela. Lokhu kufakazelwa uGcumisa noMthiyane, (1992:43): UPhezukomkhono uzwakala ukwethwasa kwehlobo ekhumbuza omame ukuba bathathe amakhuba bayogaca ezifeni ethi: “Phezu komkhono! Phezu komkhono, mfazi wadl‟ imbewu.” Bazothi bangayizwa abafana le nyoni babikele abadala. Kwenye inkathi kutholakale ukuthi nabo sebezohamba beyophendula futhi bayotshala emasimini izandulela emva kwezimvula zokuqala. Noma le nyoni yenza umsebenzi omuhle wokusikhumbuza uma sekuthwasa ihlobo kepha sengathi ithanda ukuba undabeni ngokugxambukela ezindabeni zabantu. Uma umuntu eyidlile imbewu kunandabani? Kodwa lokho kungamanye amaqhinga kaMvelingqangi ukuthi asikhumbuze uma sekuyiso isikhathi. Abafana bafunda nokwazi ukuhlukanisa ukukhala kwejubantondo nejubantendele. Ijubantendele yilelo elikhala lithi: “Vu! Vu! Vu! Vuku!” Yingakho lethiwe ukuthi ivukuthu. 101 Kanti ijubantondolo uNyembezi noNxumalo, (1966:80) balichaza kanje: Yijuba elincane elivamise emasimini lidla amabele, nasemzini yabantu. UMasondo, (1997:11) ukuhumusha kanje ukukhala kwalo: Sengidlile sengisuthi Amdokwe! Amdokwe! Amabele avuthiwe Ehlanzeni. Ijubantondo lisuke seliziceba ukuthi seliwahlolile amabele ngaphandle kwemvume yomnikazi, lawathola ukuthi asekulungele ukuvunwa. Bakwazi nokuhumusha ukukhala kukawuye noma uhhuyi bathi uthi: “Bay‟ otshwaleni! Bay‟ otshwaleni! Bay‟ otshwaleni!” Ngamafuphi bayeke ukuyolima, baya otshwaleni. Sengathi le nyoni iyabalilela ngokulibala amanzi amponjwana bebe bengalimile kazi ukuthi bayodlani ngomuso. Enye inyoni exoxa indaba izwakale insingizi. UGcumisa noKheswa, (1992:42) bathi ikhala kanje le nyoni: Isikhukhukazi sithi: “Sengiyahamba, sengiyahamba, ngiya kwabakithi.” Iqhude liphendule lithi: “Hamba, hamba kad‟ usho.” Akuthokozisi neze ukukhala kwale nyoni ngoba kuthiwa kuyibika lokuthi kuzona imvula enkulu ehambisana nokuduma kwezulu. Kuleli zinga lokwelusa izinkukhu abafana bafunda kabanzi ngezinkukhu. Bafunda ngemibala yazo njengempangele ukuthi enombala omhloshana nofana nayo impangele, emlotha ewuthuthuvana njengawo umlotha, ebomvu yileyo ebheje njengelanga. Baphinde bafunde nangobulili bazo nangokukhula kwamazinga azo. 102 UMsimang, (1975:46) ubeka kanje ngalokhu: Nayo inkukhu inazo izigaba zokukhula. Eyensikazi: itshwele, umvimbazane, isikhukhukazi. Eyeduna: itshwele, ichogo (ixhogo) iqhude. Bafunda nangohlobo lwazo izinkukhu njengobhatomu, izimolisi. Ubhatomu yilolo hlobo lwenkukhu olungakhuli. Abanye bathi umagugel‟ ejele futhi iningi aliyithandi imbewu yayo. kwasungulwa isisindo sabantu Emdlalweni wamankomane sekwaze abafushane kwathiwa amabhantamu. Kuthathelwa kubo belu obhatomu. Baphinde bafunde kabanzi nangezifo ezivame ukuphatha izinkukhu nokwelashwa kwazo njengomkhuhlane wesibindi olashwa ngokuthi sikhishwe ngeva. Uma ichithekelwe inyongo, iphuziswa amanzi anecena eligxotshiwe. Uma iphethwe uphenyane, iphuziswa amanzi anomanyazini bese ihlikihlwa ngenhlaba emehlweni. Kufanele kukhumbuleke ukuthi ngaphandle kokuthi izinkukhu zeluselwa ukuthi zikwazi ukwanda, zibuye ziluselwe ukuthi zingenzi umonakalo emasimini. Lokhu kusekelwa uKubheka, (2007) lapho ebeka kanje: Inyama yenkukhu yehla esiphundu. Angiphathi uma kuyisikhukhukazi esinamaqanda esiswini angeke wasinika esingaboni. Kodwa uma izinkukhu zingaqashelwa ngendlela zingakushaya inkambabeyibuza ngokushaya zibhuqe amasimu. Izinkukhu ziyayiqhwanda ezisazohluma. imbewu emasimini ibuye idle nezitshalo Uma inkukhu inalo mkhuba noma ithanda ukuhlukumeza ezinye ngokulwa, iyaye inqunywe umlomo ongenhla ukuze itheneke amandla, ingabe isakwazi ukuqhwanda nokulwa ngenxa yobuluthuntu bomlomo. Iyathithibala nje ngoba iyathunukala. Yingakho kwaze kwavela isaga esithi: “Inkukhu inqunywe umlomo.” 103 Kushiwo kumuntu osuke esethule engakhulumi ngoba engazi ukuthi uzothini ikakhulukazi uma kade esenga ezimithiyo kulokho akade ekusho. Abafana baphinde bafunde nangokukhula kwazo izinkukhu. Bayabona ukuthi uma amachogwana eseqala ukukikiliga kanzinyana ephoqa izwi, asuke esekhombisa ukuthi asekhulakhulile, asezoqala ukuxosha. Ayothi uma esuka, aqale ukuhamba lukeke eduze kwezikhukhukazi lapho esekhombisa uphawu lokweshela. Sebebona la machogwana esekwazi ukulutha izikhukhukazi ngokuziqhwandela ukudla, zicubuza amagabade, kwenye inkathi kube ukudla mbumbulu. UNtombela, (2007) uwutolika kanje lo mkhuba: Iqhude uma lihamba lukeke eduze kwesikhukhukazi lisuke lithi: “Ngizokuthengela ingubo ende efika le emaqakaleni, ngoba kuyaziswa ukuthi bonke abesimame bayazifela ngengqephu. Ukuqaphela isikhathi ngenye yezinto abayifundiswa zinkukhu. Izinkukhu zikhala kathathu andube kuse. Ezokuqala zikhala ngehora lesithathu ekuseni, ezesibili zikhala ngehora lesine, ezesithathu ngehora lesihlanu. ngehora lesihlanu zisuke zehla emthini. UManzini, (1996:26) ubeka kanje ngalo mkhuba wezinkukhu: Bayafunda njalo ukuthi indoda ilala obenyoni ukuze izwe izinto ezenzekayo ebusuku njengokukhonkotha kwezinja, ukukhala kwezinkomo, ukukhala kwamankonyane. Lokho kusho ukuthi indoda kufanele ilunguze phandle ingaze ificezelwe yimpi endlini. Kokunye ukufunda ukwazi ukuthi abafowabo bavuka nini uma beya edibheni noma beyolima. 104 Kusukela UMsimang, (1975:90) usibeka kanje isikhathi sokukhala kwezinkukhu: --- kuzothi ngo-“3 a.m.” bazi ukuthi sekuyintathakusa, ofuna ukuvukela ngoba enolwendo azoluhamba, usengavuka, babona ngokuphuma kwekhwezi, bezwe futhi ukukhala kwezinkukhu kokuqala. Ekukhaleni kwezinkukhu zesibili, sekungu-4 emawashini, bona babebheka esibayeni, bafice ukuthi izimpondo zawoSohlanti, oMabhengwane, noSiyecaleni seziyabonakala noma imibala yezinkomo yona ingakabonakali, sebezothi-ke kumpondozankomo. Ngesikhathi sika-5 sekukhala izinkukhu zokugcina, sekuzontwela ezansi kushone ikhwezi bese zehla izinkukhu. Kuleli zinga abafana yibona abaxosha izinkukhu uma zizohlatshwa okungewona umsebenzi olula nokho. Ngakho-ke abafana bafunda amaqhinga okuzibamba njengokuzimboza ngamasaka noma baziluthele ehhokweni ngokuphosa umgqakazo phandle uze ufike lapho ehhokweni. Lo mkhutshana kuba ngcono uma wenziwa umuntu ojwayele ukuziphakela izinkukhu ngoba uma kungenjalo zimane ziwushaye indiva zingawudli ngoba zingajwayele ukuthola umbila oyinsada esikhaleni. Zisuke zisola ukuthi sengathi ziboshelwa amanqina enyathi ngoba ziyazi ukuthi ukudla kuyahlushekelwa okunjani lokhu okumane kube yinsada esikhaleni, yingakho kwaze kwavela nesaga esithi: “Inkukhu iyawusola ummbila.” Uma abafana sebeyibambile, bayethula kwabadala ukuba inqunywe. Imvamisa lo msebenzi wenziwa ngabesimame. Kuyenzeka inqunywe abesilisa uma leyo nkukhu kungeyokwenza isiko elithile. Kuyothi uma isinqunyiwe, yachuthwa, yahlinzwa, ikhanda namathumbu kunikwe abafana ukuthi bazitike ngakho. Bawakhuculula konke ukungcola ngokuwakhama bese bewathandela othini bawose. Ukubona kwabo kuhlinzwa inkukhu kwenye inkathi nabo bebamba kubahlomisela ingomuso uma sekuhlinzwa izimbuzi nezinkomo. 105 Kuleli banga abafana bafunda umkhutshana wokuqhatha amaqhude. Umfana uqhatha amaqhude akubo kuqala, kuhambe baze baqhathe nawakwamakhelwane. Ngenkathi bewaqhatha basuke bewabongela bethi: Qhude manikiniki! Mnike isongo lakhe! Amaqhude azothi engezwa le nhlokomo avukwe uhlevane, adumelane kusiphuke udaka. Isongo leli yilezi zimpaphe ezivukayo zime zibe yindingilizi emqaleni weqhude uma selidiniwe kube sengathi isongo. Uma elwa amaqhude kuba sengathi abanga la masongo ngoba uma elinye selihluliwe, ziyehla lezi zimpaphe kube sengathi selinikele ngalo isongo kuleyo mbangi. Amaqhude asebenzisa amazipho, imizwezwe nemilomo ukulwa. UNyembezi, (1992:560) uyichaza kanjena imizwezwe: Iva elicijile elimila ezithweni zeqhude. Imizwezwe noma imiqhobhe imila eqhudeni uma selimkantshubomvu. Uma liselincane liba nemihluhluwe yona engaqinile njengemizwezwe ngoba uma esemancane amaqhude, awalwi into etheni. Noma ingaba mikhulu kangakanani imizwezwe, iqhude alibi nankinga. Yingakho kwaze kwavela nesaga esithi: “Akuqhude lasindwa yimizwezwe.” Lokhu kuchaza ukuthi umuntu uyazithwalela umthwalo wakhe njengomuntu onezingane eziningi. Le mizwezwe yiyo futhi ekhombisa ukuthi iqhude selilidala kangakanani. Amaqhude ayaludonsa usuku elwa kuze kuphele ngokuthi elinye lijokole uma seligadle zephuka noma kuphele ngokuthi elinye liye koyisemkhulu. Lo mdlalo wokuqhatha amaqhude ubahlomisela ingomuso lapho sebelusa izinkomo, sebeqhatha izinkunzi. Kufanele kukhumbuleke ukuthi ngaphandle kokuthi amaqhude alwa uma eqhathiwe, abuye alwe njengazo zonke izidalwa zesilisa ezibanga ukwengamela izikhukhukazi. Kwenye inkathi kulwa ingagamela yeqhude kanye nomagugelejele, ashayane kuze kube yindaba. 106 Ubhatomu ephuma ngaphansi kwemilenze, eshayana ngezifuba abebomvu izingedla. UNgema, (2007) ubeka kanje ngokulwa kweqhude elejwayelekile nelikamagugelejele: Siqinisile isiZulu uma sithi ayihlabi ngakumisa ngoba ungathola ukushaqeka lapho ubhatomu usudla umhlanganiso ngekhono olivezayo uma usulwa. 3.3 Ukwelusa izimbuzi Leli yizinga elithe thuthu ekwaluseni kunokwelusa izinkukhu ngoba nomfana usuke esethe thuthu ngokwengqondo nangokomzimba. Kuleli zinga umfana ulusa izimbuzi nezimvu ngaphambi kokuba aluse izinkomo. Lokhu kufakazelwa uMagubane, (1998:43) lapho ebeka kanje: A boy first herded goats and then cattle. Ngebhadi izimvu azinakiwe kangako uma uziqhathanisa nezimbuzi lapha kwelikaMageba. Izimbuzi yizona ezibambe iqhaza elikhulu lapha kwaZulu ngoba uma kuthethwa idlozi ayisali. kwendlalelwa ngayo. Uma kuzohlatshwa inkomo ekhaya Inkomo ayibulawa kungazange kuqalwe ngembuzi ngayizolo uma kungumsebenzi. Lokhu kufakazelwa uGcumisa noMthiyane, (1992:61): Imbuzi ilandela inkomo ngokubaluleka kumZulu. Ezikhathini zanamuhla khona ukubaluleka kwayo sekuthi akwedlule okwenkomo. Lokhu kubangwa yizinguquko ezenzekile empilweni kaZulu, ikakhulukazi ukuncipha kwezinkomo. Miningi imisebenzi osekwemukeleka ukugcinwa kwayo ngembuzi namuhla okwakungelokothwe emandulo. 107 Isizwe samaZulu siyisizwe esaziwa kakhulu ngokuba nesihe ngakho imbuzi yaziwa njengempahla yesipho. Uma umuntu evakashile, uhlatshiswa imbuzi. Abakhwenyane indlakudla yabo kuba imbuzi noma kuhambele izikhulu ziphiwa izimbuzi kwenye inkathi kube imvu. Akulokothwa nangengozi kuthethwe idlozi ngemvu ngoba imvu isilwane esidume ngokuthula. Kanti kubalulekile ukuthi uma kwenziwa lolu hlobo lomsebenzi isilwane sikhale. Yingakho imbuzi yadliwa yilolo nkatho lokuhlatshwa kwalo noma isikhala kuba nhlanga zimuka nomoya. Isaga esithi: “Ukukhala akusizi kwehlula imbuzi” abanye benezela nangokuthi: “Nembuzi yaze yafa ikhala.‟‟ Savela kanjalo nesithi “Umuntu uyimvu uma elungile, engathandi ukukhuluma. UMsimang, (1975:36) uyakweseka lokhu: Ngenxa yokuhlabela abaphansi, awukho umuzi wesiZulu owawungafunyanwa ungenayo imbuzi, yiyo kuphela ebithetha amadlozi. Lokhu kwakwethenjwa ngoba yona iyakhala lapho ibulawa. Yiqiniso ukuthi nenkomo yabe isetshenziswa kodwa kokuningi bekwendulela imbuzi kuthethwe ngayo abalele, kubeyikhona kuhlatshwa inkomo. Imvu ayizange nakanye yenze umsebenzi wabaphansi, ngoba yona ayilokothi ikhale ukukhala lokhu kubaluleke njena ngoba kuthiwa yikhona bezokuzwa abaphansi bese besondela bezokuzwa isikhalo leso. Izimbuzi nezimvu zona zeluselwa buqamama nasekhaya ngoba zidinga utshani namacembe ezihlahla. Ngenxa yokuthi nazo zingenza umonakalo ezitshalweni, abafana bayaziqapha ngezinduku ukuthi zingasondeli ngakhona. Ngenkathi besendle abafana, bayaqapha ukuthi amazinyane engadliwa izilwane zasendle ezifana nezimpungushe, amakhanka, amankentshane, izimpisi nezinye. Lokhu kwesekelwa uDirie, (1998:24): While the animals grazed, I watched for predators, which are everywhere in Africa. 108 The hyenas would sneak up and snatch a lamb or kid that had wandered off from the herd. There were lions to worry about and wild dogs; they all travelled in packs, but there was only one of me. Kufanele bagweme ukuthi onina bengahambi namazinyane uma esemancane kakhulu, engakwazi ukuhamba ngoba kugcina sekungumthwalo wabo sebewaqukula noma sebewafihla uma esefunwa onina. Kuleli zinga bafunda ubulili balezi zilwane namazinga okukhula kwazo. UMsimang, (1975:45) uwachaza kanjena amazinga okukhula kwezimbuzi: Njengenkomo nembuzi inezigaba zokukhula. Encane esandakuzalwa kuthiwa izinyane. Izinyane leduna linele liqhume izimpondo kuthiwe isiphohlohlwana kanti elensikazi kuthiwa isibhuzazana. Isiphohlohlwana siyathenwa sibe intondolo. Uma singathenwangwa siba impongo. Isibhuzazane sikhula sibe imbuzikazi. Kuyajabulisa ukuthola ukuthi imbuzi ayibalulekile lapha kwelikaMthaniya kuphela kepha ibaluleke kwi-Afrika yonkana nakoSomaliya. Lokhu kufakazelwa uDirie, (1998:167) lapho eveza khona uthando lwakhe ngembuzi uBilly kanje: Before I ran away from home, my life had been built around nature, family, and our strong bond with the animals that kept us alive. Stretching back to my earliest days, I shared a common trait with children the world over: my love of animals. In fact, my earliest memory is of my pet goat, Billy. Billy was my special treasure, my everything, and maybe I loved him most because he was a baby, like me. I used to sneak him all the food I could find, until he was the plumpest, happiest little goat in the herd. My mother constantly questioned, „Why is this goat so fat, when all the rest are so skinny?‟ I took 109 perfect care of him, grooming him, petting him, talking to him for hours. Kwezinye izigodi iziphohlohlwana bazibiza ngokuthi iziphongwana. Uyaqhubeka uMsimang, (1975:45) ahlaziye kanje: Izigaba zokukhula kwemvu ilezi: Izinyane (imvu ezelwe ngakho kodwa), ixhumazana (imvu yensikazi esiphumile ebuzinyaneni), inqama (imvu yeduna esikhulile), ixhukazi (imvu yensikazi esindala). Uma izinyane lenduna litheniwe lingakangeni ebunqameni kuthiwa yintondolo njengembuzi noma kuthiwe yihhamula. Abafana bafunda nokukhumisa izimbuzi nezimvu. ukuthi lezi zilwane zikhuluphale. Inhloso yomkhumiso Umkhumiso ohamba phambili yilowo owenziwa ngesigaxa sesihlahla sencamu. Izintondolo zona zikhunyiswa kathathu ngonyaka kanti ezinye imvamisa kuba kanye. Singasho singananazi ukuthi umhlahlandlela wokudla kwesimanje okuyimikhumiso abaseNtshonalanga bakuthathela esizweni samaZulu. Sekwaze kwabakhona nesaga esithi: “Umkhumiso ulingene izintondolo.” Okusho ukuthi leyo nto ilingene labo bantu ncamashi, angeke kusale lutho. Lesi saga sisuselwa ekutheni uma kugqulwa umkhumiso, awenziwa ube mningi, wenziwa ulingane nemfuyo leyo ngoba awusebenzi njalo. Ngaphandle kokuthi umkhumiso ukhuluphalisa izimbuzi nezimvu, ubuye ube ikhambi lokwelapha lezi zilwane esiswini uma zinenkinga nasemikhuhlaneni ethile. Ezimbuzini umkhumiso ubuye wenzelwe ukuthi izimbuzi zizale amaphahla. UNgema, (2007) ubeka kanje ngalokhu: Umnumzane okhaliphileyo onakekela imfuyo yakhe futhi ofuna yande. Ngakho-ke kubalulekile ukuthi awazi amaqhinga okuyandisa. Nayo imikhumiso enhlobonhlobo kufanele ayazi ukuze yande imfuyo futhi iphephe ezifweni. 110 Abafana bayaqapha ukuthi izimbuzi nezimvu zingangenwa izifo ngokungenasidingo. Bayazikhipha ngenhlazane sekuwe amazolo ukugwema ukuthi izimbuzi zingatholi amazolo ngoba amazolo nemvula inkukhu nempaka ezimbuzini. Yingakho isibaya sezimbuzi nesezimvu ziyaye zifulelwe ukugwema ukuthi zingatholwa imvula. Izimvu nezimbuzi ziyaye ziphathwe umkhuhlane olashwa kalula ngokuziphuzisa amacembe omqaqongo agayiwe axutshwa namanzi. Abafana bayaqeqeshwa ngamakhambi nemithi ethandwa izimbuzi nezimvu. Kuyaziwa ukuthi izimbuzi ziyazifela ngomthole. Uma zithola wona ziyafa ukukhuluphala. Ukuqeqeshelwa ukunakekela imfuyo akwenziwa kwelikaMthaniya kuphela kepha i-Afrika yonkana nakoSomaliya imbala. Lokhu kufakazelwa uDirie, (1998:40): Growing up in Africa I did not have the sense of history that seems so important in other parts of the world. Our language, Somali, did not have a written script until 1973, so we did not learn to read or write. Knowledge was passed down by word of mouth – poetry or folktales – or, more important, by our parents teaching us the skills we needed to survive. For example, my mother taught me how to care for our animals and make sure they were healthy. We didn‟t spend much time talking about the past – nobody had time for that. Everything was today, what are we going to do today? Are all the children in? Are all the animals safe? How are we going to eat? Where can we find water? Abafana baphinde bayinakekele le mfuyo uma isibuya ntambama ukuthi iphelele nokuthi ayikho yini exhugayo. Uma ikhona iyaxilongwa, ithole usizo olufanele njengokuyiphuzisa umuthi noma abike kwabadala ukuze ifakwe umhlatshelo noma iphuziswe umhlabelo. Zaziwa yibo abafana ezizele nezikhweliwe. Uma zithenwa yibona abazibambayo noma zihlatshwa yibo ababamba amanqina. 111 UMyeza, (2007) uphawula kanje ngokubamba uma kuhlatshwa noma sekuhlinzwa: Abafana yilapho bethola khona ulwazi olunzulu lokuhlinza ngenkathi beqala bebamba zona izimbuzi nezimvu. Lokho kubahlomisela ingomuso ukuze uma sebehlinza izinkomo bengabi nankathazo. Ukuthenwa kwezimbuzi nakho kuyabasiza ukuthi bakhule benesibindi ngoba ukuthena imbuzi akumnandi kuyo ngoba izwa ubuhlungu obumangalisayo obugcina sebuhlaba wena mtheni enhliziyweni. Imbuzi ithenwa ngokuthi kubanjwe izikhwama zayo zobudoda bese kugandaywa ngebhokode ubudoda bayo. Ngenkathi kwenziwa lokho ikhala iqandule uma umfana entekenteke angashiya phansi. Kuye kwenzeke kuthi ngenkathi sebezibala kutholakale ukuthi impongo ayibonwa, ilahlekile. engomakhelwane. Kusuka esinamathambo isihanjwa ibhekwa emizini Empeleni impongo isuke ingalahlekile kodwa isuke isagajwe ubumnandi bokukhwela bese ize ikhohlwa ukuthi kufanele ibuyele kwezakubo. Umfana uqhubeka njalo ede eyibheka komakhelwane, belandula, bemyalela phambili aze agcine eyitholile ngoba angeke abuyele ekhaya elambatha ngoba kuzothiwa ubudedengu, akayiqaphi kahle imfuyo. Hleze athole noswazi lokumphaphamisa. Omunye umkhutshana okhonzwe abafana owokugibela izinqama nezimpongo. Izinqama lezi bazihlala izithonto, babambelele ezimpondweni zazo wena owabona umuntu eqhoqhobele injomane. Lokhu kusuke kungumdlalo nje wokuzejwayeza ukuthi ngelinye ilanga bayoziqhoqhobala izinjomane. Kuyenzeka lo mdlalo uphethe sekukhona abalimele noma sebephuke imilenze. Kwalani ukuba zibadubule ngesimongo esiswini qede umfanyana alale isithongwana. Isimongo yisona sikhali sayo inqama. Bayazazi ngemibala yazo izimvu nezimbuzi zakubo. Phakathi kweminye kukhona ezimhlophe ezifana neziduli uma zibuqamama eqeleni. Kukhona ezimnyama, kukhona ezinsundu. Kukhona ezimhlophe zibemnyama ngamakhanda. 112 Ngisho kuzalwa izinyane, umfana ulibona nje ukuthi yinqama noma yimpongo yakwabani ngoba lifana nayo. Ngisho zilwa izinqama, uyazi ukuthi azilwi njengezimpongo ezisuka ziye phezulu qede zihlangane ngezimpondo. Izinqama zilwa ngokuba enye ihlehle, bese ziza ngamandla zize zidudulane ngezimongo. Ngakho bayazi ukuthi uma ihlehla inqama isuke ingabaleki kodwa ilande umfutho. Kwaze kwavela isaga sezinsizwa esithi: Yahlehl‟ inqam‟ umahlehla! Yahlehla! Ayihlehl‟ iy‟ emuva ayinaluvalo! Ayiye phambili ayinaluvalo. Lokhu kuveza ubungozi benqama uma ihlehla ngoba iyolanda amandla okugalela ngamandla amakhulu nasabekayo. Nezimbuzi bazazi ngemibala yazo ukuthi kukhona ezinsele, ezimhlophe, ezimpunga, ezimnyama, ezilikhanka nezinye nezinye. Bayazi futhi uma ihlatshiwe imbuzi noma imvu, bazokhama ezangaphakathi njengamathumbu, usu, umtshazo nopopopo. Bayazi ukuthi bazokosa umtshazo, bosele abadala amathumbu amhlophe ngoba amnandi ngoba anokubabababa ngenxa yokuthi zidla izihlahla. Lokho nabo kuyabasiza ngoba lezo zihlahla zingumuthi ezimvini nasezimbuzini kanye nakubo uma sebewuthola kwezangaphakathi. Ngisho isiphekiwe, bayazi ukuthi bazokudla amanqina futhi inhloko idliwe ngabadala besilisa. Konke lokhu bakufunda bekhula ukuthi inqunywa, yathiwe, ihlinzwe kanjani imbuzi noma imvu. ngesithupha ukuze ingasaleli esikhunjeni. Ihlinzwa ngokuyidusha Abanye bayiphanyeka phezulu bayibophe ngentamo bese behlubula isikhumba. Bafunda nokuthi ihlahlwa kanjani inhloko yayo. Imbuzi noma imvu ayilokothwa iphekwe nezimpondo zayo ngoba azidliwa. Yingakho kwaze kwavela nesaga uma umuntu ethukile esithi: :Wahlahla amehlo sengathi imbuzi iphekwe nezimpondo” isuke ingahlahlelwe ngakho yize isifile imane ikugqolozele sengathi ayifile, futhi umuntu ongenza lesisiga ngabe ukhombisa okukhulu ukungaphusi komqondo. 113 3.4 Ukwelusa imivemve, amankonyane, amathole, namaguqa Abakhapheyana yibona abelusa imivemve, amankonyane, amathole kanye namaguqa kuleli zinga. Yigxathu elibalulekile ngendlela engachazeki kuleli banga ngoba kusuke sekunuka emakhaleni ukuba awelele ebangeni lokugcina ekwaluseni, lelo gxathu elokwelusa izinkomo. UNyembezi, (1992:524) uwuchaza kanje umvemve: Inkonyane eqeda kuzalwa. Leli banga lo mvemve lelanywa elenkonyane. Inkonyane yilelo banga lapho esemancane esalala emathombeni noma ezihulugwini futhi esaphila ngobisi. Asuke esakhulekwa emanqineni ngesisinga uma esethombeni noma exhibeni. Inkonyane iyaye ilokhu igxumagxuma ifuna ukusikhumula isisinga uma isandakuboshwa. Yingakho kwaze kwavela isaga esithi: “Inkonyane yethuka isisinga.” Ngisho kusengwa, inkonyane ibanjwa ngumfana ngenqina, aguqe nayo eduze kukanina ukuze ayikhothe. Inkonyane iyashiyelwa uma unina eseyisigqala ukuze idle isuthe. Lokhu kufakazelwa uDirie, (1998:21): One of my tasks was to milk the cows, taking some of the fresh milk to make butter, but leaving enough for the calves. After milking, we‟d let the babies come in and nurse. Uma unina efihla kumbe egodla, uyaphindwa umphehlu ukuze inkonyane ingahudi. Kokunye unina uze asilekwe ngobulongwe obumanzi emibeleni uma efihla ukuze inkonyane ingahudi ngoba lokho kuyingozi. Kuyenzeka uma unina egodla ubhambabulwa ashiye ulimi. Savela kanjalo isaga esithi, “Nenkomo iyashayelwa ubisi lwayo.” 114 UNene, (2007) ukuchaza kanje ukugodla: Ukugodla isenzo lapho inkomo ingafuni ukukhipha ubisi lwayo uma isengwa. Ikakhulukazi uma ike yahlukumezeka ngaphambi kokusengwa. Uma inkomo igodla iyaye incengwe kancane ngokuthi umsengi ayiphulule imibele ayibongebongele ize yehlise. Yingakho kwaze kwavela isaga esithi, “Iyagodla uma igqulwa, yehlisa uma inxenxwa.” UXulu, (1997:35) ubeke kanje ngalesi saga: Inkomo iyalugodla ubisi uma igqulwa kodwa iyehlisa uma inxenxwa. Kungcono ukuncenga kunokuphoqa. Inkonyane ikhula ize idle utshani yeluselwe ezaleni eduze kwesibaya. Ikhula ize ibe yithole yeluswa eduze komuzi ukuze ingahlangani nonina funa yenyise, kwephuke ukhezo bese abelusi beshaywa. esithi: “Lwephuka ukhezo!” Sivela kanjalo isisho Kufanele avalelwe amankonyane namathole ekuseni angadli utshani obunamazolo ngoba buyingozi. Aze anikelwe ngenhlazane uma sekuzosengwa, kuklezwe, kuphuzwe nehongo. Kuhle bazi kusemanje abafana ukuthi awanikelwa amankonyane kungafiwe. Uma bewanikela kungafiwe, umuzi ungadliwa yizinswazi zemiswazi yabaphansi engaholela ngisho ekuphumeni kwesidumbu. UNyembezi, (1992:159) ulichaza kanje iguqa: Ithole elidala lenduna elisancela inkonyane esiphuma izimpondo. noma Leli gama lisuselwa ekutheni leli thole selilidala ukuthi lingancela futhi selilide kuze kudingeke ukuthi liguqe uma lifuna ukuncela. Ubuguqa beguqa benza ukuba imbongi yeSilo uDinuzulu imbonge ithi: Ithole lokaMsweli 115 Elanyisa liguqile. (Nyembezi, 1958:105). Kokunye kuze kudingeke ukuba lifakwe isamfonyo ukuze lingakwazi ukuncela. Isimfonyo sinezinto ezicijile phambili ezenza ukuba unina ahlabeke bese elikhahlela iguqa lingabe lisancela. Imimvemve namankonyane kweluselwa ezaleni noma eduze kwesibaya ukuze afunde ukudla utshani obuthambile ubabe aze ajwayele. Amathole wona aweluselwa kude edlelweni njengezinkomo kepha eluselwa budebuduze nasemakhaya. Lokhu kwenzelwa ukuthi amankonyane engahlangani nonina futhi kwenzelwa nokuthi laba bafanyana bengahlangani nezingozi ezingaphezu kwamandla abo futhi kuthi noma insika isithanda ukuwa, kubelula ukuthi bayoyivusa ekhaya ngoba basuke besebancane. nokulamba kubona kusabajaha. Ngakho Akulula ukusebenza ngokuzimisela uma umuntu esebhuqwa umashayandawonye. Laba bafanyana bayaqikelela ukuthi imivemve namankonyane awahlangani nonina ngaphambi kokusengwa, aze ahlangane nabo uma esenikelwa ngenkathi sezibuya inhlazane. Asikho nasinye isidalwa esithanda ukuhlukana nomntwana waso noma ngasiphi isizathu. Nazo izinkomazi ziyakhalima zifuna ukuhlangana namankonyane azo. Ngenkathi amankonyane nemivemve ezwa onina bebhonsa noma bekhalima noma ebona onina uqobo, avukwa uhlevane lokujabula, kutshakadule kuze kumise imisidlana. Kwenye inkathi bawaxosha baze bakhale, begwema ukuthi amankonyane engahlangani nonina. Ukubhonsa kwezinkomazi kuthiwa ziphunga imikhonto yezitha ezingase zihlasele umuzi. Amankonyane awalaliswa nangengozi nonina ngoba uma kungenziwa njalo ngeke baluthole ubisi olwanele ngakusasa ngoba inkonyane ingayincela yonke imibele ubusuku kuse yome nke. Lokho kungaletha inkemane ekhaya. Omunye umkhuba namankonyane. othandwa yilaba bafanyana ukugibela imivemve Ngenkathi benza lo mdlalombumbulu bayawa kwenye 116 inkathi balimale kokunye baphuke kodwa lokho akunakwa kakhulu ngoba kuthathwa ngokuthi bayaqina. Lokhu kugitshelwa kwamankonyane kuyatholakala nasemaBhunwini. Ziyashaywa-ke izingane zamaBhunu uma zigile lo mkhuba. Incwadi ethi Moreson Reeks Std 2 inenkondlo enemigqa ethi: A ja a... Die katte kwaad Kalwers word gery, Hoenders ja en varkies vang, Word almal pak laat kry. UNyembezi noNxumalo, (1966:28) babeka kanje ngalo mdlalo: Lo mdlalo udlalwa ngabafana. Amathole lawa agitshelwa ahanjiswe kubonwe ukuthi ngubani ozowiswa yithole. Kubonakale futhi okuzothi noma libhoka ithole angawi, aligibele lize lifoje. Lo mdlalo ufundisana ukugibela noma-ke uke ube yingozi uma kubanjwa amathole asekhule kakhulu anolaka. Awagitshelwa futhi esemancane kakhulu ngoba ukuwabulala lokho. Ngaphandle kokuwagibela baphinde bawaqhathe kufakazelwa uMthembu, (1947:70): Lapho esengumfanyana uSigameko elusa amathole, wafunda izinto eziningi. Wayejwayele ukweluka nabafanyana ababengontanga yakhe beluse amathole. Umdlalo wabo omkhulu kwakungukungcweka, nokuciba insema, nokubhukuda esizibeni. Konke loku babekufundiswa umfanyana owayeseqinile phakathi kwabo uNhlangwini. Kwakuye kuze kweduka amathole ehlathini nxa sebeqalise le midlalo yabo. USigameko wayethanda kakhulu ukuqhatha amathole ekwaluseni, awabonge aze abhuquze phansi lapho esewabukela ephonsana. 117 amathole. Lokhu Abafanyana bafundiswa kabanzi ngokubaluleka nokunakekelwa kwemfuyo. Lisuke limshonele futhi ebhekwe isambane uqobo lwaso umfana osuke elahle imfuyo. UNgema, (2007) ubeka kanje ngalo mshophi: Usuke ezalelw‟ inja endlini uma umfana elahle imfuyo ngoba imfuyo ingumnotho wesizwe. Umfana ufundiswa esemncane ukunakekela imfuyo ngendlela okuyiyo. Amathole namankonyane aqhele ukulahleka ngenkathi sekuyodijwa. Kujwayeleke ukuthi aduke alandele imihlambi okungeyona. Uma umfana ebe nenhlanhla uma lihambe nomhlambi womuntu owethembekile ngoba uyaye afunisele ngalo ekudibheni okulandelayo uma kuze kushaya isikhathi sokudibha bengakalitholi. Nokho kubanzima ukuqiniseka ukuthi imfuyo eyakini uma ingenalo uphawu. Yingakho-ke abafana bayafundiswa izindlela zokwenza uphawu nokuthi lwenziwa kanjani namagama azo izimpawu. Izimpawu ezenziwayo azifani, asikwa esemancane. Lokhu kwenzelwa ukuthi umfana akwazi ukubona uphawu lwakubo. Kukhona uphawu okuthiwa isisila senkonjane. Lolu phawu lwenziwa echosheni lendlebe lufane nesisila senkonjane esifana nesisila senhlanzi. Kokunye kubayiso elilodwa lesikeyi. Kokunye kuba ngamehlo amabili esikeyi. Kokunye kube amehlo amathathu esikeyi nezinye. UNene, (2007) uphawula kanje ngokubaluleka kophawu: Yilowo nalowo mnumzane uqhilika izihlathi uma imfuyo yakhe yanda, kodwa uma isincipha kuthi akadle umuntu ngenxa yokudinwa. Ngenxa yalokho kubalulekile ukuthi abafana bayiqaphe ngeso lokhozi futhi bakwazi nokuyihlunga kwenye uma ithuke yamdibi nenye ngokuthi bayibeke uphawu. Inhloso enkulu yophawu ukufundisa abafana ukuqikelela impahla yomndeni, lokho okubenza bakwazi ukuthi baqikelele izinto zesizwe ngokuhamba 118 kwesikhathi. Lokhu kubahlomisela ukuthi bakwazi ukuqikelela izinto zabo uma sebenemindeni noma bengakabi nayo. Uma kusengabafana kuthiwa inkunzi isematholeni. Uma sebeganiwe kuthiwa indoda yamadoda noma yindoda emadodeni. Benza izinto ezephusile ngokomqondo ngezikhathi zonke kuze kuthiwe ubudoda abukhulelwa, udodile ndodana. Uma seliya ngomutsha wendoda, abafana bavalela imivemve namankonyane exhibeni noma ethombeni kokunye esihulugwini. Amankonyane nemimvemve akulaliswa nangengozi nonina. Uma kungase kwenziwe lelo phutha, kungasho ukuthi abasafuni ukusenga ngoba amankonyane engazitika ubusuku bonke ngobisi. Amankonyane akhulekwa ngoqhotho lwentambo olubizwa ngokuthi isisinga enqineni. Inkonyane ayisheshi iyijwayele le ntambo ngoba isuke ingakajwayeli ukukhulekwa. Iyaye igxumagxume inkonyane izama ukuzikhulula, ekugcineni igcine isithobela umthetho. Yingakho kwaze kwavela nesaga esithi: “Inkonyane yethuka isisinga.” Lokho kusho ukuthi umuntu into usandakuyiqala, akakayejwayeli. Amankonyane nemivemve kuze kuhlangane nonina ngakusasa uma sezibuya inhlazane, esenikelwa ngenkathi sekusengwa ukuze athambise imibele, behlise kalula onina. 3.5 Ukwelusa izinkomo Isuke isigcagcele esokeni kumfana uma esefikile kuleli zinga. uyinkonyane ngabe simbona ngokutshakadula esekhombisa Ukuba injabulo. Ukwelusa izinkomo kuyiphupho nezifiso zawo wonke umfana. Usuke esefike eqophelweni nasesikhungweni sokugcina nesiphezulu lapha umfana ngoba yilapho ethola khona ingonyuluka yoqeqesho. Kuleli qophelo umfana usuke esezohlukana nokwelusa maduzane nekhaya kepha usezohamba abhekise amabombo endle lapho okufanele abhekane ngqo nezinselelo zakhona. 119 Lokhu kufakazelwa uMthembu, (1947:72) lapho eveza khona uSigameko esenyukela ezingeni lokwelusa izinkomo kanje: Wakhula ngamandla kakhulu uSigameko, washesha ukuwashiya amathole waqala ukuphuma nezinkomo ukuya kokwalusa. Kaphathekanga kahle uSigameko ekwaluseni lapho ehlangana nabafana ayengabajwayele, bemqonela ngokuba eyisifiki. UHone noDela Harpe, (2001:67) uphawule kanje ngaleli zinga: From around six (6) years of age, Zulu children are expected to join their parents in the chores which keep the homestead a well functioning, orderly unit. Boys gleefully trot alongside the cattle, herding them towards their grazing and back into the cattle fold and learn the art of milking the cows. Kufanele kukhumbuleke ukuthi ukwelusa lokhu akukhona nje ukuqapha ngeso lokhozi izinkomo noma imfuyo ukuthi ingadli amasimu kepha kufana nesikhungo soqeqesho. UMsimang, (1975:150) ukuveza kahle lokhu: Akukhona ukukhalima izinkomo zingadli amasimu kuphela okwakwenza ukwelusa kubaluleke ekukhuleni kwabafana endulo: imbangi yokubaluleka kokwelusa yinhlakanipho nolwazi olwaluzuzwa ngabafana ekwaluseni. Le nhlakanipho iqhathaniseka ncamashi nenhlakanipho ezuzwa ngabantwana banamuhla ezikoleni. OkaNonkosi ubuye alucwaningisise lolu lwazi ebese eludidiyela ngononina, alufake ezibayeni ezinkulu ezintathu. Isibaya sokuqala yilapho abafana bethola uqeqesho mayelana nokunakekela imfuyo. Lapha umfana ufunda isikhathi sokukhipha izinkomo, azi ukuthi izinkomo akufuneki ziphume ekuseni kakhulu lingakaphakami ilanga funa zithole amazolo bese ziphathwa 120 umkhuhlane omubi okuthiwa yisashu. Lokhu kumfundisa ngokungananazi umfana ukuthi yini inhlazane. UMakhathini, (2003) uyichaza kanje inhlazane: Ukukhaphela izinkomo ziyokudla ekuseni ngaphambi kokuba zisengwe kodwa kuqikelelwe ukuthi amazolo awasemaningi nelanga seliphakeme. Le ncazelo kaGxabhashe iyahambisana nekaNyembezi, (2002:187): Inhlazane ukwaluka kwezinkomo ziyokudla ngaphambi kokusenga ekuseni noma isikhathi sasemini yasekuseni. UMsimang, (1975:90) ubeka kanje ngenhlazane: Ngesikhathi sika-5 sekukhala izinkukhu zokugcina, sekuzontwela ezansi kushone ikhwezi bese zehla izinkukhu. Emva kwalokho liyaphuma ilanga, ngesilungu u-6. Kuzothi ngo-7 kuphume izinkomo okhokho bebethi into eyenzeke ngo-7, yenzeke ziphuma inhlazane. Eyenzeke ngo-11 sezibuya zizosengwa bebethi yenzeke emini yasekuseni noma zibuya inhlazane. Baphinde bafunde nendlela yokufuna izinkomo uma zibadukele ngokusebenzisa isilwanyana esincane okuthiwa unkomozingaphi. Lesi silwane sinekhanda elixegayo elikwazi ukuzungeza. Kuyekuthi lapho ligcine libheke ngakhona bafunele ngakhona. Imvamisa lesi silwanyana sijwayele ukungashayi phansi. Kulesi sibaya umfana uphinde afunde utshani obuhle obunothile nobunomsoco njengobabe, umnyankomo, insinde, intunga noqunga olusakhulayo. Baphinde bafunde notshani nezilwanyana eziyingozi njengendlolothi elikhula eduze nemifula lukhaphuzele lube luhlaza cwe kanti luyingozi ezinkomeni. Uma inkomo idle lobu tshani iqumba isisu, iyoze ilashwe ngokuthi iphuziswe 121 iyambazi noma iphuziswe izinsipho zotshwala. inkomo engadabuli kuso okuthiwa Kukhona nesilokazane umahambanendlwane noma unkulunkundleni. Lesi silokazane basetha leli gama ngoba sihlale sihudula indlwana eyakhiwe ngezinti ezisamhlanga. Siveza ikhanda laso, kuthi uma kuqhamuka okusasitha silifake phakathi ikhanjana. USibisi, (2007) uphawula kanje ngalesi silokazane: Uma ufuna ukubona indlu eyakhiwe ngobuchule bezinga eliphezulu ubozingela unkulunkundleni. Inhle ngendlela eyisimanga indlu yayo kepha nobungozi bayo ezinkomeni busezingeni eliphezulu. Izinkomo ziyawazi umahambanendlwana kodwa kuyenzeka ngeshwa ziwudle zingaqondile. Inkomo ikhihliza amagwebu ngokushesha, ingabe isakwazi ukudla. Uma kudenjeselwe ukuyiphuzisa ubisi, ishoba lingalala amazolo. Kukuso lesi sibaya lapho abafana abafunda khona izikhathi zokukhwelana kwezinkomo nokuzivikela uma sezimithi. UMsimang, (1975:151) ubeka kanje ngalokhu: Kungasengwa kukhanywe imilaza, kwethiwe amagula, izinkomo sezizoqala ukwetshisa khona esibayeni bese kuthiwa zisaphunga imikhonto. Kokunye zetshisa ngaphandle komuzi phansi kwezihlahla. Bangadla abafana sebezoziqhuba ziyophuza, ukusuka lapho sebezohlangana khona bashishizele amavukana nezinkunzi ukuba zikhwele izimanzi. Yilapho bebona khona nezithile ezizophunziswa izinkunzi ngokulokhu zizilandela kanti bese zibambile. Sebezofuna amafutha entothoviyane bagcobise, isithole leso ukuze siphephe. Esinye isilokazane esiyingozi inkume. Abafana bayafundiswa ukuthi bangazidlisi izinkomo otshanini obuseduze nasemazaleni nalapho kugcwele khona izinkume. Inkume nayo iyingozi uma inkomo ithuke yayidla. Kufanele 122 iphuziswe iyambazi elixutshwe namakhathakhatha athile ukuze ishoba lingalali amazolo. Okunye abakufundayo abafana ukuthi baqaphele amaguqa amaduna uma eqhuma izimpondo. Bazishaya ngethunga ukuze zibuye kahle, limise kahle ikakhulukazi uma befuna lelo guqa libe yinkunzi ukuze likwazi ukuphosa kahle uma selibhekene nezinye izinkunzi ngomuso. Kulesi sibaya abafana bafunda nokuqhatha izinkunzi. Awukho umdlalo othokozelwa abafana njengalona ekwaluseni. Kufanele kukhumbuleke ukuthi izinkunzi ziyinzalankomo. Ngaphandle kwazo izinkomo zingaba yindlala futhi ngeke zande. UBhengu, (2007) ubeka kanje ngokubaluleka kwenkunzi: Inkunzi ibalulekile njengenhloko esibayeni. Inkunzi inesithunzi futhi iyahlonishwa kakhulu ezinye izinkomo. Leyo nhlonipho ibisidlulela kumniniyo emphakathini. Ngakho uma inkunzi idume ngokudla umhlanganiso lokhu kwenzela umniniyo udumo. INkosi iyahlonishwa isizwe sayo njengoba nezinkomo zihlonipha inkunzi. INkosi iyona evikela isizwe sayo njengoba kwenza inkunzi. Ngenxa yalokhu kubaluleka inkunzi akulokothwa kulotsholwe ngayo ngaphandle uma isencane. U-ODoli, (1999:29) naye usika elijikayo: Bulls are a symbol of royalty and are associated with the monarchy. Noma zibaluleke kanjalo abafana bayaziqhatha. Abafana bafunda indlela yokuvava izinkunzi. Izinkunzi bazivava ngocelemba noma ngommese obukhali benze amabazela bese beyawuxhoza amabazela ngawo ucelemba noma basebenzise isihlabo ukuze zisuleke kahle izimpondo, zicije ngendlela 123 afuna ngayo umfana. Kufanele kuqapheleke ukuthi ngenkathi beyivava inkunzi, kungaze kufike ehlezeni okuwumongo wophondo. UNgcolosi, (2003) ubeka kanje ngokuvava: Kuyingozi kakhulu ukuvava inkunzi kuze kuvele ihleza ngoba uma inkunzi isihlaba usentu izimpondo ziyaphuka. Uma isivaviwe, abafana bagcoba izimpondo ngamafutha ukuze izimpondo ziqine zingephuki kalula. Enye indlela ejwayelekile yokulola inkuzi ukuyithela ngezibonkolo elunda noma ukuyiyisa esidulini. UMsimang, (1975:42) ubeke kanje ngalokhu: Bazama ngayo yonke imizamo ukuba inkunzi yakubo yehlule zonke ezinye zesigodi leso. Kuthi ekwaluseni bafune isidleke sezibonkolo emithini, bathi bangasithola basithathe basilahlele elunda lenkunzi. Zizoyiluma-ke izibonkolo kanti seziyayicija ukuba ibe nolaka olungayiwa. Kokunye bayisa endaweni eneziduli lapho izofike ihlabe khona uhlentu, izimpondo zingacijeki kube zinungu. Okunye okulola inkunzi kuyenze yale ukhasha ukuyicija izimpondo, uziphendule ngembazo zibheke emuva. Lokhu okuphemulile usuzokugcina emsamo endlini engenhla. Ngiyihulule imfibinga enye inkunzi ingadlela ogageni. Abanye baze basebenzise ngisho nemithi uqobo. Bayayigcaba ngamafutha ezinyamazane ezesabekayo njengengwe nenyathi, abanye bayigcobe ubuso ngamafutha ebhubesi ukuze elwa nayo imane itheneke amandla, ijokole ibone isilwane esesabekayo phambi kwayo. 124 Ukuyibongela futhi kungenye yezindlela zokuyifaka ugqozi. UNyembezi noNxumalo, (1966:31) ukweseka kanje lokhu: Abafana banomdlalo wokweqhatha izinkunzi zezinkomo. Ezinye izinkunzi zize ziwufunde lo mkhuba kangangokuthi bathi abafana bangayibongela nje iqhwishe, kube sengathi kunyakaza ithuku ekhanda. Kokunye abafana bayibongela bathi: Unkokhovula uzilubaluba Kabhekeki, kakhweleki Usihulahula sihahelwe ngamaQadasi Abathe ayasithathelela saqhwisha. (Nxumalo, 1966:31). Kwesinye isikhathi izinkunzi zilwa zilimazane ngomphoso noma enye ife nokufa uma iyihlabe kahle enxebeni. Isiko lilawulwa ukuthi uma inkunzi ibulewe ngenye zilwa, isixhanti saleyo efile sithathwa sidliwe ngabakuleyo nkunzi ebulele enye. Kungakho uKhumalo, (1993:87) ethi kulezi zibongo zenkunzi: Mama dlan‟ isixhanti, Mina ngizodl‟ ingiklane. 3.5.1 Ukungcweka nokweqhathwa Isibaya sesibili yilapho umfana ethola khona uqeqesho mayelana nolwazi lokuzakha. Lesi sibaya sibaluleke kakhulu ngoba ukuziphatha nokuzihlonipha umfana ukuthola lapha. Kukuso lesi sibaya lapho umfana eqhathwa khona. UNyembezi no Nxumalo, (1966:31) bakuchaza kanje ukweqhathwa: Lona ngumdlalo wabafana ekwaluseni onjongo yawo enkulu ukufundisa abafana induku nokubaqinisa ukuba bangabi ngamagwala. 125 UHone noDela Harpe, (2001:19) naye ushaya imvunge efanayo kanje: Boys begin training at an early age. They are taught the art of stick fighting by older boys and practice their fighting skills on one another and their accuracy with traditional weapons on small animals. At the age of ten they receive their first throwing spear and when they turn twelve accompany their brothers to military camps where they are taught discipline, fighting skills and warrior ethics. Kusobala ukuthi izinga nezinga lokwelusa lineqhaza elilibambayo empilweni yomfana. Uma kungase umfana eqe izinga elithile lokho kungasho ukulahlekelwa ulwazi olunzulu empilweni yakhe ngoba onke amazinga ahambisana nokukhula komqondo wakhe. Kuthi kwelusiwe isuke ingqwele ithi: “Sibanibani uthizeni uthi wena ungumfana.” Lo mfana lapho usho ukuthi uyakwehlula. Uma usibanibani ethi yena akasiye umfana, kusuka uthuli lwezichwe sekuliwa. Uma seziqina izinduku, ubonakala ngokusubatha ngejubane owehlulwayo. Lapho lona okuthiwa uyehlulwa engafuni ukulwa, kuyaye kuthiwe akamgqongqoze ekhanda ethi: Ngqongqongqo mfana ngiyakwehlula! Uphuz‟ ubisi lwembongolo. Mina ngiphuz‟ olwesithole sakithi uBhelebane. (Khumalo:2006). Lokhu kuyamthunaza umfana uthole kwenye inkathi esevuka indlobane noma kade esaba ngenxa yokuthintwa ikhanda. Ukuqhathwa kufundiswa umfana inhlonipho ngoba uqala khona ekwaluseni ukuhlonipha izingqwele, aphumele ngaphandle emphakathini ahloniphe abantu abadala abaziyo nangabaziyo. Agcine esehloniphe umphakathi wonkana abadala nabancane. Umhlaba awuhambe ngenhlonipho nentobeko. 126 Kukuso lesi sibaya lapho umfana efunda khona ukukhipha amangwevu ngenkathi kungcwekwa. UNyembezi, (1992:342) uwachaza kanje amangwevu: Induku eqhamuka ngaphezulu nangaphansi lapho kungcwekwa ngezinduku noma kuliwa. UHone noDela Harpe, (2001:21) baphawula kanje ngokungcweka: Stick fighting is a traditional sport. It requires great skills and agility and it is performed at large gatherings especially weddings. Two sticks are wielded one club shaped and able to split a skull, the other longer stick used to deflect blows. A small shield is carried to protect the knuckles. Blows are aimed at the head and knees. The fight ends once blood is drawn. The winner tends the wounds of the loser. Ukukhipha amangwevu kuyindlela ekhombisa izinga eliphezulu lokulwa futhi umfana usuke engafuni nangengozi ukugoba uphondo, esefuna ngenkani ukudla umhlanganiso. Akekho-ke umfana ofuna ukubizwa ngevaka aze acwiliselwe iphaphu emanzini. U-ODoli, (1999:16) uphawula kanje ngalo mdlalo: From an early age, young Zulu boys learn the art and intricacies of stick fighting. This competitive form of martial arts requires skill and discipline. Both boys and mature males compete against each other in teams or in individual hand-to-hand combat. In some areas, young women, especially those who herded cattle, also engaged in stick fighting against boys and other girls. Competitors carry small ceremonial shields and metre long sticks. The aim is to strike a blow to the opponent‟s head although blows to the body are counted. Strength and agility are learned through becoming adept at stick fighting as 127 Zulu youth try to emulate the legendary military might of Shaka. UMthembu, (1947:72) uyakweseka lokhu lapho eveza ikhono likaMkhishwa kanje: Kwakukhona inxeyana elaliselibaqedile abafana ngenduku. Lalinenduku yalo elaliyefundile elalisuke liyibeke emphinjeni kumfana, akhwehlele aze ayokuwa, uyavuka lapho ubaleka uyaphaphatheka angabheki ngemuva. Limshaye ligijime naye inxeyana. Kamukho umfana owayenesibindi sokubhekana nalo lelo nxeyana ngenxa yaleyo nduku yalo, lase liyingqwele. Ngenkathi umfana ekhipha amangwevu kufanele aqikelele ukuthi naye zingamnethi. Ngakho kufanele abe nobuchule nobunyoningco bokuvika. Umfana othi uma evika akhe uphahla lwenkawu uba yibhece labanye. Usuke ungemfana walutho kwaZulu uma ungakwazi ukushaya ikhwela. Ikhwela lingesinye sezikhali esidingekayo ekwaluseni. Uma izinkomo seziphambuka emzileni, zikhalinywa ngalo ikhwela. Uma umfana egiya noma ebongela inkunzi yakubo uma iqhathiwe, uyalishaya ikhwela ukuyipha umdlandla. Ikhwela libuye lisetshenziswe njengenye yezindlela zokukhuluma uma abantu beqhelelene. Libuye lidingeke uma umfana eseyinsizwa eseshela uma ekhuzela. Leli khwela lifundwa khona kulesi sibaya ngenkathi kusalusiwe. Lokhu kufakazelwa uNgema, (2007) ubeka kanje ngekhwela: Yilowo nalowo mfana uhlale ephokophele ukuba ungoti ekushayeni ikhwela. Phela ngaphandle kwalo ukwelusa kungaba yimfeketho. Ikhwela liyadingeka uma kunqandwa izinkomo, uma kukhuzelwa izinkabi noma kukhuzelwa izintombi. Liyasiza ukuchitha isizungu ngoba uma umfana elishaya kahle ungafunga ukuthi umtshingo. 128 Abafana baze babambe isilwanyana esihlala emanzini esibizwa ngokuthi “imfundamakhwela.” Lesi silwanyana basifakana olimini ngenkolelo yokuthi uma sike sabancinza ulimi, bazoba ngongoti ekushayeni ikhwela. Kukuso lesi sibaya lapho umfana efunda khona imidlalo nemikhutshana yasekwaluseni njengokuqwagela, iqanda lenjelane, ukubhukuda, ukushaya idadamu, ukutshuza ngisho nokudlala izingwenya uma kubhukudwa. 3.5.2 Izimo zemvelo nezilwane Esesithathu isibaya yileso sokufunda ngemvelo. Kulesi sibaya abafana bafunda nesimo sezulu, izinyoni ezinhlobonhlobo, izilwane, izinambuzane, izinyoka kanye nezilwane. Abantu base-Afrika banekhono elikhulu lokuqagula isimo sezulu bashaye emhlolweni ngaphandle kokusebenzisa imishini yaseNtshonalanga lena ebuye idle imbumba. Lokhu kufakazelwa uDirie, (1998:24): No one owns the grazing land in Somalia, so it was up to me to be cunning, and discover areas with lots of plants for my goats and sheep. My survival instincts were honed to look for signs of rain, and I scanned the sky for clouds. My other senses also came into play, because a particular smell or a certain feeling in the air predicted rain. Nabafana bafunda ukwazi ukuthi uma libalele kakhulu kuthiwa likhipha inhlanzi emanzini noma likhipha umkhovu etsheni. Bafunda nokubona isimo sezulu kusekude. Bayafunda ukuthi babone uma lizokhipha umkhovu etsheni, bababona ngomlalamvubu ekuseni. Bayafunda ukubona izulu uma lizoduma noma lizona ngokuthi bafunde ukunaka ukuhlanganisa kwamafu nokuvunguza komoya. Bayatshelwa ukuthi uma kuvunguza inyakatho kusuke kuzona umvimbi. Isikhathi esiningi uma lisahosha inyakatho kuthiwa lisekude. Uma 129 seliwuphendula, lihosha iNingizimu bayazi ukuthi lizoyishaya futhi seliseduze. Baqonda ngisho ishisandlu nesivuvu nesifudumezi esikhwezelwa ukunkeneneza kwezinyendle nezihlonono. UNyembezi, (1953:43) ubeka kanje ukweseka lo mbono: Ilanga lalingashisi nje, lalikhipha inhlanzi emanzini. Kwakungekho ngisho nomoyana nje ohelezayo. Abafana base belazi ukuthi livama ukuduma emini yantambama. Yikho nje nangaleli langa kwathi noma belibona lihloma, abaze bazikhathaza kakhulu. Bafunda kabanzi ngenhlazane, isikhathi lapho sekubuya izinkomo zizosengwa. Bayazi ukuthi kusho ukuthini ukuthi sebebade, selibantubahle nokuthi amathunzi aseyewukela noma selimathunzi ezintaba. Bafunda ukwazi ukuthi uma seliyoshona kuthiwa seliyozilahla kunina nom seliya ngomutsha wendoda. Lokho kusho ukuthini kubo mayelana nokubuya kwezinkomo, zivalelwe kusakhanya ukuze umnumzane akwazi ukuzibona kusakhanya. Kuyathokozisa ukwazi ukuthi noma ayengekho amawashi endulo kepha abantu bakaMalandela babenazo izindlela zokuqaphela isikhathi. Lokhu kuyafakazelwa uManzini, (1996:44): Ephuzwini kodwa lokungasigcini isikhathi, sengathi lokhu bekwenziwa ukungabi nawo amawashi, kwazise phela nalo liyinto yakhona kobelungu. UZulu wansondo nje, uZulu kaNkotheni, wayelazelaphi iwashi? Khona enalo khona engenalo wayezohlushwa yini, ngoba likhona ilanga likaMvelingqangi, ayekwazi ukukala ngalo isikhathi? Ebusuku khona wayezohlushwa yini ngoba zazikhona izinkanyezi zomkhathi? Wayezolinganisa ngokuphuma kwesicelankobe ukuthi sekuyisikhathi sini. Uma sekusa futhi ikhona indonsamasuku yini eyayingamhlupha? Nangaphandle nje kokusebenzisa umkhathi, amaqhude ayefuywe cishe kuyo yonke imizi, ngakho-ke wayezozwa uma sekukhala 130 ezokuqala zibikezela ukusa, nezesibili njalo njalo. Ziningi izinkomba uMdali azidalile ezikhomba isikhathi ngaphandle kwewashi. Ingani ngisho isithunzi sakhe umuntu uqobo, siyakhombisa ukuthi njengamanje sekuyisemini ende noma sekuntambama. Lokhu kukhonjiswa ukujikajika kwesithunzi sakho sithatha izimo ezehlukene. Uma liguqubele okungabafana uma kwelusile laphaya, sekufuna ukubona ukuthi ngabe selishonile yini, kuzothatha isikhuni esivuthayo kusibhizise emoyeni. Indlela isikhuni esizokhanya ngayo izokhombisa ukuthi selishonile noma alikashoni. Kuyamangaza ukuthi iqhude lihlale lisihlaba esikhonkosini isikhathi, leyo imfihlo kaMlenzemunye. Ongoti, ochwepheshe nezinzululwazi azikayitholi impendulo yalokho. Lokho kukhombisa ubukhulu boPhezukonke. Bafunda kabanzi ngesikabhadakazi ukuthi kuphenduka umthala. Bayazi uma sekusa ukuthi kuphuma sekumpondozankomo, indonsakusa sekuchinsa nekhwezi. umthini nomchitha Bayazi ukuthi zingeje kanye nokuchama kwenkunzi ukuthi kusho ukuthini kumfana. Umfana kufanele achame kuqala inkunzi yakubo ingakachami ekuseni uma efuna ukuba yindoda. Kulesi sibaya bafunda kabanzi ngokulima odedangendlale bamasimu besebenzisa izinkabi. Bafunda ukuklama izindima, baphinde baqeqeshwe kabanzi ngokubophela izinkabi, ukufakwa kwejoka nokufakwa kwezitilobho, bazi ukuthi kufanele sifakwe kuliphi iso ukuze ingaklinyeki noma idonsele phezulu. Baqeqeshwa ukuhola izinkabi bagcine sebengongoti sebekwazi ukuziphosela nabo. Ukuziphosela ukuthandela izintambo ezimpondweni noma ejokeni uma ifolosi kuyinqudulu, ukuzidedela zilime ngaphandle komholi. namatilosi. Bayazazi ezingamafolosi, ezingamanasifolo, ezingamanasitili Bayazazi futhi eziqala ijoka uma ziboshelwa nezingaliqali. Bayazazi ezisemseleni uma kuklanywa noma kulinywa ukuze zingashiyi amabhange. Bayazazi futhi ezihlabayo nezingahlabi. Uma bengalimi, basuke 131 beklabise izinkomo. Ngenxa yoqeqesho abasuke sebenalo, bayazazi izindawo ezinotshani obumnandi nomsoco njengobabe, imbanjane, umnyankamo kanye nensinde noma bazikhothise emingceleni yamasimu akubo. Emva kokuvuna abafana bayaziyeka ukuba zingene emasimini zidle amahlanga bese kuthiwa ziyabhuqa, ziyahasha noma ziyahashaza. Ngaphambi kokuba ziwadle, ziyashunqiselwa. Lokhu kuyisiko lakwaMthaniya ukugwema izilwane ukuthi zingaguli. UMsimang, (1975:42) ubeka kanje ngalokhu: Okunye okusemqoka ukuzishunqisela izinkomo. Zishunqiselwa uma zizoqala ukudla amahlanga. Lokhu kusafana nokweshwama uma amaZulu ezoqala ukudla okusha. Izinkomo zona zishunqiselwa ngamakhambi aziwa yizinyanga (ngisazoxoxa ngawo). Kufike kubaswe ikloba lomlilo esangweni ngesikhathi sasekuseni bese zikhishwa izinkomo ukuze zeqe kulo mshunqiso zonke. Ziyashunqiselwa futhi lapho kufuneka ukuba zingalalelwa. Nakukho lokhu kulandwa inyanga yezinkomo ezofike izishunqisele ngenyamazane okuthiwa igogo. Izinkomo ezishunqiselwayo ziyabukeka, zinone, nemibala yazo ichache kahle. Amahlanga anomsoco ngoba ngenkathi ziwadla zithola nommbila ongemuhle osale ngenkathi kuvunwa ngenxa yesimo sawo. ubungemuhle noma ubusungenwe zibungu. Kungenzeka ukuthi Izinkomo zidla amahlanga ngoNhlaba, Nhlangulana noNtulikazi okuyizinyanga zasekwindla nasebusika. NgoNcwaba, emva kwembozisamahlanga, kuyaphendulwa emasimini ukuze kuthukuswe ngoMandulo. Ukubaluleka kokuqapha imfuyo nakho kutholakala kuso lesi sibaya. Usuke ebhekwe isambane umfana othi uma elusile wehluleka ukukhalima noma ukweqela izinkomo zaze zayodla ukudla. Kutshutshumba inhliziyo uma umfana esezwa egconwa abantu noma abanye abafana eluse nabo becula noma sebememeza bethi: 132 Mabele‟ bele zayigomfela, Mabele‟ bele zayigomfela, Uyoz‟ ayibonele; Uyoz‟ ayibonele. Sidwaba sikanyoko gay‟ izimpothulo Ekhaya. Abanye bathi: Leke‟ leke zayigomfela, Leke‟ leke zayigomfela, Uyoz‟ ayibonele, Uyoz‟ ayibonele. Khanda lentulo Gay‟ isicaba sezimpothulo Nkomo zobuya nini embileni? (Maphumulo noThwala, (1989:53). Usuke echashwa ngenhlamba umfana osuke ehluleke ukukhalima izinkomo, ebizwa ngesidwaba sikanina kumbe ikhanda lentulo elacabanga ukuthi abantu bafe. Lokhu kubikezela nokuthi abantu bazobulawa wumashayandawonye ngenxa yomfana owehlulwa wukwelusa. Engezwa lesi saga noma lo mculo umelusi uvuka azithathe, anikele lapho izinkomo zona ngakhona. Inhloso yalokhu ukwenza umelusi ukuthi ahlale njalo eyiqaphile imfuyo yakubo. Imvamisa bakwenza lokhu uma sebebona ukuthi sekuziwombana lo melusi ephunyukwa izinkomo ngakho kufanele afunde ukuvula amehlo uma elusile. Okulandela lapha uswazi ethelwa yizingqwele noma abadala ngoba impahla iyakona ukudla okutshaliwe kokunye imizi ize imangalelane koNkosi, kudliwe noma inkomo ngomonakalo. Uzozo wesilonda kumfana ukudliwa kwenkomo yakubo ngenxa yephutha lakhe lokubhudla ubuthongo emini elusile. ULanga, (1997:18) usichaza kanje lesi saga: Ukuthi mabelebele zayigomfela yisiZulu esidala. Kungenzeka ukuthi amabelebele lawa ngamabele. Ukugomfela lokhu kungasho ukudliwa yizinkomo kwento 133 enamanzi efana nemfe kanjena. Ukuyiyekelela lokhu ukuthi umuntu aze azibonele, kwenza ukuthi umfana ahlale evule amehlo azi ukuthi akukho muntu ozomenzela umsebenzi wakhe. Umfana owehlelwe yilo mshophi akalokothi alale ekhaya ngalelo langa ngoba esaba idicane azolithola ekhaya noma kumnininsimu. UMaphumulo, (1989:53) ukweseka kanje lokhu: Umelusi wezinkomo wayengalingi elale ekhaya ngalelo langa ngoba uyazi ukuthi wayezoshaywa, noma kufike umnini wensimu ezomvimbezela ekuseni. Ubelala kwamalume wakhe noma kwabanye abafana kuze kuphele uthuthuva. Kokunye umfana ulala esibayeni noma ethombeni namathole. Nakhona ulala obenyoni ngoba ulala ethuka. Kungakho kuze kuthiwe ulala obothi ngoba akwehlukene nokuthi ulele othini njengenyoni, uqaphele ingozi ezomehlela. Ngenxa yolwazi olunzulu lwemvelo abafana abanalo bayaqikelela ukuthi uma izinkomo sezibuya ekhaphelweni bayaziklabisa uma seliya ngomutsha wendoda sezibhekise amabombo emakhaya. Bazikhothisa emingceleni yamasimu akubo lapho kukhona utshani obuhle obukhephuzelayo njengobabe kodwa kufanele baqaphele zingakhothi ukudla. Ngakho-ke bazama ngayo yonke indlela ukuthi ngenkathi ziklabile zibe ndawonye ukuze zingabahlubuki. Kuyenzeka baziklabise nasezimfundeni zemifula noma lapho kukhona khona ikhaba. UMahlase, (2003) ubeka kanje ngokuklabisa: Umalusi ongaziklabisi izinkomo usuke engaphusile ekhanda ngoba yilapho zithola utshani ezizobetshisa uma seziyolala. Ziyakhuluphala nemibala yazo igqame uma zinakekelwa kanjalo. 134 Abafana bayaziqikelela ukuthi uma sebebona ukuthi utshani abusebuhle kulelo dlelo bathungathe namanye asenotshanyana. Zizohamba zikhothakhotha kulawo madlelo zidlulele kwamanye zize zesuthe. Lowo mkhutshana ubizwa ngokuthi ukukhothisa. Uma izinkomo zibuya inhlazane zisuke zisuthi kade ziphuma ekhaphelweni bese zithola ithuba lokwetshisa. Kuyenzeka zetshise khona esibayeni kusasengwa, lokho kubizwa ngokuthi ukuphunga imikhonto. Imvamisa zetshisa ngaphandle komuzi kude le ngaphansi kwezihlahla. UMsimang, (1975:151) uyakweseka lokhu: Kungasengwa kukhanywe imilaza, kwethiwe amagula, izinkomo sezizoqala ukwetshisa khona esibayeni bese kuthiwa zisaphunga imikhonto. Kokunye zetshisa ngaphandle komuzi phansi kwezihlahla. Bangadla abafana sebezoziqhuba ziyophuza, ukusuka lapho seziya ekhaphelweni. Kungale nkathi lapho sebezohlangana khona bashishizele amavukana nezinkunzi ukuba zikhwele izimanzi. Ukwetshisa isikhathi lapho inkomo ikhipha khona utshani ekade ibufihle esiswini bese ibuhlafuna isibucolisisa bese iyabugwinya. Kulolu khalo, umfana ufunda ukwazi ukuthi inkomo inezisu ezine. Kukhona usu, itwani, ingobo nosinyaka. Inkomo uma idla idlela esiswini sokuqala okuyusu. Ngale nkathi isuke ibuthela nje ingahlafunisisi. Izokuthi ingathola ithuba lapho isisuthi noma ebusuku noma iphunga imikhonto, isizobuyisa utshani obusoswini isibuhlafunisisa. Busuka lapha emlonyeni buye esiswini sesibili sebuyogaywa kuso okuthiwa yitwani. Kusuka lapha kuya sekuya kwingobo sekulungela ukuya kusinyaka namathumbu ukuze kumuncwe yigazi. Okusalayo lapho sekwedlulela kupopopo ukuze kuyokuba ubulongwe. Ngakho izinkomo ziyetshisa ngenkathi ziphunga imikhonto noma emva kokuphuza amanzi emini noma esibayeni ebusuku. Ukwetshisa kubuye kuthiwe ukuhlwabula ngoba inkomo isuke ima izwa ubumnandi botshani ebudlile behla esiphundu. Isikhathi esiningi yetshisa iqule ngamanye amazwi ilele. Kuyenzeka yetshise imile. 135 Ukuthanda nokunakekela imfuyo ezinye zezinto abafundiswa ukuthi baziqikelele, ngakho-ke abafana bayaziqikelela ukuthi bayazipha ithuba lokuphumula. Lelo thuba lokuphumula libizwa ngokuthi ukuqula. Izinkomo ziyaqula zibe ndawonye imvamisa uma sezibuya kophuziswa amanzi emfuleni bese zilala zibe yiqulu ngaphansi kwezihlahla. Kuyenzeka inkomo uyithole isiqula iyodwa esibayeni noma edlelweni. Zikukhonzile izinkomo ukuqula emva kokudla noma kokuphuza amanzi. Kufanele kukhumbuleke ukuthi ithuba lokukhuthaza izinkunzi namavukana ukuba zikhwele izimazi ngoba wonke umfana uyathanda ukuba imfuyo yakubo yande. 3.6 Isiphetho Kucacile kulesi sahluko ukuthi umfana umumatha umthamo okwazi ukuwuhlafuna ngokuba eluse imfuyo ehambisana nokukhula komqondo nomzimba wakhe uqala ezinkukhwini eze ezimbuzini nezimvu, enyukele emvemveni nasemankonyaneni aze ayogogoda ngokwelusa izinkomo. Kungenkathi elusile lapho efunda khona ulwazi lokuzakha njengenhlonipho lapho ehlonipha izingqwele lapho zimqhatha noma zimphoqa ukuthi angcweke noma engathandi. 136 ISAHLUKO SESINE 4.0 IMFUNDISO NOLWAZI OLUTHOLAKALA EKWALUSENI 4.1 Isingeniso Kuliqiniso elingephikwe ukuthi ukwelusa lokhu akukhona ukukhalima izinkomo ukuba zingawadli amasimu abantu noma ukukhaphela imfuyo emadlelweni ukuze zingabhuqwabhuqwa umashayandawonye. okukhulu kunakho konke ulwazi noqeqesho olunzulu oluzuzwa khona. UDonda, (1997:9) ukuveza obala lokhu: Kusuke kwelusiwe lapho abafana befunda khona imikhuba ebalulekile yesizwe. Kufundwa ukuhlonipha izingqwele. Zike zibathume ukuyoqwagela bangathi vu, futhi bangasho emakhaya. Kukule ndawo lapho befunda khona ukuhlaba insema ngezinkande. Basuke bevivinywa ukuze babe yizingwazi zesizwe. Bafundiswa ukushaya induku uma beqhathwa ukuze bakwazi ukubekezelela ubuhlungu bempilo uma sebekhulile, bakwazi futhi ukulwela iNkosi yabo. Kufuneka abantu abanesibindi abangahlehli nakanci. Kusendle lapha kufundwa khona amagama ezilwane kanye nemithi yasendle. Abanye babegcina bengamaphisi okuyinto edingekayo eqhaweni lesizwe. Lo mbono uphinde usekelwe u-Odoli, (1999:22): The herding of cattle provides unique experience and training in responsibility, accountability, leadership and prowess. These attributes are achieved through accounting and carrying out instructions from the cattle owners, the community, iNkosi and parents. 137 Kepha Abafana bachitha isikhathi esiningi besendle, belusile njengoba nasesikhathini samanje abantwana bechitha usuku lonke besesikoleni beyothola ulwazi noqeqesho oluthile. UBhengu, (2007) ubeka kanje ngalezi zikole: Mkhulu umehluko oqeqeshweni olutholakala ekwaluseni nalolo olutholakala ezikhungweni zesimanje. Ezikhungweni zesimanje umntwana uthola uqeqesho lomkhakha othize ukuze akwazi ukuthola isinkwa uma esephothulile. Uma efuna okunye angazange akuqeqeshelwe kuleso sikhungo kufanele isandla sigudle imbilaphi nesinye isikhathi futhi uma esefuna ukuqhubekela phambili. Ekwaluseni kutholakala yonke inhlobo yoqeqesho ngesikhathi esifanele futhi bhusende. Isikhungo sasekwaluseni sibanzi kakhulu kunalezi zesimanje zona ezibonakala ngenani lezakhiwo. Kulo dedangendlale wesikhungo abafana bathola uqeqesho olunhlobonhlobo njengokwazi ngokungananazi imibala yezinkomo, ulwazi lwesimo sezulu, ulwazi lwemithi nezihlahla, olwezilwane, amakhambi angasiza imfuyo, ulwazi nemikhutshana yokweshela kanye nokufunda inhlonipho kanye nolwazi lokuqapha imfuyo ngeso lokhozi. 4.2 Ulwazi lwemibala yezinkomo Umbala uyinto ebalulekile esintwini. Uma umuntu efuna ukuyothenga okokugqoka, usuke esazi kamhlophe ukuthi uyothenga okumbala muni. Uma uyothenga imoto nombala ubamba elikhulu iqhaza. ehlotshaniswe kakhulu nabesifazane. UBhengu, (2007) uphawula kanje ngombala: Ubuhle bento bulele embaleni wayo. Umbala yiwona okuhehayo uma ubona into futhi umbala yiwona okhombisa isimo. Uma kuyisifo kusetshenziswa omnyama, uma 138 Kukhona imibala kujatshulwe omhlophe, owothando obomvu nokumhlophe. Nobuhlalu uma kwenziwa ucu buxoxa indaba evuthiwe ngenxa yemibala. Ngisho nentombi idla umhlanganiso ngebala layo. Nasezinkomeni ngaphandle kobuningi nokukhuluphala kwazo, umninizo uziqhayisa kakhulu ngemibala yazo. Okubuhlungu ukuthi imibala ezilwaneni umninizo akanaqhaza alibambayo ekubekeni imibala yazo ngoba konke kuwumusa kaMvelinqangi. Noma kunjalo umninizo uyincoma imibala yazo kube sengathi yayibekwe nguye. Abanye baze baboleke isilwane seduna kumniniso ukuthi sizokhwela esakhe sensikazi ukuze athole lowo mbala awuhalelayo. Umnumzana ubeka inkunzi ewumbala awuthandayo. Ngenxa yokubaluleka kombala, ukubaluleka kwawo kutuseka noma isilwane sesaba mathamb‟ amhlophe. Uma ibambene uma insizwa ihlabana uyizwa isimemeza izibongela ithi: “Ngadla ngenkomo yakithi emaqandakawayiba!” Lapho isuke incoma ihawu esuke ivika ngalo. Noma futhi zidelelana, enye iyaye isho kwenye ukuthi: “Emdlalweni othize ubofika nawe uyiphethe inkomo yakwenu ngoba nami ngiyobe ngiyiphethe eyakwethu.” Nalapho isuke ichaza ukuthi akophatha umdlela awethembayo nawuthandayo. Akekho umuntu ongeza emdlalweni ephethe ihawu elinombala ongemuhle. UDonda, (1997:3) uyakuveza lokho: Izinhlobo zonke zamabheshu kusuka eNdunukeni kuya kuMangwaza yizinkomo zodwa. Izinhlobo zonke zezihlangu yizinkomo zodwa. UBhongoza owaholela izinsizwa ophathe wazikhohlisa wathi yizinkomo kanti ngamabutho athwele izihlangu emakhanda. Uma izinsizwa zedelelana iye isho enye ithi: “Emdlalweni othile wofika nawe uyiphethe inkomo yakwenu ngoba nami ngiyobe ngiyiphethe eyakwethu.” Le nkulumo isho ukuthi iyosha induku phakathi kwalezi zinsizwa. Izinduna zezinsizwa ziyovele zithi abayekwe batitinyane, kuthi leyo naleyo nsizwa isungubale ngenkomo yakwabo. 139 Into enhle iyanconywa ngakho nensizwa leyo angeke income ihawu layo elihle uma iyofika iphethe umhlola wento engabukeki wehawu ngelanga lelo. UMsimang, (1976:88) uyakuseka lokhu lapho eveza induna yamabutho uSontinge exoxela iNkosi uCetshwayo ngokuhlabana kwamabutho akhe eSandlwana kanje: Sontinge: Ndabezitha, iqale yaphaphalaza iNgobamakhosi, yalibala ukuhubhana namambuka kanye nebutho labeSuthu kanti umbayimbayi uyasibhuqa. Nokho ithe ingahlanganisa kwathokoza oWashesha kumagosanqangi, UWashesha njengezulu, ephikelele koSigidi. Kwahlabana oNtabeni kwabakaNtobolongwana, UHeqe kumgwaza, uNdondoz‟ umuntu abuye notho. UMkhono ovikel‟ isibili... Lapho bese sicoboshisa Ndabezitha. Sishaye ibhuqe kubeLungu. Zihlabene izingwazi zakho wena weqhawe, zihlabana kunzima. Kuhlabene oMagemfu umfo kaQili, wakhala ngenkomo yakwabo, kukhala yena uSitshaka singutshwala, uGundane nyan‟ okumanzi, amanye enya okomileyo, uMethameli wezigcaki ezimbili, esinye siseDlinza esinye siseShowe. UQili ngokuphambana namany‟ amaqili... Cetshwayo: Kodwa ngiwaphethe amaqhawe Bhejana, uyezwa nje? Bhejana: Ndabezitha, ulanda nje umfo kaKhoboyela sengifile, sengifisa sengathi nami ngabe bengikhona ngizifikisele ngenkomo yakwethu. Ngesinye isikhathi kubuhlungu ukuba inceku. Wo! Hiya! Ukubaluleka kwemibala yezinkomo kuqashelwa ngisho nangamakhosi imbala. Amakhosi akukhonzile ukwehlukanisa izinkomo ngemibala yazo. Kukhona leyo mibala ethathwa ngamakhosi njengeyekhethelo. 140 Lokhu kufakazelwa uMsimang, (1975:37): Sengilandile ngokubaluleka kwezinkomo. Sengichazile imisebenzi yazo, nendlela ezazitholakala ngayo. Sengishilo ngathi zingumthombo wengcebo kanti futhi ziligugu. Njengoba ziligugu nje-ke, kusho ukuthi nemibala yazo yayikhonziwe kakhulu. Amakhosi ayethanda ukuzehlukanisa ngemibala yazo; kuthi ezinkone zidle zodwa, eziyindlu ivaliwe zibe zodwa, kanti nomtshezi ubuweluswa wodwa. Usuke engumkhufekhufe umkhongi ohamba engayazi imibala yezinkomo azokhonga ngazo ngoba uma esefike emzini, kufanele athi engakhuleka, azithamunde izinkomo aziphethe ngemibala yazo, asho nezingekho. Yingakho umkhongi kufanele kube umuntu okhaliphile futhi oligagu. Lokhu kunanelwa uGcumisa noMthiyane, (1992:45): Isiqalo sokulobola-ke ukukhonga. Umkhongi ukhethwa ngokuchophelela nguyise wensizwa eganwayo. Kuba ngumuntu oseqinile. Okubalulekile ukuthi ukuba ngumuntu oliciko negagu lokukhuluma. Kuba ngumuntu ongadlanga impundu. Kumele akhumbule kahle konke okuyimilayezo ayiphathisiweyo ukuya nokubuya emzini. Kumele imibala nokumisa kwamabheka nezithakazelo zalapho eyokokha khona umlilo akwazisise futhi akukhumbule kahle ukuze angakudidanisi bese ekuxova phambili. Usuke eseqale wayiqeda ingxoxo umkhongi uma esethe “ngiphethe amatshehlathi.” Lapha usuke eqonde ukusho inkomo exube ngokulinganayo amabala amhlophe namnyama noma amdaka. UGcumisa noMthiyane, (1992:46) bayakweseka lokhu: Khona lapho iciko selizozithaphuza ngemibala 141 lomkhongi yazo lezo eliziphathisiwe ukuba lakhe ngazo ubuhlobo kanje: Baba! Nxaba! Mbikonde! OkaNdwandwe uthi ngomthantikazi wakhe omvubamabele funela neno. (Ahlabe ikhefu). Uthi ngethokazi elimzondo, iguqa elimatshehlathi kanye nentenjane ensizwa angimcelele isihlobo esihle. Ngiyema lapho baba. Mzoneli! Umkhongi uma eyocela isihlobo esihle uyaqikelela ukuthi umemeza ngezinkomo ezinemibala emihle futhi ehehayo ukuze abe nogazi. UGcumisa noMthiyane, (1992:50) bathi: Uma kulotsholwa umkhongi oyocela isihlobo esihle, izinkomo acela ngazo wayezibiza ngemibala yazo. Wayebala ezinemibala emihle ekhangayo. Kubalulekile ukuthi imibala kube ekhangayo ngoba nomsebenzi ezizowenza muhle ngoba kuzokwakhiwa ubuhlobo hhayi kube imibala eduma sengathi isifo. Lokhu kuphinde kusekelwe uDonda, (1997:1): Uma kukhulunywa ngamalekeka kusuke kukhulunywa ngezinkomo. Uzwe kuthiwa intombazane yalotsholwa ngeshumi nengquthu. Yimibala yezinkomo enika umkhongi isithunzi nesizotha. Imibala amemeze ngayo kuba kuhle kudelise uma elethe yona namhla esezilethile izinkomo. Yizo phela lezi zinkomo umlobokazi abizwa ngazo ukuthi ungumlobokazi ngoba alotsholwa. Nasekhweni umkhwenyana bambiza ngokuthi wumkhwenyana wezinkomo. Kule mihla yobubha nesomiso abantu sebalobola ngesigqabo sikaKhwini, imali phela. Noma kunjalo bayibiza ngokuthi 142 yizinkomo zephakethe. Uzwa sekuthiwa imihlandla yezinkomo ayilingani. Besho yona imali le. Ngaphandle kokubaluleka kwemibala uma kukhongwa, imibala yezinkomo ibalulekile lapho sekusikwa amahawu ngoba umbala wawo kufanele ube muhle futhi nomninilo aziqhayise ngalo. UGcumisa noMthiyane, (1992:50) baphinde bakweseke lokhu: Imibala yayibaluleke kakhulu ekusikweni kwamahawu. Izinsizwa zabutho linye zazisika izihlangu zombala ofanayo. Uma kuyinyonikayiphumuli kube yinyonikayiphumuli zonke. Uma kuyinsingizisuka kube yiyona zonke. Kwakungumbuso emakhosini ukuba nemihlambi yekhethelo lemibala ethile emihle eklaba ngokwehlukana. Lo mbono uphinde usekwe uMsimang, (1975:38): Okunye okukhomba ukubaluleka kwemibala yezinkomo, ukusika amahawu afanayo ezinsizwa ezibutho linye. Ayehlukaniswa kanjalo amabutho. Izinsizwa eziyintanga yomkhwenyana odwendweni nazo zibonakala ngamabheshu afanayo. Uma zibambene izinsizwa ungayizwa insizwa ithi: “Ngadla mina kababa ngenkomo kababa emaqandakawayiba.” Ngalokho insizwa isuke incoma ukuthi ihawu layo, liyisebenzele yakwazi ukuvika, yathola nentuba yokugalela esitheni sayo. UDonda, (1997:1) uyakwesekela lokhu: “Ngadla ngenkomo kababa.” Isho njalo insizwa. Uma isihlabana ngenkomo isuke iqonde umdlela esuke ivika ngawo. Konke umuntu akuqokelele ngensebenzo yakhe akasho ukuthi ngokwakhe, kepha ukubiza 143 ngoyise. Ukubiza ngoyise ngoba amandla onke akuye wahleshulelwa wuyise ngoba lonke igazi elimveneneza ngemithambo yakhe ngelikayise. Uyise wakukhokhela ngezinkomo ukuba ahlephule la mandla akhe. UDonda, (1999:3) uyaqhubeka akuveze kanje: Izinhlobo zonke zezihlangu yizinkomo zodwa. UBhongoza owaholela izinsizwa ophathe wazikhohlisa wathi yizinkomo kanti ngamabutho athwele izihlangu emakhanda. Uma izinsizwa zedelelana iye isho enye ithi: “Emdlalweni othile wofika nawe uyiphethe inkomo yakwenu ngoba nami ngiyobe ngiyiphethe eyakwethu.” Le nkulumo isho ukuthi iyosha induku phakathi kwalezi zinsizwa. Izinduna zezinsizwa ziyovele zithi abayekwe batitinyane, kuthi leyo naleyo nsizwa isungubale ngenkomo yakwabo. Ukubaluleka kwemibala kubonakala ngisho nasemabheshwini. KwelikaMthaniya izinsizwa ezingontanga zejwayele ukuvunula ngamabheshu anemibala efanayo namabutho ahlukaniswa ngayo imibala yamabheshu. UMsimang, (1975:38) uyakufakazela lokhu: Izinsizwa eziyintanga yomkhwenyana odwendweni nazo zibonakala ngamabheshu afanayo. Lokhu kuphinde kwesekwe uZama, (1967:13) lapho eveze indodana kaNqakamantshe uDlovunga esethanda ukudideka ngenkathi bebizwa komkhulu ukuyohlasela waze watakulwa ukubona imibala yamabheshu nezihlangu namabheshu eSangqu kanje: Hhayi-ke, njengoba nathi sase silandela isithunzi esase sisazi ukuthi ngesikababa, samlandela siphuthuma ukuthi simfice ngoba wayehamba ngamandla. Ngokufinyelela kwethu ezibukweni ayewele kulo, sambona esengaphesheya komfula, esedundubalela 144 okhalweni olwaluzosidonsela emuzini weNkosi uGazi. Njengoba ngaleyonkathi kwase kusile gelekeqe, sanele nje saqhamukela okhalweni sakhangwa yizixuku ezimbili ezinkulu ezazime zagqagqana okhalweni. Ngezaga ezazikhuzwa yileso naleso sixuku, kwazise ukuthi zazingafani izaga zazo, kwashesha ukusikhanyela ukuthi isixuku esasimi ngakwesokunxele kwakungesabaShokobezi, ibutho lethu thina esasiyizinsizwa. “Hhiya hho! yiSangqu! Yithi iSangqu!” Kuzwakala inhlokomo yamazwi amaningi okwathi lapho sesibhekisisa sakhangwa yizidlodlo zombala omhlophe nomnyama kanti futhi izihlangu namabheshu kwaku okwayo leyomibala elalivunula ngayo ibutho leSangqu. Kwanele nje kwanqamuka ukukhuzwa kwalesosaga, sezwa izwi likababa owayesekude-buduze nebutho lakhe. Washo ngephimbo elezwakala kunoma ubani ukuthi laliqukethe ukuzimisela ukuyilwela iNkosi yakhe, lapho esebingelela ibutho lawontanga yabo ngokuthi: “Hhiya hho! yiSangqu! Ubani oyolimaza iNkosi yethu sikhona?” ISangqu samphendula ngokuthi: “Akekho! Akekho!” Kufanele silethulele isigqoko iLembe eleq‟ amanye amalembe ngokukhalipha neNkosi uCetshwayo ngokusilethela izinkomo ezimbalabala lapha kwelikaMthaniya. INkosi uShaka wayezihlasela ephindelela izizwe, kuthi uma esezinqobile, athathe izinkomo ezinhlobonhlobo zezizwe ngezizwe. Lokhu kufakazelwa uLamula, (1963:118): Kangibazi kahle laba okuthiwa aBamadlodlongwana abaphotha imiyeko, bakaShaka, nalaba okuthiwa ngabaBomvana, nalapho futhi kuthiwa “Wabuya esikhaleni senyoka.” Nabo abakwaZulu kabazange 145 baliqonde kahle lonke izwe abahlasela kulo ngenkathi kaShaka, ngoba kuthiwa yena wayethi uzakufika lapho kugcina khona izwe, awanqobe onke amakhosi. Yikho lokho nje okwenza ukuba aphake impi ayisingise le na le. Kwamhuha kakhulu ukuba abone impi yakhe ibuya nezinkomo zezizwe ngezizwe. Wayeyelokhu ebona ukuthi kusasa kofika eminye imibala. Lo mbono uphinde wesekwe uMsimang, (1975:38): Ezibongweni zikaShaka sifunda ukuthi izinkomo ezimbala mihle bezidliwa ezizweni ezehlulwayo, le mibala ibiligugu. Nanso phela imbongi uihi: “Uwaba lezinkomo zikaMshweshwe.” Sengathi iNkosi uCetshwayo wayeyithanda imibala emihle njengoyisekazi uShaka. Nakho phela imbongi ithi: “Washikizela uMashikizela omnyama; Edondolozela ngenhlendla yakhe. Eyoshona ngesikhala sikaMpehlela noMaqhwakazi; Eya ngoNohadu obezalwa uMsweli; Uyawukhokha umnyatheliso; Iqabi lakwabo elinkone lezinkabi.” Nansi-ke imibala yezinkomo etholakala kwelikaPhunga engaconsi phansi. Amatshehlathi/Amatshehlathikazi – inkomo exube umbala omnyama nomhlophe. Ukuxuba kwalo mbala kuyenza ifane namatshe asehlathini athi angambozwa ngulele athathe isimo salo mbala. Kubuye kuthiwe amakhwifikhwifi ngoba uma uyibuka le nkomo igcine ingakunikanga umbala owodwa, uthola ongacacile okhwifizelayo. Inkone/Inkonekazi – inkomo ebomvu noma emnyama noma emdaka ezinhlangothini yase iba nomusho omhlophe emhlane nangaphansi. Kokunye lo musho uze uphume ebusweni. Uma imdaka kuthiwa inkone ngokumdaka kuthi ebomvu kuthiwe inkone ngokubomvu ngokunjalo emnyama kuthiwe inkone ngokumnyama. 146 Uhwayiba / Uhwayibana / Uhwayibakazi / Uhwayibakazana, amaqanda kawayiba / amaqanda kawayibakazi – inkomo emhlophe kokunye ebomvu, ifahlaze ngohayizana lwamabala amhlophe ezinhlangothini. Uwayiba lona inyoni encanyana efana nocilo. La mabala ayefana namaqanda ayo. UGcumisa noMthiyane, (1992:51) bayichaza kanje le nkomo: Le nkomo kubuye kuthiwe izihlangu zoDloko. UDloko phela kwakuyibutho leNkosi uCetshwayo. Yilona elaliphatha izihlangu ezimaqanda kawayiba. Lo mbala ubuye waziwe ngokuthi izihlangu zoDloko. Inzima / Inzimakazi – inkomo emnyama bhuqe. Lokhu kushiwo ngoba umbala omnyama unzima uma uwubheka unesithunzi. Lapha kusuke kushiwo inkomo emnyama bhuqe engenabala. Kepha kwenye inkathi kuyenzeka kushiwo inkomo emnyama enamabala amhlophe ngaphansi kwemilenze nasemikhonweni kanye nasesiswini. Umhlambi wezinkomo ezimnyama kuthiwa indl‟ ivaliwe ngoba uma indlu ivaliwe kuba mnyama bhuqe. Nazo uma zindawonye ukukhanya akubonwa. Ebafazibewela – UNyembezi, (1992:9) uyichaza kanje le nkomo: Lona umbala wenkomo emnyama noma ebomvu wonke umzimba bese iba mhlophe ngemikhono nemilenze. Le nkomo yethiwa lo mbala ususelwa ekubukeni isenzo sobesibhuda uma bewela umfula. Abesifazane uma bewela umfula bayaye baphakamise izingubo ukuze zingamati bese kuvela imilenze yodwa ngaphandle. Ngalesi sizathu kube sengathi abesimame banemibala emibili yilona ovele ezinyaweni nalona ongaphezulu wezingubo. Nale nkomo ukunqamula kwalo mbala omhlophe ezinyaweni kufuze okwabesimame ngenkathi bephakamise izingubo. 147 Inkwazi / Inkwazikazi – lena inkomo emnyama wonke umzimba bese iba mhlophe inhloko kanye nentamo. kwesingaphansi nasemahlombe. Kwenye inkathi iba nombala obomvu Lo mbala ususelwa enyonini enkulu engangokhozi emnyama emhlophe ngekhanda nangaphansi ethanda kakhulu izinhlanzi okuthiwa yinkwazi. UMbatha, (2006:846) uyichaza kanje inkwazi: Inkomo emnyama wonke umzimba yase iba nekhanda elimhlophe, leli bala elimhlophe elihamba njalo liye ligamanxe ngentamo. Insingizi-zisuka – insingizi inyoni yezulu. Kuthi ingakhala amadoda angenwe amanzi emadolweni ngoba lisuke lizoduma lishaye imvula enkulu. Le nyoni imnyama yonke indawo kepha kube khona umbala omhlophe ovela ngaphansi uma isisuka indiza le nyoni. Lolu hlobo lwenkomo lufaniswa nale nyoni uma isindiza. UMsimang, (1975:39) uwuchaza kanje lo mbala: Inkomo emnyama yaba nombala omhlophe ezinkwapheni (ifana nse nensingizi lapho isuka, sekuvela phela umbala omhlophe phansi kwamaphiko engabonakali uma ingandizi). Lo mbala abanye bawubiza ngokuthi iwaba. Inyonikayiphumuli – lo mbala ubuye waziwe ngokuthi ilanda. Le inkomo emhlophe qwa engenabala ndawo. Ifaniswa nelanda ngoba nalo limhlophe alinabala futhi ilanda aliphumuli lihlale lilandela imihlambi yezinkomo ngenhloso yokudla imikhaza, yingakho kuthiwa yinyonikayiphumuli. Abanye le nkomo bayibiza ngokuthi umhlophe noma umhlophekazi. Umbungu / Umbungukazi – lena inkabi emhlophe wu umzimba wonke kusukela ezimpondweni kuze kushaye ezinselweni. 148 Lo mbala uthathelwa ekubukeni umbala wesilokazane okuthiwa isibungu esimhlophe wonke umzimba ngisho nezinyawo zaso. Nayo-ke le nkomo imhlophe yonke indawo kuze kushaye phansi ezinseleni. Umzondo / Umzondokazi – lena inkomo emnyama noma empunga enombala omhlophe umzimba wonke. UGcumisa moMthiyane, (1992:51) bayichaza kanje le nkomo: Umzondo inkomo empunga noma emnyama ebhaduze amabala amhlophe wonke umzimba. Insikazi kuthiwa umzondokazi. Ukuxuba kanje kuyenza ibe mpunga okwesinambuzane umzondo. Imfezi / Imfezikazi – inyoka ethi ayibe nsundu noma emnyama. Kwezinye izindawo njengaseNyakatho nelizwekazi lakithi i-Afrika kukhona nezimfezi ezithi azibe mhlophe. Le nyoka ayijwayele ukugxavuna umuntu ngamazinyo kepha ikukhafulela ngamathe anobuthi ungabe usabona untante ufuthelwa ubuthi. Ngenkathi ilungiselela ukukukhafulela ngamathe ngaphansi kuyaye kuvele ibala elimhlophe obilweni elingabonakali uma ingagadli. Nayo-ke inkomo emnyama bhuqe noma emhlophe yase igqiza ngebala elimhlophe obilweni ibizwa ngale nyoka kususelwa ebaleni layo. Inco / Incokazi – ULamula, (1963:118) uwuchaza kanje lo mbala: Inco (kushiwo inkunzi noma inkabi). Uma incane ngomzimba, kuthiwa incwane (inkomazi; incokazi - incokazana). Inkomo ebomvu, ethe bhadubhadu amabala amhlophe, kakhulu ezinhlangothini, yabuye yathi ukuwushaya emhlane. Imvamisa la mabala amhlophe nabomvu uma uwabuka kuthi akalingane ngenani nangokuma. Lokho kwenza ukuthi inkomo ibukeke ngenxa yobuhle bayo incokazi, imane igqame kwezinye izinkomo. Yingakho uma nezulu lilihle lingenamafu, lithule kuthiwa ligeze ngencokazi. 149 Imvubomabele – amasi angokunye kokudla okuligugu kakhulu lapha kwelikaMthaniya. enjalo nje amiselwe imithetho nemigomo ethile ekudliweni kwawo. Amasi avutshwa ngomcaba wombila noma ngomcaba wamabele. Amabele anombalana obomvana nomnyama. Nenkomo enombala omnyama nomhlophe ifaniswa nawo amasi avutshwe ngomcaba wamabele bese kuthiwa imvubomabele. Iklila / Iklilakazi – lena inkomo emnyama noma ebomvu enebala elimhlophe ngaphansi kwentamo. Uma ubuke budedengu kwangagcwala kahle ungaphaphalaza ucabange ukuthi imfezi. UMsimang, (1975:39) uwuchaza kanjena lo mbala: Inkomo emnyama noma ebomvu, enombala omhlophe onqamule njengegwababa elimseka. Icishe ifane nemfezi lo mbala omhlophe ufiphele kuyo. Impevu / Impevukazi – lena inkomo emnyama wonke umzimba yase iba nebala elimhlophe ebusweni. UNyembezi, (1992:302) uyichaza kanje le nkomo: Inkomo / inkomazi emnyama noma ebomvu wonke umzimba enebala elimhlophe ebusweni. Inhlamvu / Inhlamvukazi – uma inhlamvu yelanga iphume kahle yangaphazanyiswa yilutho iphuma ibomvu tebhu lapho isuke isingabhekeki ngenxa yokuhlaba kwemisebe yayo. Lisuke libheje igazi ilanga. Nale nkomo ngoba ibomvu tebhu yangabanabala ndawo kuthiwa inhlamvu noma inhlamvukazi. Ihhemu / Ihhemukazi – inkomo ebomvu noma emnyama yase iba nombala omhlophe obanzi ontwini nhlangothi zombili. 150 UBhengu, (2008) ubeka kanje ngale nkomo: Le nkomo uma ungumuntu ongayejwayele imibala ingakudida ikuqede ngoba omunye engagcina eseyifanisa nentusi noma iwaba ngenxa yaleli bala elimhlophe. UMsimang, (1975:39) naye uhaya ingoma efanayo kanje: Lena inkomo ebomvu noma emnyama ethe bhuqe ngebalakazi elimhlophe ohlangothini noma kuzo zombili izinhlangothi. Leli bala lehlukile kwelewaba nelethusi ngoba lona likhuphukela ngasemgogodleni, lisuka ontwini. Ufipha / Ufiphakazi – igama elithi ukufiphala lisetshenziswa lapho into engabonakali kahle noma ithanda ukungacaci kugcine sekukhona ukudideka. Nale nkomo okuthiwa ufipha inombala othi awube mhloshana kodwa phezu kwezibayana ezimnyama kugcina kungasaveli kahle ukuthi kahle kahle imbala muni. ULamula, (1963:120) uwuchaza kanje lo mbala: Yinkomo eyayiyakubamhlophe kanti uboya bayo buba mnyamana, kakwabe kusakhanya ukuba kanti iyini. Kuthiwa “ufipha” nje, ngoba kufiphele ukubonakala kombala wayo. Lo mbala uthiwa futhi uthuthu, uthuthwana (uthuthukazi, uthuthwazana). Ilunga / Ilungakazi – emnyama bhuqe ebese inqamula ngamabala amhlophe eqolo nasemhlane, aze ehlele emikhonweni nasemilenzeni. UJobe, (2007) ubeka kanje ngale nkomo: Cishe owaqamba le nkomo wayekhangwe yila mabala amhlophe ahamba enza amalungu kusukela eqolo ehle njalo ngemikhono kuze kuyoshaya emilenzeni. 151 Intusi / Intusikazi - ebomvu enebala elimhlophe ontwini. Kufanele kuqapheleke ahluleke ukuthi umuntu oneso elibuthuntu engacishe ukwehlukanisa phakathi kwenco nentusi. ULamula, (1963:122) ucishe ayilamule le ngxaki: Intusi, intusana, intusikazi, intusazana, yinkomo ebomvu, ekhabe amabala amhlophe kakhulu ezinkwapheni aze athi khaphaca ezinhlangothini. Cisho kube yinco, kodwake intusi ivama ukuthi ingani ibomvu ibemqungokazi kwakuthatha umbala omhlophe. Izikhala zemithi – uma umuntu esehlathini ebuka okuthile phakathi kwezikhala zemithi ugcina engasasiboni kahle isithombe saleyonto ofuna ukuyibona ngenxa yokuthi ukubona kwakhe kuhamba kunqamuka kugcine ngokuthi aphume nesithombe esingacacile. Nenkomo emnyama eluthuthwana enombala omhlophe ongaqedile kuthiwe izikhala zemithi. UGcumisa noMthiyane, (1992:53) bawuchaza kanjena lo mbala: Inkomo emnyama ngokuthi akube luthuthuva. Inombala omhlophe ahamba sengathi abehanguka kuwo wonke umzimba. Intejane / Intejanekazi – UGcumisa noMthiyane, (1992:51) uyichaza kanje le nkomo: Inkomo empofu noma emdaka. Abanye bathi imdubu noma imthuku. Insikazi kuthiwa intenjanekazi. Iqola / Iqolakazi – inyoni edume ngokudla ezinye. Le nyoni imnyama bese iba nebala elimhlophe elikhulu eqolo. Akhona amanye amancanyana amhlophe akhona emzimbeni wayo kepha leli eliseqolo elimhlophe libonwa 152 nayizingane. Nenkomo emnyama noma ebomvu yase iba nombala omhlophe eqolo kuthiwa iqola / iqolakazi kususelwa kuwo belu lo mbala wale nyoni. Umsheko / umshekokazi – lena yinkomo emnyama ethe yabhaqula umhlane ngebhande elimhlophe. Leli bhande lingasuka emlenzeni liyophelela komunye. Uma ulibuka ngokunganaki leli bhande omunye angathi le nkomo izingcolisile ngomsheko (indle esamanzana noma ethombile) yingakho kuthiwa umsheko. Nasenkomeni ebomvu ibhaqule ngombala omhlophe ukusuka komunye kuyowela komunye kusathiwa nayo ngumsheko. Inyalothi / Inyalothikazi – uhlobo oluthile lwamabele olumdubu (olumpofu ngokuzothile). Uma ubheka le nkomo nalolu hlobo lwamabele yizithupha ziya egwayini. Ngakho-ke le nkomo, inkomo ethi mayibe mdubu. Abanye lo mbala bawubiza ngokuthi unyaluthi noma unyawothi. UMsimang, (1975:40) ubeka kanje ngale nkomo: Inkomo enombala ofana nowamabele lona okuthiwa unyalothi. Imthubuyela ngokunsundu. Umlaza / Umlazakazi – lapha kushiwo inkomo emhlophe enemishu emnyama egqalingene wena owabona imilaza yeZulu. Le nkomo yethiwa leli gama lisuselwa ekuboneni imilaza yeZulu ngoba nayo ihambe iba nemishwi njnegayo imilaza. UMsimang, (1975:40) uwuchaza kanje lo mbala: Umbala wayo ungathi umhlophe bese ubanemishwi emnyama. Lo mbala uthathelwa ekubukeni imilaza yezulu. Umhlekwane / Umhlekwanekazi – lena inkomo emnyama enomusho noma ibala elimhlophe esiphangeni noma kwenye inkathi ohlangothini. Lo mbala abanye bawubiza ngonhlekwanyana eyensikazi kuthiwe unhlekwanekazi. Lo mbala ususelwa enyonini okuthiwa unhlekwane. Le nyoni imdubu bese iba 153 namabadlana amhlophe njengojojo. Ngenxa yalo mbala omhlophe yingakho yethiwa kanjalo. Umehluko ukuthi awayo amabala amhlophe awasiwona amachashazi. Intulo / Intulokazi – lena inkomo emnyama noma ebomvu umzimba wonke bese ikhanda liba mhlophe lonke. ULamula, (1963:122) uyakweseka lokhu: Intulo, intulwana, intulokazi, intulwazana, yinkomo ekhanda limhlophe lonke, kanti yona imnyama noma ibomvu. Emas’avutshiwe / Emas’avutshiwekazi – lo mbala njengoba uzichaza ususelwa kuwo amasi uma esevutshiwe. Lo mbala uchaza inkomo ecishe ibe mdaka bese ukhifiza ngombala omhlophe. Lokhu kususelwa ekutheni umcaba umdaka amasi amhlophe kepha uma esevutshiwe umcaba wenganyelwe amasi ebese konke kuba mhlophe. Umdubu / Umdubukazi – umdubu uhlobo oluthize lomuthi othi awube nsundu ngokungaqedile. Ngakho-ke inkomo emdubu inkomo ensundu ngokuphaphathekile njengawo-ke umuthi umdubu. Abanye bathi lo mbala othathelwe embaleni wenyoni ukholo yingakho abanye bethi ukholo ngoba nayo le nyoni inalo mbala.. Ihwanqa / Ihwanqana – uma ungumuntu obudedengu ngemibala noma ungumuntu ongenalo ulwazi oluphusile ngemibala, lo mbala ungakuphamba uma uwuqhathanisa nombala “onala.” Inala yona inkomo emnyama noma ebomvu enamabala amhlophe wonke umzimba. Ihwanqa lona inkomo emnyama ekhifize wonke umzimba ngohoyizana lwamabala amhlophe. 154 UNyembezi noNxumalo, (1966:55) babeka kanje ngalo mbala: Inkomo ebomvu efahlaze ngombala omhlophe wonke umzimba ngisho ubuso nezindlebe imbala. Lokhu kufakazelwa uLamula, (1963:120): Ihwanqa, ihwanqana, ihwanqakazi, ihwanqazana. Kucishe kufane nombala “onala.” Kodwa ngempela “inala” ivama ukufahlaza kakhulu ezinhlangothini. Ihwanqa, lifahlaze liqede wonke umzimba nasebusweni nasezindlebeni. Ibhanqu / Ibhanqukazi – lena inkomo emnyama noma ebomvu enemishwi emhlophe. Le nkomo abanye bayibiza ngokuthi ibhangqule. Lokho kususelwa phela kule mishwi. UMsimang, (1975:39) ucacisa kanje ngalo mbala: Lena inkomo emnyama kwenye inkathi iba bomvu yase iba nombala omhlophe ezinhlangothini onqamula njalo esiswini nasemhlane. Impunga / Impungana / Impungakazi / Impungazana – uma umuntu esenezinwele ezimhlophe nezimnyama ngokulinganayo kuthiwa usempunga. Ngokunjalo inkomo empunga inkomo enoboya obumhlophe nobumnyama obuthi abulingane. Abanye lo mbala bathi amatshezulu. Inzotha / Inzothakazi – igama elithi ukuzotha lisho isimo esenza ukuba umuntu ahlonipheke abe nesithunzi noma isigqi. Nenkomo enamabala amhlophe kanye nampofu kuthiwa inzotha ngoba le mibala yomibili uma isenkomeni izothile. Ijoli / Ijolikazi – lapha kushiwo inkomo emnyama emhlophe ngeshoba. Ngokujwayelekile kusuke kushiwo kumuntu othandwa kakhulu kunabanye, 155 intandokazi. Nenkomo emnyama noma ebomvu yabe isiba neshoba elimhlophe kuthiwa ijoli. Ukuthi le nkomo ayejwayelekile ngenxa yeshoba limhlophe ngakho abantu bayathanda ukuyibuka ngenxa yaleli shoba. Ubhulomu – lena inkabi emnyama efahlaze ngombala omhlophe wonke umzimba ngisho ubuso nezindlebe imbala. Lo mbala abanye bawubiza ngokuthi umahwaqahwaqa ngenxa yokuxuba lo mbala omhlophe nomnyama. Kwenye inkathi kuba obomvu nomhlophe. Igambu / Igambukazi – inkomo emnyama enqamulise umbala omhlophe emhlane. UNgema, (2008) ubeka kanje ngalo mbala: Igama elithi gambu liyisenzukuthi esichaza ukunqamula into phakathi nendawo. Nenkulumo uma uyinqamula ngokushesha kuthiwa uyayigambula. Nenkomo emnyama enqamulise umbala omhlophe emhlane kuthiwa igambu ngoba lowo mbala omhlophe wehlukanisa umbala omnyama maphakathi. Idube / Idubekazi – lena inkomo ebomvu ngokugqunqile yase iba nemishwi emnyama enqamula umzimba kabili. Uma uwubheka lo mbala ufana ncamashi nesilwane esisahhashi okuthiwa idube. Miningi imibala yezinkomo ngoba izigodi ngezigodi ziyibiza ngendlela engafani. Nokufika kwabaseNtshonalanga nobuchwepheshe babo bokwandisa imfuyo kwandisa neminye imibala eyayingabonwa kwelikaJama ngokuhlanganisa izinhlobo ngezinhlobo zezinkomo zakhwelana kwase kuphuma imibala emisha. 4.3 Ulwazi lwesimo sezulu Zonke izidalwa ezingaphansi komthunzi welanga imihla ngemihla ziphila ngaphansi kwesimo esithize sezulu kodwa esingakwazi ukusilawula. 156 Ukubalela kwelanga, imvula, izikhukhula, amakhaza neqhwa, izivunguvungu neziphepho sinqwamana nakho imihla ngemihla ngaphandle kokuzikhethela. Ezidalweni ezisemhlabeni asikho nesisodwa esikwazi ukumisa isimo sezulu ngokwenhloso yaso. Munye vo umuntu onalawo mandla, nguMvelinqangi. Ochwepheshe baseNtshonalanga bagcina ngakho ukuqagula noma isikhathi esiningi babuye bakhe phansi lokho okukhombise khona ukuthi badlalela endaweni enomniniyo. Nabathakathi bakithi noma sebezama ngamakhubalo kodwa lokho kuba okwesikhashana futhi kwenzeke kuleyo ndawo noma kulowo muzi kuphela. UNgema, (2007) ubeke kanje ngalokhu: Kuliqiniso elingephikwe ukuthi abathakathi bakhona kwelikaMthaniya. kunabo labo abanekhono lokuthumelela abanye izulu. Noma kunjalo masincome ikhono lezinyanga zakithi ezikwazi ukuvimba lo mhlola ngokubethela. Izulu liphebezeke liwelele kude. ULamula, (1963:70) uyakweseka lokhu: Ukubethela umkhuba owenziwa nxashana kukhona isiyiko-umehlo-njengesifo esesinxibe umuzi, noma ingozi esekuyilokhu ivela kubantu noma ezimpahleni. Ngakhoke, kuye kubizwe inyanga ukuba izobethela, ifike yenze konke ekwaziyo: yenza imithi yokuncindwa nokugcaza nokuchela yenza nezikhonkwane. Izikhonkwane zibethelwa naphansi ezindlini-emnyango nasemlindaziko, emazaleni nasezindleleni zomuzi. Uma kubethelwa izulu, kwenziwa izikhonkwane ezithiwa ngabafana, okuthi uma seliza zikhishwe ezindlini. Kungumkhuba ukuba zikhishwe ngabesifazane abangasagezi, noma ngamantombazane angakakhuli nangabafana abangakathombi. Osikhiphayo, uphuma naso qede akhombe ngaso ngapha nangapha, ethi: 157 “Haliye le, nale!” Esho phela izulu ukuba lidlule lingalimazi lutho lapho, lowo abesesihloma-ke phezu komnyango. Kuthi, uma selisile abesesingenisa, asihlome endaweni yaso, phezulu endlini emsamo. Lezo zikhonkwane zabhixwa ngemithi emnyama eyenziwe ngamafutha athile nangemigqinaha eyaziwa zinyanga. Kungumkhuba ukuthi uma kubethelwe emzini, umuntu kawaphuzi amanzi emi, futhi abawakhayo emfuleni bangena nawo ngesango lomuzi, kokunye bawethule emakhanda besangena esangweni. Futhi kakuvunywa ukuba umuntu akhalise into eqhumayo njengokushaya isitswebhu. Futhi-ke izinkuni zibandelwa ngaphandle komuzi ngaphandle kwendawo enezikhonkwane. Njengoba abafana bechithe isikhathi esiningi besehlane ekwaluseni, bagcina sebengongoti ekwazini isimo sezulu. Ulwazi lolu baluthola kwabadala nangokuqaphela ngeso lokhozi isimo sezulu. Abafana bazi kamhlophe ukuthi lingembatha umlalamvubu ekuseni, lokho kuyinkomba yokuthi lizobalela kakhulu ngalelo langa. UMyeza, (2006) uphawula kanje ngalokhu: Umlalamvubu noma inkungu iyinkomba esobala yokuthi ngalelo langa ilanga lizokhipha umkhovu etsheni. Lokhu kusiza abantu ukuthi bahlome ngezingqephu ezifanele. Ukuduma kwezulu nakho abafana basheshe bakubone. Ukubalela kakhulu kwelanga imvamisa kujwayelwe ukuthi uma seliyoshona lipholise ngokuthi lidume. UMthembu, (2006:67) uphawula kanje ngalokho: Bafunda ukubona izulu uma lizoduma noma lizona ngokuthi bafunde ukuqaphela 158 ukuhlanganisa komoya. kwamafu nokuvunguza Abafana bafunda nolwazi lokwehlukanisa iNyakatho neNingizimu. Ngenxa yemfundiso abafana bayazi ukuthi uma kuvunguza iNyakatho bese amafu esonga eba mnyama, lokho kuyinkomba yokuthi kuzoba nomvula enkulu ehambisana nokuduma kodwa izosheshe idlule. Imvamisa isuke isipholisa emva kokukhipha inhlanzi emanzini. UNyembezi, (1953:43) ubeke kanje ngalokhu: Ilanga lalingashisi nje, lalikhipha inhlanzi emanzini. Kwakungekho ngisho nomoyana nje ohelezayo. Abafana base belazi ukuthi livama ukuduma emini yantambama. Yikho nje nangaleli langa kwathi belibona lihloma, abaze bazikhathaza kakhulu. Abanekhono imvula bayakwazi ngisho nokuyinuka emoyeni uma izokuna. Lokhu kufakazelwa uDirie, (1998:24): My survival instincts were honed to look for signs of rain, and I scanned the sky for clouds. My other senses also came into play, because a particular smell or a certain feeling in the air predicted rain. Izulu alimane line ngaphambi kokuba nezimpawu ezithile. Ngaphambi kokuba lishaye isangquma kepha kuqale kuheleze umoya oqhamuka eNyakatho, kuthiwe lisahosha iNyakatho futhi lisekude. Lingawuphendula lihoshe iNingizimu, lokho kuyinkomba yokuthi lizoyishaya maduze. Uma abafana bebona ukuthi isimo sezulu singaba nobungozana kubona nasemfuyweni, banelungelo lokuthi basheshe bazibuyise kungaze kwehle ingozi. Izulu nalo linomthelela ezingozini ezivela ekwaluseni. 159 Lokhu kufakazelwa uNyembezi, (1953:42) lapho eveze uVusi esekwaluseni kanje: Kwakungunyaka omubi lo ngokuthi izulu lalithanda ukwelelesa. Laliduma libaneke, kuphambane imibane phezulu uzwe kubanda amathumbu. Uma abafana bengakabuyi nezinkomo wawuyubone ngoyise sebehamba beshesha beyobheka ukuthi baphi abafana. Zase ziziningana izilwane zilimalela endle, zilinyazwa yiwo umphezulu. Unina kaVusumuzi yena wayengasathandi nokube aye nje nempela ukuyokwelusa. Pho-ke wayezokwenzenjani? Kanti nakuGumede wawusuke ufike umcabango wokuba afune umuntu ayokwelusa, umfana yena angayi. Kukuso lesi sigaba lapho bafunda inhlonipho, baqikelele ukuthi kukhona izinto ezingagagulwa ngegama njengalo izulu. Izulu kuthiwa umphezulu, yiNkosi noma yinkosazane. Uma izulu lithuke lelelesa kuyaye kuthiwe lowo muntu owehlelwe noma oweleleswe umphezulu. liyahlonishwa kakhulu. Uma izulu liduma Akumiwa endlini uma idlala inkosazane futhi akudliwa nhlobo uma lisaduma. Umphezulu ubizwa ngenkosazane ngoba inkosazane ekhaya inguMafungwase ihlonishwa ngendlela engechazeke. Kusuke sekunzima uma umuntu esethi: „Ngimfunge uNosibanibani uMafungwase wakwethu.‟ Kunenkolelo yokuthi uma izulu ungalihloniphi hleze lidlule nawe likuyise kwagoqanyawo. Izulu linomkhutshana wokuthi uma liduma lilandele umzila wendlela noma amanzi agelezayo. Uma nawe ulapho hleze uyolusa amadada. Uma futhi ugijima nakhona usuke uzibizela utalatiya ngoba lizosuke lilandele ukushisa bese nawe uba sengozini. Uma kusendlini kuhlalwa phansi wonke umuntu, kuzothwe kungenjalo lingadlula nabantu. 160 UMthembu, (2006:76) ubeka kanje: Kukhona nokuthi lihlonishwa kanjani uma liduma noma libanika. Akuhanjwa ngendlela kodwa kuhanjwa eceleni kwayo futhi akugijinywa uma likufica okhalweni. Uma usendlini kuyazothwa. Akuhlalwa maqondana nomlindaziko ngoba kunesikhonkwane. Uma kuzoba neshisandlu nesivuvu abafana basheshe bakubone lokho bese befuna amadlelo aseduze nemifula nalapho imfuyo izothola khona amanzi. 4.4 Ulwazi lwesikhathi Isikhathi singezinye zezinto ezibalulekile ezimpilweni zesintu. Ngaphandle kwesikhathi impilo ingaba nokudidizela omunye nomunye engazi ukuthi kufanele enzeni nini. Okufanele kukhumbuleke ukuthi abantu kwelikaMthaniya bayakwazi ukuqaphela isikhathi ngaphandle kokusebenzisa ithuluzi laseNtshonalanga inqophasikhathi. Ziningi izinto abantu bakwaZulu abaziqaphelayo ukuze babone isikhathi. UMsimang, (1975:89) ubeka kanje ngalokho: Ngokuqaphela isimo sezinto ezithile njengelanga nezinkanyezi, amathunzi, nenyanga, obabamkhulu babekwazi ukukutshela isikhathi semini nobusuku, njengoba usazi uma ubheka ewashini (inqophasikhathi) labeLungu kulezi zinsuku esiphila kuzo. Izinkomo ziphathwa izifo ezinhlobonhlobo njengombendeni, isashu, unqasha nezinye. Emandulo okhokho babezilaphela bona izifo kepha kuhambe kwahamba kwafika impucuko yaseNtshonalanga lena eyafika namadiphu. Noma kunjalo kufanele linconywe ikhono lawokhokho lokwelapha ngoba kwale mithi abayisebenzisayo kuseyiyona eyakithi kuphela bayifaka imibala. Ngokwemvelo ukuqalwa ngokulinganiswa kwesikhathi kuqala phakathi 161 kwamabili, ngokwenqophasikhathi kushiwo ihora leshumi nambili. Akwaziwa nokho ukuthi ubani owashaya lo mthetho wokuthi isiqalo sasilinganisa isikhathi, asiqale ngale nkathi. kaMvelinqangi. Cishe kwaba ngamandla Abadala babebona ngokuphuma kwenkanyezi enkulu okuthiwa indonsa noma inqonqoyi. Indonsa ilanywa ikhwezi yona esuke isihlaba umkhosi wokuthi sekuyintathakusa onohambo esengazilungiselela. Ngokwenqophasikhathi kushiwo ihora lesithathu, nalapho sekukhala ezokuqala izinkukhu. Uma sekuqala ukukhanya ngesiZulu sithi sekuyantwela ezansi. sikhathi kusuke sekukhala izinkukhu zokugcina seseNtshonalanga kusuke sekuyihora lesihlanu. Ngaleso ngokwesikhathi Kungalenkathi lapho izinkukhu seziqala ukwehla emthini ngoba sezibona. UMsimang, (1975:90) ubeka kanje ngalokhu: Ngesikhathi sika-5 sokuthola izinkukhu zokugcina, sekuzontwela ezansi kushone ikhwezi bese zehla izinkukhu. UMsimang, (1975:41) ubeka kanje ngalokhu: Kulezi zinsuku uma inkomo inokufa okuthile isiwa kubahloli bazo ijovwe, uma kungenjalo isiwa ediphini. Kuqala kwakungekho konke lokho. Nokho isidingo sokwelapha izinkomo sasikhona njengoba sisekhona nanamuhla. Ngiyabancoma-ke okhokho ngalolo lwazana lwabo ngoba imfuyo yayelashwa iphile. Ngokunjalo isashu esengikhulume ngaso, beselashwa ngeyambazi eliphekwa lipholiswe bese liphuziswa inkomo leyo egulayo ngophondo (isilinganiso sophondo sikanye nesebhodlela lesilungu). Ngenxa yalesi simo amadiphu yiwona agcina esemukeliwe njengesikhungo sokwelapha lapha kwelikaMthaniya kodwa nakhona ngempoqo. Uma kuyiwa ediphini kuyavukwa uma ufuna ukuthi usheshe ubuye ngoba isuke iningi imfuyo ezodibha iqhamuke ezigodini zonkana. 162 Ngalesi sizathu abafana bafunda ukuqaphela isikhathi. Bazi kamhlophe ukuthi uma sekukhala ezesibili izinkukhu, kusuke sekufanele bavuke, bababele khona ediphini. Ngalesi sikhathi uma ubheka esibayeni izimpondo zezinkomo seziyabonakala ngaphandle kwemibala yazo esuke ingakabonakali bese kuthiwa kusempondozankomo. Neminenke nayo isuke iseminingi ivunywa ukulandela amazolo ngoba ishibilika kamnandi kuwo yingakho kubuye kuthiwe kusempondozamnenke. Kusuke kuyihora lesine ngokwenqophasikhathi. Izinkomo zikhishwa ekuseni sekuwohloke amazolo ukuze zingaphathwa izifo ezifana nesashu. Isikhathi ezikhishwa ngazo kuba ngehora lesikhombisa ekuseni ngolwasemzini. Ngalesi sikhathi kwelikaJama kuthiwa izinkomo ziphuma inhlazane. Emini yasekuseni izinkomo ziyabuya zizosengwa bese kuthiwa sezibuya inhlazane. Ngokwesilungu leso sikhathi kusuke kuyihora leshumi nanye ngokwenqophasikhathi. UZama, (1967:91) uyakufakazela ukubaluleka kwenhlazane: Ngamangala ukufica ukuthi inhlazane yase yedlule, kodwa nokho ngaya ukuyozibuyisa izinkomo ukuze ngisenge izinkomazi. Ngalelo langa ngelusa ngeneme laze lashona, futhi ngalala sengizimisele ukuqala ukwakha iziko lesithando nesifutho, kodwa nokho angithandanga ukuba ngiqale ngibatshele abakwaZondi ngenhloso yami ngingakabiphi nayo. Usuku luthi uma selumaphakathi, isithunzi singabe sisabonakala kepha sibe ngaphansi komniniso. Ngolimi lwasemzini kuye kuthiwe yihora le-12. Nakhona kwinqophasikhathi yakobelungu uthi olufushane ngalesi sikhathi alubonakali, lusuke selusithwe ngolude njengoba nesithunzi sesisibekelwe ngumniniso. UMsimang, (1975:50) uphawula kanje ngalokhu: Isikhathi sika-12 bebesibona ngoba isithunzi sasiphansi komniniso, engasekho onesithunzi 163 eside engasekho nonesifushane, kuthiwa-ke kusemini bebade. bese Izinkomo zisuke zisuthi kabi ngenkathi zibuya inhlazane ngoba zisuke kade ziphuma ekhaphelweni. Emva kwalokho izinkomo ziyetshisa kwenye inkathi zetshise khona esibayeni ngenkathi kusengwa. Leso senzo sibizwa ngokuthi zisuke ziphunga imikhonto. Ngokwesinqophasikhathi kusuke kuyihora lesibili ntambama. UMthembu, (2006:72) uyakweseka lokhu: Uma izinkomo sezibuya inhlazane zisuke zisuthi kade ziphuma ekhaphelweni bese zithola ithuba lokwetshisa. Kuyenzeka zetshise khona esibayeni kusasengwa lokho kubizwa ngokuthi ukuphunga imikhonto. Imvamisa zetshisa ngaphandle komuzi kude le ngaphansi kwezihlahla. UMsimang, (1975:151) uyakweseka lokhu: Kungasengwa kukhanywe imilaza, kwethiwe amagula, izinkomo sezizoqala ukwetshisa khona esibayeni bese kuthiwa zisaphunga imikhonto. Kokunye zetshisa ngaphandle komuzi phansi kwezihlahla. Bangadla abafana sebezoziqhuba ziyophuza, ukusuka lapho seziya ekhaphelweni. Kungale nkathi lapho sebezohlangana khona bashishizele amavukana nezinkunzi ukuba zikhwele izimanzi. UDludla, (2008) ubeka kanje ngokuphunga imikhonto: Ukuphunga imikhonto kususelwa ekutheni uma kukhona inkomo ezohlatshwa ekhaya akuthi uma sezibuya inhlazane ziqonde ngqo esibayeni ngoba zinendlela ezizwa ngayo uma kukhona okuzokwenzeka. Ngakho ziye zihlaliswe ngaphandle kwesibaya zize nazo zehlise uvalo, zigcine sezikholwa ukuthi akukho bubi ezizobhekana nabo njengomkhonto, kanti zishaye phansi ngoba 164 ziyothi zingangena esibayeni leyo edliwe unkatho kuyanele. Emveni kwesikhashana zingasabonakali kahle. izintaba Ngaleso ziqala ukusibikela sikhathi kuthiwa amathunzi, selimathunzi. Ngokwenqophasikhathi yakobelungu kusuke sekuyihora lesine ntambama. Kungalesi sikhathi lapho abafana sebeqala ukuqoqa imfuyo ukuze lithi seliya ngomutsha wendoda bathathe imfuyo babhekise amabombo emakhaya. Ngaleso sikhathi kwinqophasikhathi kusuke sekuyihora lesihlanu. Ngokuhamba kwesikhathi ilanga liya ngokushuba, libheje libe bomvu kuthi yonke indalo nabantu babukeke bebomvu, babebahle. Usuke engasekho omnyama nomhlophe komunye bonke sebebomvu behlotshiswe yilanga bese kuthiwa ngaleyo nkathi selibantu bahle. Ngokwenqophasikhathi yakobelungu kusuke sekuyihora lesithupha. Lesi sikhathi sibaluleke kakhulu emantombazaneni ngoba yisona esiwakhumbuza ukuthi abeke izimbiza zokupheka izinkobe zomcaba. Kuyothi zisephakathi sezigxubha kuphume inkanyezi ebizwa ngokuthi yisicelankobe. Leli gama lisuselwa ekutheni le nkanyezi iphume ngalesi sikhathi ngoba isuke icuthele ukuthi zingaphulwa eziko izinkobe ebese izicelo ngoba vele kusuke sekuzodliwa. Yingakho yethiwa igama elithi yisicelankobe. Ngaleyo nkathi kusuke sekuyihora lesithupha. UNxumalo noNyembezi, (1966:98) babeka kanje ngale nkanyezi: Yinkanyezi evela ilandele ukushona kwelanga, sengathi ibisithi liyoshona nini. Icela izinkobe phela zisuke zisazobekwa eziko. UMsimang, (1975:90) uphinde akweseke lokhu: Kuzothi lapho selizilahla phezu kwezintaba kuthiwa seliya ngomutsha wendoda, isikhathi sika-5 emawashini. Ngalesi sikhathi izinkomo sezibhekise amabombo 165 ngasemakhaya, sekuya ko-6 ilanga seliqale ukuba bomvu lenze abantu nayo yonke indalo ibebomvu, abantu sebebahle engekho omnyama kunomunye nomhlophe kunomunye bese kuthiwa selibantubahle. Abafana bafunda nokwazi ukuthi uma kade kuvunwa kuba khona imvula enkulu enayo entwasahlobo okuthiwa imbozisomahlanga. Le mvula isuke isiza abantu ukuthi bamboze amasimu abo ngamahlanga belungiselela ukulima. Abafana baphinde bazibone izinkomazi uma sezixegisa noma sezibhoboka sezilungiselela ukuzala. Abatolikelwa abafana uma sekungena ihlobo ngoba babona ngezihlahla seziqhakaza nezwe seliqala ukuba lihle imvelo isithatha indawo. Lapho abalimi basuke sebeqa amangqamgqeshe yinjabulo. USibisi, (2006) uphawula kanje ngalokhu: Isizwe sakithi kwaZulu yisizwe esithembele kakhulu enhlabathini. Uma selithwasa akekho ongathokozi ngoba lokho kusho ukudla emasimini. Kuyacaca ukuthi nangaphandle kwenqophasikhathi abantu banayo indlela yokuqaphela bagcine isikhathi. Basebenzisa imfuyo njengezinkukhu, ilanga, inyanga kanye nezinkanyezi. Alituswe ikhono lawokhokho ngokusebenzisa lezi zinto esezibaliwe ukuqaphela, kugcinwe isikhathi. 4.5 Ulwazi lwemithi / izihlahla UMvelingqangi wathi esewudalile umhlaba wabona isidingo sokuthi awuhlobise ngezihlahla ezinye ezinezithelo ukuze sizidle siphile ngazo. 166 Lokhu kufakazelwa incwadi kaGenesise, (1:11-12) lapho uMvelingqangi ekhipha umlayezo ethi: 11. UNkulunkulu wathi: Umhlaba mawuveze utshani, nemifino ethela imbewu nemithi yezithelo ethela izithelo ngezinhlobo zayo, ekuyo imbewu yayo, emhlabeni, kwaba njalo. 12. Umhlaba wabe usuveza utshani nemifino ethela imbewu ngezinhlobo zayo, nemithi ethela izithelo ngezinhlobonhlobo zayo, ekuyo imbewu yayo, uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle. UDirie, (1998:29) naye uvuma ingoma efanayo lapho eveza ubuhle bemvelo kanje: Our greatest pleasure, though, was pure joy at being a child in the wilderness, the freedom to be part of nature and experience its sights, sounds, and smells. Ngenxa yokuthi abafana bachitha isikhathi besekwaluseni, ehlane bagcina sebenolwazi olunzulu ngezinto ezisehlane njengezihlahla, izilwane nokunye. Abafana bafunda ukwazi izihlahla ezenza izinduku eziqinile. Akekho umfana ofuna ukuphatha ubhoqobhoqo wenduku, okuthi uma egalele kanye, imane yephuke ngakho ukwelusa kubanikeza ulwazi ngalokhu. UMsimang, (1975:152) uyakweseka lokhu: Khona belu ekweluseni abafana babefunda ngamagama nemisebenzi yezinhlobonhlobo zemithi yehlathi. Imithi eyabe isemqoka kakhulu empilweni yobufana ngeyezinduku. Phela induku nobhoko nesagila yizona zikhali zokuqala eziphathwa ngumfana azivikele ngazo uma ehlaselwa ngabanye noma esukelwa inyoka. Yizona futhi elusa ngazo nanqanda ngazo ontanga ukuze bangazichachazeli nje. Uma kunjalo, kufuneka ayazi imithi yezinduku engephuki kalula, nenomongo omncane hhayi ubhongabhonga nje. 167 Ngenkathi befunda ngezihlahla ezenza izinduku eziqinile baphinde bafunde ngezihlahla ezingalokothwa kwenziwe ngazo izinduku. UMthembu, (2006:75) uyakuveza lokhu: Izihlahla ezenza izinduku eziqinile ezinjengomnqumo, inqayi, umsimbithi, amasethole, iphahla, icibo neminye. Bayaziqhenya ngisho beziphethe. Eziyingozi njengomdlebe, idungamuzi, umhlambamanzi bayazifunda. Ngaphandle kokuthola ulwazi ngohlobo oluhle lwemithi yokwenza izinduku, baphinde bafunde nangendlela yokuziphatha ukuze zihlale ziqinile. Abafana bayafundiswa ukuthi uma induku isanda kugawulwa, isemanzi akufanele ishiswe ilanga ngoba izoklayeka kepha kufanele ithukuswe emqubeni ukuze yome ngesizotha noma ifuswe. USibisi, (2006) ubeka kanje ngalokhu: Induku ingenye yezimpahla zokuhloba zomuntu ongumZulu ngakho uma umuntu eyiphethe kufanele aziqhayise, ngalokho kuyaphoqa ukuthi ibukeke. Yingakho ihlale igcotshwa ngamafutha ukuze icwebezele, ibukeke futhi iqine. Okunye obekuqikelelwa ngenduku ukuthi ingahlali budedengu hleze izitha ziyigcobe ngezintelezi ezimbi ezingadala ukuthi umniniyo ahlulwe kalula uma ithuke yabambana. Okunye futhi ukuthi akufanele yeqiwe ngoba lokho kungamfakela isinyama sokuthi asale enkundleni uma ibambene. UMsimang, (1975:152) uyakweseka lokho: Izinduku zaziphathwa kahle zidiywe ezidunwini, kucijwe inhlabela. Lapho zisanda kugawulwa zazithukuswa emqubeni noma endaweni elithunzi ukuze zome lusica, zingagazulwa lilanga hleze zibelula. Uma kuhlatshiwe induku ibigcotshwa ngamafutha 168 ukuze ihlale njalo icwebezela, ibe nombala omthumbu kokunye ibe mnyama. Lapho kuhleziwe umfana ubengavumi kubekhona oweqa induku yakhe, kuthiwe owenze njalo umfakela iwa lokuba awe lapho impi isihlangene izitha zimeqe ngaphezulu. Yingalokho izinduku zazihlonywa ezintingweni lapho kungafinyeleli muntu kalula khona. Ngaphandle kokuthola ulwazi lwemithi yokubaza izinduku, abafana baphinde bafunde nemithi yokwenza izimboko ngoba yona yehlukile kuleyo okwenziwa ngayo izinduku. Kufanele kukhumbuleke ukuthi ubhoko lwakhiwa ngomuthi oklaywa phakathi kwakhishwa umongo bese ubazwa kahle. Zikhona ezingaklaywa kodwa ezigawulwa njengezinduku nazo ziphathwe njengazo izinduku ngoba zinobuthumbu obuncane ngakho-ke ziqinile zithe nqi. UMsimang, (1975:152) uyakweseka lokhu: Eminye imithi ithandelwa ukwenza izimboko. Phela ubhoko alufani nenduku yona okumane kukhiwe igatsha bese inqunywa ngapha nangapha sekuba induku. Ubhoko lwenziwa ngomuthi omkhulu ogawulwa maqede ucandwe phakathi kukhishwe umongo bese ubazwa, ulolongwe kahle. Esidunwini salo ubhoko luyadiywa kuthi isidumbu siye ngokuncipha ezansi nalo lucijwe inhlabela ibe inungu. UNyembezi noNxumalo, (1966:96) baluchaza kanje ubhoko: Ubhoko lwenziwa lube lude lwedlule ubude bomuntu. Yilona okufakelwa kulo ihawu. Ngomthetho kusekuqala lwalungacijwa phansi njengoba sekwenziwa namhlanje. Futhi abantu abadala babengalwi ngokugwaza ngobhoko. Imithi okwenziwa ngayo izimboko yilena elandelayo: inqayi, uthuthwane, iklolo, umsimbithi, umqalothi, nomhlwathi. 169 umthethe, umnqumo, igqeba kanye Ngaphandle kokusiza ekwenzeni izinduku nezimboko izihlahla zibuye zisize abafana ngokubanika izithelo. UNgema, (2007) uphawula kanje ngalokhu: Njengoba abafana bechitha isikhathi esiningi besehlane ekwaluseni, babuye babe idili likamashayandawonye. Ukuthiba lokho abafana bayaqhwagela, bazingele izinyoni nezinyamazane, batape izinyosi babuye bazitike ngezithelo ezinhlobonhlobo. UMsimang, (1975:153) naye uyakweseka lokhu: Imithi elandelayo ngokubaluleka kubafana abelusayo ngeyezithelo. Ngesikhathi ithelile babezishaya zibebomvu, bafike ekhaya bengasafuni ukudla. Nabo abasemakhaya bebephathelwa yibo abafana izithelo ezimnandi kakhulu ezehla esiphundu futhi ezinonophalisa kakhulu igazi njengezindoni, amakhiwane, amahlala, amaganu (lezi zithelo ezimnandi kangaka azidliwa ngoba kuthiwa zibanga amafinyila, kuze kugqonqwe izimbumbulu zazo bese kudliwa izibindi zakhona ezimnandi ngokucefezelayo okuthiwa omgqonqo), amatulwa, amaviyo, inhlokoshiyane, umvuthwamini, umnsinsi, umthunduluka, ugwenya, kanye nethela ezihlahleni ezincane eziba izihlekehlekana njengobukhwebezana, amajikijolo, ugqumgqumu, umsobo, isinwazi nokunye. Kweminye njalo kumbiwa izimpande zayo eziyizigaxa njengamagonsi, izaqante noma izaqathe, isikhwali nokunye. ULamula, (1963:127) ubala lezi zithelo ezilandelayo: Amathungulu, umhlwathi, umvanyazi, isangampongo, impayi, insengane, umkhuhlu, umhlala, umgwagwane, unondomela, umthongwane, isinwazi, umhlakela, isizimane, ithwakela, umdakane, unobubu, umzimane, isibhubhu, unyenye, umnqandane, iklolo neminye. 170 Kuyacaca ukuthi ngabe abafana abanalo ulwazi oluningi kangaka lwezithelo ukuba abanikwa ithuba lokwelusa babone izinhlobonhlobo zezithelo ehlathini njengoba namantombazane ezibona uma eyotheza. 4.6 Ulwazi lwezifo namakhambi emfuyo Okunye okubalulekile okufundwa abafana ekwaluseni ukufunda ngemithi yokwelapha. Nakulo mkhakha imithi ibamba elikhulu iqhaza. UMyeza, (2007) ubeka kanje ngalokhu: Igama elithi “umuthi” lavela ngokuthi okuningi kokwelapha uma ugula kuvela emthini nokudodobalisa impilo yomuntu noma ukubulala umuntu nakho imvamisa akulungi kahle ngaphandle kokuthakwa nokuthile kwesihlahla. Yingakho kukhona umuthi wokuphilisa nomuthi wokuthakatha ngoba konke kuvela emthini (isihlahla). Kulo mkhakha abafana abafundi amakhathakhatha okulapha abantu kuphela kepha bafunda namakhambi okwelapha imfuyo ngoba isikhathi esiningi basichitha nayo kakhulu. eligayelwe bona. Uma imfuyo igula lelo kusuke kuyidokwe Abafana bawazi kamhlophe umuthi ophuziswa amankonyane uma enezilo njengomqaqongo, incamu nendenda. ULamula, (1963:170) ubeka kanje ngomqoqongo: Lona welapha namankonyane, kuthi uma ihobene, kugxotshwe amakhasi awo eluhlaza, iphuziswe ngomlaza ingcwayi. Ziqhasha khona manje. Kusuke kwelusiwe lapho umfana efundiswa ngekhambi elisetshenziswa ukulapha inkomo unkulukundleni. uma ithuke yadla umahambanendlwana noma Kulesi simo inkomo iphuziswa ubisi olufakwe indenda kancane ngoba uma kungenjalo inkomo ingashesha iphangalale. 171 UMthembu, (2006:61) ubeka kanje ngalesi silokazane: Kukhona nesilokazane inkomo engadabuli kuso okuthiwa umahambanendlwana noma unkulukundleni. Lesi silokazane basetha leli gama ngoba sihlale sihudula indlwana eyakhiwe ngezinti ezisamhlanga. Siveza ikhanda laso, kuthi uma kuqhamuka okusasitha ilifake phakathi ikhanjana. Izinkomo ziyawazi umahambanendlwana kodwa kuyenzeka ngeshwa ziwudle zingaqondile. Inkomo ikhihliza amagwebu ngokushesha, ingabe isakwazi ukudla. Uma kudenjeselwa ukuyiphuzisa ubisi, ishoba lingalala amazolo. Abafana bayazi ukuthi uma inkomo ithuke yadla inkume kufanele iphuziswe iyambazi ngoba iyingozi kakhulu. Abafana bayawazi umsebenzi wecena kusukela ezinkukhwini kuze emankonyaneni kuze kushaye kubantu imbala. Icena liyikhambi elibalulekile kwelikaMthaniya ngoba nezinkukhu ziphuziswa lona uma zichithekelwe inyongo. Uma inkonyane ithanda ukunganceli kahle, iphuziswa lona icena. ULamula, (1963:170) uyakufakazela lokhu: Icena. Kuseyiwo futhi ongashiyi lutho, uma kuphuziswa inkonyane ehobeneyo. Imikhuhlane eminingi ilahlwa phansi icena. Ngisho nochwepheshe bodokotela baseNtshonalanga balithekela kwelakithi ulwazi lokubaluleka kwecena ngoba onke amakhambi aphathelene nokudambisa imikhuhlane icena alisali ngaphandle. Ngaphandle kokwazi amakhambi okunakekela imfuyo, abafana bafunda namakhambi okuzinakekela bona ngoba angeke umfana eluse kahle uma ebuthaka emzimbeni. Abafana bayazi ngokungananazi inkomankoma umuthi wokukhipha izilo. Bayafundiswa ngemithi yokuvula inhliziyo emnyama njengomhlwazi nomondi. Ngaphandle kokuvula inhliziyo, umondi ubuye 172 uqede ukuqumba esiswini nomoya onuka kabi esiswini. Ubani othi iphunga emlonyeni liqedwa ngo-“colgate” no-“aquafresh” besimanje kuphela? ULamula, (1963:171) uyakweseka lokhu: Umondi: Lo muthi ufana qho, nomhlwazi. Lena yimithi ephambili yokwelapha inhliziyo engakuthandi ukudla, nokuqumba, nomoya omubi emlonyeni. Abafana bafunda nezimbiza zokuhlanza ingaphakathi njengomathunga, nenguduza. UMyeza, (2007) uyichaza kanje inguduza: Le mbiza idinga umuntu owungoti ekuthakeni amakhambi esintu ngoba kungenjalo umuntu ingambulala. Le mbiza ifana nensipho yesilungu uma ithakwe kahle. Iguduza onke amalunga omzimba futhi kwenye inkathi ingathuka isibuya ngaphezulu. Kodwa emva kwakho konke lokho umuntu uba ngumqemane. ULamula, (1963:171) uyaweseka lo mbono: Lo muthi unjengensipho. KwaZulu zazigezwa ngayo izihlangu zeNkosi zibe mhlophe qwa. Uma abafana bethuke benyela bayazi ukuthi likhona icimamlilo ngoba yilona elingungoti ekulapheni lolu hlobo lokugula. Icimamlilo kuthotshwa ngalo uma ulimele. Abafana kuyenzeka baquleke ngenxa yezimo ezithile ekwaluseni. Abafana bayazi ukuthi unhliziyonkulu ukhona ukubhekana nalesi simo. 173 UNxumalo noNyembezi, (1966:72) bayakweseka lokhu: Unhliziyonkulu isihlahla esimila ehlanzeni. Amaxolo aso ayebulwa abe ngumuthi wokwelapha umuntu oqulekile. Abafana bafunda nangesikholokotho esiwumuthi wokwelapha izindlebe. Umqolothi ongujuqu ekulapheni isisu. Uma nje uququde ixolo lawo isisu siyaphela. Lo muthi ubuye usize ukuqeda umkhuhlane omkhulu. NabaseNtshonalanga sebaze bakubona ukubaluleka kwawo. Lokhu kuyafakazelwa uLamula, (1963:172): Umqolothi ngumuthi wesisu. Phuthuma uququde ixolo lawo uma sesikukhuzele bo. Yiwo lo muthi okuthiwa ngesilungu iQuinine, oqeda umkhuhlane wembo. Kusuke kwelusiwe lapho abafana befunda khona izihlahla zokwenza ubulawu ngoba kungenjalo bangaba nesigcwagcwa ezintombini, zidle ubhedu izimbangi. UMsimang, (1975:153) uyakufakazela lokhu: Abafana ababefunda futhi ngemithi yokwelapha abantu nemfuyo, kanye nobulawu igugu elikhulu lamabhungwana aseqala ukulandela amatshitshana. Nazi izihlahla ezenza ubulawu, inhlokoshiyane, ubhubhubhu, ungqengendlela, imbozisa, uvuma, umkhanyakude nosehlulamanye. UMsimang, (1975:324) uwuchaza kanje usehlulamunye: Yintelezi enenkani lena. Njengoba negama layo lichaza, yehlula amakhubalo ngamandla. Uma uthatha amaxolo ayo uphalaze uphinde ugqume ngawo isichitho ngeke sikwenze 174 lutho. Umuthi okhonzwe abanumzane lona, ubenzela isithoza. Abafana baphinde bafunde ngezihlahla zabaphansi njengomlahlankosi (umphafa) okulandwa ngawo umuntu ohambile angeniswe ekhaya. Bayafunda ngesiqunga sokunhlanhlathwa, ukhwife, ugeze ngaso ukuze ususe isinyama nomnyama njengethunzi lokufa. 4.7 Ulwazi lwezilwane Izilwane zinjengezimpethu zendlovu lapha kwelikaMthaniya. izinhlobonhlobo nezibaya zazo zehlukile. kungaze kuse geqe ungaziqedile. Zihlukene Uma kungathiwa awuzibale Yikho lokhu okudala ukuthi izivakashi zakwamanye amazwe zithontelane lapha kulesi sifunda sakithi. UMsimang, (1975:162) uphawula kanje ngezilwane: Izilwane nazo ziyimizi ngemizi, izibaya ngezibaya, imindeni ngemindeni. Kukhona eziyingozi yokufa, kukhona ezinenyama emnandi eyehla esiphundu, izinyamazane phela, kukhona ezisetshenziselwa imvunulo, kukhona futhi ezibika imiga ethile. Lonke lolo lwazi abafana babelufunda ekwaluseni. UMthembu, (2006:74) uphawula kanje ngalokhu: Kukuso lesi sibaya lapho abafana befunda izilwane zehlathi ezinkulu njengamabhubesi, izingwe, izindlovu, izinyathi nobhejane. Lezi zilwane zonhlanu zaziwa ngokuthi omakhonya behlathi. Bafunda nezilwanyana ezincane ezinjengonogwaja, ochakide, izimpungushe nezinye. Kusekwaluseni lapho abafana befunda ngezilwane eziyingozi njengezindlovu, amabhubesi, izingwe, amabhele, izinyathi, izimpisi, izimvubu kanye nezingwenya. Abafana bayafundiswa ukuthi indlovu iyingozi uma isisukelwe kodwa yona isilwane esingenachuku kodwa singasukelwa kusiphuka izidindi. 175 Lokhu kufakazelwa uMsimang, (1975:162): Nanxa indlovu ingaqali muntu, uma isiqaliwe iyingozi ukwedlula zonke izilwane ngoba ngamandla asikho esingabambana nayo ngejubane akunyamazane engayishiya. Uma ikuxosha isiphula izihlahla ngombokokazi wayo zisuke phansi nezimpande zazo, nenhlabathi yazo ikujukujele ngazo. La ikufica khona ikufohloza umzimba ngomboko futhi, ufe ube yisicaba. Kokunye ikunyathele ngezinselokazi, ikugxobagxobe kube njeya. Kunjalo nje indlovu kuthiwa ayikhohlwa uma kukhona umuntu oyiphathe kabi yingakho sekwaze kwavela isaga esithi: “Usibanibani akakhohlwa njengendlovu.” Bafunda nangamabhubesi okuyisona silwane esesabekayo nesiyingozi kakhulu ngamandla aso. Okubuhlungu ngebhubesi aligcini ngokuhlala ehlathini, lingena nasemzini yabantu ebusuku liyiqhobozele imfuyo esibayeni. USibisi, (2007) uyakweseka lokhu: Ibhubesi alinqeni ukungenela isibaya lizitike ngemfuyo. Obhekene nalo usuke enenhlanhla uma ewuphosile umbalane ngoba linezinzipho ezibukhali. Lingasicekela sonke isibaya ligcine ngokuhamba nenkonyane ngoba linamandla okuthwala. Okumangalisayo nokuyimfihlo yesintu ukuthi ibhubesi alifuni muntu odlalela emazinyaneni alo kodwa uma izinyane lithathwa umntwana wasebukhosini kuthiwa alimenzi lutho ngoba kuthiwa kuzwana igazi ngoba bonke bazalwa izilo, bangamazinyane. Lokhu kwenziwa kwelakwaJama uma isihambi sihlwelwe sifuna indawo yokufihla ikhanda kodwa sizibiza ngomntwana weNkosi. INkosi lapho isihambi sifikele khona iye imjube ukuthi ahambe ayobamba izinyane lesilo. Uma engumntwana ngempela, ibhubesi alimenzi lutho. 176 Lokhu kufakazelwa uMasondo, (1940:38): Umntwana weNkosi wabehlolwa, uma ehambele kwenye indawo, lapho engaziwa khona, wafikela emzini weNkosi yaleso sizwe. Phela ubethi angafika azisho, nxa bembuza lapho engowakhona, iNkosi leyo afikele kwayo ithi, makahambe ayobamba izinyane lebhubesi, ngoba ungumntwana wesilo, nembala ahambe eqonda lapho likhona ibhubesi lensikazi elinamazinyane, afike alibambe elinye izinyane abuye nalo, unina walo angazamenza lutho, ngoba emuzwa egazini ukuthi ngumntwana weNkosi. Leyo Nkosi afikele kwayo ibisikholwa ukuthi uqinisile. Bekuye kuthi-ke, nxa ingaqondakali indawo enebhubesi lensikazi elinabantwana, iNkosi itshele izinceku zimthathe ayolala ehlathini, lapho kukhona khona izilwane ezilumayo, nezibazondayo abantu. Uma engumntwana weNkosi, zithi nxa zimfica, zimdlule zimhlonipha, zimnuke-nje kubekuphela, ngoba unesithunzi sobukhosi. Abafana baphinde bafunde ngeqhaza elibanjwa ingwe embusweni wakwaZulu. Bayafundiswa ukuthi isikhumba sengwe sivunula amakhosi. Lokhu kwesekelwa uMsimang, (1975:165): Isikhumba sengwe senza iziphuku zamakhosi nezikhulu, nabantwana. Abanye abafaki iziphuku kepha benza amambatha nemiqhele ngalesi sikhumba esidla ngamabala. Ngesiko uma ingwe seyembethwe ihlonishwa kuthiwe isilo. Lo mbono uphinde wesekwe uLamula, (1963:131): Futhi-ke isikhumba sengwe besiligugu emakhosini njengoba kuthe ukuba kufike abelungu nezingubo eziyizingwe zathengwa kakhulu yizikhulu. 177 Noma-ke okaLamula ethanda ukuphaphalaza njengoba ebeka sengathi izikhumba zezingwe zazibaluleke endulo hhayi namuhla. Nanamuhla zisabalulekile samaBandla ngoba singabona mihla namalanga iSilo komabonakude sigcoba amakhosi evathe zona izivatho zengwe. Nayo ingwe iyingozi njengalo ibhubesi ngoba kuthiwa noma ungayibulala, ayifi ingawubekanga umyocu. Lokhu kufakazelwa uZama, (1967:41) lapho eveza khona uDlovunga umfo kaMvelase exoxa nentombi yakwaZondi uDumezweni, sekuthi memfu ingwe bengazelele kanje: Awu! Ngizoyiphendula kanjani kanye kanye yonke le mibuzo ongibuza yona? Eminye seyize yangikhohla. Yebo, uqinisile nxa uthi ngingowezizwe. NgingowasebaThenjini abakhe ngalapho kuhlangana khona uThukela neMpofana, kuchaza mina ngephimbo elizothile ukuze ingexwayi neze. Kwathi lapho ngiyibheka emehlweni ukuze ngibone noma kwakusekhona yini ukungesaba, ngayifica isawahlahlile amehlo, kodwa ingawabhekisile kimi kepha igqolozele eyayikubona emuva kwami kwazise ukuthi amehlo yayiweqise phezulu kwehlombe lami langakwesokunxele. Lokho kwangenza ukuba ngiguquke ukuze ngibone lokho okwakuyethusile. Hhawu, nempela ngakhangwa yingwe ingqabithela phansi yehla komunye wemithi eyayibuqamama nalapho sasimi khona. Uvalo olwangishaya lapho ngingelufanise nalutho ngoba ngezwa kuthi mangicele empunzini ukuze ngizisindise kodwa ukufunyanisa intombi seyingenwe uvalo, olwayenza ukuba isimze nje imise okwesiphunzi, kwanginqanda, ngabuye ngafikelwa umbuzo wokuthi: “Khona ngangingathi ngithi galo yephuka, ngangiyobalekelaphi?” Ngasale nje sengizimisela ukufela khona lapho njengeThembu. 178 Kunzima ukubalekela ingwe ngoba iphiwe isivinini esiyinqaba. Okubuhlungu ukuthi noma unganombela esihlahleni nakusona kusekhaya, akufani nebhubesi lona ophepha kulo ngokukhwela esihlahleni. Abafana bafunde ngobhejane nenhliziyo yawo embi. Ubhejane, umbhekaphansi, unophondo olulodwa maphakathi nombombo olusindayo. Uma usudiniwe ubheka phansi ngejubane ngenhloso yokusichoma isitha ophondweni. Uma usindile mhlawumbe wanombela esihlahleni, uyakulinda imini nobusuku, izinsuku ezimbili noma ezintathu. UNgema, (2007) uphawula kanje ngobhejane: Ubhejane isilwane esinenhliziyo embi. Sinochuku oluyisimanga. Akudingi ukuthi uze uwusukele kepha yiwona osukela abantu ubaxoshe ngaphandle kwesizathu ngoba uthembele emakhaleni awo abukhali okuhogela. UMsimang, (1975:109) naye ushayela isipikili kulokhu: Ubhejane yena udume nangokuba nenhliziyo embi. Uma ubaleke wakhwela emthini uyokulinda ngaphansi imini nobusuku, ahlushwe ukoma kuphela. Indlala akayishayi mkhuba uma esekusongele unkabi lona. Angadla utshani buze buqothuke phansi kwaleso sihlahla okhwele kuso. Umuntu uze asinde ngoba uyathathela unkabi lona lapho ekuhlaba. Uthathela njalo ubheke phansi ukuze uphondo lwakhe lubheke kuwe. Uyoze agubhuke maqondana nalapho ekukale ukuthi uzobe ukhona. abamaziyo unele athathele bese beshintsha izikhundla, afike avumbuke nomoya, bebe sebemhlala esikhonkosini ngeklwa abhonge kanye bamjolokoje. 179 Esinye isilwane esidume ngenhliziyo embi insele. Kodwa abasaziyo bayasiphikela bathi asinayo ngoba uma ubaleka uhlehla, siyakuyeka, sikunika ithuba lokuba uhambe uyohloma. UMakhathini, (2007) ubeka kanjena ngensele: Insele yisilwane esiyimelayo inselelo. Asifuni ukulwa nomuntu engahlomile ngokwanele. Uma ubhekene naso wabona ukuthi ziyakunetha wase uhlehla sicabanga ukuthi usuyolanda umkhonto yingakho kwaze kwathiwa “insele kalindamkhonto.” Imbi insele ngoba ithanda ukudlala injenje ngoba uma ubhekene nayo yona, ifuna ukukulimaza ezithweni zangasese ngezinzipho zayo ezicijile. Kuthiwa uma impela ungabhekile, ingashiya ikuthenile. Abafana bafunda ngezilwane ezinhlobonhlobo njengezinyathi, izimpisi, amabhele, izinkawu nezimfene. Ezincane ezifana nonogwaja, ochakide, izinkwe, izintenesha, amaklolodo nezinsimba. Nezihlala emanzini njengemvubu, oxamu, umthini nezingwenya. Ingwenya yisona silwane esiyingozi kakhulu kwezihlala emanzini. ngamazinyo ayo abukhali nomsila wayo ongathi izembe. Isho Inomkhuba wokuyenga isitha emanzini kube sengathi yilongwe noma ugodo oluntantayo kanti phinde, ufeleba lo ukuholela ophathe uphila saka. Uma ike yakubamba, yezwa igazi lakho, ikulandela ngisho ekhaya ebusuku izokuqedela, ikudle. Ngakho umuntu osuke elunywe yiyo kufanele abalekiswe impela ngoba isuke imlandela. Lokhu kufakazelwa uMsimang, (1975:164): Akuzona zodwa izilwane zehlathi eziyingozi. Nezihlala emanzini, azishiyi lutho kubantu, uma zibatholile kuba induku yekhukhuza. Nengwenya belu ayidle ngabukhulu kepha imlomo ubanzi kanti isikhumba insimbi, nomkhonto awungeni. Sithambe kuphela ngaphansi ontwini. Umsila lona imbazo, uke wakuthola ukugawula umlenze. Iliqili 180 ingwenya lena. Ikhiphela ikhala phezu kwamanzi ukuze ikhone ukuphefumula. Iyasuka isiyenza sengathi ivale amehlo ilele, kanti ibheke ngawayizolo. Izolokhu indinda lapha emanzini wena ongazi ungathi ubona ikhala layo uthi idaka nje lizemukela namanzi. Nango wena! Uyakuyenga unkabi. Uke wangena kuleso siziba uyokuthatha kanye ngomsila qede akwephule amathambo ngezimbemba zamazinyo. Amazibuko anezingwenya agcina engasaweli. Uma isizingela ngempela nangaphandle kwamanzi iyaphumela. Uma ike yakubamba yezwa igazi lakho, ikulandela ngisho ekhaya ebusuku izokuqedela, ikudle. Ngakho umuntu osuke elunywe yiyo kufanele abalekiswe impela ngoba isuke imlandela. Esinye isilwane esiyingozi emanzini imvubu. Noma yona ubungozi bayo bungafani nengwenya kepha nayo ithuke yakwelamela emanzini yazibona ingaphephile iyakushwabadela ngalo mlomo wayo omkhulukazi. Ngaphandle kokuthola ulwazi olunzulu ngezinhlobonhlobo zezilwane abafana baphinde bafunde nangemisebenzi yamafutha alezo zilwane. Abafana bafunda kabanzi ukuthi amafutha ebhubesi enza isithunzi kumuntu nakwezinye izilwane. UBhengu, (2007) uphawula kanje ngakho: Amafutha esilo abafana bayawasebenzisa lapho beqhatha khona izinkunzi ngokuthi bawagcobe esiphongweni sayo kothi leyo elwa nayo ivele izibone ijamelene nengonyama uqobo kanti phinde idlala amafutha ayo nje. Leyo elwa nayo iyomane ithi galo yephuka. Namakhosi ayawugcoba ukuze abe nesithunzi. Abafana bayafunda ukuthi amafutha emfene abathakathi bayawasebenzisa ukuthi izinkunzi zingasondeli ezimanzini ukuze ingadli imfuyo. Lokho kuwukuthakatha obungatolikwa. 181 Amanye amafutha abalulekile awemvubu, wona okuthakwa ngawo izimonyo ukuze umuntu athandeke. Nemfuyo ukuze izale yande izinkomo ikakhulukazi izimanzi zigcotshwa ngawo ukuze zibe newozawoza ezinkunzini. Bafunda nangokubaluleka kwamafutha ebululu nalo uqobo lwalo. Ibululu inyoka ethanda ukuhlala ndawonye. Uma amafutha alo egcotshwe ezimpundwini zesibaya lona lagqitshwa maphakathi nesibaya lezo nkomo aziyi ndawo, zisuke sezibetheliwe. Abatolikelwa ngokubaluleka kwamafutha enhlwathi. Uma inkomo ihlanya kungelula nokuyisenga igcotshwa amafutha enhlwathi eshobeni ebese yona izesula umzimba wonke ngalo ebese igcobeka. ihluphe. Leyo nkomo ayiphinde Amafutha enhlwathi futhi asiza kakhulu kumuntu onesilonda esivulekile ngoba sisheshe sihlangane. Lokhu kudalwa wukuthi nenhlwathi uma kade igingile iyaye ivuleke ngaphansi kuphume amathambo futhi kubuye kuhlangane. 4.8 Ulwazi lwezinyoni Izinyoni ziyingxenye yendalo okufanele abafana bayazi ngoba nazo zehlukene imikhakha eminingana. Kukhona ezidliwayo, kukhona ezingalokothwa zidliwe, kukhona izinsiba zazo ezihloba amakhosi, kukhona ezabathakathi nezingamabika okuthile. Lokhu kufakazelwa uMsimang, (1975:157): Ulwazi lwezinyoni nalo lusemqoka ngoba nazo zehlukene izibaya ngezibaya njengazo zonke izilwane. Kukhona izinyoni ezidliwayo nezinenyama emnandi. Kukhona eziligugu ngoba izinsiba zazo zenza imvunulo ethandekayo, nengumgomo wokwembathwa ngemikhosi nangemicimbi ethile. Ezinye zazo azidliwa ngenxa yokuthi zinezigameko ezizibikayo. Kukhona futhi eziyingozi eyesabekayo njengentshe nenqe. 182 UNxumalo, (1951:37) uyakuseka lokhu: Thina bakwaZulu kasizange sizihluphe ngemibala yezinyoni eziningi. Inyoni eyayidumile kwaZulu yigwalagwala. Lena yinyoni emnyama ngokunkankane, emaphiko abomvu nesisila esibomvu. Izimpaphe zayo zazifakwa ngamakhosi kanye nabantwana baseNdlunkulu kuphela. Cha, abantukazana babengalokothi bahlome izimpaphe zegwalagwala. Kwabe kuyinyoni yamakhosi. Njengoba kwaZulu izibhamu zazingakabibikho zokudubula le nyoni, kwakuyaye kukhishwe ibutho nje elithile liyixoshe lize liyibambe, bese izimpaphe zayo ziyokwethulwa koMkhulu. UShaka-ke yena kuthiwa wayevamise ukuhloma uphaphe olude lapha esicocweni sakhe ekhanda. Lolu phaphe kwakungolwendwa. Indwa yona yinyoni evamise lena kwelabeSuthu. Yibo-ke abeSuthu ababemlethela izinsiba zalenyoni. Babethula ngazo eNkosini. Uma kwelusiwe umashayandawonye uhlale uyisitha esikhulu ebafaneni okufanele basinqobe. Enye indlela yokusinqoba lesi sitha ukuthi abafana bazingele izinyoni. Kungenkathi bezizingela lapho befunda khona izinyoni ezidliwayo nezingadliwa. Kwezidliwayo kungabalwa ungcede, indlanzi (engafi kalula kodwa enone ngendlela exakayo), iqola (inyoni edla ezinye ngokuzichoma ezintini), iphothwe, umbalane, ingqomfi, ithendele, ibhayi, uhhuye, intaka, intengu, isikhwehle, ibhoyi, inkwazi, umathebathebane, ijuba, ivukuthu, ihlokohloko kanye nezinye. Njengasezilwaneni nasezinyonini kukhona ezingalokothwa zidliwe. Izizathu zokungadliwa kwazo zahlukehlukene. Kukhona ezingadliwa ngoba kuthiwa ezabathakathi, kwenye inkathi ngoba kunenkolelo yokuthi zinelumbo elithile. Kulezo zinyoni singabala umabhengwane, isikhova okuthi uma sithuke sahlala phezu komuzi wendoda, kudlala incele kuwo wonke umuntu ekhaya ngoba kunenkolelo yokuthi sizothakatha. 183 UMyeza, (2007:) ubeke kanje ngomandukulu: Akekho namunye ongakuphika ukuthi isikhova inyoni yabathakathi yingakho sibonakala ebusuku emini sibe yindlala, njengoba kwenza abakhunkuli. Uma sidlale emzini wendoda indoda kufanele ikhiphe ezayo ukuthiba lowo mshophi bese iyothungatha ukhokhovu lwenyanga. UNyembezi noNxumalo, (1966:82) baphawula kanje ngomandukulu: Uluthuthuva, uhamba ebusuku. lapho ekhala abantu bayaye bahumushe bathi uthi “Phuma ungibhule! Phum‟ ungibhule!” Abuye athi futhi “Shu....shu....nqu! nhi....nhi....!” Kuthiwe-ke futhi yivumakabili. Udume ngokuthi unezitho ezinhle. Uvamise emahlathini nasemaweni. Kuthiwa futhi isikhova. Noma sinjalo isikhova sinabo ubuhle baso ngoba alikho isoka elingenasici. Isikhova singena ngaphansi kwalezi zinyoni eziwusizo ezifana nonogolantethe abadla isikhonyane nezinyoka ingede inyoni ekuholela ezinyosini, amanqe (izinyoni zezulu) ezidla ingcuba, ukhozi oludla amagundane noma lukhonze kakhulu ukudla amachwane, amalanda adla amakhizane ezinkomeni. Umabhengwane naye unalo usizo ngoba usobozela amagundane. Lokhu kufakazelwa uNxumalo, (1951:36): Izinyoni nje-ke eziningi zinosizo olukhulu kubantu ngoba ezinye zidla amagundane, njengesikhova nje kasiwashiyi amagundane. Kanti futhi onogolantethe nezinye eziningi zizingela izintethe nesikhonyane. Zikhona futhi ezidla izinunywana ezincane ezingahle zibe yingozi empilweni yethu sonke. Isikhova lesi kuthiwa siwabona ngisho ebumnyameni amagundane kwazise ukuthi uphiwe amehlo unkabi lo. Kuthiwa amehlo lawa awavaleki ngisho elele, ungacabanga ukuthi ubhekile. Uma kunokukhanya kuthiwa akaboni 184 kahle yingakho engezwani nemini, ukhonze ubusuku nokuthi kubelula ukuthi athole amagundane ngoba nawo azingela ebusuku ebese ezichoma kuye unkabi. Isimo sokukhuluma esigcona umuntu onamehlo amakhulu esithi “Unamehlo amakhulu ungathi isikhova” savela kanjalo. Enye inyoni ewusizo inkankane. Amankankane avamise ukuhamba agudle umfula. Uma ephambuka andiza phezu komuzi ekhala, lokho kusho isimo esingesihle sokufa. Enye inyoni enganambitheki uthekwane. Njengesikhova nawo uma udlula phezu komuzi ukhala ubika isifo ngoba kunenkolelo yokuthi uthekwane unamakhubalo. Kuthiwa uma uke walinga wathinta isidleke sawo uthumela izulu kini, umuzi ushe ungqongqe. Kwaleyo ndlu isuke ingatheni kungamafukufuku, yingakho kwaze kwavela isimo sokukhuluma esigxeka ububi bento. Uma umuntu akhe indlu embi, kuthiwa ekathekwane. Nawo uthekwane unabo ubuhle bakhe. Uma edlula ekhaya adlaladlale, kuthiwa usuke ebika ukuthi kukhona insizwa esizoqonywa uma yeshela. Lokhu kufakazelwa uMsimang, (1975:159): Lena inyoni ensundu enesiluba, ethanda ukuzibuka emanzini. Uma ekhwishiza ehhoyiza ubika ilumbo. Uma edlalisela ubika ubuhle uma kulowo muzi awubikelayo kunezinsizwa ezeshelayo zisuke zizoqonywa nakanjani. Uma zingesheli zisuke zizomelwa izintombi. Ukungathandeki kukathekwane kuphindwe kwesekelwe iphephandaba “i-Bay Watch” yomhlaka 30 kuMasingana 2008, ikhasi 15. Lapho libeke ngolimi lukaKhwini kanje: According to ancient Zulu belief, the Hamerkop can fortell who will be next to die, by seeing the doomed person‟s reflection in the water. It is said that the bird will fly to the home of a person who is going to die and utter three warning cries. 185 If a Hamerkop flies over a person‟s head, it means something bad will happen to that person. Therefore an isiZulu person seeing a Hamerkop will throw stones at the bird trying to chase it away, especially if it should fly towards their homes. If a pregnant woman imitates the sound of a Hamerkop, it is said her baby will cry incessantly with the same sound. The bird is also linked to wichcraft, as many stories tell of the bird flying around people‟s homes when something bad has happened. The Hamerkop is also said to watch for the falling star which foretells death by falling above the home of the person about to die. When it sees the star, the Hamerkop will fly over the dwelling and utter its warning cries. Umkholwane enye yezinyoni engathandeki. Le nyoni akufuneki nangengozi ivunyelwe ukuthi ingene emagcekeni omuzi ngoba ibika isiphoso esibi. Uma abafana bethuke bawulamela, bawushaya ngamatshe uze ubaleke. Abaziyo kuthiwa ngenkathi uhujwa abafana baye bamemeza bathi “Mbunce mkholwane.” Ingqungqulu nayo ayithandeki uma ithuke yadlula phakathi kwabantu ngoba ibika izulu. UJobe, (2007) ubeka kanje ngale nyoni: Ingqungqulu yinyoni eyesabekayo ecishe ifane nokhozi olukhulu kodwa yona igabe ngesithunzi. Uma uyelamele mhlawumbe uyoshela sale usubuyela emuva ngoba ibika impi hleze ufice izimbangi phambili zikutitinye. UMsimang, (1975:160) uphawula kanje ngale nyoni: Le nyoni ifana nokhozi, kodwa ukhozi lujuba kakhulu, futhi lude kanti yona inkulu imfushanyana. Yinyoni yempi lena. 186 Amakhosi akithi akhaliphile abebongwa ngokuthi izingqungqulu. Uma ike yadabula udwendwe kusuke kuzoliwa nakanjani. Uma ike yanqamula kubantu, kufuneka bacije impela balinde impi. Angiphathi khona uma ike yashaya amaphiko. Kuzokonakala izwe nakanjani. NoMvelingqangi kwenye inkathi ubizwa ngalo leli gama ngoba uyena oshaya amaphiko kuzo zonke izidalwa ezingaphansi komthunzi welanga. Umvemve nawo awunambitheki ngoba uthuke unqamula ekhaya ukhala, lokho kuchaza ukuthi lowo muzi usenkingeni uzovinjezelwa. Wawunele ungakhala umndeni uqoqe amasakana awo uthi galo yephuka, kuyothi kusa itshe selome inhlama nomuzi lowo kosa usungumlotha. Ititihoye nalo alithandeki ngoba le nyoni iyibika labathakathi emini nasebusuku. Noma lona lisuke lisiza kodwa selaze nalo lathwala umshophi wokuthi sengathi nalo liyathakatha. Siqinisile isiZulu uma sithi “Umlungisi uzithela isisila” ngoba kuba ititihoye liyazi ngabe lizihlalela phansi likhohlwe ukwenza lo msebenzi. Pho lizothini, isabelo salo elisiphiwe ngoPhezukonke. UMsimang, (1975:161) ubeka kanje ngetitihoye: Lena inyoni yasezinkangala. Zithanda ukuhamba ngaziningi kuthi lapho kunezinkungu zikhale kakhulu kanti sezibone umthakathi. Uma uhamba lapho phakamisa izithende. Kunjalo futhi uma zizwakala ebusuku lezi zinyoni, kusuke kukhona umthakathi ogibele imbuzimawa yakhe kuleyo ndawo. Ngaphandle kwalezi zinyoni ezingathandwa ngenxa yokubika izigameko ezimbi kukhona nalezi ezibika ezinhle njengekhunatha okuyinyoni yenhlanhla. Kunalezo ezibika izulu njengensingizi, ilanda, ithendele kanye nenkonjane. Kunezinyoni ezibika ukuphenya kwezulu njengengqwashi nenswempe. 187 Kuyabonakala ukuthi kufanele abafana babenolwazi oluphelele lwezinyoni neqhaza elizibambayo empilweni yesintu. Lokho kubahlomisela ingomuso sebenemizi ukuze bazazi ezidliwayo nezingadliwa, ezimbi nezinhle namabika azo ngokwehlukana. 4.9 Ulwazi lwezinyoka Njengoba abafana bechitha isikhathi esiningi ekwaluseni, ehlane lapho kugcwele khona izilwane ezinhlobonhlobo, ezihuquzelayo nezihamba ngezinyawo nezinyoka nazo zimdibi kulezo ezihuquzelayo okufanele abafana baziqonde bazi eziyingozi, ezibulawayo nezingamadlozi. Lokhu kufakazelwa uMsimang, (1975:154): Khona belu ekwaluseni, esinofonofweni someno, emahlozini amnyama esabekayo, nazo izinkambaphansi eziyingozi nokufa isibili. Kubafana abahlala njalo behaqwe ilengozi, ulwazi lwezinyoka lwalusemqoka. Izinyoka zehlukene imikhakha eminingana kanti nezinga lobungozi bazo behlukahlukene. Kukhona eziyingozi kakhulu okuthi uma ike yakushaya, impela ishoba lilal‟ amazolo ngenxa yesihlungu sayo esibi. Ezinyokeni zalolu hlobo singabala imamba, ibululu, umaqandalingophi, ivezimanzi, inhlangwana, umdlambila, unobibi, umonya kanye nokhokhothi. Uma ulunywe yilezi zinyoka, kudingeka uthole izibiba ezishaya emhlolweni ngokushesha, kungenjalo umuntu angaya kwelamathongo. ULamula, (1963:132) uphawula kanje umaqandalingophi: Inyoka enengozi bekungumaqandalingophi, okuvama ukugadla kumuntu esithweni ezihambela nje, futhi-ke kunobuhlungu kakhulu. Kuba sengathi umuntu angashesha ukuthola isibiba, futhi angaweli emfuleni uma eselinyazwe yilokho. Kuhle futhi uma kumlimaze qede kwabulawa, funa kuze kuyodla imithi yakho basho njalo. 188 UNyembezi noNxumalo, (1966:89) bayichaza kanje imamba: Imamba inde kakhulu cishe ingangomlenze womuntu omude. Inesidumbu esikhulu. Kukhona imamba emnyama, empofu, eluhlaza ngokuntshoko enjengecimbi. Iyashaya, inesihlungu esibi. ULamula, (1963:133) uyakweseka lokhu: Enye-ke futhi inyoka embi yimamba. Zimbili izimamba: ngemnyama neluhlaza. Kodwa kukhona eluthuthu, empofu. Bathi enjalo isuke isindala kakhulu. Enye isuke isinophaphe. Enjalo-ke igcina ngokuba yindlondlo, okuthiwa ivuka qede ime ithi mpo! Ihlabe amakhwelo, umuntu imgadle ekhanda. Yizo lezo-ke okuxoxwa ngazo ukuthi zazinqwaha nezindlela kungabe kusahanjwa. Kuthiwa enye yake yabulawa umfazi ngokuthwala isijingi (iphalishi) sishisa kabi. Yambona qede yeza isihuba, yasuka yaqonda phezulu. Kuthe imgalela ekhanda, kanti ingena esijingini sibila! Yasha yaqhuma amehlo, yafa! Enye inyoka eyingozi kakhulu umdlambila. UMthembu, (2006:74) uphawula kanje ngomdlambila: Umdlambila uyingozi kakhulu ngoba uyabaqeda abazingeli abayizimfundamakhela ngoba uzishaya sambila ikhanda lawo kanti nawo usuke uzodla zona izimbila. Uma uthuke wawelamela, kungcono ukuthi uthi galo yephuka kungenjalo ishoba liyolala amazolo ngoba uma uke wagadla kanye unobuthi obuyingozi obungalapheki, obukusondeza koyihlomkhulu. UKhumalo, (1993:131) uyakufakazela lokhu eveza umzingeli mumbe elwa nomdlambila kanje: Ayibike indaba yomdlambila nokuthi uwubulele kodwa uyezwa ukuthi naye 189 uphelile. Kukhuzwe umhlolo. Kubizwe inyanga. Inyanga ifike ithi izokwenza nje izaba kodwa umdlambila awunamhlatshelo. Oke wabhekana nje nawo akawuphonsi umbalane ngoba umfutha ngomoya. Wayehlangene nazo zithutha, ziholwa ngemhlophe phambili. Inyanga yazenza izaba zangempela kodwa umzingeli kwathi ngakusasa wavele wabola nje. Uma ethi uyazithinta, avele abhucuke. Uma bethi bayamphendula, babuye nesibhucu senyama kodwa esaphila futhi ekhuluma. Waze washona ngosuku lwesihlanu, sekuvimbanise sesisinye endlini. Iphunga ligqabul‟ amakhala, lehlula umsuzwane. Enye inyoka eyingozi engenasibiba yibululu noma ihobosha. (2007) uphawula kanje ngale nyoka: Ihobosha ngenye yezinyoka eziyingozi. Ngaphambi kokuba ikulume iqale ikwexwayise ngokwenza umsindo ohoshozelayo. Empeleni kuthiwa ayithandi ukushaya isuke ikuthusa ukuze ubaleke. Yingakho sekwaze kwavela nesimo sokukhuluma sokuthi “Amahobosha lawo uma umuntu ezama ukuzivikela ngokuthi azenze onamandla.” Kodwa abanye bathi isuke isalwa nokuvula amazinyo. UMsimang, (1975:155) naye unakho ukumesekela okaNtusi: Emva kwemamba kulandela ihobosha noma ibululu. Kuthiwa ihobosha ngoba iyakhuzela ngaphambi kokuba ilimaze, kanti izwi layo liyisihosho, bese kuthiwa yihobosha. Kubuye kuthiwe ibululu ngoba ilivila elimangalisayo, ilala ithi bululu. Ngisho seniyishisa ngomlilo ngeke ibaleke ngoba futhi ilunwabu, kodwa koze kubemanzi isikhotha lapho ikhona ilwa nawo umlilo lowo iwubhula. Le nyoka kubuye kuthiwe ihungqu, lokho kushiwo ngemibala yayo ehungqu, exube ensundu, emdaka nemhlophe. Mhlawumbe ingaba ilungu 190 UNgema, nohhafu kuye emalungwini amabili ubude (ubude obulingene) kanti ubukhulu ilingana nengalo yomuntu olingene uma isinkulu ngokugcwele. Inamazinyo ayizingige okuthi ingakuluma ilenge ngawo kuwe uyoze uyixazulule. Kanjalo futhi noma ibuthisile izingige lezi ziyagigana, yilokho okwenza iqale ikhuzele ngaphambi kokulimaza, isuke ivula amazinyo, asizakale-ke lowo obezogawulwa, athole ithuba lokubaleka. Noma inesihlungu le nyoka ayisheshi igadle, kepha imbi kabi uma isilwa. Ima isongane izikhatha iyasuka iyagxuma izosho kuwe ifike ikugawule. ISunday Times yomhlaka 03 kuNhlolanja 2007 ikhasi 3 iyakweseka lokhu: The lethal dose of puff adder venom for humans is about 100mg, and from 100mg to 350mg may be injected in a single bite. Symptoms include intense pain, massive swelling, abdominal cramping and high fever. The victim may go in and out of shock, breathing may become difficult. There is extensive subcutaneous bruising and blood blisters form rapidly. Death usually occurs two to four days after being bitten. Death can occur in less than 30 minutes from intravenous injection of venom resulting in circulatory collapse; anaphylactic (allergic) shock or organ failure. – Source: Wikipedia. Kusuke kukuso futhi lesi sikhungo sasekwaluseni lapho abafana baphinde bafunde nangohlobo lwezinyoka ezingeyona ingozi njengenungu, ifulwa noma ifulo okuthi uma likubona, lithi galo yephuka, umdlume, umhlungwe, umhlwazimamba, insakalubisi, inungu, uzwambuzwambu kanye neciwu. UNyembezi noNxumalo, (1966:89) ubeka kanje ngeciwu: Inyoka encanyana eluhlaza ehlala emahlathini. Kayinaso isihlungu, noma umuntu imlumile akafi. Abantu abaningi bakholwa ukuthi le nyoka iletha inhlanhla ekhaya. 191 Abafana baphinde bafunde ngezinyoka ezihlonishwayo okuthiwa ezamadlozi njengomabibini, umantshingelana, umsenene, iphimpi nesiquzi. Baphinde bafunde ngalezo ezikhwifelana ngamathe anobuthi njengemfezi, umabilwane, unobibi noma unophempethwane. Lezi nyoka uma zikutshakele ngamathe emehlweni uphenduka impumputhe noma uma ikuthole emzimbeni uyobuka isikhumba. Kungenzeka kanjalo abanolwazi bafuna ubisi ngokushesha bese bemsula ngalo ebusweni. ULamula, (1963:132) uyakweseka lokhu: Yebo, bakithi, kade lifuyile izwe. Kade lifuye nezinyokanyoka. Noma kambe zisekhona, sezivame ezindaweni ezithile nje. Kade ezinkangala kuvame izimfezi, ebekuthi umuntu engazelele, athuke isimtsakela ngamathe, avuvuke kuvaleke amehlo ngokushesha-bamphuthume ngokumgeza ngobisi. Baphinde bafunde ngezinyoka ezinkulu njengomonya, inhlwathi, umningi (inkanyamba). ULamula, (1963:133) uphawula kanje ngalolu hlobo lwezinyoka: Kukhona imihuquva yezinyoka ehlala emaweni, nasemahlathini, ngisho inhlwathi, nomonya, nezinye eziphila ngokuginga izilwane ezinkulu njengezinkomo, nezinyamazane, nezimvu, nezimbuzi, nabantu. Lezonyoka kazigijimi, kodwa zanikwa ilumbo elithile lokulumba ngokunyalizisa ulimi. Uma yenze njalo, kukhona ilumbo elilumba isilwane, sime nje, sithothongeke, iyasuka isisondela kuso isiyasiginga. Futhi lezizinyoka (lokho-ke sengathi kwabekwa kuzo zonke) zinezisu ezinwebeka njengesihlilingi, ngoba ziginga nesilwane esikhulu kakhulu, okuthi uma sezisigingile, zehluleke nokuhamba, bese ziqubisa nje, size sibole kunciphe isisu. Kungathi kukhona umshini wokugaya 192 isilwane, ngoba zihlala zibinyazisa isisu, kubonakale ukuthi zigaya okugingiweyo. Kuyacaca ukuthi abafana basizakala kakhulu ekwaluseni ngoba bathola ulwazi lwezinyoka. Lokho kubasiza nokuthi bafunde izibiba nokuthi bakwazi ukwehlukanisa izinyoka eziyingozi nezingeyona nalezo ezingabulawa okuthiwa ezabaphansi. 4.10 Ulwazi lokweshela Uma abafana besalusa akusho ukuthi bahlale bengako kodwa nabo bazokhula babe izinsizwa bagcine nabo sebengamadoda sebenemizi yabo. Awukaze-ke ube khona umuzi ngaphandle komuntu wesifazane ngakho nensizwa uma isicabanga ukuganwa, kufanele ithole owesifazane nakhona okungelula ukumthola ngoba kunendlela atholakala ngayo, leyo yokuqomisa. Uma insizwa isiqonyiwe, ibe isithatha igxathu elilandelayo nelibalulekile lelo lokuganwa. Umuntu ongaganiwe nongaganile kwelikaPhunga noMageba uthanda ukuba nesigcwagcwa futhi enjalo kwayena usuke sekucutshungulwa amazinga akhe okukhula. UMthembu, (2006:191) ubeka kanje ngalokhu: Owesilisa noma angaba neminyaka engakanani edla amazimba ubizwa ngomfana, ngokunjalo nowesifazane ongaganile ubizwa ngentombazane noma umjendevu. Lo mbono uphinde wesekwe uMsimang, (1975:249): Ukugana nokuganwa kungukuphelela kwalawo mabanga okukhula. Ongaganiwe kakapheleli ebuntwini, ngesiko owesilisa waziwa ngokuthi ungumfana kungakhathaleki noma useneminyaka emingaki yobudala, futhi ngeke ahlala 193 engaphelele uma ebandla aphendulane namadoda angaze abe mpunga ekhanda. ngisho Ukungananyelwa kowesifazane ongaganile kubonakala ngisho nasenkolweni. UVilakazi, (1990:140) ubeka kanje ngalokhu: The maidens (izintombi) are distinguishable from married women, and also distinguishable from unmarried mothers. The unmarried mothers have no places in ukusina, and even in Zulu culture, in general, there is no honoured place for an unmarried mother. UMthembu, (2000:13) uphinde agcizelele: Owesilisa noma owesifazane, kubhekeke ukuthi aganwe noma agane uma esekhulile. Kuyichilo ukuthi owesifazane agugele ezinsisheni. Kanjalo futhi nowesilisa kuyichilo ukuthi aze abizwe ngesishimane. Kwesinye isikhathi kuze kuphume ngisho odadewabo bayomfunela intombi. Uma-ke lesi sigcwagcwa simlandela njalo umuntu, kushwelezwa kwabaphansi bese ngemuva kwalokho indlela ibe mhlophe. Ukuze owesilisa agweme lo mshophi usuke esabhekene nomshikashika wokuqomisa ukuze akwazi ukuthola ubambo lwakhe. Owesifazane-ke yena usesebhadini ngoba akakwazi ukuziganisa. Angazenza njalo usuke kuyinkombe yesimilo esixegayo. UMthembu, (2006:194) ubeka kanje ngalokhu: Inye vo indlela insizwa ethola ngayo uSofasilahlane wayo, leyo ndlela ibizwa ngokuthiwa ukuqomisa. Lesi senzo asilula nokho ngoba sidinga ubuhlakani nobuciko obuyisimangaliso. Insizwa kwaZulu ayimane ibone intombi ixoxisane nayo, nayo ibisivumela phezulu. Kodwa kuba umshikashika ongathatha iminyaka nayo intombi isaziqhenya ngobuntombi bayo. Noma ngabe nayo izifela kangakanani 194 ngaleyo nsizwa, iyozibamba kuze kufike isikhathi esifanele. Imvamisa kuba iqhikiza elinika intombi leyo umhlahlandlela. Kusekwaluseni bokweshela. lapho abafana befunda khona amaqhinga nobuciko Abafana bayafunda kwabadala ukuthi awumane ubhozomele noma iyiphi intombi uma usufuna ukuganwa. Ungaba nazo izintombi zibe ningi kepha uma usufuna ukuganwa isimilo sihamba phambili ngoba nabadala bayaziqapha ngeso lokhozi izintombi bazibone nalezo ezinesimilo abangafisa zibe omalukazana babo. UDamane, (1987:41) uyakuveza lokho lapho eveza uZabantu noMaMwelase bebanga intokazi kaMaZwane, uPhumla kanje: Cha phela Zabantu, isikhathi sisekhona, uzoyetshisa le ndaba uMaZwane, abesebona okufanele akwenze. Thina besimcela nje ukuthi aseboleke intombi yethu lena ihambe nathi. Phela akekho onezwi lesolo njengoPhumla lapha esontweni, wena Zabantu. Kunanela uMaMwelase. Iyasho phela bo ingane kaKhumalo ngezwi layo ntombi, ngize ngithi kazi uyosebenza nini uDumisani athathe le ngane. Uyazi, ngimkhonze kabi uPhumla, MaZwane. Kuphawula uZabantu ngezwi elipholile. Habe, Zabantu, kanti uhleli nje ugaqele umakoti wakwami? Kubuza uMaMwelase emangele. Hha, MaMwelase, uPhumla lona ngaziqokela yena kudala, esandakuzalwa. Ngangiyobona uMaZwane esibhedlela eyoteta. Ngathi uma ngizwa ukuthi utete intombazane, ngathi umakoti wakwami loyo. Akunjalo MaZwane? Kunjalo Zabantu. Kodwa bengingathi nikhuluma eyokuhamba... Senikhuluma ngendaba yokugana kwengane yayizolo lena... Hhayi, kahleni makhosikazi. Kukhuza uMaZwane. 195 Abafana bayifunda ekwaluseni ukuthi ayifuneki insizwa enomnqantula. Kufanele insizwa uma ifika entombini izethembe, ibe namazwi anembayo, ayikitazayo intombi ukuze ithembe futhi ikwazi nokuyihilela. Lokhu kuvezwa uBhengu, (1965:8) lapho eveza khona uNyambose ecobelela uNgqumuzana umfo kaNdolozana kanje: Cha mfo kaNosizila, ngibhobosa isifuba sami kuwena ngoba ngikwethemba, futhi uyisoka. Ngalenkathi ngema ngambuka emehlweni, ibunzi lakhe laguquka, wakhwantabala, wacubhuka kwabasengathi lwalulukhulu udaba ayeza nalo. Waqhuba wathi: Sengikhathele ukukhohliswa izinyanga zithi zinginika imithi yezintombi, kanti zinginika imfukunyane nje. Manje wethu, naliya ijongosi lakwaMzobe, leliya eliyididisholo, elithe chwa isichumo ekhanda – selingishikilisile wethu. Ngithi-ke mfo kaNosizila ake ungithungise nansi injobo. Yakhuluma insizwa yazeyabuna kuhle kwembune ikhambi lezinsizwa. Sasimi sixoxa, ngabona ukuthi umfo kaNdolozana wayekhuluma nje ehluphekile impela, uma ngangingase ngingamgqashuleli ikhambi lokuphengula lolo lusizi ayephezu kwalo wayengangizonda. Ngathi: Yebo wethu, ngiyakuzwa ukukhala kwakho. Nokho-ke sizobuye siluxoxe lolu daba lwakho ngikucebise amaqhinga okuphumelela. Cha wethu, angifuni amaqhinga, ngifuna ungicobelele ngo... Hhayi mfo kaNdolozana! Indaba isemaqhingeni nasolimini oluswabukileyo. Awukho umuthi wezintombi, kade kusho wena khona manje. Ukhona umuthi mfo kaNosizila. Musa ukungibamba emehlweni ngibhekile njengempatha. Washo uNgqamuzana engibuka ngamehlo ayegcwele usizi. Cha bo! Wethu ngiyagcizelela ngithi indaba isolimini olungenamnqantula. Asiluyeke lolu daba ngoba nak... Wangiphazamisa ngingakaligcini. 196 Cha wethu, ake silucubungule lolu daba ngoba uyangiphica. Inhliziyo yami ibuhlungu kabi. Ngicabanga ngingaqedi ngaleli jongosi lakwaMzobe. Uma ungase ungisize mfo kaNosizila ngiyizuze le ntombi, angisoze ngakukhohlwa – ngiyokubonga ngokukhulu. Wakhuluma waze wandwaza okomuntu edle umthunzi wezinkukhu. Ngambona ukuthi wayegajwe uthando lwentombi, wayengasafuni nokungizwa, esenentamo elukhuni njengentamo yehhashi lenqaba ukuphuza amanzi. Abafana bayafunda nokuthi ukuze intombi imqome kufanele abenogazi emaqhikizeni ngoba amaqhikiza angosigaxamabhande, yiwona alawula impilo yezintombi. Uma insizwa ingezwani neqhikiza hleze liyinyundele entombini, ithathwe zimbangi, isale ibambe ongezansi insizwa. Lokhu kufakazelwa uXulu, (1994:27) lapho eveza iqhikiza lakwaSalebenaba uMathikalala lingafuni ukuthi uKoto aqome uMhalaza insizwa yaseNhlambeni kepha lifuna aqome uMagqubu waseSongweni ngoba limthanda kanje: Mathikalala: Uyahlanya uma esho njalo. Kudala uKoto ngamkhulula, yena wabona ukuthi ngisangene. Akekho-ke umuntu okhululwa kuze kube kabili. Mjujo: Asikhumbuli-ke nokho. Konje wamkhulula ngoba wayesefuna ukuyaphi? Mathikalala: Akudingi ukuthi umuntu aze afune ukuya kuphi. Uma nje mina njengeqhikiza sengimbona umntanensizwa ukuthi kudala ephatheke kabi ehamba indlela eyodwa, kuhle ngitshele intombi yakwethu leyo ukuthi isikhululekile isingamkhipha osizini. UKoto-ke ngathi mina akakhulule uMagqubu wasoSongweni osizini. Naye uwufakazi walokho. Sengiyamangala-ke futhi uma senithi angikhulule uKoto. Usefile yini uMagqubu? Qondeni: UKoto akahlanganise lutho nje noMagqubu. Noma ngabe ukhona noma ngabe ufile. Kudala uKoto ebika dadewethu 197 omkhulu ukuthi akamfuni uMagqubu. Ngeke futhi aze amqome nanini. Pho-ke kungasiza ngani ukulokhu ubelesele umuntu ngento angayifuni ngoba nje emncane? Kuhle uKoto aye lapho ethanda khona, akhombe kwanhliziyongise. Sonke nje siqome amasoka esiwezwa ngaphakathi futhi esiziqhenyayo ngawo, ngoba siwathanda. Mathikalala: (Useyasola ukuthi kanti indaba ikuphi) Lapha emzini kababa uma kuseyimi iqhikiza akekho umuntu ozokwenza umathanda. Uma sengikhulumile, sengikhulumile futhi ngiqedile angikwazi ukukhuluma into eyodwa kuze kube phakade mina. Uma ningasafuni kugcine izwi lami qokani elenu iqhikiza bese ningibulala emveni kwalokho. Niyezwa? Abafana baphinde bafunde ukuthi kufanele babekezele ngenkathi beqomisa ngoba intombi enesimilo ayimane ivume ngelanga kepha ithatha isikhathi. Lokho kukhombisa ukuba nesimilo kanti esheshe ivume ingakhombisa ukuthi ayinaso isimilo ngoba kungasho ukuthi inguvumazonke. UMthembu, (2006:205) uyakweseka lokhu: Izintombi kwelikaMthaniya ziyaziqhayisa ziphinde ziziqhenye ngobuntombi bazo. Intombi noma yazi kamhlophe ukuthi iyogcinela kwamfazi ongemama kodwa noma kunjalo ayimane ithi ingathola isesheli ibe uthathekile, ivumele phezulu. Lokho kungasho ukuthi leyo ntombi ixegelwa isimilo. Nesoka eliyeshele isikhathi eside intombi, izabalaza liyaziqhenya ngayo ngoba lisuke lazi ukuthi leyo inkomba yesimilo esihle. Lo mbono uphinde wesekwe uMsimang, (1975:224): Lo mshikashika wokuqomisa wawuqhubeka amasonto, izinyanga, kanti kokunye kuze kuphele iminyaka ethile. Intombi eyeshelwe isikhathi eside yayenza ukuba isoka layo liziqhenye ngayo kanti esheshe yaqoma 198 kwakuthiwa ilula, ayinasimilo. Okunye okwenza ukuba kuphele iminyaka kulo kweshelwe intombi kepha ingaqomi ukuthi izimbangi lezi zazike ziyisukele intombi kanti ayikajutshwa nakujutshwa. Kusuke kwelusiwe lapha abafana befunda khona ukuthi izintombi zinamabanga okukhula nokuthi ziphethwe amaqhikiza. Ngakho-ke uma ziphethwe imvume yokuqoma ziyithola emaqhikizeni ngakho-ke azilokothi ziqome zingakajutshwa. UNgema, (2007) ubeka kanje ngalokhu: Umbheki wentombi iqhikiza layo. Yilona eliyelulekayo ngendlela yokuziphatha. Liyayichazela intombi ukuthi uma yehluleke ukuziphatha izoba ingaziphoxile yona yodwa kuphela kumbe umndeni wakubo, kepha iyobe iphoxe isigodi sonkana nontanga. Ngakho yayingalokothi iqome ingakajutshwa. UMsimang, (1975:231) naye ushayelela isipikili: Ngishilo ngathi kwakuze kuphele kokunye iminyaka intombi yeshelwa kepha ingaqomi. Lokho kwakwenziwa ngoba izinsizwa zazinele ziyithande intombi bese ziyeshela ngisho ingakajutshwa. Phela zazizilungiselela, zenzela ukuba kuthi mhla ijutshwa ibe isilazi okuyilona bele ezolidla. Kuyacaca ukuthi intombi ibithi iqambe ijutshwa isinezesheli ezidida ikhanda. Ibizihlunga izihlungile, ifuna ukuthola umaqondana. Ngakho-ke uma isimo sinje yileyo naleyo nsizwa ibibhunkula ifune amakhathakhathana okuzakhela ugazi entombini. Izinto zokwakha ugazi ezintombini ukuthi insizwa isebenzise ubulawu. Lokhu bakufunda ekwaluseni. Inhloso yokusebenzisa ubulawu ukuthi insizwa ithandeke ibe nogazi entombini ngoba kungenjalo ingazithola inesidina entombini, iphonswa ezinye izinsizwa. 199 UBryant, (1949:564) uphawula kanje ngobulawu: But if his presentations proved of no avail, what then? He never threw up the sponge, but had immediate recourse to the more powerful, if less amiable, means of artifice. And the “art” he employed was the science of magic. This particular branch of the magical science was termed “ubulawu.” In its simplest form this “ubulawu” consisted of certain medicines supposedly possessing suitable powers. Of these, the Zulu youths possessed a whole pharmacopoeia, mostly emitics and mainly herbal. So the aminous youth proceed to wash himself internally with, for example, an infusion of uMaguqu roots, to make him “feel nice”, others of the uQume to make him good luck and those of uNginakile, to make her to dream of him at nights. Kufanele kukhumbuleke njengezigqabo zona ukuthi ezisebenzisa ubulawu lobu amakhubalo abuhlobene namafutha nobubi ezilwane ezesabekayo njengebhubesi, ingwe, imamba nezinye kepha kusetshenziswa imithi engenabungozi unhlanhl‟ emhlophe wokuvula izinhlanhla, ungqengendlela, umphenduli ozophendula inhliziyo yentombi ibe nozwelo, uvuma ukuze isheshe ivume, umlomomnandi ukuze intombi izwe konke okuphuma ensizweni kumnandi, umayime ukuze intombi ikwazi ukuthi ime, insizwa ithole ithuba lokuzibika, umunyu ukuze ibe nozwelo. UBhengu, (1965:7) uyakuveza ukuthi ubulawu abunabubi kanje: Ukuqonywa kwami yijongosi lakwaMdunge kwangimilisa amaphiko, ngaphaphazela njengehobhe. Ukugingqa kwami umfo waseMayezeni kwangimilisa umdlwenga ngaba njengeNgonyama. Izintombi zazingiqoma ubuthaphuthaphu, engasengiyithandile ngayiqoka yayingangali. Iningi lowethu laselingidlinzela ukuthi ngangisebenzisa izigqabo, nezimonyo zokuthambisa izintombi. Lowo mcabango wawungamanga ngoba ngangingayisebenzisi 200 imithi, ngaphandle kobulawu obumhlophe benhlanhla undlelazimhlophe. Abafana baphinde bafunde ukuthi uma usugalele zephuka, weshela kepha intombi ilokhu ikuphike njalo enye indlela yokuyinqoba ukuyikhafula. Ukukhafula intombi akuhambisani nobusoka, kufana ncamashi nobuthakathi ngoba insizwa isuke isizwe umuthi ukuthola leyo ntombi. UMyeza, (2003) ubeka lezi zithako ezilandelayo ukwenza isikhafulo: Abaphaphi ukuze intombi iphaphazele ibe nelukuluku lokuyibona insizwa nenhliziyo yayo ithambe. Umzaneno, lo muthi wenza intombi ukuthi ize lapho insizwa isho khona. Umunyu, wona wenza intombi ibe nozwelo, iyizwele insizwa. Umwelele ukuthi umuthi ukwazi ukuwela imifula nezintaba ifike qatha entombini. Unozililo, wona ufakwa kancane ngoba wenzelwa ukuthi intombi kuthi uma izwa igama lensizwa imane ifikelwe isibibithwane. Imfeyenkawu nayo ayisali ngoba yenza amaphupho ukuze intombi iphuphe kahle ngensizwa. Indabulaluvalo ukuze intombi ishaywe uvalo uma icabanga ngensizwa. Uma lo muthi usuthakiwe, insizwa ukusa kwaziwa yiyo ngoba kufanele ivuke lingakaphumi ilanga iye ezimpambanweni zezindlela, ifike ikhe ukhezo bese iwumumatha bese ikhwifa ibheke ngakubo kwentombi imemeze ithi “Wena sibanibani ngithi ngikufuna lapha.” Lokhu ikwenza ekuseni nantamabama, izinsuku ezintathu ziya kweziyisikhombisa. Emveni kwalokho insizwa iyaqikelela ukuthi ayizisondezi entombini hleze ifike umuthi lowo ungakasebenzi emzimbeni wentombi. Insizwa ize ibonane nentombi uma isiphothule lo mshikashika wokukhafula. Obunye ubuthakathi bokweshela yilobo bokufaka UMthembu, (2006) ubeka kanje ngezizwe: Izizwe zenziwa ngemimoya yabantu asebafa. Insizwa noma inyanga ithatha iqatha lenyama 201 intombi izizwe. ihambe iyolibeka phezu kweliba lidliwe izintuthwane eziphuma phansi zidla abantu abangasekho. Leli selizohangulwa emlilweni nezintuthwane lezo bese kuyagaywa. ukuze ekade qatha kanye Ukufakazela ukuthi ukuphosa intombi kufana nokuthakatha, kufakazelwa izithako ezenziwa ngazo izizwe ezichazwa uMyeza, (2006) kanje: Izithako zezizwe yilezi ezilandelayo: ithambo lokhakhayi lomuntu owafela empini uma kungenjalo kube ngumuntu owafa elwa. Inhloso yokufaka lesisithako esokuthi intombi ephonswayo ihlukumezeke isheshe ithambise inhliziyo emva kokuzwa lokhu kuhlukumezeka. Ulimi lomuntu ukuze iziphonso lezi zifike zizibike entombini ukuthi zithunywe ubani. Izinto ezilahlwa abantu endleleni ngenkathi behamba njengamagobolondo amagwava, izinhlamvu zezindoni, utshani obukade buphicwa. Lonke lolu vucu lwenzelwa ukuthi iziphonso lezi zingahlali phansi, zihambe zingakhathali. Inhloso yokufaka lolu didiyelo lwezithako ezingahambelani kwenzelwa ukuthi intombi leyo idideke, iphithane umqondo isizwa imisindo enhlobonhlobo. UMyeza, (2003) uyakufakazela lokhu: Iziphonso zithi zingafika engqondweni yentombi iphithane ikhanda, izwe imisindo enhlobonhlobo engayejwayele, ibone izinhlobonhlobo zabantu benza izinto ezinhlobonhlobo kuyona. Lokhu kudala ukuthi ingqondo iphithane bese yethuswa yilokhu nalokhuya bese ihayiza. Yingakho kudingeka lezi zibi ukwenza isithombe sokuphithana kwengqondo entombini. Ngaphandle kwalezi zithako zokuthakatha zibuye zithakwe namathambo ezilwane ezinenkani njengengwe, ubhejane, ingulule kanye nenyathi. Inhloso yokuthaka izizwe ngalezi zilwane ukuthi kuyaziwa amanye amadoda ayaziqinisa izingane zazo. Uma insizwa igadla ngobadlana lweziphonso, 202 isikhuni singacishe sibuye nomkhwezeli. Lezi zilwane kwenzelwa ukuba zifike zidlubulundele noma ngabe intombi iqine kangakanani. Ezinye izithako yilezi: ummemezi, abaphaphi, ungqangendlela kanye nenkunzi uchwashaphezukwento enkulu umuthi okwazi ukumila phezu kweminye futhi omila nasendaweni encane, unozililo ukuze intombi ibe nozwela, umzaneno ukuze intombi iqonde ngqo kubo kansizwa. Umzaneno uba nenkingana uma ungasetshenziswanga ngendlela. UMhlongo, (2003) ubeka kanje ngobungozi bomzaneno: Umzaneno usiza ukugqugquzela ukuthi intombi ize ngalapho iphonswe ngakhona. Okuhluphayo ngomzaneno ukuthi kwenye inkathi uletha intombi kanye nembangi ngesikhathi sinye. Uma insizwa ingumzingeli kuza inyamazane kanye nenyathi kumbe nebhubesi, imamba noma ingwe. Esinye isithako esibalulekile indabulaluvalo. Inhloso yokuyifaka eyokuthi uma intombi icabanga ngensizwa, luyithi hheqe uvalo kudabuke izibili. Lokho kuyenza isheshe ithambe. Umunyu nawo awusali. Njengegama lawo wona wenzelwa ukuthi intombi isheshe ibe nozwelo oluhambisana nosizi ensizweni. UMsimang, (1975:328) uyakufakazela lokhu lapho echaza umunyu kanje: Mkhulu impela umsebenzi wokususa isiphoso. Inyanga ifuna imithi eqondene nalo msebenzi. Nansi esemqoka: Umunyu, insizwa ebushaya kahle ngempela ubulawu kuthiwa kwakuthi lapho intombi iyiphuphile kuse inomunyu iyicabanga kufike izinyembezi ize ifise ukuyibona. Kothi ntambama lapho isiqhamuka insizwa yakwabo ikekela noma ishaya ugubhu lwayo izodlulisa uthi lomzimba, iwachithe ebisiwakhile intombi, iphume futhi nembiza inikele emthonjeni kanti seyenzela lo mfokazi ithuba elihle lokuba azibike. 203 Yonke inhlobo yeziphonso ziyabikwa kwabadala. Kuyangamandla ensizwa ukuthi izibika ngeqhude noma ngembuzi ngoba okusalayo zidinga ukuconsiselwa ngegazi. Iziphonso zisebenza ngezindlela eziningi, abanye uma bezwana nesihlobo sentombi banganika sona ukuba siyidlise. Kwenye inkathi zisetshenziswe njengomeqo noma insizwa ikhwife ekuseni kuphuma ilanga noma ngenkathi sekuphuma inyanga. UMsimang, (1975:329) uphawula kanje ngalokhu: Esinye isiphoso ummemezi, abangqongqozi, abaphaphi nongqengendlela. Le mithi ithakwa yomine lukhambeni lunye. Insizwa isizoyishaya ngebhaxa layo lephahla kusuke ingwebu emhlophe ikhihlike okhambeni. Le ngwebu isizohatshulwa kuphunyelwe phandle kubhekwe kubo kwentombi bese ikhwifwa. Ikhwifwa ngelanga noma ngenyanga. Lokho kusho ukuthi ikhwifwa uma liphuma noma lishona kanjalo futhi nangenyanga. Yilokho okwakwenza intsha yenqatshelwe ukulala kuze kuphume ilanga ngoba kuthiwa izocindezelwa iziphoso. Ezinye iziphoso yilezo ezibizwa ngesipoliyane. Izithako eziningi okwenziwa ngazo isipoliyane ziyefana nalezo okwenziwa ngazo izizwe. Umehluko okhona ukuthi isipoliyane senza intombi ihayize ifune ukuya kubo kansizwa. UMyeza, (2003) usichaza kanje isipoliyane: Isipoliyane yilezo ziphonso ezenza intombi ukuba isangane ebese ikhalela phezulu ihayiza kakhulu ingafuni nokuzwa isibheke ngqo kubo kasesheli. Iyadlubulundela ibe namandla asabekayo ifuna ukuya lapho kwasesheli. Abanye isipoliyane basibiza ngofufunyane. Uzothi angaphaphatheka umntwana womuntu athi engafika kubo kansizwa, agcatshwe, ancindiswe, kuthathwe nezinsila zakhe ukuze engabe esagoduka, abe umalokazana walapha ekhaya. Ukuze abakubo kantombi bafunele neno usezothumela abakhongi uyise nesigilamkhuba leso. 204 UMsimang, (1975:329) uyakweseka lokhu: Izonele ingene endlini bese ixajelelwa. Igcatshwe incindiswe yenziwe konke okushiwo yinyanga bese kuthathwa nezinsila zayo ibethelelwe. Ubuthakathi obuphindiwe lobu. Angazi noma lokhu kwakwenzeka ngempela yini, nokho lokho akusikho okwami, okwami ukulanda umlando njengoba unjalo. Emveni kwakho konke lokhu usezophaphama umntanomuntu ephusheni amangale ukuthi ufike kanjani kubo kwaleli xila angalifuni kangaka. Pho uzobe esenzani eseyisiboshwa nje. Ixila ndini eliyisigwadi selizothumela abakhongi kuyise bayothi akafunele nganeno. Uma uyise ebemekele abakhongi, isife olwetshe intombi, isiyoye yende nakanjani. Phela ngeke isamkhiphisa uyise ukudla emlonyeni. Lokho ihlazo nokuhlambalaza. Abafana baphinde bafundiswe ukuthi intombi uma isivuma ayilimisi ngesihloko kepha ikubeka ngobuchwepheshe ifune ukubona ukukhalipha kwensizwa. Ngaphambi kokuba ilikhiphe mhlawumbe intombi ingafuna ukwazi kabanzi ngensizwa leyo. Nakhona lapho izobuza ngokucikoza. UNtuli, ephephandabeni Isolezwe lomhlaka 25 kuNhlaba 2004 ikhasi 16 ubeka kanje ngalokhu kucikoza: Uma intombi ibuza insizwa ithi: “Kodwa amadwala akini ayashelela yini?” izama ukuthola ukuthi zinjani kanti izintombi zasendaweni yale nsizwa. Intombi ingafisa ukwazi kabanzana ngale nsizwa. Isingabuza ithi: “Ngenkathi uza lapha ngabe uqhuzuke kangaki?” Kungase kudume upotiyane ensizweni, kokunye iphendule ngokuphaphalaza. Kanti lo mbuzo usho okufanayo nalo othi “Ngenkathi uza lapha zingaki izinyoka ozibulele?” Intombi ifuna ukuthola ukuthi insizwa ngabe isinezintombi ezingaki. Uma insizwa iphendula ithi ibulele izinyoka ezimbili, isingase ihlehle intombi engafuni ukuba nozakwabo ngoba 205 bangayiphatha kabi kokunye ife nokufa ngoba inyoka phela iyabulala. Kokunye uma insizwa ithi ayiqhuzukanga noma ayishayanga nyoka, enye isingabuza ukuthi izosenzani yona isishimane esinje. Uma intombi isifuna ukukuvulela inhliziyo ingabeka ithi: “Awuhambe uyongikhiphela ingwenya emfuleni.” Uma insizwa ingahlelekile ekhanda isizothathela ngejubane isibheke emfuleni kanti intombi ibichaza ukuthi sekunobuhlalu obusokhambeni lwamanzi, ucu phela efuna ukuba insizwa ibukhiphe ngoba buwuphawu lokuthi intombi iyavuma manje. UNtuli, (2004) uphinde abeke kanje: Uma intombi isithi “Sale usubamba isithunzi sami singahambi”, iqonde ukuthi okwanamuhla insizwa ingathatha noma yini efakwe yintombi le ukuze kube wuphawu lokuthi intombi isiyavuma. Sekungabuye kuhlelwe-ke mayelana nokukhishwa kocu. USibisi, (2007) ubeka kanje ngokucikoza kwentombi: Enye insizwa yabhuqwa ngoba ihambe ngempela yayogawula izinti ngemva kokutshelwa yintombi ukuthi “Hamba uyogawula izinti eziyisihlanu ehlathini.” Sebeyichazela abangani bayo ukuthi intombi ibithi seyehlulekile akasale eseyixhawula. Ezinye izintombi azifuni ukuqoma isikhathi eside insizwa ingaveli ekhaya izolobola. Lolo hlobo lwezintombi lisibeka ngobusoka leso sicelo mhlawumbe ithi: “Ngicela ungilethele amatshe ayishumi nanye.” Abafana baphinde bafunde ukuthi ezinye izintombi azidle ngakucikoza kepha idle ngokwenza. Nalapho insizwa kufanele iqaphele. 206 UNyembezi noNxumalo, (1966:112) bayakufakazela lokhu: Lapho intombazane isizimisele ukuba imkhethe ezomthanda kulaba abebeyikhulumisa, yayingaveli ilimise nje ngesihloko. Nakhu okunye okwakuyaye kwenziwe: Sasithi siqhamuka isesheli sikhuluma, intombazane ikhophoze ibheke phansi ingamphenduli. Intombazane yayithatha iduku iligoqe ilenze amachopho amathathu, iliphathe nje ngesandla, ibilokhu ithi: “Kangisafuni manje ukubeleselwa nguwe.” Kwesinye isikhathi intombazane ingaphathi esandleni, kodwa iqhobozele nje bese ithi kumfana: “Sala usungiyeka manje usafunani?” Kungasabanga njalo-ke isesheli sithi singafika sithi du ngasemfuleni, kusuke intombazanyana encane, isishaye ngoswazi, noma ishaywe liqhikiza uqobo. Kuyacaca ukuthi kulesi sikhungo sokwelusa abafana bafunda omunye wemigogodla yempilo lowo wokweshela. Ngaphandle kokweshela umfana angeke awakhe umuzi. Indoda engaganiwe kwelikaJama iba isilahlwanaboya futhi ayilokothi ikhulume ebandla noma kwenzekile ngengxaphephe yakhuluma izwi layo liyafekela. Ngisho sekufanele ahambe eyokokhela umlilo akuvumeleki ngoba umkhongi kufanele kube umuntu oganiwe. Lokhu kufakazelwa uMsimang, (1975:253): Lowo okhethwayo ukuba ayocelela umfana isihlobo esihle ekhweni ubizwa ngokuthi umkhongi. Nokho-ke akabi yedwa, uba nomphelekezeli ozoba ngufakazi wakhe belu. Umkhongi lona kufuneka kube umuntu omdala, oseganiwe. Ongakaganwa akabizwa ngokuthi indoda, ngakho-ke angeze ema aphendulane namadoda azele intombi. Owesibili yena akusenandaba noma 207 kuyinsizwa engakathathi. Phela yena akakhulumi lutho, ungufakazi njena. Umkhongi lona umela uyise womfana emzini, aze abuye emele yena umfana uqobo njengoba sizochaza ngokuqhubeka kwendaba lena 4.11 Ulwazi lwenhlonipho Eminye yemigogodla yempilo kwelikaMthaniya ukuthi yilowo nalowo ahloniphe omunye nomunye. Kepha izingane kubalulekile ukuthi zikhombise inhlonipho ethe thuthu kwabadala. UNyembezi noNxumalo, (1966:124) bayakufakazela lokhu: Izingane zazazi ukuthi kumele zibahloniphe abadala ekhaya, zenze lokhu okufunekayo kuphela, ngaphandle kwalokho zitholwe yisibhansubhansu. Leli gama elithi “...dala” kalipheli, ngoba nobaba, sithi badala, nabo bayabahlonipha “abadala” kunabo. Inhlonipho kaZulu ejulile ethatha wonke umuntu njengomzali ifakazelwa ukubiza kwethu wonke umuntu osebangeni elifanele ngegama elithi: “Baba” noma “Mama.” Ukwelusa kungesinye sezikhungo lapho abafana befunda khona inhlonipho. Ukubaluleka kwenhlonipho kuze kulotshwe ngisho nasemibhalweni eyiNgcwele ku-Eksodusi 20 ivesi 12 lapho lithi: Yazisa uyihlo nonyoko ukuze izinsuku zakho zibe zinde ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunike zona. UNyembezi noNxumalo, (1966:124) nabo bayakuveza kwenhlonipho kwelikaJama lapho bethi: Inhlalo kwaZulu yayisimame ngenhlonipho. Njengoba bekulokhu kuchazwa, izigaba 208 ukubaluleka ngezigaba, indlela yokuziphatha kwabantu, kasizukwelula kakhulu kuleyo naleyo nkundla esizoyithinta. Le nhlonipho edingwa abazali, abafana bayifundisana khona belu ekwaluseni kwenye inkathi benganakile ukuthi bafundisana le nqubo ewumgogodla wempilo. Ingqwele iyona engumakhonya ekwaluseni ngoba izwi layo alibuyi lilambatha. UMhlongo, (2008) ubeke kanje ngengqwele: Indawo nendawo iba nomuntu wakhona oshaya amaphiko noma ophethe. Ekwaluseni okunguyena olawulayo yizingqwele. Lokhu zikwenza ngoba zinamandla ukudlula abanye ngakho noma bengathandi basaba ukuthola amanandinandi. Ekwaluseni kuye kuthi kwelusiwe kwenzeke izinkomo zengqwele zidlubulundele ziyodla amasimu. Ingqwele ayilokothi yeqele izinkomo kepha ithuma abafana abangaphansi kwayo ukuthi bayozeqela. Noma ngabe likhipha umkhovu etsheni noma liyayidliva umfana angeke athi vu kepha uzokwenza umsebenzi ngokukhululeka. Uma ibathuma bengabaza, iyaye ibaqhathe, kuthi lowo owehluliwe kuthunywe yena unomphela. UMsimang, (1975:151) uyakufakazela lokhu: Kungesikhathi lapho izinkomo ziqubile lapho abafana befundisana lokhu nalokhuya ekwaluseni. Okukhulu okufundwa ngabafana kokuzakha yinhlonipho. Ukuhloniphana kuza kanje. Kuthi oyingqwele yabafana abeqhathe babhulane ngenduku kuzovela ohlulayo nowehlulwayo. Lowo owehluliwe kufuneka uma ethunywa noma kuthiwa akayokweqela izinkomo, akwenze lokho ngaphandle kokudaza inkani. Kusuka ngaleso sikhathi useyokwazi njalo ukuthi izwi lomuntu omdala noma okwehlulayo liyalalelwa. Okwesibili okuhlonishwayo unkatho. Odliwe inkatho (unkatho) kumele 209 ahloniphe ngaphandle kokudaza inkani. Inkatho yenziwa kanje: Ingqwele ihloma induku phansi kube ilowo ayibambe ngesandla sokuphonsa. Obe neshwa isandla sakhe sagcina ngaphezulu, kuthiwa udliwe unkatho, nguyena ozokwenza lokho okufanele makwenziwe. Uma kwelusiwe umashayandawonye ubuye athathe indawo yawo. Kodwa noma kunjalo akuyona into engalala idliwe ngoba abafana banazo izindlela zokuyithiba indlala. Njengokudla izithelo, ukuzingela kanye nokuqwagela. Abafana bayaphoqeleka ukudansela ugubhu lwayo ngaphandle kokunanaza. Umuntu olivaka akathandeki kwelikaMthaniya, ngakho ukugwema lesi sihlava abafana babefundiswa khona ekwaluseni ukuthi bengabi amavaka ngokuba beqhathwe. Ngenkathi beqhathwa kuyenzeka bengalingani kwenye inkathi ingqwele ikwenza ngamasibomu. Noma kunjalo akekho okhonondayo ngoba iyahlonishwa. Lokhu kuyabahlomisa abafana ukuthi uma kwenzeka bedelelwa umfana omdala kubona bazidele amathambo. UMthembu, (1947:72) uyakuveza lokhu lapho eveza khona uSigameko ebambana nengqwele uMkhishwa eyayihlupha abafana ekwaluseni kanje: Zaba zimbi lezi zinduku zamqeda amandla uMkhishwa. Esebona uSigameko ukuthi zimenyelisile izinduku zakhe uMkhishwa wangabe esamnika thuba. Wamshaya wamsheshisa yaze yawa induku yakhe yokuphonsa. Lapho balanyulwa ukuba uMkhishwa acoshe induku yakhe. Nokho uMkhishwa abange esabanaso isibindi ngokuba ingalo yakhe yayingesenamandla. Kwathi lapho behlanganayo futhi lakhala ikhanda kuMkhishwa, wathi qabavu phansi, wavuka lapho wathathela ngelikhulu ijubane. Wamxoshisa uSigameko waze wayomfaka esizibeni. Kwasuka omkhulu umsindo kwacishe kwashaya bonke abantu ababekade bedazelana inkani bethi, „USigameko angeke abhekane noMkhishwa.‟ Waba mkhulu lowo 210 msindo waze walanyulwa ngamadoda abeziphuzela ngenhla emzini wakwaJali. Wabuya lapho uSigameko eqholosha, engqwiza induku exoshe ingqwele. Zazimthatha njalo izinsizwa zakubo zagoduka naye. Izinkomo zabuya nabafana ngalelo langa. Kwaphela isikhathi eside ixoxwa indaba yokuxoshiswa kukaMkhishwa. Le nhlonipho abayifunda ekwaluseni iyabasiza ukuthi nasekhaya bahloniphe abanewabo nodadewabo. sezibuthwa zaziphoqeleka Lokho kungagcini lapho ngoba noma izinsizwa ukuhlonipha amabutho angaphezu kwazo. Ekugcineni le nhlonipho isizonabela ekutheni bakwazi ukuhlonipha iNkosi yesizwe. Lokhu kufakazelwa uNxumalo noNyembezi, (1966:126): INkosi yohlanga yayihlonishwa nguwo wonke umuntu. Umuntu akagaqazele ngamadolo lapho ebizwa yiNkosi. Ngisho nabafowabo beNkosi babeyihlonipha kakhulu. INkosi yohlanga kuphela futhi okwakuthiwa: “Bayede” kuyo, hayi amanye amakhosi angaphansi kwayo, ayiphathwa phela eyabanye abantu phaqa nje. Bayafundisana nokuthi uma kuhlanganwa endleleni awulokothi umdlule umuntu ningabingelelananga kwabuzwana nempilo uma isikhathi sivuma. USibiya, (2008) ubeke kanje ngalokhu: Ukubingelela kungezinye zezindlela zokukhombisa inhlonipho. Uma abantu behlangene noma bengazani bayabingelelana. Nesihambi siyakhululeka kakhulu endaweni sibone ukwamukeleka uma sibingelelwa. 211 UNxumalo noNyembezi, (1966:125) nabo bavuma ingoma efanayo noNtusi: Lapho kuhlanganwa endleleni labo abahlanganayo bathi ukwedlulana kuqala bese bema-ke, bazothe, babingelelane, kubuzwane impilo, nokuthi liqhanyukiswaphi lisiwaphi njll. Kuyinhlonipho futhi ukuthi uma uyingane uyadeda endleleni uma uhlangana nomuntu omdala. Ukhothame uma ukhuluma naye. Bayafundiswa futhi umuntu omdala akalokothwa agagulwe ngegama. Lokho kungasho enkulu indelelo. Kuyabonakala ukuthi inhlonipho ngezinye zezinto ezifundwa ekwaluseni. Ngaphandle kwenhlonipho isizwe singaba umtshingo ubethwa ngubani. 4.12 Ulwazi lokunakekela imfuyo Njengoba inkomo iwumgogodla wempilo yomuntu ongumZulu ngakho idinga ukunakekelwa kakhulu. Akekho umnumzane ongathanda ukubona imfuyo yakhe ishabalala noma nangandlelani kepha uthokoza kuqhilike izihlathi uma imfuyo yakhe yanda. Umnumzane engancamela ukuthi aye koyisemkhulu uma kukhona okungahambi kahle ezinkomeni zakhe. Yingakho kwaze kwavela nesaga esithi, “Indoda ifela ezinkomeni.” ULamula, (1967:111) usichaza kanje: Indoda ifela ezinkomeni: Futhi kufanele ukuba umuntu afele into yakhe. Kithi, zazaziswa kakhulu izinkomo. Ngakho-ke kulinganiswa ngazo ngoba kungechilo ukufela kuzo. Nezizwe zonke zazisa ukuba impi idle izinkomo. Ukuze imfuyo yande idinga ukunakekelwa. Kungalesi sizathu isikhungo sokwelusa safaka isifundo sokunakekelwa kwemfuyo ezifundweni zaso ukuze 212 abafana bakhule bekwazi okufanele bakwenze ukunakekela imfuyo futhi bayazise. UMsimang, (1975:41) uphawula kanje ngokunakekela imfuyo: UZulu ubezithanda futhi ezinakekela izinkomo. Umuntu ongazikhathaleli izinkomo bekuba sengathi nazo ziyambona. Bezimala isimanga, zibuthukise okwezimpukane. Nanamhlanje kusenjalo. Abanumzane nezinsizwa bezimkhankatha kabi umfana oxosha, agijimise izinkomo. Bekuthiwa kasoze abanayo eyakhe inkomo. Imfuyo eningi ayizwani namazolo yingakho okhokho bakuqikelela lokho ukuthi imfuyo ingaphumi ekuseni kakhulu amazolo engakawohloki ngoba hleze igule. Izinkomo ziphuma inhlazane amazolo esewohlokile. Nalolo lwazi abafana balwazi njengoba bezazi beluncela khona belu ekwaluseni. Yingakho izinkomo ziphuma inhlazane ngenqophasikhathi kusuke kuyihora lesikhombisa ekuseni. USibisi, (2008) uphawula kanje ngenhlazane: Uma izinkomo zidla utshani obunamazolo zithola umkhuhlane ongazibulala nokuzibulala obizwa ngokuthi isashu. Nezimbuzi ngokunjalo ziba nezilonda emlonyeni ezibizwa ngokuthi ingonwane, bese kudingeka ukuthi zelashwe. Ukukhalima izinkomo ngeminye yemisebenzi ebalulekile ekwaluseni. Lisuke limlahlile elakubo uma umfana ethuke wehlelwa yilo mshophi ngoba uzothola ukugconwa nokuthukwa wontanga khona lapha ekwaluseni. Uma indaba ithuke yaze yafika ekhaya usuke ebhekwe isambane ngoba hleze ayisuthe induku. Abafana abatshelani uma izinkomo sezikuphunyukile. Uyaye ezwe ngengoma yakhona yokugconana ebese efunda kwezakhe ukuthi sekubhedile. Avuke athi galo yephuka eseyokhalima izinkomo. 213 Engezwa le nkulumo umfana uvuka azithathe, aphaphatheke esesingise ngalapho kukhona izinkomo. Uma ebe neshwa kwenye inkathi ufika umnininsimu esemlindele noma nje omunye umuntu omdala. lapho ukhwelelwa ngenduku. sezimlindile nazo zithi Akubuzwa Kungenjalo uyothi ebuya izingqwele ukumethusa ngoswazi. Uma engabonanga umnininsimu ngaleso sikhathi abone sekwedlule isikhathi, wayehogela umkhondo ababele kubo kamfana. Umfana naye wayefunda kwezakhe, engalali ekhaya ngalelo langa, alale esibayeni noma ethombeni aze abhodle umnininsimu noma uyise noma abanewabo. Inhloso yalo mdlalo noma unenjenje ukuthi umfana ahlale aphonse iso lokhozi emfuyweni ngoba kungenjalo angeke afunde. Ingani notshani obulele buvuswa ngomlilo. Abafana bayafundiswa ukubona imfuyo uma ingaphilile bese befundiswa namakhambi okuyelapha. Uma inkomo iphethwe isashu ilashwa ngeyambazi. Uma ithuke yadla indlolothi nakhona futhi iyambazi liyasiza. Kungenjalo iphuziswe izinsipho zotshwala. UMsimang, (1975:41) uyakufakazela lokhu: Okunye obekuqeda izinkomo bekungutshani lobu obusankomfe okuthiwa indlolothi. Bukhula bube buhle kakhulu bubeluhlaza. Buvame phezu kwemifula. Izinkomo ziyabuthanda kanti ezinye ziyabazi. Leyo ethuke ibudla ngebhadi, ayidabuli. Iqumba isisu sibe umthwalo. Le nkomo kufuneka iphuthunywe ngalo nayo iyambazi. Izinsipho lezi zotshwala nazo zilusizo olukhulu uma ingase iphuziswe zona inkomo leyo. Uma idle indlolothi ebusika, kufuneka kucutshwe ibhece iphuziswe lona ngalo uphondo belu. Abafana baphinde bafundiswe ngobungozi bukahambanendlwane. Uma inkomo ithuke yadla lesi silokazane ikhihliza amagwebu ngokuphazima kweso. Noma izinkomo zisazi lesi silokazane kepha kuyenzeka ngephutha zisidle ingani lixhoshwa libhekile. 214 Noma kunjalo abafana bayafundiswa ukuthi kungenzeka lo mshophi inkomo ayixakwe ngobisi kungenjalo ishoba liyolala amazolo. Ukuze izinkomo zidle, zesuthe futhi zikhuluphale abafana bayafundiswa ngotshani obuthandwa izinkomo obunjengobabe, umnyankomo, insinde, nembonjane. Ngaphandle kotshani bayafundiswa ukuthi baziyeke zidle amahlanga. Lo mkhuba ubizwa ngokuthi ziyabhuqa, noma ziyahasha noma ziyahashaza. Uma izinkomo zizoqala ukudla amahlanga, ziyaye zishunqiselwe ukuze zingaguli. Lokhu kufakazelwa uMsimang, (1975:42): Okunye okusemqoka ukuzishunqisela izinkomo. Zishunqiselwa uma zizoqala ukudla amahlanga. Lokhu kusafana nokweshwama uma amaZulu ezoqala ukudla okusha. Izinkomo zona zishunqiselwa ngamakhambi aziwa yizinyanga (ngisazoxoxa ngawo). Kufike kubaswe ikloba lomlilo esangweni ngesikhathi sasekuseni bese zikhishwa izinkomo ukuze zeqe kulo mshunqiso zonke. Ziyashunqiselwa futhi lapho kufuneka ukuba zingalalelwa. Nakukho lokhu kulandwa inyanga yezinkomo ezofike izishunqisele ngenyamazane okuthiwa igogo. Izinkomo ezishunqiselwayo ziyabukeka, zinone, nemibala yazo ichache kahle. Ngenkathi zidla amahlanga kuyenzeka zithole nombila osale ngephutha ngenkathi kuvunwa, kwenye inkathi kube yilowo otshingiwe onezibungu. Okubalulekile ukuthi amahlanga anomsoco. Okunye okuqikelelwa abafana ukuthi uma izinkomo sezibuya ekhaphelweni, baziklabise ngaphambi kokuthi amabombo ziwabhekise emakhaya. Bafundiswa ukuthi bazikhothise emingceleni yamasimu angakubo lapho kumila khona utshani obuhle obumnyama njengobabe, intunga noqunga. Ngaso leso sikhathi kufanele bakhumbule ukuthi izinkomo lezi zilwane kungenzeka zidle ukudla emasimini uma zingaqashelwe. 215 Uma isimo sezulu singesihle kahle njengokuduma nemibani noma isichotho, abafana bayafundiswa ukuthi imfuyo basheshe bayiphendule amakhanda ngoba lokho kubeka bona kanye nemfuyo engozini. UJobe, (2008) uphawula kanje ngalokhu: Uma izulu lelelesa noma kunesangquma kuyisu elihle ukuthi abafana basheshe babone ebeze ngayo. Okuhle ngalokho ukuthi abafana basitolika kusekude isimo sezulu ngakho imvamisa libathola ngendlela noma sebesemakhaya. Okunye abafundiswa khona ukuqikelela ukuthi imfuyo ingadliwa amakhaza. Bekuthi uma sekungena ubusika kuqikelele ukuthi umquba ungakhishwa esibayeni, kunodaka, izinkomo bezisengelwa ngaphandle kwesibaya. Lokhu kufakazelwa uMasondo, (1940:9): Uma izulu lina izinkomo zisengelwa enkundleni ngaphandle kwesibaya lapho lungekho khona udaka oluningi. Uma imfuyo inganakekelwa ingashabalala ngokushesha. Ulwazi abafana abaluthola ekwaluseni luyikhambi lokulapha ukuthi imfuyo ihlale iphephile ngazo zonke izindlela. Abafana baba ochwepheshe bokwelapha, oSonhlalakahle bezilwane, abaQaguli besimo sezulu kanye nochwepheshe ekwazini lonke uhlobo lwezilwane, izinyoka kanye nezihlahla. U-Odoli, (1999:28) naye ushayelela isipikili: The herding of cattle provides unique experience and training in responsibility, accountability, leadership and prowess. These attributes are achieved through training by senior boys and through accounting and carrying out instructions from the cattle owners, the community, iNkosi and parents. 216 4.13 Isiphetho Ivele ngokusobala ingqikithi yemfundo etholakala ekwaluseni kulesi sahluko. Abafana bafunda bagogode ngemibala yezinkomo, bafunde ukuqagula isimo seZulu ngokungananazi. Bafunda ukwazi isikhathi ngokulandela ilanga ngokwazi kabanzi ngezinhlobonhlobo zezinkanyezi. Izinhlobonhlobo zemithi, izilwane, izinyoni, izinyoka nakho bakuthola ngokugcwele kuso lesi sikhungo ukuze umfana engakhuli abe umgodi unganukwa `nja, uvuka avale, isishimane soqobo usizwa yiso lesi sikhungo ukufunda kabanzi ngolwazi lokweshela. Okukhulu kunakho konke ufunda ulwazi lokunakekela imfuyo namakhumbi akuyisiza uma ingaphathekile kahle. 217 ISAHLUKO SESIHLANU 5.0 IMIDLALO ETHOLAKALA EKWALUSENI 5.1 Isingeniso Abafana bachitha ingxenye enkulu yesikhathi sabo bekude nekhaya besekwaluseni. Baphuma ekuseni baze babuye ngenkathi lapho seliyozilahla kunina. Ngenxa yalesi simo abafana baphoqelekile ukuthi baveze khambi limbe lokuchitha isizungu; yingakho sebesungula imidlalo enhlobonhlobo. Kufanele kuqashelwe nokho ukuthi le midlalo akuyona nje eyokunandisa noma eyokuchitha isikhathi kodwa imidlalo ephusile, efundisa umfana amakhono athize mhlawumbe ngokomzimba noma ngokwengqondo. Akekho umfana ofisa ukuthi akhule abe yisimukanandwendwe, imfecemfece, imfeketho uqobo lwayo. Wonke umfana ufisa ukuthi akhule abambe iqhaza elibonakalayo emphakathini, esizweni nasezweni jikelele. UBhengu, (1965:02) ukuveza kahle lokhu lapho uMthethwa eninga, ebona abafana abadala bephila kamnandi kanje: Ngakhula nginesifiso sokuba nami ngize ngibe yinto ethile ezweni. Ingani ngangibezwa ontanga uma selusile emagangeni benokondisa abafo abathile, kumbe abanewabo bebasho ngobugqi babo, nangobunsizwa! Kanti nakhona ekhaya odadewethu ngangibezwa uma bezivacela ezabo elawini, bengangixwayile. Kwakubakhona izinsizwa ababezibiza ngokuthi izinsizwana, uboya besaka, kumbe umkhunkutheka ithanga lasebusika – izinsizwana-mbuzana. Miningana imidlalo abafana abazithokozisa ngayo ekwaluseni. Kukhona imidlalo yokubumba, ukudla iphaphu, ukungcweka, ukuqwagela, ukubhukuda, iqanda lenjelwane, ukweqhatha izinkunzi, ukuzingela, ukucupha izinyoni kanye neminye. 218 Umfo kaMaphumulo, (1993:106) naye ushayela isipikili kulokho lapho ethi: Nakhona futhi ebusika abafana babezelusela izinkomo bazikhiphele emahlathini amnyama ayisinindolo. Miningi imikhuba emihle eyabe yenziwa ngabafana entabeni. Babeqembuleka amadlanzana. Babodwa ababekhonze ukusinga izinyosi, abanye babecupha izinyoni ngemigoga nangemiwowane kanti-ke abanye futhi onkabi laba babengamaphisi. UMzilikazi yena wabephakathi kwaleli qembu elabe seliqalile ukuzingela izinyamazane lihlome ngezihlangu namaklwa. Lokhu kuphindwe kwesekelwe uMthembu, (1999:70): Lapho esengumfanyana uSigameko elusa amathole, wafunda izinto eziningi. Wayejwayele ukweluka nabafanyana ababengontanga yakhe beluse amathole. Umdlalo wabo omkhulu kwakungukungcweka, nokuciba insema, nokubhukuda esizibeni. Konke lokhu babekufundiswa umfanyana owayeseqinile phakathi kwabo uNhlangwini. Kwakuye kuze kweduka amathole ehlathini nxa sebeqalise le midlalo yabo. USigameko wayethanda kakhulu ukuqhatha amathole ekwaluseni, awabonge aze abhuquze phansi lapho esewabukela ephonsana. Kulokhu kucaphuna kumele kucaciswe ukuthi izinyoni ngeke zicushwe ngomwowane. Yizilwane ezinkulu ezicupheka kalula ngomwowane. Yikho ezibongweni zeNkosi uShaka kuNyembezi, (1983:21) kuthiwa: Ozulu lizayo, khwezan‟ abantwana. Ngabadala bodw‟ abazozibalekela. UDunjwa yedwa limkhandanisile. Oye wakh‟ amanxiw‟ oThukela, Lapha kucushw‟ isilo ngomwowane. 219 Kunokubikezela ukufa kweNkosi uShaka ngenxa yesife kumbe umwowane owawucushwe abaNtwana oMkabayi, uMhlangana noDingane. 5.2 Ukubumba UNyembezi, (1992:45) uluchaza kanje ubumba: Uhlobo lwenhlabathi ethambile evuma ukuguquguqulwa isimo. Kubuye kuthiwe udongo noma udongwe. Ubumba lolu lutholakala ezindaweni ezithanda ukuba namanzi njengasexhaphozini osebeni lomfula. Abafana bayalutapa besebenzisa izinti uma indawo iqinile kodwa uma indawo ithambile bayalutapa ngezandla. Isilinganiso salo siya ngokuthi bafuna ukubumba ini. Ziningi izinto ezibunjwayo kusukela ezilwaneni ezinhlobonhlobo, imifanekiso yabantu, imizi, izingqoko, izinyoni, izinkamba nokunye okuningi. Inhloso yalo mdlalo ukufundisana amakhono omsebenzi wezandla. Ngenkathi kubunjwa yilowo nalowo mfana uyaqikelela ukuthi into ayibumbayo iveze ubuchwepheshe obusezingeni eliphezulu ngoba uma kungenjalo, uba yinhlekisa kontanga. Ngaphambi kokuba umfana aqale ukubumba uyaqikelela ukuthi udongwe lwakhe lumanzi ngokufanele. Lokhu ukwenzela ukuthi umsebenzi wakhe ungaqhekeki ube nemifantu uma sewomile. Uma udongwe noma ubumba luqinile, baluconsisela ngamanzi bese beyaluxova ngezandla luze luthambe ukuze bakwazi ukubumba kahle lusathambile. luseva. Ulwenza noma yini uma Isaga esithi: Lubunjwa luseva sisuselwa kulo uludongwe noma ulubumba. Manje abantu sebesisho ngendlela engesiyo uma bethi: Libunjwa liseva. Isivumelwano sikamenziwa ngu- -lu-, akusiyena u- -li- ngoba umenziwa yibizo uludongwe noma ulubumba. Lesi saga sichaza khona ukuthi into ilungiswa isenokulungiseka njengomfana eqeqeshwa ekwaluseni. Uma selulungile, umfana usengaqala abumbe isimo saleyo nto afuna ukuyibumba. Uma okubunjwayo sekuphelile, kuyahlotshiswa ngomcako noma ngamalahle. Abanye uma kungumuntu noma isilwane, bafaka imbewu yomsinsi ebusweni imele amehlo. Le misebenzi ishiywa khona ehlane ukuthi 220 yome futhi kuyaziwa kamhlophe ukuthi akekho ongayilokotha ayithathe ngozwane uma kwenzekile. Kokunye iyagqitshwa ngobunono bekati ukuze ingafi. Uma imisebenzi seyomile ngokufanele, kuyaqhoshelwana ngayo, kuthi emihle kwenye inkathi bahambe nayo beyokhombisa abazali. Abazali abalokothi bayigxeke, hleze abafana betheneke amandla. 5.2.1 Ukubumba izinkomo nokuziqhatha Omunye umdlalo okhonzwe abafana yilowo wokubumba izinkomo ngenhloso yokuziqhatha. Babumba izinkunzi, izinkabi, izinkomazi kanye namankonyane. Umsebenzi obunjiwe wethiwa igama elithile nezinkomo nazo azisali. Abafana bakhonze kakhulu ukubumba izinkunzi ngoba uma sezomile bayaziqhatha. ULanga, (1997:9) ubeka kanje ngalokhu: Zibunjwa maqedane zethiwe amagama kanye nezihasho. Kuba amagama abazisusela wona ekhanda noma kuthathelwe emagameni ezinkomo eziphilayo, imvamisa lezo abazikhonze kakhulu. Zibe sezibekwa zinikwe ithuba lokoma ziqine. Zithi zingoma bese bedlala ukuziqhatha lezo eziyizinkunzi. Akekho-ke umfana ofuna ukuthi eyakhe inkunzi igobe uphondo. Ngakho yilowo nalowo uyaqikelela ukuthi iqinile futhi yome ngendlela egculisayo. Ngenxa yelukuluku nempokophelo yokunqoba, abanye abafana baze benze ubuqili, bafake izinti ezincane eziqinile phakathi ezimpondweni ngenkathi bebumba ukuze ziqine. Uma isiqalile impi-mbumbulu, abafana bazibamba maphakathi nesithupha kanye nomunwe wokukhomba. Abazinkamfuli nje ngesandla ngoba ngeke bakwazi ukuphonsa kahle. uyayitshekisa inkunzi ize ngophondo olulodwa. Uyode eshintshashintsha indlela yokuma elandela indlela agadla ngayo uzakwabo. 221 Uma esephonsa UNene, (2003) ubeka kanje ngalokhu: Ukunqoba kwenkunzi yakho kusezandleni zakho. Uma uhlulwe ukuphonsa ngesivinini nangobuchule, inkunzi yakho iyophelela ezandleni. Ziyoshukana-ke izinkunzi kuhlephuke izimpondo, kungami lapho nekhanda kwenye inkathi likhumzeke lize liphele. Ngenkathi bezilwisa bayayihasha, bezibongela ngempela. Uma isimo sesinjalo, sekuchaza khona ukuthi leyo ehlephuke izimpondo yehluliwe. Nesaga esithi: “Isigobe uphondo” savela kanjalo, kubukwa ukugoba kophondo uma izinkunzi zilwa ngempela. Noma kungemnandi ukwehlulwa kodwa kufanele ohluliwe akwemukele ngomoya woxolo, kungabe sekudaleka inzondo yafuthi. Abanye abafana abafuni ukuzivuma izinduku, aze afise ukuziphindisela yena mathupha. Abagcini ngokuziqhatha izinkomo abafana kuphela, babuye badlale umdlalo wokuzibophela. Lapha bakha izihlibi ngezinti ezithambile noma ngomhlanga. Kulo mdlalo ikhono lokwenza isihlibi libhekwa ngeso elibanzi. ULanga, (1997:9) uyakweseka lokhu: Abadlali nje ukuziqhatha izinkomo zabo abazibumbile kodwa babuye badlale nokuzibophela lezo eziyizinkabi zidonse izihlibhi. Izihlibhi lezi bazakha ngezinhlanga ezisathambile, noma imihlanga nezinti. Kwesinye isikhathi badlale ukuthi zilime. Konke lokhu bakwenza nje badamane bephonsa iso emfuyweni abayelusile. Lo ngumdlalo ophonsa itshe esivivaneni ekukhuleni komfana emsebenzini wezandla ngoba ufundisa umfana ngobuchwepheshe nangobuchule. 222 ukwenza umsebenzi wezandla 5.3 Ukweqhatha izinkunzi Omunye wemidlalo owenziwa abafana ekwaluseni yilowo wokweqhatha izinkunzi. Izinkunzi ezinye zigcina seziwujwayele lo mkhuba. Kuthi nje zingabongelwa ngabafana, uzibone seziqhwisha, kwenye inkathi zihlabe usentu. UNyembezi noNxumalo, (1996:31) bayakweseka lokhu: Ezinye izinkunzi zize ziwufunde lo mkhuba kangangokuthi bathi abafana bangayibongela nje iqhwishe, kube sengathi kunyakaza ithuku ekhanda. UKhumalo, (1993:87) ubeka kanje ngalokhu: Inkunzi ibongwa ngokuhlabana kwayo kwezinye izinkunzi endaweni. Ikakhulukazi yileyo naleyo nkunzi inezibongo zayo njengoba iqanjwa ngumniniyo noma ngabelusi bayo ukuba bayikhuthaze, bayicije ngazo uma isibhekene nezinye. Kokunye inkunzi ibongwa ngombala wayo, ngohlobo lwayo endaweni, ngomphoso wayo, amangwevu ayo phela. Inkunzi izakhela ugazi ngokungenhla kodwa ijika ibe undabuzekwayo uma isikhonya endaweni, bese kuthiwa ngumajulukuqa, umahlab‟ ayihlangani. Kubalulekile futhi ukwazi ukuthi uma inkunzi ibulale enye zilwa, isixhanti saleyo efile sidliwa ngumnikazi waleyo eyibulele ngokumhlabanela. Kuyinqubo yakithi kwaZulu lokhu ukuklomelisa lolo vava lwenkunzi ngobunkunzi bayo nokuyivimba ingabi nequnga. UMaphumulo noThwala, (1989:31) babeka lezi zibongo ezilandelayo: USigubudu sinengwenya, Ubafazi baseNtindi, Nibabi ngokufak‟ izinethi. Ngoba ukuba niyakhehla, 223 Ngabe ngiyalithola iqatha. Ziningana izindlela Eyejwayelekile kakhulu ezisetshenziswa yileyo abafana yokuyithela ukucija ngezibonkolo izinkunzi. elundeni. Izibonkolo izilokazane ezincane ezihlala esidulini, okuthi uma zike zakuluma, uzwe sengathi uphambana ikhanda, inhliziyo ibe ncane. Ngokunjalo nenkunzi ithi ingezwa lobo buhlungu ibe nolaka, kuthi uma ibhekene nenye, ibe nomfutho, ilwele ukufa nokuphila. UNyembezi noNxumalo, (1966:31) bayakweseka lokhu kanje: Uma abafana befuna ukuyicija ngempela inkunzi ukuze ivukwe ulaka olukhulu, bamba isiduli bakhiphe izibonkolo bazithele elunda. Lo mkhutshana wokucija inkunzi ngokuyithela ngezibonkolo uphinde usekwe uMsimang, (1975:42): Bazama ngayo yonke imizamo ukuba inkunzi yakubo yehlule zonke ezinye zesigodi leso. Kuthi ekweluseni bafune isidleke sezibonkolo emithini, bathi bangasithola basithathe basilahlele elunda lenkunzi. Zizoyiluma-ke izibonkolo kanti seziyayicija ukuba ibe nolaka olungayiwa. Kokunye bayisa endaweni eneziduli lapho izofike ihlabe khona uhlentu, izimpondo zingacijeki kube zinungu. Okunye okulola inkunzi kuyenze yale ukhasha ukuyicija izimpondo, uziphendule ngembazo zibheke emuva. Lokhu okuphemulile usuzokugcina emsamo endlini engenhla. Ngiyihulule imfibinga enye inkunzi ingadlela ogageni. UBhengu, (2003) naye ushayelela isipikili kulokho: Usuke ungakaloli inkunzi yakho uma ungakayitheli ngezibonkolo. Uma ufuna ukuthi inkunzi yakho ibe “incushe” ungesabi ukuyithela ngezibonkolo. Uma wenze njalo inkunzi iba wuhlangahlanga ingafuni lutho phambi kwayo. 224 UZulu, (1996:12) naye ushayelela isipikili kulo mbono: Okungabafana kubuye kuluqhubele phambili ulaka enkunzini ngokuyithela ngezibonkolo. Lapho kuye kuthi ayihlanye. Kufanele ngoba ziyayintinyela phela izibonkolo. Iyingozi leyonto, ngoba ngeke ibayeke labo abayithele ngezibonkolo. Bayafana nabantu abazigwaze ngowabo. Noma inkunzi inolaka kangako, nayo iyathoba nje, ibahloniphe abantu. Enye indlela ekhonzwe ngabafana yokucija izinkunzi yileyo yokuzivava. Ukuvava ukulola izimpondo zenkunzi zicije. Nakho ukuvava njengeminye imisebenzi kudingeka ubuchwepheshe ngoba uma kungenjalo, izimpondo zingasala phansi nenkunzi yophe ize ife. Izinkunzi bazivava ngocelemba noma ngommese obukhali benze amabazela bese beyawaxhoza amabazela ngawo ucelemba noma basebenzise isihlabo ukuze zisuleke kahle izimpondo, zicije ngendlela afuna ngayo umfana. Kufanele kuqapheleke ukuthi ngenkathi beyivava inkunzi kungaze kufike ehlezeni okuwumongo wophondo. UNgcolosi, (2003) ubeka kanje ngokuvava: Kuyingozi kakhulu ukuvava inkunzi kuze kuvele ihleza ngoba uma inkunzi isihlaba usentu izimpondo ziyaphuka. Uma isivaviwe, abafana bagcoba izimpondo ngamafutha ukuze izimpondo ziqine, zephuze ukuphuka. Ngenxa yokufuna udumo, abanye baze basebenzise imithi emibi ukusiza izinkunzi zakubo ukuba zinqobe. Bayigcaba ngamafutha ezinyamazane eziyingozi njengobhejane, izingwe, izinyathi namabhubesi imbala nezinye. Abanye ngaphandle kokuyigcaba, bayigcoba ngawo amafutha alezi zilwane ebusweni ukuze kuthi leyo elwa nayo ibone umfanekiso waleso silwane ebese ingenwa amanzi emadolweni igcine ngokujokola. Lo mkhuba awuthakaselwa kwelikaMthaniya ngoba ufaniswa ngqo nokuba umkhunkuli. 225 Lo mdlalo wokweqhatha izinkunzi kuyenzeka ugcine ngokuthi enye ife kodwa akekho obekwa icala ngalokho ngoba kusuke kudlalwa. Uma isifile inkunzi, ofelwe ukhipha isixhanti asise kumnikazi wenkunzi enqobile, okuwuphawu lokuthi uyazivuma izinduku futhi akubanjelwene magqubu ngoba bekudlalwa. Lokhu kufakazelwa uKhumalo, (1993:87): Inkunzi izakhela ugazi ngokungenhla kodwa ijika ibe undabuzekwayo uma isikhonya endaweni, bese kuthiwa ngumajulukuqa, umahlab‟ ayihlangani. Kubalulekile futhi ukwazi ukuthi uma inkunzi ibulale enye zilwa, isixhanti saleyo efile sidliwa ngumnikazi waleyo eyibulele ngokumhlabanela. Kuyinqubo yakithi kwaZulu lokhu ukuklomelisa lolo vava lwenkunzi ngobunkunzi bayo nokuyivimba ingabi nequnga. UDonda, (1997:11) ushaya umgqigqo ofanayo lapho ethi: Kuke kubekhona nokho ukulwa kwezinkunzi ziqhathwa ngabanumzane. Uma ifa eyomunye kuyothi lowo ofelwe yinkunzi anikeze umnikazi wenkunzi enqobile isixhanti. Alibi bikho-ke icala uma ziqhathwe ngabadala. UNyembezi noNxumalo, (1966:51) basichaza kanje isixhanti: Isixhanti sikanye nelunda, sehlukana nenhloko. Inhloko inqanyulwa lapho kuphela khona intamo. Duze nje-ke lesi sitho esisalayo yisixhanti. Sidliwa ngabanumzane besidlela endlini. Kunenkolelo yokuthi inyama yenkunzi efe ngale ndlela ayilokothwa yosiwe ngoba lokho kungadala umkhokha wokuthi nenkunzi eyolama leyo ngokukhonya nayo iyohamba kanjalo. 226 Lokhu kufakazelwa uLanga, (1997:21): Inyama yaleyo nkunzi efile ayilokothi yosiwe ngoba funa iphinde sona leso nakuleyo nkunzi eyobekwa. UBhengu, (2003) uphawula kanje ngokungosiwa kwale nyama: Inyama eyosiwe kahle iyaye ivuze igazi futhi ayivuthiswa kahle njengephekiwe. Ngaleso sizathu kulula ukuthi umuntu adle umuthi bukhoma ngoba ezinye zisuke zicijwe ngawo umuthi. Ophekiwe umuthi uyavuthwa nawo uphelelwe ngamandla. Kuyenzeka ukuthi nabafana bagcine nabo sebelwa. Lokhu kungadalwa ukuthi lowo onkunzi yakhe eyehluliwe agxajelwe ikhanda ezwa iminjunju ebuhlungu yokwehlulwa ebese elibeka ngembaba elokuthi noma inkunzi yakhe yehluliwe kodwa yena ngeke wathintwa muntu. Lokhu kufakazelwa uDonda, (1997:11): Ukuba abantu baqhathwe yizinkomo yinto esuka kude kunomuntu wakwaZulu. Uma kuqhathwa izinkunzi bese enye yehlula enye kuye kuzwakala umfana oluse inkunzi eyehluliweyo esephimisa amanga empi uma ethi: “Inkunzi yakithi yehluliwe kepha mina angikehlulwa.” Usefisa impi-ke njalo akukho okunye. Sekungashaywana-ke njalo. Isingaze ingenwe nangabadala imbala. Kwenye inkathi acasulwe ukugconwa abanye abafana ngokwehlulwa kwenkunzi yakubo. Noma kunjalo abafana bayafundiswa ukuyidlulisa leyo ngxabano. Kuningana okuhlonyulwa abafana ngalo mdlalo. Kodwa okukhulu kunakho konke ukufunda ikhono lokuqamba izibongo ebonela kontanga naye aze afikelwe ugqozi lokuqamba ezakhe esemncane. Eseziqambile izibongo uphinde afunde ikhono lobumbongi ngenkathi egqugquzela inkunzi yakubo 227 ilwa ngoba uma imbongi iyibhimbi, inkunzi ayilutholi ugqozi. Abafana baphinde bafunde nokubaluleka kwenkunzi, bayazise, bayazise ukuthi iyona eyinzalankomo. Bayafunda futhi ukwamukela izimo ezingaphezu kwamandla abo njengokwehlulwa, bafunde nokuxola. Bafunda nezindlela zokucija izinkunzi ezinhlobonhlobo njengokuyithela ngezibonkolo, ukuyivava nakho ukuyibongela. 5.4 Ukudla iphaphu Ukudla iphaphu ngomunye wemidlalo ekhonzwe kakhulu ngabafana abaselusayo kwelikaMthaniya. Kusuke kungemcimbi walutho uma abafana bengazange baludle ubhedu, okuwuphawu lokubusiseka komcimbi. kuhlatshiwe, uSokhaya Uma ukhipha iphaphu elihambisana nenhliziyo nalo ubhedu. UNyembezi, (1992:24) uluchaza kanje ubhedu: Inyama yenhliziyo ekanye nephaphu edliwa yingqwele. UDonda, (1997:6) ukuchaza kanje ukubaluleka kobhedu: Abafana bayinhliziyo yesizwe. Yibo abafutha igazi eliyimpilo kuso sonke isizwe. Kusenhliziyweni lapho kusikwa khona ubhedu oluveza amaqhawe amasha ayoba yizihlabani zesizwe ngomuso. Igazi lobuhlabani lishweza nomzimba wonke. Amaphaphu yiwo ahlambulula igazi. Ngakho izinsizwa ezisencane ziba ngamaphaphu nenhliziyo yesizwe. Ingobo yiyo ekala ushukela oya kuzo zonke izingxenye zomzimba. Uma kuke konakala ingobo lowo muntu uguliswa yisifo sikashukela afe. Uzothi engalikhipha izwi uSokhaya kulowo owengamele ukuthi anike abafana iphaphu labo, ubone ngomshungu wabafana sebexhake ezabo, bekhukhusa beyophuma ngesango, beholwa ingqwele isiliphethe. Iphaphu leli alidlelwa 228 ngaphakathi ekhaya kodwa ngaphandle lapho kungezukuphazamisa muntu ikakhulukazi abesifazane. Bathi bangafika enkundleni leyo abayikhethile abafana, kube wubutatata, yilowo enza umsebenzi othile. UMsimang, (1975:169) ubeka kanje ngalokhu: Banele bafike enkundleni yabo yokudlela iphaphu abafana kube uchithi-saka lowo nalowo enza umsebenzi othile. Uyedwa ohlwaya izinkuni,omunye uza nezibi zokuphemba, omunye ubenga inyama, omunye wosa umbengo. Lizokosiwa iphaphu, inhliziyo nobhedu. Ubhedu lona luyosiwa luze luchochombale, kuthi uma ulubuka kuconse amathe. Abanye bagcina ngakho ukuconsa amathe ngoba ababe besalunuka uma sekuqhathwa ngoba ludliwa ozethembayo. Emveni kokudla eyokuqala kusuka uthuli lwezichwe sekuqhathwa abafana kuqale ngayo inkwebane kuze kufike kwabadala. Inkwebane yona idla iphaphu (ibhakubha) elingemnandi njengobhedu, kuthi lowo owehluliwe elakhe balicwilise emanzini. Lokho kubanika umdlandla wokuthi yilowo nalowo alangazelele ukunqoba. Umgidi-ke uvalwa ngokuchonywa kobhedu lona oludliwa ingqwele. UNyembezi noNxumalo, (1966:28) bafakazela lokhu ngokuthi: Ubhedu ludliwa yingqwele. Yilona olulwelwa du. Kuthi ingqwele eyesatshiwe lapho ifuna ezokulwa naye noma ehlule omunye obelwa nayo, iludle. Engabe kuliwe kakhulu njalo kuphophothwana amakhanda, izingqwele zingabe zisalunuka nobhedu lolo selubhuquzeke emhlabathini, bese luze lucoshwe ngabafana nje. Luzothi lungachonywa othini, abafana babhekane emehlweni ukuthi wubani ozozidela amathambo, aqunge ayoludla uma kodwa ezethemba. 229 ULamula, (1963:23) uyaweseka lo mbono: Nabafana baphume-ke nephaphu, bayolidlela entabeni lapho bezohlangana khona nabajwayelene nabo, balidle nabo bajabuleke kakhulu, bagiye bagiye kube nje! Inhloko yenhliziyo, lena ecijileyo, ithiwa wubhedu. Yona-ke ibidliwa ngabafana abakhulile impela abathiwa yizingqwele. Uma isivuthiwe, bekuphuma ingqwele iyichwaneke othini, iyihlome laphaya, ibisima-ke, ithi “Kaphume phela onenkani yokuyidla, asidle!” Isho njalo ingqwele ihlomile, ilungele ukulwa. Uma kungaphumi muntu, iyidle yodwa ikhulume amazwi okuthuka akhombisa ukuthi bayesaba, bangamagwala: kodwa uma kukhona ezinye izingqwele, kuphunyelwane, kuliwe, kophe amakhanda kube nje! Mhlawumbe nobhedu lolo, lungabe lusadliwa, lucoshwe ngabafana abancane seluyinhlabathi nje! UMsimang, (1975:169) ubeka kanje ngalokhu: Izonele idliwe eyokuqala bese beqala ukweqhatha abafana. Kuqalwa ngayo inkwebane. Koze kugcinwe ngezingqwele. Kukhona inyama enetebhe, esikwa enhliziyweni yosiwe ngokuthothonjaliswa ebizwa ngokuthi ubhedu. Luzonele luvuthwe bese luchonywa othini ukuthi ingqwele ezizwayo iluthathe iludle. Lungachonywa ubhedu abafana bonke babukana eziqwini zamehlo kuyilowo ebheke ukuthi kazi luzodliwa ngubani. Nokho azidele umfana wakwabo. Uma bebaningi kakhulu anxuse untanga yakhe amethembayo athi abaludle naye. Bazonele balufake nje emlonyeni ibathelekele inkumbula yonke yabafana. Kuzoshaywana kudeliswane lapho. Kube mnandi kudele. Kuyenzeka laba abadle ubhedu bayinqobe noma ibanqobe impi. Lokho kukhombisa bona ubungqwele. Sekwaba igama nje ukuthi ubhedu luyadliwa ngoba imvamisa ludliwa umhlabathi ngoba isikhathi esiningi izingqwele azilitholi ithuba lokuludla ngoba zisuke sezizinetha. 230 UDonda, (1997:10) ubeka kanje ngobhedu: Ingqwele iyona ezibalula ngokudla ubhedu. Yakha uphahla lwenkawu uma isibunganyelwe yiviyo labafana liyishaya ngezinduku. Uyahlanganyelwa phela lowo odla ubhedu. Inele iluhlwithe nje ilufake emlonyeni ishe inkokhokho, kuthunqe uthunqane. Kukhale isimbombombo nobubhonqubhonqu. Onesibindi uvika agadle aze alugwinye. Omunye uyaluphimisa uma ezwa ukuthi izinduku ziyashisa. Akukhona neze ukuba yisidlakudla ukudla ubhedu. Akuyikho futhi ukuhlukumeza nokuhlolisa noma ukugubhisa ukucwilisela abantu ibhakubha emanzini. Kusuke kushunyayelwa ukuthi umuntu ofuna isikhundla, umnotho nenala kufuneka akusebenzele lokho. Bonke abantu abakhulu namhlanje bedlula ekuhluphekeni nasebunzimeni okumbandakanya nokuqabulana nokufa. NgesiZulu sithi uma into ihamba phambili ngobuhle noma ngokwenza, kuthiwe: “Idla ubhedu.” Lesi saga saqhamuka ngalo mdlalo nale nyama eyigugu lezingqwele. Bazothi bangawuqeda abafana umdlalo babuyele ekhaya sebehaya izaga, beholwa igosa lilandelwa izingqwele namashoshozela. Bahamba nje bayangqabashiya, bahambe bephundla izihlahla babuye badindane bodwa. Bazothi bengafika esibayeni, izinsizwa sezibalindele. Kuzosuka eyodwa engakabi mnkantshubomvu, igadle iphelele ebafaneni. Kuyojijimezwana nabafana bengazibekile phansi kuyoze kukhuze abadala ukuthi insizwa ayiyeke abakhapheyana. Emva kwalokho sebezongena endaweni yabo esibayeni, enhla nezinsizwa lapho bezofika banikwe idevu nobubende bese sebehlisa ngotshwala. Abanikwa umhluzi ngoba bangadala umonakalo, sebebamba izingane zamantombazane, okuyicala elibomvu. Lo mdlalo uyisikhali esikhulu soqeqesho lwenhlonipho ngoba abafana bafunda ukuhlonipha izingqwele. ukwazana bodwa… Ngisho Kuyedlula lapha. sebengamabhungu 231 Bafunda ngisho noma izinsizwa nabamnumzane bayazisana ngoba bayazana uma bebhekene udede ngenswani hhayi ukugijimela ezikhalini nenduku yamagwala. Bafunda ukuthi insizwa icelwa udede, kuvovwane inkani. Lo mbono ufakazelwa uDonda, (1997:9): Kusuke kwelusiwe lapho abafana befunda khona imikhuba ebalulekile yesizwe. Kufundwa ukuhlonipha izingqwele. Zike zibathume ukuyoqwagela bangathi vu, futhi bangasho emakhaya. Le nhlonipho ukhula nayo ize yenabele nasemphakathini Uyikhombisa ngokungakhathali inhlonipho kwabadala. abafana ukuthi bahlale belangazelela udumo lobuqhawe. UKhumalo, (1993:79) uyakweseka lokhu: Kucaca kakhulu ukuthi ubuqhawe, ubungcweti, inhlonipho ibonakala kwasebuncaneni babafana. Yingakho ungezwa abadala sebeyikha eyasekutheni, ubezwe sebethi, “Inkunzi isematholeni.” Kusuke kukhona osekubahlabe umxhwele ngezenzo zalowo mfana, kungabe ubuqhawe uma ebhekene nabanye, amangwevu, ukusina nokugiya. Isizwe sikufaka ebafaneni kwasebuncaneni ukwazisa ukubonga uma umuntu ekwenzele okukhulu uma ekubusisile, ngotshwala noma ngenyama. Lokhu kubonga kukhonjiswa ngokugiya kusuke umquba okanye uthuli uma iphaphu belidlele edlelweni. UNene, (2003) ubeka kanje ngokudla iphaphu: Uqeqesho olutholakala oluthola ngokungcweka kukhona isicoco kuyamhlaza umfana elicwiliswe emanzini. lapha lwedlula lolo ngoba lapha kusuke esibekiwe. Futhi ukudla ibhakubha 232 imbala. Bayakhuthazeka 5.5 Ukungcweka Ukungcweka kuyindlela yokuqeqesha abafana izindlela zokulwa nokuzivikela. Bafundiswa nokuphonsa. Lokhu kufakazelwa uMthembu, (1997:10): Kwathi lapho ngiphumela ezibukweni lakwaSitho, nampaya abafana belusile ngaphesheya, bayangcweka. Baphethwe igodlana lakhona lomfana selibaqedile, aliviki liyagoqangana, lithi lisuka libe libeka enyameni. Okufanele kuqashelwe lapha ukuthi inhloso akukhona ukulwa ngoba basuke bengaqhathiwe abafana kodwa bonke basuke belwa ngomoya omuhle wokufundisana elandelwayo amakhono. Ngenxa njengokuthi yale akulokothwa nhloso kunenqubomgomo kushaywane emaqupheni, akugwazwana ngezimboko. Uma omunye ethuke wawelwa induku, uyalindwa ayicoshe kanti ukuba baqhathiwe, ngabe ubhekwe isambane lowo emuwele ngoba zingamnetha zimnethile. UMsimang, (1975:167) uyakweseka lokhu: Ukungcweka ngumdlalo omuhle wokufundisana induku. Wehlukene kakhulu nokuqhathwa. Uma niqhathwa nisuke nixatshanisa nilwela ukufa nokuphila ngoba oxoshiwe uzokwenza intando yalowo omxoshile. Uma ningcweka akunjalo. Anilweli ukudelisana kuphela nifundisana induku nemiphoso, nawo onke amangwevu okulwa. Uma ningcweka nihlonipha imithetho efana nokuthi owile akashaywa. Abangcwekisanayo abashayani emakhanda. Ngokunjalo abagwazani ngezimboko. Noma ukhonyana umoya wezikhova ngenkathi kungcwekwa ngoba kuyaziwa ukuthi lowo owehluliwe uzokwenza intando yalowo owehlulile kodwa uma omunye eshaya omunye kahle, 233 ushaywa asho engananazi ukuthi, “Ngiyayivuma.” Uma kwenzeka ziqhubeka zimnetha nakhona kufanele alikhiphe ligcwale umlomo kuzwe nabanye ukuthi uyayivuma, usexoshiwe athi: “Maluju!” Ingqwele izothi akabaleke ukuze ibone ubuqiniso balokho. Nangempela ingqwele izomxosha ngemuva, iyahamba imbhamba ngenduku. Yingakho kwaze kwaqhamuka igama lokuthi ohluliwe kuthiwe, “Uyaxoshwa” ngoba usuke elandelwa ngemuva, ebaleka. Uma kungcwekwa kubukeka kahle uma abafana abangcwekayo bantanganye. Noma kunjalo, akusilona icala uma omdala engcwekisana omncane ngoba inhloso akukhona ukunqoba kodwa kuwumntongelisa eshungwini lakhe eligcwele phama amaqhinga okushaya induku. Ngenxa yokuthi ukungcweka kuhlomisela abafana ingomuso nezindlela Ngaphandle kwalena eyejwayelekile zokungcweka yokungcweka, ziyehluka. abantu kuyenzeka bahlukane amaqembu amabili, bazishaye sampi. ngababili Bazobhulana babhulane kuze kubekhona abagoba uphondo. UNgema, (2002) uphawula kanje ngokungcweka: Luhle lolu hlobo lokungcweka oluzishaya sampi ngoba luyamsiza umfana ukuthi abe nesithonjana sempi okuthi uma isifika ngempela inkonyane ingathuki isisinga. Kubakubi uma abakini bengamavaka sebethi galo yephuka sebekushiya wedwa zizitika ngawe izimbangi. Ngaphandle kokungcweka okujwayelekile lapho abafana beqhathwa khona ekwaluseni kuyenzeka abafana noma izinsizwa zingcwekisane uma zihlangana endleleni. Kufanele kukhumbuleke ukuthi kwelikaPhunga noMageba umuntu akahambi evathazela engaphethe ngisho uswazi lokushaya inyoka yodwa lolu. Kulisiko ukuthi umfana ahambe ezigaxile ezimbili. Uma behlangana endleleni, iyaye ibuze enye ukuthi, “Iyiliphi” ingabe ingelendoda noma ingelomfazi. Uma ike yathi ingelendoda, kusuka uthuli lwezichwe. 234 UNyembezi noNxumalo, (1996:29) bakweseka kanje lokho: Ukungcweka ngumdlalo omdala wakwaZulu wokuvivinyana amandla nobuchwepheshe bokudlala induku. Insizwa ifike ibuze enye lapho zihlangana, ithi: “Uyiliphi?” Uma iphendula ithi ingelendoda, kuphakanyiswa izinduku kubhulwane ukuba wena ongazi uthi bayalwa, baxabene. Kanti uma lena ebuzwayo iphendule yathi ingelomfazi, akwenziwa lutho, lokho kuyaye kukhombise ukuthi kayingabungabu ukungcweka, noma iyesaba. Akekho namunye umfana kuleli likaMthaniya okhula engalangazeleli ukukhula abe yingqwele noma ukuba abe yiqhawe langomuso elizohlabana ezimpini. Kodwa indlela eya kuleyo ndumezi ivamise ukugcwala umeno. Umfana ufunda khona ekwaluseni la maqhinga okulwa angase amsize ukufeza amaphupho akhe ngenkathi kungcwekwa. UBhengu, (1965:3) uyakweseka lokhu lapho eveza khona umfo kaNosizila, uMthethwa elangazelela ukuba naye akhule ahlabane abe yiqhawe njengomkhulu wakhe kanje: Izindaba zikababamkhulu zazingikitaza isibindi, zingithinta umphefumulo wami. Ngezwa ubugubhagubha nobulangalanga ngaphakathi kwenhliziyo yami okokuba nami ngibe yileya nto ubabamkhulu ayeyiyona ngaleyo mihla yakhe. Ngaphezu kwalokho izintombi zakithi kwaZulu aziyifuni insizwa elivaka ngoba ingahluleka ukuyivikela noma sebethathene. Ukungcweka-ke kwengezelela amathuba okuthi umfana uma eseyinsizwa zimthande izintombi ngoba zazi ukuthi insizwa ezinsizweni. 235 UBhengu, (1975:3) uphinde akuveze lokhu lapho eveza khona uninakhulu kaMthethwa ebeka isizathu esadala ukuthi amqome uyisemkhulu kanje: Isalukazi esingukhulu naso ngangisilalela lapho sixoxela odadewethu ngobuntombi baso endulo. Naso sasixoxa size sithinte ukuthi ubabamkhulu samgana nje samukha ngobuqhawe, nangobugqame bakhe. Sasisho nokuthi bona zintombi zasendulo bebebuthwa njengezinsizwa, bejutshwa futhi. Izinsizwa ezazingophuya zazingalokothi zithi kente kubona; okunye okwakuzileba, kuzosa kubhekile bebekushiya kuthe thwi esidindini somtshiki. Kuyacaca-ke ukuthi lo mdlalo ubaluleke kakhulu ekukhuleni komfana ngoba wakha umgogodla wempilo yakhe. Ubuvaka yisilwane esinyanywa ngendlela engachazeki kwaZulu ngoba nabanye abafana bayakugcona, bakuhleke. UKhumalo, (1993:81) uyaziveza lezi zibongo nokunyanyeka kobuvaka kanje: Izibongo zabafana zibuye zicwase, zigxeke ubuvaka nobunqolo babafana njengento embi nenyanyekayo. Umfana onjalo uyaye afaniswe nodadewabo bona behlalela ukuchoba onina nogogo wabo. Nazi ezabafana abayiminqolo: Umnqolo gombotsheni Umachob‟iy‟ ntwala zikagogo wakhe. Umnqolo gombotsheni Umachob‟ iy‟ ntwala zikanina. Umaphundlwa ngontanga yakhe, Akhal‟ ayeyethek‟ aphaphatheke Eyozishwathik‟ ezidwabeni zikanina. Ath‟ unina “Phepha fana, Yingozi yasekhaya!” Enye yezindlela yokuqeda ubuvaka ukuthola abafana bemnqonqoza ekhanda umfana oyivaka besho ukuthi bayamxosha. Imvamisa basuke bethunywe yingqwele ukuthi bamchukuluze ukuze acasuke naye, azizwe esengenwa 236 ugqozi nesibindi sokulwa. Inhlosongqangi wukukhuthaza uthando lokulwa, ubuqhawe nobuqhwaga bese kukhuthazwa ubuvaka. Nalapha uMntungwa uthelela umquba ubuqhawe ebe efenyisa ubugwala obuyisichitho seqaqa, intothoviyane, umqaqongo neshangaqube kubafana bezwe lakwaZulu. Ngisho sekudliwa iphaphu umfana oyivaka licwiliswa emanzini. UBhengu, (1965:22) ukubeka kucace bha lokhu lapho eveza khona uNyambose engafuni ukuvumela amaSwazi amenze imfeketho, ivaka, igamanxandukwana uqobo lwalo kanje: Kwakuqhubeka ukweyiswa izinsizwa zamaSwazi. Zazingidelela impela; kuthi noma kudliwa inyama elami iqatha zilicwilise emanzini. “Mamo! Kanti ingulube iya phambili nokukhuluphala!” Ngisho ngenhliziyo ngilamukela iqatha livuza amanzi. Phela kithi KwaZulu ngamagwala ayecwiliselwa emanzini. Leso senzo sabe sichaza ukuthi lowo muntu ocwiliselwa iqatha lakhe emanzini uyigwala, ubaleka njengamanzi – igwala lamanzi. Lokhu kungukudelela okukhulu uma kwenziwa komunye umuntu. Lapha-ke eSwazini ngangilwa leyo mikhuba, ngenziwa imfivilithi. Lokhu kuphinde kwesekwe uDonda, (1997:10): Okunye obekwenziwa eminqolweni kanye nasemavakeni wukuba acwiliselwe ibhakubha emanzini. Lokho kuchaza ukuthi abezi nje ezinkomeni laba abayiminqolo bafuna ukucasha ngonina ngoba besaba ukuqhathwa. Kugcizelela ukuthi babaleka njengamanzi futhi abemi uma kubhekenwe nezitha. Babhibha njengomhlanga emanzini kuze kudlale incele nxa sebebhekene nezitha. Bakhona abaphatheka kabi ngalokhu, ukukhuluma ngezenzo, baguquke, bawuyeke umkhuba wobuvaka, babe ngabafana abaqotho nabakwazi ukuvikela amalungelo 237 abo. Abanye njalo bavele bazidlele ibhakubha labo elinamanzi bangabi nandaba, baqhubeke bavoshoze amadolo phambi kwezitha zabo. Yihlazo-ke lelo. Ukungcweka yisikhungo lapho umgogodla wempilo yomfana wakheka khona. Umfana ufunda inhlonipho ayithola ngokuhlonipha izingqwele elandela imiyalo yazo noma eminye engayithandi. Yilapho efunda khona ukubekezela, kuthi noma zimnetha, eqhathwa ngenkani kodwa nangomuso avukele khona. Ufunda nokuthi akhule abe yindoda eqotho yangomuso. Yingakho nje singeke sababeka icala abadala uma bekhala sebebona umfana egcwaneka bese bethi kudalwa ukuthi akazange akhishwe igazi elibi ekwaluseni noma umfana uma engaphaphami, eyimfecemfece, eyintekenteke wenkobonkobo yegwala, bavele balibeke ngembaba bethi akelusanga. 5.6 Ukweqhathana UNyembezi noNxumalo, (1996:31) babeka kanje ngalo mdlalo: Lona ngumdlalo wabafana ekwaluseni onjongo yawo enkulu ukufundisa abafana induku nokubaqinisa ukuba bangabi amagwala. Njengoba ekwaluseni kuyisikhungo sokuqeqesha abafana, bafundiswa nokuba nesibindi ngokuthi baqhathwe ukuze bakwazi ukuvikela iNkosi nesizwe ngokubanzi. UMthembu, (1999:70) uyakufakazela lokhu: Ekwaluseni amathole uSigameko wafunda ukushaya induku, wafunda ukuciba, wafunda ukuhlamba esizibeni. Wayekhonze kakhulu ukulwa, washesha nokubaxosha bonke abafanyana ababengontanga yakhe. Lo mdlalo udlalelwa ekwaluseni futhi wenganyelwa izingqwele. Akekho ophikisana nengqwele ekwaluseni ngoba ingumlomo ongathethi manga 238 ngakho-ke izwi layo lingumqamula juqu futhi aliweli phansi. Kuthi kumnandi kungonakele lutho, kwelusiwe, uzwe ingqwele isithi: “Sibanibani, uthizeni uthi wena ungumfana.” Uma umuntu ekubiza ngomfana usuke echaza ukuthi awukhulile ngokuphelele engqondweni nasemandleni ngakho-ke usuke ekutshela ngeziphansi ukuthi uyakwehlula. Uma usibanibani lowo engesilona igwala, uzophika ame ngentaba ukuthi ungumfana, ahoshe ezakhe, anikele kulowo omcela inselelo. Kuzoliwa-ke kushaywane ngempela kuze kubekhona ogoba uphondo. Lowo ohlulwayo uthi engabona ukuthi ziyamnetha, acele empunzini noma acele umaluju. Isuke ingaphelile indaba ngoba kungenzeka lowo ohluliwe abuye ayicele inselelo kulowo onqobile mhlawumbe iziwombana ezimbalwa. UNene, (2003) uphawula kanje ngokuqhatha: Ukuhlehla kwenqama akusho ukwehluleka, kusho ukuyothatha umfutho. Nomfana ohluliweyo ngokunjalo kungenzeka abuye namangwevu ayicele inselelo kulowo omnqobile. Uma bemehlula iziwombe zize zibe ntathu noma ngaphezulu, uyaye ayivume naye ukuthi lowo uyamxosha nengqwele nayo ayibe isavuma ukubaqhatha. Abanye abafana izingqwele ziyabaqhatha ngoba bedelelana. Kwenye inkathi kungabe kusabhekwa ngokulingana kwabo. Kwalani ukuthi mhlawumbe uxabene nayo ingqwele imbala akhethe ukuziphonsa phezu kwayo. Lokhu kuyafakazelwa uMthembu, (1999:74) lapho eveza khona umfanayana uSigameko elwa nengqwele uMkhishwa kanje: Kwathi lapho sezibuyile izinkomo, abafana bangakubo uSigameko baya kuye ukuyobuza ukuthi uzokwenzenjani ngokuba esexabene noMkhishwa. Abafana bamfica elungisa ubhoko lwakhe ethukuthele efile. Kwathi kanti bebenqenile ukuthi ngabe uSigameko ubenziwa ukuthukuthela nje, bafike babona ukuthi kanti impela uSigameko uqonde 239 ukumshaya uMkhishwa kusasa, bamqunga isibindi. Yaxoxwa yonke imizi indaba yokuthi kusasa kuyobe kushayana uMkhishwa noSigameko. Indaba yaze yangenwa nayizinsizwa ngokuba uMkhishwa wayaziwa ukuthi ingqwele yabafana, futhi uyazishayela kumfana. Walala ethuthumela uSigameko luvalo nawukuthukuthela. Unovalo ngokuba uyazi ukuthi uyoshayana nengqwele, uthukuthele futhi ngokuba uthi kanti kuyoze kube nini bedelelwa nguMkhishwa ngokuba ethi uyingqwele. Abafana bamemana bonke ukuzobukela induku, kushayana izingqungqulu. Abanye abafana basho nje ukuthi uSigameko uyakozichoma ngokuba uyingane, futhi kabakaboni eshayana nomfana oseqinile. Kuyenzeka abafana balimazane, bagqemane izingozi kodwa leso senzo asithathwa njengecala ngoba kusuke kudlalwa. Abafana bahamba baye emfuleni beyogezana izingozi lezo, baziphahleke ngobulongwe noma ngodaka okukhombisa khona ukuthi bekungaliwa. Udaka noma ubulongwe lobu bunqamula ukopha futhi benza nokuthi isilonda sisheshe siphole. Kuyenzeka kubekhona ongafuni ukuqhathwa ngoba edlala ubuvaka. Lowo mfana uyahlekwa, agconwe kuthiwe akaphinde la mazwi: “Umnqolo ogombetsheni, umachob‟ izintwala zikanina.” La mazwi awamnandi ngoba umfana usuke efaniswa nodadewabo bona abahlalela ukuchoba onina nogogo wabo izintwala. Umnqolo umfana ohlala ekhaya, ongayi ekwaluseni. Lowo mfana ongafuni ukuqhathwa usuke efana nomfana osekhaya ngoba lapha ekwaluseni umfana uyazuza okuthile ngoba kuyisikhungo sokufunda. Akugcini ngokuthi lo mfana agconwe kodwa ingqwele ithumela abafana abancane kunaye beyomgqongqoza ekhanda, besho ukuthi bayamxosha ukuze athukuthele, alwe. 240 Ngenxa yale mpatho umfana naye ugcina esebona ukuthi akavuke azithathe, agcine naye esekwazi ukulwa afane nabanye abafana. Inhloso yalo mdlalo ukufundisa abafana induku nokubaqinisa, bangabi ngamagwala. Basuke sebesebenzisa ulwazi abaluqokelela ngenkathi bengcweka. Inhloso enkulu yokweqhatha ukuthi umfana akhule abe nesibindi, akwazi ukumela izimo ezinzima. Lolu qeqesho aluthola lapha lumhlomisela ingomuso ukuthi ukwazi ukuvikela umuzi wakhe kungabi kwamachangca. Kumsiza nokuthi abe yibutho elinobuchule livikele iNkosi yalo nesizwe sonkana. UMthembu, (1947:78) uyakuveza lokhu lapho ekhombisa isibindi sikaSigameko sokufuna ukulwa nengqwele uMkhishwa yize emncane kunayo kanje: Kwasuka omkhulu umsindo kwacishe kwashayana bonke abantu ababekade bedazelana izinkani bethi, “USigameko angeke abhekane noMkhishwa.” Waba mkhulu lowo msindo waze walanyulwa ngamadoda abeziphuzela ngenhla emzini wakwaJali. Wabuya lapho uSigameko eqholosha, engqwiza induku exoshe ingqwele. Zazimthatha njalo izinsizwa zakubo zigoduka naye. Izinkomo zabuya nabafana ngalelo langa. Kwaphela isikhathi eside ixoxwa indaba yokuxoshwa kukaMkhishwa. Umfana onesibindi uba nogazi eNkosini ngoba ukhombisa ikhono lokuthi nesizwe angasivikela. Amakhosi afuna izinceku ezinesibindi. 241 Lokhu kufakazelwa uMthembu, (1947:110) lapho iNkosi iqoka uSigameko ukuba abe yinceku yayo kanje: Lo mfana wakho, uSigameko, ngambona ukuthi uyindoda ecaleni lenu noMpini, ngamthanda, selokhu kwalelo cala ngicabange ngaye. Unesibindi, uhlakaniphile, futhi ubukeka ethembekile. Ngiyamfuna lo mfana Mzwempi ukuba angisize. Kakukho muntu engisamethembayo lapha, ngisho nasezincekwini kungase kube khona oyinyoka. Ngifuna ukuba uSigameko abe ngenye yezinceku lapha ekhaya, abheke kumbe kungaba khona azokwelamela, ngiphunyuke kule ngozi engayibonayo. Uyangizwa Mzwempi? Akhuleke uMzwempi. 5.7 Ukuqwagela Abafana bazikhipha inhlazane izinkomo imvamisa bengayenyusile ngokwanele insika. Kwenye inkathi kuyenzeka inyuke ngokwanele kodwa ifike iwe bhu ngenkathi besalusile. Lesi simo abafana abasigqiziqakala ngoba bayazi ukuthi ukudla bayokuthola phambili ngoba banayo imvume yokuthatha ngozwane ukudla kwabantu emasimini. Leyo mvume yokweba ukudla emasimini ngenkathi abafana belusile ibizwa ngokuthiwa ukuqwagela. UNyembezi, (1992:449) ukuchaza kanje ukuqwagela: Ukuqwagela ukwebiwa kwemfe nommbila emasimini ngabafana abelusayo, kwenziwa njengomdlalo. Bazothi bengezwa inkemane abafana banikele emasimini lapho bezofika babhonyule ummbila noma bakhubule imfe. Bazothi bengakwenza lokho bese lokho abakutholile bakubophele emaqakaleni ukuze bengabonwa muntu ukuthi kukhona abakwenzayo. Kufanele kukhumbuleke ukuthi yize noma lokhu kungathathwa njengokweba kodwa kumnininsimu kumshaya engeqiwa 242 ntwala ngoba uyalahlekelwa ngakho angeke wathokoza ukubabona benza lo mdlalo. Uma abafana sebewubophe kahle, bazowuhudula ngezinyawo. Obonayo abone umuntu ozihambela ngokukhululeka kanti phansi laphaya lukhulu aluphethe. Bazothi bengafika nawo lapho belusela khona, kubaswe umlilo, kudliwe bashaye esentwala. Abagcini ngokuqwagela ummbila nemfe kuphela abafana nawo ubhatata nezinkukhu kuyangena kulo mdlalo. ULanga, (1997:19) uyakufakazela lokhu kanje: Kwesinye isikhathi bagubha ubhatata emasimini, baye nawo endaweni enesihlabathi esiningi eduze nomfula. Bafike bagubhe umgojana, bawufake lapho ubhatata bawugqibe bese bebasa umlilo ngaphezulu. Emva kwesikhathi bazobona ukuthi cishe usuvuthiwe, bawukhiphe bawudle sewuvuthiwe kamnandi. Nezinkukhu ngokunjalo azisindi kulo mdlalo. Abafana badumela inkukhu noma ngekabani, baklunyule umqala ukuze ingakhali kakhulu. Bayimboza ngamahlamvu esagude noma ngamaphi amahlamvu angenza kahle lo msebenzi wokumboza. Izinkukhu bafike baziqhuthe kuthi lezo zimpaphe ezisalayo bazihangule ngomlilo. Emva kwalokho bazobasa umlilo esidulini bese beyosa. Isiduli sinomlilo omuhle ongenayo intuthu. Izothi ingavuthwa bayisobozele. Kokunye abayichuthi kepha bavele baxove udaka, bayimboze ngalo ingachuthiwe bese beyimbela esidulini, bayigqibe qede babase ngaphezulu esidulini. Ivuthwa lapho kube sengathi ibigazingwa esitofini. Izimpaphe zisuka nodaka uma isivuthiwe. Ngeke usinike esingaboni nesibonayo ungake usizibe nje sengathi awusiboni. Nabafana benzenjalo. Balinganisa isikhathi, uma sebebona ukuthi cishe isivuthiwe, babe sebethuma amavaka ukuba ayokweqela izinkomo. 243 Ngenkathi besayokhalima izinkomo, izingqwele nabanye basala beshaya ikhuhle. Amavaka ayofica ngolwalulapha, agcine ngokuconsa amathe. Ngisho engayidlanga ngeke athi vu kwabadala. Uma eke asho, azowathola amanandinandi kuzingqwele. Okubuhlungu ukuthi bancishwe nje imvamisa yibona abasuke bedunjwe izingqwele ukuyokwenza lo msebenzi wokuqhwagela. Lokhu kufakazelwa uDonda, (1997:9): Kusuke kwelusiwe lapho abafana befunde khona imikhuba ebalulekile yesizwe. Kufundwa ukuhlonipha izingqwele. Zike zibathume ukuyoqwagela bangathi vu, futhi bangasho emakhaya. Ngale ndlela bafundiswa ukubekezela noma sekunjani ngoba ngelinye ilanga bazokuba udibi noma amabutho eNkosi nesizwe. Bafundiselwa ukuthi ngisho sebekoMkhulu emadlangaleni uma sebeyobuthwa, bangakhali ngendlala sengathi ngamanina. Futhi uma sebephuma izimpi, bafundiselwa ukumela izimo ezinzima bebhekene nanobungozi besitha. Kokunye impi ize idle udaka qede iqhubeke iye lapho eyohlasela khona ngoba ngeke ibuye ilambatha, iphume impi kamabuyaze. Lokhu kufakazelwa uZama, (1967:28): Solala phezu kwezihlangu thina baShokobezi kwazise ukuthi amabutho amasha ayengavunyelwe ukuphatha izimpahla eziwusizo njengeziphuku zokwembatha, uzwathi lokuphehla umlilo. Sasivunyelwe ukuphatha imiba yokufaka kuyo ukhotho. Amabutho kuphela ayenelungelo lokuthwalelwa ngumdibi izimpahla zawo, kwakungamabutho ayeseke alwa izimpi eziphezulu kwemivo emibili. 244 UMthembu, (1967:30) uphinde akuveze lokhu lapho eveza uDlovunga ekhuluma noyise uMuziwempi emva kwempi kanje: “Uyaphosisa kakhulu ndodana uma ushesha kangaka ukuzidela. Njengebutho lasebaThenjini ufanele ukuzimisela ukukhombisa inkonzo yakho eNkosini yakho uGazi ngokubekezelela noma yiluphi uhlobo lobunzima noma ubuhlungu, ngisho nokufa imbala, ngoba amadlozi ayayithanda indoda efela ehlane ivikela iNkosi yayo, nasekufeni kwayo iba yidlozi elihle” kuchaza insizwa endala. Sivela lapho isaga esithi: Ithi (impi) ingahamba, idle udaka. Isuke igcwalisa isisu ukuze ikwazi ukubhekana nezitha. Kokunye ize incwele izihlangu qede iququde noma yose uma sekunzima kodwa isuke iphokophelele ukuyonqoba izitha ejutshelwe ukuba iyozinqoba. Ibe ilokhu ithe nje: Akashongo njalo okaNdaba! Uyobuyelaphi? Lokhu kokuthi bashaywe zasekwaluseni bafundiselwa uma bephahluke emakhaya ngezimfihlo ukuba nesifuba ngoba ngelinye ilanga bazophathiswa izimfihlo zesizwe nezakoMkhulu uma sebeyizinhloli, izinceku, izinsila, ogqayinyanga noma izinduna. Uma uphethe imfihlo yesizwe noma yakoMkhulu, awudli usiphahluka noma ube unomahemuhemu, undaba kazibuzwa sengathi wakhahlelwa yihhashi esifubeni. Futhi-ke indoda ayihambi nje ihefuza ngisho izifuba zebandla sengathi yinina. Namanina akhulumela futhi ayizaliwakazi ngoba angachitha imizi. 245 Indoda ephethe izindaba zakoMkhulu ngeke uyenze lutho uma isithe: Ngiphethe isifuba sakoMkhulu. Iyoze iyoziphefumula kumniniso okuyiSilo samaBandla onke jikelele. Yuqeqesho olunzulu lolu. Lokhu kufakazelwa uMhlongo, (1991:1) lapho eveze induna yaseLangeni uMbengi, idliwe unkatho lokuhambisa isifuba kwaZulu kanje: Akwenzeke langathile indoda yaseLangeni uMbengi ogama lomuzi wakhe kuyiseNguga, aphume aqombole izintaba. Uqombola nje hhayi ngentando yakhe, kepha usedliwe unkatho. Uhamba nje isifuba sakhe singungu, singungubele ezakomkhulu. Lesi sifuba nakanjani kufanele siyobhotshozwa kuphela komkhulu kwaZulu. Ndodandini iyo leyaya iyodundubala phezulu eMthonjeni. Pho umfo waseLangeni yinkulelaphezulu. Akahambi uyanweba nje. Nanguya eyodabula imfunda yoMkhumbane. Nokho abanga leli. Uhoshane lolu seluyabe luyathe luyafingqa, kungafingqeki. ULanga, (1997:20) uyakweseka lokhu: Lo mkhuba wabafana awuthathwa njengokweba ngoba basuke belambile, besemsebenzini wokuqapha imfuyo. Akujwayelekile ukuthi abafana babanjwe uma benza lo mdlalo ngoba bawenza ngobuhlakani. Uma kwenzekile ngeshwa nomninimpahla, angeke anibeka cala ngoba abafana basuke besemsebenzini omkhulu wokuqapha imfuyo. Abanye noma kwenzeka babona bayacimeza sengathi ababoni. Futhi okukhulu kunakho konke ukuthi isizwe sikaMageba siyaziwa ngokuphana. Lo mdlalo ufundisa abafana ukucophelela uma benza izinto ngoba uma bengacopheleli bengabuya inqina kaMabuyaze uma beyoqhwagela ngoba 246 bengabhadanywanga umnininsimu. Kuyabasiza futhi abafana ukwazi izikhathi zonyaka lapho izitshalo ezithile zitholakala ngazo. 5.8 Iqanda lenjelwane Iqanda lenjelwane womunye wemidlalo ekhonzwe kakhulu abafana ekwaluseni. UNyembezi, (1992:209) uwuchaza kanje lo mdlalo: Into ethukuswe lapho kucushwe khona noma indle efulelwe ngenhlabathi etatshiswa ongaqikeleli. Ngenkathi izinkomo zisaklabile abafana bachitha isizungu ngokudlala imidlalo njengalo iqanda lenjelwane. Lo mdlalo udlalwa ngokuthi umfana ambe umgojana bese egqiba into ethize enyanyisayo ebese eyenga omunye ukuthi kukhona okuthile okuhle okugqitshiwe. Kuyagqitshwa umnenke, ixoxo elifile kodwa okujwayelekile kakhulu kuba yindle noma itshe lentaba. Umgqibi ulalisa ulimi ngenkathi ekhuluma, kuthi nalowo ozocinga akholwe ukuthi kugqitshwe into enhle. Uzoya emagange eyobheka, afike ahlangabezane nembibizane, athole into enyanyisayo njengalo itshe lentaba. Uzothi engakutapa lokho okugqitshiwe, bamhleke bonke abanye abafana. Umtapi lapho uba ulwandle emva kokuyengwa, mhlawumbe agcine esezifikele mathupha kulowo obemyenga. Bazolamula abanye abafana mhlawumbe agcine esebohlile lowo otapile noma kwenye inkathi bagcine sebedumelene, baphundlane ngezinswazi. UNgema, (2007) uphawula kanje ngalo mkhutshana: Umfana ohlakaniphile akakuvumeli ukucasulwa abanye. Umane naye ahleke inhlinini bese naye esonga ngaphakathi ukuthi naye uyoze abathole abangakawazi lo mdlalo. 247 Lo mdlalo imvamisa bawenza kumuntu ababona ukuthi akawazi njengabafanyana abaqala ukwelusa noma iminqolo lena engezi njalo ekwaluseni. Abafana abakade baqala ukwelusa angeke ubalokothe ngalo mdlalo ngoba sebeyawazi. Kuyenzeka ukuthi nabo omakade bebona balutheke ngenxa yokukhohlwa noma kwenye inkathi ngoba lowo ogqibile enekhono lokukhuluma nomuntu akholwe. Inhloso yalo mdlalo kusuke kuwukubona indlela umuntu aziphatha ngayo uma ephakathi kwabantu. Ngamanye amazwi indlela yokufunda incwadi evaliwe engumuntu. Okwesibili ukufunda ikhono lokukhuluma, kuthi uma ubeka into, umuntu akukholwe. Esinye isifundo esitholakala kulo mdlalo esokuqikelela ukuthi uma utshelwa into wumuntu, ungabi uthathekile kodwa into uyicubungulisise ngaphambi kokuyenza. Lokho ukunciphisa onhliziyo ezingaphandle, abahlale belobizela, belabelabela okungesikhona okwabo noma into esekude kunawe ngokobudala kuze kuthiwe, ubude abuphangwa. Umfana uyaqeqeshwa ukuthi umdaka awuphangwa ngoba ziseza izimvula zehlobo nezokulima. Ngakho-ke linda ithuba lakho elifanele, lizofika. Ungabi ulobilobi noma unwayinwayi. 5.9 Ukuciba insema Ukuciba insema ngomunye wemidlalo okhonzwe kakhulu ngabafana ekwaluseni. Into edala ukuthi lo mdlalo ube nesasasa elikhulu kubafana wukuthi kunekhono elifundwayo elidingwa kakhulu ngabafana, lelo khono elokuciba. Lokhu kufakazelwa uNyembezi noNxumalo, (1966:27): Lona ngumdlalo owawunesasasa elimangalisayo kwaZulu. Kusobala ukuthi okwakwenza lokho yingoba lo mdlalo wawufundisa abafana ukugwaza nokuciba bashaye khona. 248 UNyembezi, (1992:365) uyichaza kanje insema: Insema isimila okudliwa imiqumbe yaso okuthela ngaphansi kugingqwa ngabafana bezifundisa ukuciba izinyamazane. ULanga, (1997:7) uyichaza kanje: Insema ngumuthi otholakala kakhulu ezinkangala ehlobo. Ebusika amakhasi ayo ayasha, ingabonakali. Insema isithombo okudliwa imiqumbe yaso. Imiqumbe lena izimbali ezingavuleki. Okuthela ngaphansi kwaleso sithombo kudlala abafana befunda ngakho ukuciba izinyamazane. Uma kubhekwa lezi zincazelo ezingenhla, insema ingachazwa njengesitshalo esisabhatata noma esisadumbe noma esisazambane. UNyembezi, (1992:61) ubeka kanje ngokuciba: Ukuciba ukujikijela ngento ecijile ngenhloso yokugwaza. Lo mdlalo udlalwa ngokuthi abafana basimbe lesi sigaxa bese befuna indawo engumthezuka noma engummango bephethe izindukwana ezicijwe okuzocitshwa ngazo insema. izinkande. Izinkande Imvamisa izinkande zakhiwa ngomuthi wesiphampatho. Uma sebefikile kuleyo nkundla abafana, bama uhele noma uqhiwu. Babe sebekhetha umfanyana oyedwa ozosiza ekuphonseni insema ngenhla. Lowo msebenzana ubizwa ngokuthi ukwediya. Umfana wokuqala uma ngezansi kuthiwa uma ethukwini. Labo abame lapho basuke bebhekwe isambane ngoba basuke beme endaweni ebhedayo, engafuna muntu ngoba kuchaza ukuthi uyisahluleki, awukwazi ukunemba. 249 USibisi, (2003) uyichaza kanje le ndawo: Ethukwini indawo ephansi ngendlela eyinqaba. Umfana omi lapho kufana nokuthi udla amathuku isibungu exhibeni emqubeni. Ngakho-ke naye uyefana nomquba. Ungumquba. ULanga, (1997:7) ulichaza kanje ithuku: Ithuku isibungu sasemqubeni, isibungu ebuchosheni bemvu noma izindlu ezingasesangweni emzini wesiNtu, zabantu abazitholwa. ULamula, (1963:20) uyakufakazela lokhu: Bekuqala ngoba abafana bafune indawo ewumqethuka. Kuthi-ke ingafunyanwa, kuhlelwe ukuma kwabafana, benze uhele olubheke ezansi: umfana ogcina enhla, kuthiwe umi edala: ogcina ezansi kuthiwe usethukwini- indawo embi-ke leyo, kushiwo nokushiwo ukuthi udla amathuku. Hayi-ke kakushiwo lutho ngabo bonke abaphakathi kohla kusuka edala kuye emathukwini. Phela edala kusebukhosini. Yilapho bonke belwela ukufinyelela khona. Insema izakwediwa ngumfana okhethelwe lokho. Bonke-laba abemi uqhiwu, baphethe izinkande – izinkanji – zokuciba lapho yehla ngejubane iqonde ezansi ethukwini: kuthi-ke oyihlaba kuqala aye ngenhla kwalowo obemi ngezansi kwakhe. Kube yikho lokho njalo. Akekho noyedwa umfana othanda ukuba kuleyo ndawo. Umfana wokwediya usezoyiphonsa insema bonke abafana sebemi ngomumo nezinkande zabo. Yilowo kufuneka ayicibe ngenkathi idlula kuyena ngenkande. Kufuneka kukhumbuleke ukuthi nsema ndini awutotobi nje, uhamba ngesivinini, okuzodingeka ukuthi nabafana babe nekhono lokunemba. Oyinembile ngaphambi kokuba ifike esigcawini usehlabene, usezonyuka ame ngemuva kwalowo obe ngenhla. Le ndawo engenhla kuthiwa kusedala noma 250 ebukhosini futhi iyona ndawo ebabelwe uwonkewonke. Isigcawu lesi indawo lapho kuhlatshelwa khona insema. Uzoqhubeka-ke umshikashika lowo beyihlaba insema, kuthi lowo obenenhlanhla yokuyihlaba aze adundubale edala, ubuye abuyele ezansi ethukwini, azame khona ukukhuphuka njalo. Kukhona-ke abayihlaba baphumelele edala, njalo labo babizwa ngokuthi izinkunzi zayo. ULanga, (1997:8) usibeka kanje isizathu esidala ukuthi babizwe ngezinkunzi: Babizwa ngezinkunzi zayo ngoba benqobile bekhombise ikhono lokuba yizingcweti zokuyiciba. Kuyenzeka ukuthi kubekhona abahlale bebuyela ethukwini njalo, abanye babo bagcina ngokuhoxa sebesaba ukuhlekwa. Abanye abalilahli ithemba ngoba bayazi ukuthi kukhona abazokuzuza uma bebekezela. Osedala naye akafuni ukunyakaziswa, ufuna ukuthi ahlale elapho njalo ngakho uhlale efinqile. Isaga esithi: “Insema isimi ngokhande” naso savela ngenxa yalo mdlalo. Lesi saga sichaza ukuthi “Ubuqili bakhe sebuvele obala.” Ngaphandle kwalokho kunomqondo wokuthi umuntu usephelelwe ngamaqhinga. Abanye baze banezele ngokuthi “Insema isimi ngokhande etsheni.” Uma lo mdlalo usuphelile, abafana bayaye bayithathe insema leyo esele benze ngayo imisebenzi yezandla. Bayaye benze abantu, izinqola, amasondo kanye nezilwanyana. Konke lokhu kubafundisa ukonga ngokuthi ayikho into yokulahlwa nje esenokusebenza yenze okuthile. Inhloso enkulu yalo mdlalo kusuke kuwukufundisa abafana ikhono lokunemba okuyikhono azolidinga kakhulu empilweni yakhe njengasezimpini njengoba kuliwa nje. Kuphindwe kufundise nekhono lobuchwepheshe emsebenzini wezandla. Baphinde bafunde nekhono lokubekezela ukuthi umuntu ugcine esephezulu uma ebekezela. Okunye abakufundayo ukubamba iqhaza emncintiswaneni, babekezele. 251 5.10 Ukudlala emanzini Ehlobo ilanga lisuke likhipha umkhovu etsheni ngakho-ke kungalesi sikhathi lapho abafana bethokozela kakhulu imidlalo yasemanzini. Ebusika nakhona abafana bayadlala emanzini kodwa isasasa alibi likhulu njengasehlobo. UMsimang, (1975:170) uphawula kanje ngalo mdlalo: Ngesikhathi sasehlobo, lapho lingasashisi selikhipha inhlanzi emanzini, abafana babezipholisa ngokubhukuda. Le midlalo yasemanzini ayidlalwa noma kusiphi isiziba kodwa abafana bayaye bafune iziziba ezinkulu futhi ezijulile. Ngenxa yolwazi abanalo lwezemvelo abafana abamane bagxambukele noma kusiphi isiziba kodwa bayaqaphela ukuthi bengangeni kulezo ezinobungozi ezinezinyoka, izingwenya namadwi ayingozi. Miningi imidlalo edlalwa abafana uma belusile. Kukhona ukushaya idadamu, ukubhukuda, ukutshuza, ukudlala izingwenya nokushaya intiki. 5.10.1 Ukubhukuda Elinye igama elisho ukubhukuda ukuhlamba. Ukuhlamba lokhu ukuthi abafana bekwazi ukuntanta phezu kwamanzi bengacwili besebenzisa izandla nezinyawo ukugwedla. Ukubhukuda noma ukuhlamba singakuthatha njengeqophelo lokuqala emidlalweni yamanzi ngoba eminye imidlalo yasemanzini angeke ukwazi ukuyenza uma ungalazi leli zinga. Ngenkathi bebhukuda bayaye badlale umqhudelwano wokuthi ngubani ozokhathala kuqala. Bayaye baziklamele ibanga abazolihlamba ukuze kubonakale ozodla umhlanganiso. Uma usuzoqala lo mqhudelwano, abafana kwenye inkathi bama ngaphandle komfula, kubekhona oyedwa ozobabalela. Uyothi engabala afike esibalweni esithile, basukise okwenhlamvu yesibhamu 252 sebezoyiphonsa emanzini. Kuba ukhethukhethi yilowo efuna ukudla ubhedu. Bazoya ngokukhathala abanye kuze kubekhona onqobayo. Lowo onqobayo ubizwa ngongoti kulesi sigaba sokubhukuda. ULanga, ((1997:15) ubeka kanje ngalo mqhudelwano: Kuthi lapho bebhukuda badlale umqhudelwano wokuthi ngubani ozokhathala kuqala. Kuyaye kunqunyelwane ibanga okufanele umuntu alihlambe. Umuntu uyahlamba-ke eya ebuya. Kuyabalwa-ke ukuthi uze wahlamba ehamba leli banga kangaki ngaphambi kokuba athi usekhathele. Kulokhu kuqhudelana kwabo emanzini, yilapho kuvela khona amakhono okuhlamba. Kutholakale ompetha, ongoti bezinhlambi. Leli bizomuntu inhlambi lisuselwa esenzweni hlamba. Kwenye inkathi umqhudelwano uqala khona phakathi emanzini. Abafana abancane (inkwebane) ayivunyelwa ukubhukuda ezizibeni ezijulile kepha ibhukuda osebeni lomfula lapho kungajulile khona. Abafana abadala bayaye basebenzise yona inkwebane ukuqala lo mqhudelwano, ngaphandle uma kukhona umfana ongabhukudi ngalelo langa ngenxa yezizathu ezithile okungaba ukulimala noma ukuzila. Izimfundamakhwela zona ziyalekelelwa ongoti ngokuthi baziphahle ngapha nangapha baziqaphe ukuthi zingaminzi zize zijwayele. Enye indlela yokufundisa labo abasafufusayo ukuthi labo ababafundisayo bababambe ngezandla zombili bazihlanganise ziqine. Kuzothi-ke lowo ofundayo alale ngesisu phezu kwezandla zalabo abamfundisayo. Kufanele kuqikelelwe ukuthi izandla zongoti labo ziba ngaphansi kwesisu salowo ofundayo. Lokhu kwenza kwenzelwa ukuthi lowo ofundayo akwazi ukufunda ukugwedla ngezingalo, ngezandla nangezinyawo. 253 5.10.2 Ukutshuza UNyembezi, (1992:519) ukuchaza kanje ukutshuza: Ukudabula emanzini noma emoyeni ngejubane. Le ncazelo kaNyembezi ithanda ukungacacisi kahle ukuthi lolu hlobo lokubhukuda lwenzeka ngaphezu kwamanzi noma ngaphansi kwamanzi. Empeleni ukutshuza ukucwilisa umzimba wonke emanzini, ubambe umoya ungaphefumuli, uhambe ngaphansi kwamanzi leso sikhathi okwazi ukubamba ngaso umoya uze uphumele kwenye indawo usahamba phansi kwawo amanzi nalapho uqala khona ukuphefumula. Lo mdlalo uthanda ukuba yingozi ngoba kuyenzeka omunye atshuze kanti ikhono lokuhlamba akanalo, azithole esephumela emajukujukwini esiziba bese ehluleka ukubuya noma aphefumule kabi amanzi angene ngomlomo ancisheke umoya. Kodwa-ke ngenxa yobungoti abanabo abafana, basheshe babone abafana bese bephuthuma beyomtakula. Lo mdlalo udlalwa sakuqhudelana ngoba bayabalelwa bese beqala ukucwila, kuthi lowo okwaze ukucwila watshuza ibanga elide ngaphandle kokuvela ngaphezulu kube uyena onqobayo. Ikhona imigomo ebekwayo mayelana nezokuphepha. Izimfundamakhwela ziyayalwa ukuthi uma zihlangabezana nenkinga yokugwiliza emanzini azophakamisa izandla noma zimemeze ukuze zikwazi ukuthola usizo ngokushesha. Lokhu kwesekelwa uLanga, (1997:16): Uma kukhona ogwilizayo noma ominzayo labo abazingcweti zokuhlamba nokutshuza baphuthuma kuye bamtakule. Osenkingeni yokuminza ubonakala ngokuphakamisa izandla aziyaluzise amemeze uma indlela isekhona yokwenzenjalo. Uma eseze wacwila ubonakala ngokuthi ede eshona evumbuluka kungesikho ukuthi lokho 254 kwenzeka njengomkhuba nokutshuza. Lokhu kuchaza khona ukuthi wokuhlamba indlela yokuhlangula yesimanje yaseNtshonalanga ithekelwe kuyona lena yakwaZulu. Ongoti uma sebebona isimo sinjalo abananazi, bagxuma baziphonse ngalapho kwenzeka khona umonakalo bese betakula lowo ogwilizayo, bemphahle ngapha nangapha baze bayophuma naye osebeni lomfula. Uma ebesegwilize waze waphuza amanzi, bayamkhipha ngokuthi bamlalise ngomhlane bese bemgwedla ezinyaweni becindezela isisu. Amanzi lapho aphuma eziqhashela. Kokunye bamshaya ngesihlabathi esiswini, belokhu bemcindezela ngenhloso yokumkhipha onke amanzi abesegcwele esiswini. 5.10.3 Ukushaya intiki Omunye umdlalo wasemanzini othandwa ngabafana ekwaluseni yilowo wokushaya intiki. UMakhathini, (2003) uyichaza kanje intiki: Intiki noma intshiki ukubhukuda emanzini kodwa ube ulele ngomhlane. Lo mdlalo nawo bawudlala ngokuqhudelana. Kunqunyelwane ibanga elithize okuzobhukudwa kulona belele ngomhlane. Kuzothi lowo ofike kuqala kube uyena odla umhlanganiso. Nakhona lapha kuyenzeka ukuthi kubekhona ogwilizayo. Ongoti bahlale bekhona ukutakula labo abasenkingeni. Iqiniso elimqoka ukuthi nawo lo mdlalo udlalwa ngokugwedla ngezandla nezinyawo. Umahluko ukuthi kuwona umuntu usuke elele ebheke phezulu. Kufanele kube nokuxhumana nokuhambisana okuthile phakathi kokugwedla kwezandla nezinyawo ukuze umbhukudi angacwili noma azike. 255 5.10.4 Ukulwa emanzini Omunye umdlalo ovamise ukudlalwa abafana yilowo wokulwa emanzini. Kulo mdlalo abafana bazishaya sampi ngokuthi beqembukelane kabili. Yilelo nalelo qembu lizetha igama lebutho elithize. njengesikhali. Basebenzisa udongwe Kwenye inkathi baluphonsa ngezandla, kwenye inkathi baluchome othini bese bejikijelana. UNyembezi noNxumalo, (1966:29) bayakweseka lokhu: Umdlalo ovamisile futhi ukulwa ngodongwe emanzini kuqenjukwe amaqembu amabili kuthiwe ngamabutho empi. Kujikijelwana ngodongwe, kube ubuchaphachapha emzimbeni, ize idwenguke-ke enye. Ngenkathi sekuliwa abanye bayajikijela bese becwila emanzini. Ukucwila emanzini kungenye yezindlela zokuvika. Elinye iqembu liyaye libacuthele labo abayizitha zalo bethi memfu, babanembe. Kushaywana baze babe manaphanapha udongwe kuze kubekhona abagoba uphondo, babaleke baphumele ngaphandle kwesiziba. Kuyenzeka lo mdlalo ube nobungozi ngoba kuyenzeka omunye bamnembe esweni. Noma kunjalo, akekho obekwa icala ngoba kusuke kudlalwa. Lo mdlalo uqeqesha abafana amakhono okubamba impi. Ubafundisa ukunemba, ukuvika, isibindi namaqhinga okuhlasela ngoba akwaziwa ukuthi impi ngempela iyobambana endaweni enjani. Kokunye impi ibambana endaweni eyugwadule noma eyinkangala njengeyaseSandlwana nje. Kepha kukhona izimpi ezifana neyaseNcome neyaseNdondakusuka lapho yabambana khona phezu kwemifula iNcome noma uThukela. Kulapho kwakudingeka khona-ke la makhono okulwa exhaphozini nemifula igola izintethe. 256 5.10.5 Umdlalo wezingwenya Omunye umdlalo wasemanzini okhonzwe ngabafana yilowo wokudlala izingwenya. Ingwenya iyaziwa ukuthi isilwane esiyingozi esingababheki abantu emanzini. Uma silambile, siyacutha emfuleni lowo singabonakali. Kwenye inkathi umuntu engabona ugodo luzintantela emanzini kanti sekunguyena umthakathi wezindaba. Kwenye inkathi acuthe osebeni lomfula lapho kukhona utshani ukuze sizifanise nabo. Siyothi singanakile isitha, ivele ithi memfu, ikhale yemuke naso. Akekho othanda ukubhukuda esizibeni esinezingwenya. Lo mdlalo udlalwa ngokuthi abafana babenamaqembu amabili. Kubakhona iqembu elizoba izingwenya, kubekhona elizoba ngabantu. Sekuzothi-ke leli elezingwenya lijahe leli labantu ngenkathi kubhukudwa. Leli labantu lizothi galo yephuka, libalekela izingwenya. Ngenxa yokuthi abanye abanalo ikhono lokubhukuda, izingwenya ziyababamba laba abangabantu bese bebadonsela phansi emanzini, bagwilize kwenye inkathi. Kulo mdlalo umuntu usindiswa izikhwepha ukuze engacwiliswa emanzini. UNyembezi noNxumalo, (1966:29) bakuseka kanje lokhu: Omunye umdlalo okhona ngowezingwenya. Kuba khona idlanzi labantu ababizwa ngokuthi izingwenya. Kuthi-ke uma kubhukushwa bona babambe abanye abehluleka ukubaleka bebacwilisa emanzini baze bagwilize. Lo mdlalo unobungozi ngoba uma kungaqasheliwe, umuntu engaphangalala kudlalwa. Noma kunjalo lo mdlalo ufundisa abafana amakhono okuzivikela uma bebhekene nesimo esibucayi emanzini, ikakhulukazi uma bebhekene nazo izingwenya ngoba abafana abahlukani namanzi. Uma udlalwa lo mdlalo, lowo osebanjiwe yizingwenya uyacwiliswa qede bese kuthiwa useyingwenya. Babe belokhu bebanjwa ngamunye ngamunye lize liphele leli qembu labantu. Emva kwalokho sebezoshintshana. 257 Abakade beyizingwenya babe ngabantu, abakade bengabantu babe yizingwenya. Kuqhutshekwe nokubanjwana nokuvika izimo lezo ezibucayi zokuvika izingwenya noma uphunyuke sezikubambile kodwa zingakakucwilisi. Kufuneka zize zikucwilise kuqala kuyima uphenduka uba yingwenya. 5.10.6 Ukushaya idadamu Ukushaya idadamu yilona gxathu lokuqala umfana afundiswa ngalo ukubhukuda. amanzi Idadamu indlela yokubhukuda lapho umuntu eshaya khona ewasaphaza ephambanisa izinyawo kodwa ebe ezilekelela ngokugwedla ngezandla. USibisi, (2006) uphawula kanje ngalo mdlalo: Kulo mdlalo lincane kakhulu ikhono elidingekayo uma uzowenza. Isizathu salokho siya ngokuthi iyiphi indlela engcono yokuya phambili. Umbhukudi umane awasaphaze amanzi kwenye inkathi ngenhloso yokuxhopha aqhudelana nabo. Abafana bayaqhudelana ngokushaya idadamu. abazoqhudelana ngawo. Bayaye baklame umgomo Mhlawumbe bengaklama ukuthi basuke osebeni lwesiziba baye kolunye usebe kanduba bayeke. Lapho ozodla umhlanganiso yilowo ozophuma phambili, ashiye abanye behefuzela, sebephelelwa umoya. Ngenkathi beqhudelana wena osuke ungemuva usuke uvelelwe ngoba ugcina ungasayiboni indlela kahle ngoba laba abaphambili basaphaza amanzi aqhashe kube njeya ngamasibomu ukuze nihlehle ningabalandeli eduze bese bephumelela. Lo mdlalo ufundisa abafana ukukwazi ukuhlamba emanzini futhi bakwazi nokuwela emfuleni noma ngabe udla izindwani. Yize abafana beqeqeshwa ngezindlela eziningi zokuzivikela uma bebhekene nezinkinga emanzini kodwa kubakhona abafayo. Cishe nesaga esithi: “Inhlambi ifela emanzini” sadabuka kanjalo ngoba noma kunjani abafana bayawathanda amanzi baze banqotshwe ukufa. Le midlalo yasemanzini iqinisa imizimba yabo, ibafundisa namaqhinga 258 okushesha baphulukundlele uma bebhekene nenkinga. Okukhulu kunakho konke ukuthi abafana abafuni ukuthi kuthiwe kukhona isiziba abasesabayo noma esibehlulayo ukunqamula kabili beze beyophuma ngaphesheya noma sisikhulu, sibanzi kangakanani. Noma kuthiwa sinesilwane njengenyoka, basithanda kabi baze badele ngokuba kubekhona okwenzekayo. Bona uma sebefikile phezu kwesiziba, befuna ukubhukuda, bafaza inhlabathi phakathi bathi: Akuphume konke okulapha sekuzongena thina! Emva kwalokho basho phakathi. Okunye bayokubona emva kwendaba noma komonakalo. 5.11 Ukuzingela Ukuzingela ngumdlalo obaluleke kakhulu ebafaneni. Isizathu salokho ukuthi lo mdlalo uyabasiza kakhulu ukweseka insika uma isithanda ukuwa ngenkathi besalusile. Lokhu kufakazelwa uMhlongo, (1991:2) lapho eveza khona indoda yaseLangeni, uMbengi edliwa unkatho lokuyobhoboza isifuba seNkosi kwaZulu esezithela phezu kwabafana belusile kanje: Aphendle ngenswani yakhe uMbengi, athubeleze aqonde phambili. Uma ethi thushu kwelinye iwathanga abone imihlambi yezinkomo emihle. “Habo, ngoNjomane yini .....,” engenakuphendulwa muntu. “..... nakhu okungabafana. Kwenzenjani? Abanye basengamabhoxongwane kanti abanye sebeqatha. Sebengayibamba odibini!” Ukhuluma yedwa njena. Akhe imikhala, asinge njengoba ebukela kude nje. Abone bebheke phansi behlangene ngamakhanda wena owabona iviyo lezintuthwane zididinga inyamazane esezihlabene ngayo. Kosiwa inyama lapha. Kuyacaca ukuthi zinyiwe ubhekle wazishiya. Abone ukuthi uyobe wephuzile umfo waseLangeni. Anikele esekhilikithela. Usondela khona useyasho ngengila: “Ayihhashi mabongwendlini.” Lumphendule kuchwaze nje: “Ngena wethu .... ungene 259 uphelele!” Asondele esekhasazela. Ha, kanti kukhona ukudla okwedlula inyama? Ngenkathi besalusile abafana bayaye bagawule imithi, babaze izinkezo, izingqoko, amaphini, izilwane ezinhlobonhlobo, izinduku kanye nezagila. KwaZulu akekho umfana noma owesilisa ohamba elengise izandla engaphethe nduku ngoba induku yisona sikhali sakhe azivikela ngaso nxa ehlaselwa abanye abafana, izigilamkhuba noma nje ashaye ngayo inyoka uma ethuka eyilamela. UMsimang, (1975:152) uyakweseka lokhu: Khona belu ekwaluseni abafana babefunda ngamagama nemisebenzi yezinhlobonhlobo zemithi yehlathi. Imithi eyabe isemqoka kakhulu empilweni yobufana ngeyezinduku. Phela induku nobhoko nesagila yizona zikhali zokuqala eziphathwa ngumfana azivikele ngazo uma ehlaselwa ngabanye noma esukelwa inyoka. Yizona futhi elusa ngazo nanqanda ngazo ontanga ukuze bangazichachazeli nje. Uma kunjalo, kufuneka ayazi imithi yezinduku engephuki kalula, nenomongo omncane hhayi ubhongabhonga nje. Ngenxa yolwazi olunzulu abafana abaluthola ekwaluseni bayayazi imithi eyenza izinduku eziqinile njengempahla, inama, isiphampatho, umhlwathi, inqayi, icibo, umnqumo, igqeba neminye. Ngalesi sikhathi besalusile abafana bagawula izinduku nezagila. Izagila ziyehluka, kubakhona lezo zokuhloba bese kubakhona lezo zokuzingela. Ezokuzingela azinabo ubuciko ngoba kugawulwa lapho kuhlangana khona amagatsha kusale iqhuzwana elingaba isagila. UDludla, (2003) ubeka kanje ngalezi zagila: Izagila zokuzingela inhloso yazo kusuke kungezokuphonsa noma ukujikijela ngakhoke akudingeke bunyoninco ngenkathi zigawulwa ngoba kuyenzeka ngenkathi 260 umzingeli ejikijela silahleke. Ozingelayo uphatha zibe ziningi ukubhekana nalesi simo. Okunye okudingeka kakhulu uma kuzingelwa nokuwumgogodla wokuzingela izinja. Ayikho neyodwa inqina engaphuma ngaphandle kwazo, ngakho awukho umuzi lapha kwelikaMthaniya ongayifuyile inja. Inja yilona sotsha lomuzi. Igada izihambi, ibikele umninimuzi ngazo naphakathi kwamabili abakhunkuli babikwa yiyo, uyizwe noma isibakhonkotha. Nemimoya emibi inja iyakwazi ukuyihogela. Ngakho inja iyanakekelwa kusukela izelwe. Uma izelwe isewumdlwane, iphiwa umlaza namasi avutshwe ngezinkobe. Kufanele uma isakhula kuqashelwe ukuthi ikhishwa umnqantula, oyisibungu esimila ngaphansi kolimi esivimba ukuthi inja ingakuthandi ukudla. Lesi sibungu sikhishwa ngeva. UMakhathini, (2003) uphawula kanje ngokukhipha umnqantula: Kuyisihluku esingechazwe ukukhipha umnqantula ngento ebukhali njengensingo noma okucishe kufane nakho ngoba umdlwane usuke wophe kakhulu kwenye inkathi ugcine ngokufa. Iva yilona elingumakhonya ekwenzeni lo msebenzi. Umdlwane udinga ukunakekelwa uma usandakuzalwa ngokuthi uxukuzwe isisu ukuze ungabi mapaklaza futhi usuthe. Lokhu kwenziwa ngokuthi ubanjwe ngezinyawo ezingemuva ubhekiswe phansi bese uyaxukuzwa. Nokho kufanele kukhunjulwe ukuthi lesi senzo asimnandi ngakho umdlwane uyakhala kakhulu ngenkathi kwenziwa lo mkhuba. Oyixukuzayo kufanele engenzi mawala. Noma inja isidla, idinga ukunakekelwa. Iphiwa amathambo nenyama engatheni uma kuhlatshiwe, ihlomule kakhudlwana uma ibambile ngoba inikezwa amathumbu, amanqina namathambo enyamazane. Lokhu kwenzelwa ukuthi ibone ukuthi uma ibambile nayo izothola, igcine isikuthanda ukuzingela. 261 Kubalulekile ukuthi inja inakekelwe ngokuya ethunjini. Uma inja ingayitholi impatho efanele nayo igcina isiguqula indlela yokuziphatha. Isaga esithi: “Ithi ingalamba iphenduk‟ inkentshane” sikubeka ngokusobala ukuthi uma inja inganakekelwa, ingaphenduka isitha ekhaya, iqhobozele imfuyo. UNyembezi, (1954:188) uyakweseka lokhu: A dog will not interfere with domesticated animals like goats, sheep, etc. which would be its natural food in the wild state. That, however, depends on whether the dog is well fed. If it is not well fed and starves, the drive of hunger causes its wild nature to reassert itself and the dog forgets the artificial barriers set for it. It will wreak havoc even among domesticated animals. Nayo njengemidlwane iphathwa izifo kodwa esithanda ukungayiniki thuba yileso okuthiwa usekela. Inja ephethwe ngokuqhaqhazela, ungathi ingenwa amakhaza. yilesi sifo ibonakala Lilula ikhambi lalesi sifo ngoba umniniyo umane ayisike ingxenye yendlebe yophe, bese iyelulama. UMsimang, (1975:46) ubeka kanje ngalesi sifo: Ezindala zona zihlushwa usekela. Uma uyingene uyibona ngokungenwa amakhaza, ivevezele libalele. Bebesimze bayisike indlebe, kube isiyelashiwe njalo. Inja ekhonzwe kakhulu uma kuzingelwa kuba ichalaha. Ichalaha inja enkulu yenduna. Isizathu salokhu ukuthi linamandla futhi linejubane, liyakwazi ukubhekana nezilwane ezinenkani nejubane njengezinyamazane. Amachalaha futhi akujwayele ukuhlale elwa ebanga zona belu izinjakazi ikakhulukazi ngesikhathi sokukhwelana. Injakazi inja yensikazi esikhulile. ayinawo amandla njengechalaha futhi nejubane layo alilikhulu. uhlobo lwenja olukhonzwe kakhulu ekuzingeleni ibhansi. 262 Injakazi Olunye UNyembezi, (1992:21) ulichaza kanje ibhansi: Inja yokuzingela elukhocosi. Inja iyinja ngokubamba iqhaza elibonakalayo uma kuzingelwa. Inja engazingeli ayithandwa muntu, ibizwa ngamagama angemnandi njengokuthi iwumquba, umqulathi, umgodoyi, umhogwane namanye ahambelana nawo. NesiZulu siyasho ukuthi “Kubamba ezingelayo.” Lokho kususelwa khona ekutheni inja engazingeli ayitholi lutho nomuntu ongazizameli akazuzi lutho. Inja ezingelayo nehlabanayo ekuzingeleni nomniniyo uyahlomula futhi uyaqhilika intokozo. Nesaga esithi: “Inja ibambela umniniyo,” savela kanjalo. UNyembezi, (1954:214) usihumusha ngolimi lwasemzini lesi saga kanje: Inja ibambela umniniyo. (A dog catches [buck] for its owner). Just as the buck caught by a dog when hunting belongs to the owner of the dog, a servant also labours for his master. Abafana abazingeli into etheni kuleli banga futhi nokuzingela kwabo akuhlelelwa njengenqina. Bayaye bakhaphele izinkomo ekhaphelweni, kwenye inkathi bacele abafanyana ukuba baqaphe imfuyo. Noma ukuzingela kwabo kungekhona okweqophelo eliphezulu nabo benza okusemandleni abo futhi baqala nokufundisana belandela imithetho yayo inqina. Bayaqaphela ukuthi uma konke abakuthole ngenkathi bezingela abakudli kodwa baze bakwethule emakhaya noma ngabe kuncane kangakanani. bayababonga abafana banconcoze ukuze babaphe ugqozi. Abadala nabo Bayafunda imithetho ethile yenqina njengokuthi uma kuvuka inyamazane, ayibizwa ngegama ngoba uma kwenzeke njalo, leyo nyamazane ngeke besakwazi ukuyibulala. 263 UNxumalo, (1951:69) uyakweseka lokhu lapho eveza uDodo exoxa noManiki ethi: Lalela uze ubhasobhe-ke. Uma uzwa bethi, „ubonakele‟! Ubuqonda ukuthi sekuvuke isilo, kumpempeza uDodo. Ungezwa futhi bekhala ngokuthi, „Enhla, ezansi, amathole,‟ bese wazi ukuthi sekuvuke izingulube. Usheshe ucinge umuthi ngoba ingulube iyokwedlula nawe. Cha-ke uma uzwa besho „uluthi‟ ubokwazi ukuthi basho insimba. Wabuza uManiki wathi, “Basuke bekuhloniphelani bangakubizi ngamabizo akho?” Kuthiwa uma ukubize wakugangalaza kusuke kucashe kungabe kusabulawa. Uma uke walokotha nje wakubiza ngegama lakho lokho okuhlonishwayo, izinsizwa eziseduze nawe ziyokuphophotha ngezinti zemikhonto zithi, “Suka lesisiphukuphukwana!” Bayafunda futhi nokuthi uma uhlaba inyamazane kufanele uthokoze kunanele namawa, kuzwe bonke ohamba nabo. Lokho kwenzelwa ukuthi noma kwenzekile wayihlaba yangawa inyamazane kodwa nozoyiqedela azi ukuthi ivuswe uwe ngoba phela nakhu uthokozile kwezwakala. Uma ungenzanga njalo, ozoyiqedela unelungelo lokuyiqola, athi ivuswe nguye ngoba engekho omemeze wakhombisa ukuthokoza. Lokhu kufakazelwa uNyembezi, (1951:70) lapho uDodo eyala uManiki ethi: Uma ushaya unogwaja noma uhlaba inyamazane ubothokoza. Umemeze kakhulu kuzwe umuntu wonke. Wayemchazela ethi: “Uyabona njengoba singabalapha eMathunzi nje, umele uyihlabe inyamazane uthokoze ngokuthi, Mamo, Amathunzi ezintaba!” Uyozwa-ke abakini sebenanela ngokuthi; “Thunzi, thunzi.” Noma uyihlabe yamuka, bayiqedela ngaphambili, sekungeyakho ngoba uthokozile kwezwakala. Ukhumbule phela ukuthi lowo okuqedelele inyamazane 264 yakho uzomhlomulela umlenze. uDodo. Kugeceza Uma kuphunywe inqina abantu enihlangana nabo anibabingeleli ngendlela eyejwayelekile futhi anibabuzi nampilo. Kodwa babingelelwa ngokuthi uthi “Ngamehlo enyamazane;” nabo baphendule ngokuthi; “Ngamehlo ayo.” Okuchaza ukuthi babuye behambaze befana nomuntu ongembethe. Lokhu kufakazelwa uNyembezi, (1990:117) lapho echaza lesi saga kanje ngolimi lwasemzini: Baphum‟ inqina kaMabuyaze. (They went on a hunting expedition of Mr Come backempty). The expression centres in the words ukubuya ze, to return empty. When a hunting expedition sets out, the people at home expert to see them return with animals which they have killed. When, therefore a person goes out on a fruitless errand, he is likened unto a hunting expedition which goes out and returns emptyhanded. Noma-ke abafana bengakayiphumi inqina kodwa ngenkathi bezingela besalusile, bayazama ukuziqhelanisa nemikhutshana eyenziwa khona ngoba lokhu kubahlomisela ingomuso lapho nabo sebefike kulo izinga lokuthi nabo bazimbandakanye nayo. Bakhona abafana asebekhule ngokwanele ukuphuma inqina abaselusayo, yibona-ke laba bafana abacobelela abafanyana ulwazi nemigomo yokuzingela. Abafana kuleli zinga bazingela ngokungakwamandla abo. Bazingela izinyoni namabuzi. Amabuzi azingelwa ngokuthi abafana baqembukelane amaqembu amabili. Abanye bazongena emavungwini phakathi esikhotheni beyowathusa, elinye iqembu lisuke seliqaphe ngeso lokhozi emzileni lapho ehamba khona ngezagila nangezinkande. ngawo yingakho kulula Amabuzi phela awawushintshi umzila ahamba ukuwazingela. 265 Ngenkathi besaqembukelene, bahlabelela iculo elisamdlalo kepha libapha umdlandla wokwenza lo msebenzi ngempumelelo. ULanga, (1997:21) ulibeka kanje leli culo: Kuzobe sekuhlatshelelwa kanje: Iqembu 1 Iqembu 2 Iqembu 1 Iqembu 2 : : : : Imbimbi ji! Ha! Idla abantwana Ha! Noma-ke kuhlatshelelwe kuthiwe: Igosa : Abavumayo Igosa : : Abavumayo : Wena yo! Wena yo! Amabuzi Awubheke Ngizokuhlinzel‟ injelane Amabuzi! Bazosho belokhu bephindelela beshaye nehlombe. Ayothi angaqhamuka amabuzi, bawacibe ngezinkande. Lawo ahlatshiwe bayawathatha, bawebule, bawose noma aphekwe. Bayawadla banike nezinja uma bethanda. Ikhono lokuciba balifunda kulo mdlalo okuyilona abazolidinga uma sebezingela beciba izinyamazane. Nekhono lokuhlinza baliqala khona lapha ngenkathi behlinza amabuzi. Izinyoni zona bazicupha ngezihibe, izife nangenomfi. Izihibe zenziwa ngokuthi kwakhiwe imigoga bese kufakwa izinti bese kufakwa nentambo eyisihibe. Maphakathi nezihibe kufakwa incombo noma umgqakazo ukuheha izinyoni. Ziyothi zithi ziyokudla ukudla, ugwibike umgoga, inyoni ibambeke esihisheni. Enye yezindlela zokuzingela izinyoni ukuzicupha ngenomfi. Inomfi inindwa 266 lapho kuvamise ukuhlala khona izinyoni. Ziyothi ziyahlala bese zinamathela unomphela zehluleke ukundiza bese abafana beyazicoboshisa. Enye yezindlela yileyo yokuzicupha ngezife. UNxumalo noNyembezi, (1966:28) babeka kanje ngale ndlela: Kanti lapho zicushwa ngezife kufuneka inhlava, inhlwabusi noma okunye okudliwayo okungahawukelwa yizinyoni. Lokhu kudla kubekwa phakathi nendawo othini oluthintene noluseke itshe ukuze ithi ingathi iyathinta inyoni liwe itshe iciphizeke ife noma ilimale kakhulu. Le ndlela yokucupha yaze yadala isaga esithi: “Itshe limi ngothi Nkombose kababa” ngoba izinyoni zaze zawufunda lo mkhuba wabafana ngokuzicupha kanje sezibona ukuthi nakwaMadala eJuteni alikaze itshe lime ngothi kungonakele lutho. Enye yezindlela eyejwayelekile yileyo yokusebenzisa izindwayimane. UNyembezi (1992:326) uyichaza kanje indwayimane: Into yokushwiba amatshe ngamandla amakhulu noma isidubulo sezinyoni. Le ndlela iyona esingathi ilula kunezinye ngoba uma umfana ekwazi ukunemba, uyazibhuqabhuqa izinyoni. Kodwa nakho akulula ngoba nazo ziyayifunda imikhutshana eyenziwa abafana enenjeje. Kwenye inkathi zithi zingambona umfana ethi ulula indwayimane leyo, zishaye zichithe, ngakho nabafana bayazifihla. Lo mdlalo muhle ngoba uyabasiza abafana ukuthi bazi izilwane ezinhlobonhlobo eziyingozi nezingeyona. Kuphinde kusize abafana ukuthi balazi inxeba uma sekuhlatshwa ngoba befunda khona ekwaluseni. Ikhono lokunemba nelokuciba uhlabe esikhonkosini kufundwa khona lapho ekwaluseni ngenkathi beciba amabuzi ngezinkande nangenkathi beshaya izinyoni ngezindwayimane. Ngenkathi beshaya izinyoni bafunda nezinhlobo 267 zazo izinyoni. Amakhono okuhlinza nawo avuswa khona lapho ngenkathi behlinza amabuzi. Lokhu kufakazelwa uLanga, (1997:22): Bafunda ukuhlinza nokwebula. Abafana laba baye balingise lapho kuhlinzwa, okuyisikhunjana sebuzi baseneke elangeni kuhle okwesenkomo noma esembuzi. 5.12 Ukwelenyoni Lo mdlalo ungomunye okhonzwe kakhulu ekwaluseni. Udlalwa ngokuthi abafana bagibele emithini baze bafike phezulu. Lowo mfana okwazile ukuthi athi chwa yedwa phezulu kunabo bonke njengenyoni ihleli esicongweni sesihlahla uyena odla umhlanganiso. ULanga, (1997:23) uyakweseka lokhu: Kulo mdlalo abafana bagibela ezihlahleni. Lokhu bakwenza ngokuncintisana. Kubhekwa ukuthi ubani ozokwazi ukugibela aze ayofika phezulu kwelenyoni lapho abanye okungenzeka bangakwazi ukufinyelela khona. Lo mdlalo uyingozi uma abafana bephikisana ngokufinyelela egatsheni lokugcina ngoba ayantenga bawe balimale. Lowo ogibele waze wayothi chwa kwelenyoni ube esebuza kwabanye athi: Obuzayo Abaphendulayo Obuzayo Abaphendulayo : : : : Ngikuphi mina? Ukwelenyoni Nina? Siphansi Emva kwalokho ebe esehlabelela athi: Inkosi yakithi Bayithumele ePitoli Ukub‟ iyogada 268 Abant‟ ababoshwayo Wo! Wo-woO! O! OO! Sawubona mntakankehli Sigaxa sikabhatata Ukunombela esihlahleni uyothi chaphasha phezulu akumdlalo womuntu, kudinga osibindigidi. Inhloso enkulu yalo mdlalo ukufundisa abafana isibindi ngoba amagwala awanandawo kwaZulu. Lo mdlalo uphinde ube lusizo kakhulu kubafana lapho bebhekene nezilwane zasendle eziyingozi, bengesenayo indlela yokubaleka bese beqhwakela kuso isihlahla leso. Lokhu kufakazelwa uMthembu, (1967:41) lapho eveza umfo kaMthembu uDlovunga ehlangene nentombi yakwaZondi uDumezweni bese kuthi memfu ingwe ngenkathi bexoxa kanje: “Awu! Ngizoyiphendula kanjani kanye kanye yonke le mibuzo ongibuza yona? Eminye seyize yangikhohla. Yebo, uqinisile nxa uthi ngingowezizwe. NgingowasebaThenjini abakhe ngalapho kuhlangana khona uThukela neMpofana,” kuchaza mina ngephimbo elizothile ukuze ingexwayi neze. Kwathi lapho ngiyibheka emehlweni ukuze ngibone noma kwakusekhona yini ukungesaba, ngayifica isawahlahlile amehlo, kodwa ingawabhekisile kimi kepha igqolozele eyayikubona emuva kwami kwazise ukuthi amehlo yayiweqise phezulu kwehlombe lami langakwesokunxele. Lokho kwangenza ukuba ngiguquke ukuze ngibone lokho okwakuyethusile. Hhawu, nempela ngakhangwa yingwe ingqabithela phansi yehla komunye wemithi eyayibuqamama nalapho sasimi khona. Uvalo olwangishaya lapho ngingelufanise nalutho ngoba ngezwa kuthi mangicele empunzini ukuze ngizisindise kodwa ukufunyanisa intombi seyingenwe uvalo, olwayenza ukuba isimze nje imise okwesiphunzi, kwanginqanda, ngabuye 269 ngafikelwa umbuzo wokuthi: “Khona ngangingathi ngithi galo yephuka, ngangiyobalekelaphi?” Ngasale nje sengizimisela ukufela khona lapho njengeThembu. Abanye abafana kuphinde kubasize lapho bethuke baba izinhloli ngoba izinhloli uzithole sezilenga ezihlahleni, zihogela imimoya futhi zifuna nokusinga kahle. Uma uyinhloli kudingeka ufike nolwazi oluphusile eNkosini ngoba uma kungenjalo, ishoba lingalala amazolo. Lokhu kufakazelwa uMsimang, (1976:80) lapho eveza iNkosi uCetshwayo ecishe ebulala inhloli yakhe ngesikhathi sempi yaseSandlwana kanje: Inhloli yesibili: Ndabezitha! Sibondwe sinye eSandlwana! Yisibhicongo Silo samakhosi. Cetshwayo: Uthini mfokazana ndini? Uthi impi yami isibhicongo. Uyazi ukuthi ungahle ufele khona lokho, Jama! Khuluma mfokazana. Inhloli yesibili: Ndabezitha! Ngiyashweleza wena weqhawe. Ndaba wakoMkhulu, kubi eSandlwana Silo sezwe. USuthu luza luzile, kepha phinde iyenqaba iNkinsimane ishaya icole ngombayimbayi. Ukhandampemvu lusabe luyathe luyakhuphuka Ndaba, baphethe izulu lezandla. 5.13 Ukushaya izinyoni Omunye umdlalo okhonzwe abafana ekwaluseni yilowo wokushaya izinyoni. Kuye kuthi uma kwelusiwe abafana bafuduke bayofuna indawo lapho kujwayele khona izinyoni. Bahamba nje baphethe izagila ngambili noma ngantathu. Bahamba nje abanye bayaklolodelana ukuthi bazohlulana ngenani lezinyoni ezizoshaywa. 270 Lokhu kufakazelwa uLamula, (1962:21): Bekwenzeka ukuba omunye umfana aqoke omunye ukuthi yena uzakumehlula, ashaye eziningi kunaye, noma ayishaye kuqala inyoni kunaye. Lokho-ke kuyenziwa nalapho kuzingelwa izinyamazane. Uma sekufikiwe emphelandaba abafana baqala umqhudelwano wabo sebejikijela izinyoni ngezagila. Uma umfana eyinembile inyoni, ubeka uphawu esagileni sakhe ukuze azi ukuthi sewahlabana kangaki ngaso. ULamula, (1963:21) uphinde akuveze lokhu: Kungumkhuba wabafana ukuba kuthi uma eshaye inyoni ngesagila esithile asiqophe izinga, ukuze ahlale eqonda ukuthi sewashaya izinyoni noma izinyamazane ezingaki. IsiZulu sithi: “Inyoni ishayelwa abakhulu.” Naye-ke umfana uma eqede ukuyishaya inyoni, akayilokothi ayidle kepha idliwa noma unina. Lo mdlalo ube nezingqwele zakhona ezaziwayo ukuthi isagila asintazi nomoya kepha sibuya nensonyama. Ngaphandle kokuthi lo mdlalo uwumdlalo nje wokukhipha isithukuthezi ubuye ube nezimfundiso ezithile. Imfundiso yokuqala ufunda ikhono lokunemba. Okwesibili kungenye yezindlela zokuthiba umashayandawonye. Lokhu kufakazelwa uLamula, (1963:21): Nakho ukushaya izinyoni kungathi kungumdlalwana kubafana, kunjengokuzingela nje kwabadala: yebo kambe kokubili kuyindlela yokufuna ukudla, kodwa khona kuyimidlalo. 271 Ngenkathi bezishaya izinyoni bagcina sebezazi ezingafi kalula njengendlanzi. Baphinde bafunde nezingadliwa abantu abancane njengofukwe ngoba kunenkolelo yokuthi uma uwudlile uyakhohlwa. Bayazazi izinyoni zamakhosi njengamagwalagwala. Abatolikelwa ukwazi izinyoni zabathakathi othekwane nezikhova. 5.14 Isiphetho Kuyacaca ukuthi ngaphandle kokuchitha isizungu imidlalo edlalwa abafana ekwaluseni ineqhaza elikhulu eliyibambayo ekuthuthukiseni ingqondo yomfana kanye nokuqinisa umzimba womfana. kungokunye okulethwa yile midlalo. Isibindi nenhlonipho Imidlalo efana nokuciba insema, ukuqwagela, iqanda lenjelwane, ukushaya izinyoni nokuzingela kufundisa umfana ikhono lokuqaphela nokucophelela. nokungcweka iqinisa umfana umzimba. Imidlalo efana nokubhukuda Imidlalo efana nokweqhathana, umdlalo wezingwenya, ukwelenyoni, ukudla iphaphu ufundisa umfana isibindi. Inhlonipho nakhona ifundwa ngokuphelele lapho abafana befundiswa ukuhlonipha izingqwele nabantu abadala. Imidlalo efana nokuzingela, ukushaya izinyoni nokuqwagela kufundisa abafana izindlela zokuthiba umashayandawonye ngenkathi besehlane belusile. 272 ISAHLUKO SESITHUPHA 6.0 ISIHLAZIYO, IZINCOMO NESIPHETHO 6.1 Ukuhlaziywa kocwaningo Kuleli banga sekuyithuba lokuthi le mbenge ekade ithungwa iphethwe namajoka akade esikinatele athulwe abekwe ethala, zihambe ziyokweluka. Kuzothi ngenkathi ethulwa amajoka kube kubhekwa ukuthi ngenkathi silima akukho yini lapho sinyanyalate khona. Uma kutholakala ukuthi kukhona lapho sishibilike khona, siyobe sesibuyela emuva namageja eseloliwe esecwebezela sesiyohlela kahle amasoyi ngoba neso lixhoshwa libhekile. Ngenkathi silima, sihlakaza amasoyi sibe sihlose ukuthi le nsimu ibukeke ibeyinhle ithandene. Uma kukhona ongathi akaboni ukuthi lolu cwaningo likuveze kwacaca bha ukubaluleka kokwelusa esizweni sikaMthaniya ngabe impela usinisa amahleza. Lolu cwaningo lwenekele izwe lonke ukuthi ukwelusa lokhu akukhona nje ukukhalima izinkomo kepha kuyisikhungo sezinga eliphezulu lapho abafana beqeqeshelwa khona imisebenzi enhlobonhlobo nolwazi oluningi olunzulu abazoludinga empilweni. Umuntu ongumZulu wesilisa ongalusanga usuke efana nomuntu ongaqeqeshiwe emikhakheni eminingi yempilo, kangangoba isikole sesimanje angeke sifaniswe nesikhungo sokwelusa. UNtuli, (2006:3) uyakweseka lokhu lapho ubaba uMbatha (uSosobala) echaza kanje: Mayelana nokukhula kwami, nami ngangelusa njengabo bonke abafana. Ngelusa impela ngoba esikoleni ngavela kancane nje. Ngagcina ebangeni lesithathu, ngakho ukwelusa lokhu. Ngenkathi ngingena esikoleni ngase ngikhulakhulile, 273 ngiseminyakeni eyisishiyagalolunye noma ishumi. Lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi ukwelusa lokhu kuyaqeqeshana ngenxa yempumelelo abanayo empilweni ubaba uMbatha kwezamabhizinisi nakweminye imikhakha kodwa ebe elunguze kangako esikoleni sesimanje. Kuvelile ocwaningweni ukuthi ukunakekela ukukhula komqondo womntwana akufikanga neze nabaseNtshonalanga kepha nathi lapha kwelikaMthaniya kwakukade sakufakela izibuko siqala khona ekwaluseni ngokuthi abafana baluse ngokwamazinga abo kuqashelwe ukukhula kwabo. Abafana bebeqala ekhaya beqaphela izinkukhu, izimbuzi nezimvu bese begogoda ngokwelusa izinkomo. UHillary, (1989:26) ukufakazela kanje lokhu: Young boys are taught how to herd calves, goats and sheep while their older brothers‟ work with cattle. UTyrell, (1983:136) uyakufakazela lokhu lapho lwaseNtshonalanga kanje: In Western society the young person faces an uncomfortable growing-up time. The passage from childhood to maturity often entails a protracted series of encounters between older and younger generations, with the younger fighting for a recognition not easily accorded them by the older. By contrast, initiations in African society are easier on the different age groups, providing a clear set of rules dictating behaviour towards one another. The prospective initiate is removed from society to undergo experiences which separate him or her from society at large, as previously perceived. However this procedure effectively binds the initiate into a specific social group and it is as a member of this group that he or she is not only welcomed back into society, but given 274 eveza uhlangothi an acceptable mode of self-expression and participation. Noma isikole singakhona kodwa imfundiso yaso ayinalo iqhaza elingako njengemfundiso etholakala kubazali ngezindlela eziningana. UNxumalo, (1969:61) uyakweseka lokhu: Abelungu bafika nemfundo kuleli. Imfundo lena yinto entsha impela kuthina. Ngabazali okufanele bafundise izingane zabo, uyise afundise amadodana akhe ngezinkomo, ngokuzingela, ngokulwa nangombuso weNkosi, nokuziphatha ezweni nangamakhambi athize okufanele asetshenziswe asizayo lapho umuntu enomkhuhlane. Unina kufanele afundise amadodakazi akhe ukupheka nakho konke okumayelana nokudla, ukuziphatha kahle nokuzakha. Ucwaningo lubuye lwakucacisa ukubaluleka ngokufundisana amasiko anhlobonhlobo ngenkathi kwelusiwe ngoba amasiko angumgogodla wanoma yisiphi isizwe. Isizwe esingawagcini amasiko sifana ncamashi nesihlahla esingenazo izimpande. Lokhu kufakazelwa uNtuli, (2006:48) lapho eveza ubaba uSosobala ebeka kanje: Kungaba yintokozo kimi ukuthi abantu bakithi bazi ukuthi bangobani, bavelaphi, nokuthi yini inhloso kaMvelingqangi ngabo. Kungaba yisifiso sami sokuthi uZulu nezinye izinhlanga zibambelele emasikweni azo. Kungaba yintokozo kimi ukuthi nathi njengoZulu semukelwe njengabantu abakwaziyo ukwelapha njengabaseNtshonalanga. Kungaba yinjabulo kimi ukuba intsha nayo ifunde, ihlukane nezidakamizwa, udlame kanye nobulelesi. Ngifisela amakhosi akwaZulu aqhubekele phambili neqhaza alibambile lokuthuthukisa 275 imfundo yamasiko esintu. Asikho isakhiwo emhlabeni esingasimama uma sakhele phezu kwezakhiwo ezinamaphutha. Ukudlondlobala kwesizwe sethu kuyoba umphumela wokulandela amasiko. Ukwethembeka nobumbano lwabampisholo, amaNdiya, abeLungu, namaKhalathi kuyosho impumelelo engummangaliso kuwo wonke umuntu, kungabibikho ukuthi bahlangane phezulu, phansi bangamahele. Kulolu cwaningo kuvele obala ukuthi asikho isidalwa esingaphansi komthunzi welanga esingenamelusi futhi esizimele ngoba ekugcineni sonke sinomelusi omkhulu, uMvelinqangi. Lokhu kufakazelwa uZulu, (2005:275) lapho ethi: Indalo yonkana esiyibonayo nesingayiboni ngamehlo enyama, ubukhona bayo besekeleke kuMvelinqangi. Cishe asikho isidalwa esingaqinisa ngokuthi sona sizimele ebukhoneni baso, kepha yileso naleso impilo yaso yencike kwesinye. Ubukhosi nabo bukhona ngokwesekeleka nguMvelinqangi. Ucwaningo lukuvezile ukubaluleka kwalo lonke uhlobo lwemfuyo lapha kwelikaMthaniya ukusukela ezinkukhwini, kwenyuke ngazo izimbuzi nezimvu kuze kuyoshaya phezulu ezinkomeni. Yileso naleso silwane sineqhaza esilibambayo ezimpilweni zomuntu ongumZulu. Uma isimo singavumi kahle ngokwezomnotho ukuthi uhlabe imbuzi ngenhloso yokuxhumana nabangasekho, umuntu uvumelekile ukushweleza ezinyanyeni ngenkukhu. Umphako usuke ungaphelele uma singekho isibhuklabhukla sesikhukhukazi esimise amadolo. Ukubaluleka kwezimvu kwenekwe obala ngokuveza ubumnandi benyama yazo, kuthi izikhumba zazo kwenziwe ngazo iziphuku zokulala nezevatho zabesimame ezisezingeni eliphezulu. kubekwe ezithebeni. Ukubaluleka kwezimbuzi nakho Akekho namunye umuntu ongumZulu ongabonanga ukuthi imbuzi kanye nokuthetha idlozi kufana ncamashi namacala amabili 276 emali angehlukaniswe. Imicimbi eminingi yesintu ayilokothwa yenziwe ngaphandle kokuba kuwe imbuzi. Inkomo ilandela kamuva, imbuzi ikade yahlatshwa. Kuyajabhisa nokho ukuthola oSolwazi abafana noKrige, (1950:189) bephawula kanje: Goats are indeed sacrificed for occasions of lesser importance, or when a man is poor and has no cattle, but for all important sacrifices cattle are always used. Kuphinde kwavela nokuthi ngaphandle kokuthi imfuyo le siyithandela ukusobozela inyama yayo, ubisi, amasi, ukulima ngayo nokunye; ibuye ibe usizo ekwenziweni kwezingubo zokugqoka nezokulala. Lokhu kuphinde kwesekwe uZulu, (2005:14): Izimbuzi kanye nezimvu kwakungabalwa lokhu ngoba kuthiwa akekho owayengazazi ukuthi zingakanani. Izikhumba zezimvu kwakwenziwa ngazo izingubo zabantwana beSilo. Kanti sasifuye nezimbuzi ezazinoboya obude. Izikhumba zalezi zimbuzi kwakwenziwa ngazo izingubo. Kuyavela ocwaningweni ukuthi kwelikaMthaniya indoda yaziwa njengendoda uqobo ngenxa yobuningi bemfuyo enayo esibayeni. Inqubo yaseNtshonalanga umuntu embona izinga akulo ngodanariyu abagqibe emabhange. Noma kunjalo bawukhipha khona emabhange umnotho wabo beyothenga zona izinkomo zoqobo ngoba zibalulekile. Lokhu kufakazelwa uKnight, (1989:3): Cattle played a crucial role in the Zulu scheme of thing not just as a practical asset a source of food and hides – but also means of assessing status and worth. 277 Uma owesilisa enemfuyo eningi, lokho kumnika igunya lokuthi abeke uvo lwakhe ebandla namanye amadoda amlalele. Lo mbono ufakazelwa uNxumalo, (1969:37) kanje: Emva kwesikhathi sengikhulile kwakhanya kwabaningi ukuthi njengomuntu omdala ngase nginolwazi ezintweni eziningi. Babazi ukuthi umuzi wami ngangiwuphethe ngobuqotho, kungekho bubi eduze komuzi wami. Ngisho nenduna yendawo yayikwazi lokho. Kaningi ingicela ukuba ngikhulume ngaphansi komuthi lowo wayo owawuyisigcawu. Baningi abantu ababehlala belalele, abaningi bazemukele bazenze izeluleko zami. Babazi ukuthi owami umuzi ngangiwuphethe ngaphumelela ubuningi bemfuyo kababa kwaphindana kimina. Yebo kwakumahlikwane izinkomo, kwakunezinqudulu, nezinsengwakazi, izigqila nezinyumba. Kwakunezinkunzi, kunezinkabi, kunamajongosi. Kwakunamaguqa, kunamankonyane, kunemimvemve, lapho zibuya ntambama amabele ezinsengwakazi ayethi akahushe phansi. Izingane zami zakhula zondlekile. Kwakunezimvu zisindwa yimisila, kunezimbuzi zikhuluphele zicwazimula, kungenkukhu ngingalazi nami inani lazo, futhi ngingenandaba nalo. Ngenxa yokubaluleka, abanye sebebone kungcono ukuthi imfuyo bayithathe ngozwani. Izigameko zokwebiwa kwemfuyo iyodayiselwa abanezitolo zenyama zithe chithi saka kwelikaPhunga noMageba. Amanye amasela aseze asungula amaqembu asebenza ngokuhleleka. Lokhu kufakazelwa iphephandaba Isolezwe lomhla zi-3 kuMfumfu 2008, ikhasi le-10 lapho libeka kanje: Njengokuhleleka kwamasela ezimoto adume ngamaginsi, kanjalo namasela emfuyo asebenza ngendlela ehlelekile. Ukwebiwa kwemfuyo kwenziwa ngezigaba 278 ezahlukahlukene kusukela kweso kuyintshontsha imfuyo, kuya esigabeni sokuyisusa umaka, kuya kweyokusishushumbisa kuze kufike esigabeni sokuyidayisela lowo ozoyihlinza ayithengisele abathengi basemabhusha. Ukwanda kwalo mkhuba wokuthatha ngozwane kwezinkomo sekuthande ukuba nomthelela ongemuhle ekufuyweni kwezinkomo ngoba abanye sebebona kungcono ukufuya ezinye izilwane zasendle kunezinkomo. Lokhu kufakazelwa iphephandaba Isolezwe langomhla zi-15 kuMfumfu 2007, ikhasi lesi-8 lapho intatheli uPhili Mjoli ebeka kanje: Ukwanda kwamasela eba izinkomo nokushintsha kwesimo somnotho yikho okuholele ekutheni isizwe sakwaGumbi eMkhuze, eNyakatho yekwaZulu Natali, sikhethe ukufuya izilwane kunezinkomo. Izinga lokwebiwa kwezinkomo selenyuke kakhulu kulesi sifundazwe kanti nendawo yethu isiwugwadule, okusenza sabona ukuthi isiqiwu yiso esizosingenisela imali kunezinkomo, kusho uGumbi iNkosi yesizwe. Ucwaningo lukucacisile ukuthi iningi ngendlela eyisimanga imfundiso etholakala ekwaluseni. Kusuke kwelusiwe lapho abafana befundisana imibala yezinkomo. Uye ucabange ukuthi ngabe ukukhuluma ngaphandle kokwazi imibala yezinkomo kwakuzobhimba kanjani. Kwakuyozwakala kanjani uma umuntu ezothemeleza athi: „Inkomo kaGcwabe emnyama ngokuluthuthuva iphinde ibe namabala amhlophe ahamba sengathi abehanguka kodwa abe emhlophe, abe kuwo wonke umzimba ilinyazwe inkosazana.‟ Ngenxa yokwelusa lokhu kusongwa kalula ngegama elilodwa kuthiwe inkomo kaGcwabe ezikhalazemithi. Ngabe babeyocikoza bethini abakhongi uma sebezokokhela umlilo ukuba amagama emibala yezinkomo ayengekho? Ngibona sengathi zaziyoze zibuye 279 inhlazane uma beziphethe zonke, belokhu bezithamunda ngayinye uma zingagoqwa ngemibala. Kwenye inkathi babeyoze bathole nedicane kumninimuzi, belokhu beshwashwatha, bethemeleza into engapheli kungekho inqubekela phambili. Phela ukuphathwa kabuhlungu kwabakhongi kuyinsakavukela lapha kwelikaMthaniya futhi kulisiko. UMsimang, (1975:263) ukweseka kanje lokhu: Kuqala abakhongi laba babephathwa kabi kakhulu. Wawungafunga uthi abafunwa, kumbe benze icala elithile elesabekayo. Babexoshwa kokunye bashaywe nokushaywa. Noma kunjalo bona babengaphindiseli ngoba nakhu phela bamqala emzini wakhe umnumzane lowo, kanti futhi beze ngokuncenga nokucela. Ukuxoshwa nakho babehlala bekulindele, ngakho-ke bengakushayi mkhuba. Umgomo kungukuthi ngelanga elilandelayo bazobuya futhi baze bemukelwe. Bazolokhu bephindile ukumemeza ngendlela leyo abaqala ngayo, bephinda imibala yezinkomo njengoba bayilandelanisa kwasekuqaleni. Namhlanje abakhongi sebexoshwa noma kabili, kodwa kuqala kwakungaze kube kathathu noma kane, bese kuba yikhona umnumzane esethumela umfana ethi abangeniswe abakhongi. Bazonele bafike emnyango welawu lelo abazongeniswa kulo aphinde futhi umkhongi akhuleke. Ukhuleka ngesizotha nangobugagu, phela ukhulekela ukungena emzini womnumzane. Usacela sona isihlobo esihle, esicela ngemibala yakhe emihle. Ngenxa yalokhu masituswe kungaphezwa isikhungo sokwelusa ngokugwema le nkiyankiya. Uma umkhongi eyokwakha ubuhlobo umninimuzi kwenye inkathi uze achazeke uma ezwa umkhongi ezibiza kamnandi ngemibala nolaka luze lwehle, uthole ingane yabantu isithengiswa okwebhayi ngokuchazeka imibala. 280 UMsimang, (1975:262) uyakweseka lokho kanje: Ngithunyiwe baba! Ngithunywe okaThwala! OkaMnyamande kaMalindisa owalindisa udadewabo wathi angadli ububende. Uthi funela neno wena wangenhla. Uthi inja yakhe idle umfuma wakho. Uthe ngize ngimcelele isihlobo esihle uMnyamande. Uthi wokha umlilo ngesithole sakhe esimaqandakawayiba sagqiza ngamanqina amhlophe. Kuthule kuthi du, abuye aphinde futhi umkhongi acele isihlobo esihle esho ukuthi abamthumile bathe inja yabo idle imfuma. Sebeyezwa belu abalapha ekhaya. Aphinde futhi umkhongi: “Nina basekuthini! Ngicela isihlobo esihle ngesithole esimaqandakawayiba esigqize ngamanqina amhlophe. Ngithunywe owasekuthini uthi angimcelele isihlobo esihle ngesithole sakhe esiyimpemvukazi ensizwakazi, uthi ngimcelele isihlobo esihle ngesithole sakhe esinhlamvukazi sasesibajoli ngeshoba. Uthi okasobanibani angimokhele umlilo ngesithole sakhe esinsingizizisuka. Uthi ucela isihlobo esihle ngesithole sakhe esinkonekazi. Uyacela owasekuthini, uthi funela neno ngesithole sakhe esilungakazi. Sengibeka ubhoko lapho wena wasekuthini.” Ulwazi olunzulu lwesimo seZulu abafana balufunda ekwaluseni. Abafana abatolikelwa ngesimo sezulu esinhlobonhlobo. Bayabona uma kuzoba nesishingishane. Uma lizokhipha inhlanzi emanzini, abatshelwa muntu nokuthi emva kwalokho bengalindela umdumo. UNyembezi, (1953:43) uyakweseka lokhu kanje: Ilanga lalingashisi nje, lalikhipha inhlanzi emanzini. Kwakungekho ngisho nomoyana nje ohelezayo. Abafana base belazi ukuthi livame ukuduma emini yantambama. Yikho nje nangaleli langa kwathi noma belibona lihloma abaze bazikhathaza kakhulu. 281 Ingqophasikhathi ayibalulekile ngokungakho kwelikaJama ngoba ucwaningo lukucacisile ukuthi nangaphandle kwayo abafana bayasigcina isikhathi. Abafana bayakwazi ukukhala kwezinkukhu zokuqala, ezesibili kanye nezesithathu. Bayazi ukuthi uma sekukhala ezesibili kufanele bavuke babhekise amabombo ediphini. Bafundisana zonke izinhlobo zezinkanyezi nokubaluleka kwazo, inqonqoyi, indonsa, isicelankobe nezinye bazazi njengoba bezazi. Ucwaningo lukubeke kwacaca bha ukubaluleka kwezihlahla. Owesilisa ongumZulu akalokothi nangengozi ahambe evathazela okwenina engaphathi ngisho nenduku yokushaya inyoka endleleni. Kungalesi sizathu esenza abafana bafunde imithi eqinile okwenziwa ngayo izinduku njengenqayi, iphahla, amasethole, umhlokoshiyane, umhlwathi kanye neminye. Kucacile ocwaningweni ukubaluleka kokuthi umfana abenolwazi olunzulu lolwazi lwezilwane. Lolo lwazi uluthola kalula nangaphandle kwenkokhelo ekwaluseni. Kusuke kwelusiwe lapho abafana befunda khona izilwane ezinhlobonhlobo ezinjengezinyoka nezinyamazane. Bafunda kabanzi ngezinyoka eziyingozi nalezo okuthiwa ngezamadlozi. Bafundisana nezibiba ezikhothwa lapho umuntu eshaywe inyoka ukudambisa ubuthi ngoba ziningi izinyoka eziyingozi njengezindlondlo, umningi, imfezi, ihobosha, izimamba nezinhlwathi. Isolezwe lomhla ka-6 kuNhlangulana 2008, ikhasi lesithathu liyakufakazela lokhu esihlokweni esithi: „Indlondlo ebulale umfanyana ihlalise umphakathi kabuhlungu‟ kanje: Uhlezi lubhojozi umphakathi waseMkhunya eMkhomazi, ogwini oluseNingizimu yakwaZulu Natali, ngenxa yendlondlo okuthiwa yala ukhasha esibulale nemfuyo ngasemfuleni wakule ndawo iNgwaleni. Ngokusho kwamalungu omphakathi, abantu sebecabanga kaningi ngaphambi kokuya kulo mfula ngemuva kokuthi le mamba „enkulukazi‟ ishaye yabulala uSisanda Cele 282 (4) ngesikhathi ehamba namalungu omndeni wakhe bayowasha kulo mfula. Iphephandaba Ilanga langomhlaka-13-15 kuNdasa 2008 ikhasi lokuqala nalo lihaya ingoma efanayo esihlokweni salo esithi: “Ulwazi lwesibhakela, lusindise umfanayana enyokeni enamadevu” kanje: Umphakathi wasoLundi usakhungathekile ngesigameko esenzeke endaweni yaseMbhoshongweni eku-Ward 19, ngempelasonto eyedlule lapho umfanyana wasendaweni ebaxoxele ngempi ayibambe kwaphela ngaphezu kwehora nenyoka emhhumeni (stormwater) wamanzi, owakhiwe ngokhonkolo osuneminyaka engaphezu kweyishumi ukule ndawo. UNkosikhona Manqele (11) usathuka izanya namanje uma elandisa umphakathi ngokumehlele, ngesikhathi eyobhukuda nabangani bakhe kulo mhhume abajwayele ukuzibhukudela kuwona. „Ngahamba nabangani bami, bafike babhukuda. Ngaqala ngangathanda, kodwa kwagcina kuthi mangibhukude. Nami angazi ukuthi yini eyayithi mangibhukude. Abangani bami baphuma ngoba babekade bengenile ngasala ngedwa,‟ kusho uNkosikhona. Uthi esephakathi emanzini unqwamane nenyoka enkulu enamadevu amade, kodwa angebona uboya abeyinyama, isho ngamazinyo amakhulu acijile, kodwa inomsila ofana nowenhlanzi. Isakhamuzi sakule ndawo, uMnumzane Fihlokwakhe Biyela (53), ephawula ngalokhu uthe: “Igama lale nyoka kuthiwa ngumningi, itholakala emachibini. Uma ike yaphuma kunqamuka izihlahla kuphephuke nezindlu, kanti inanesimokwe esikudonsayo uma ike yakuthola ikufaka ulimi emakhaleni ikumunce ubuchopho negazi ikushiye kanjalo. Lokhu ikwenza ngisho kwimfuyo.” 283 Abafana baphinde bafunde ngezilwane ezinhlobonhlobo nemikhutshana yazo njengengonyama, ubhejane, indlovu, ingwe nezincanyana njengonogwaja, uchakide nezinye. Ngaphandle kokwazi kabanzi ngenyama yazo, bafundisane kabanzi ngemisebenzi yamafutha azo. Umfana wazi kahle kamhlophe ukuthi uma umuntu efuna ukuthi inkunzi yakhe ibe ngumakhonya, ingehlulwa, uyigcoba amafutha esilo ukuze kuthi uma sekuliwa, leyo elwa nayo iyibone isiyingonyama phambi kwayo, kuxege amadolo, ithi galo yephuka. Kukuso lesi sibaya lapho abafana befunda khona izinhlobonhlobo zezinyoni ezifana nesikhova, amankankane amaqola, nezinye amagwalagwala eziningi. Bafunda (izinyoni ngezinyoni zamakhosi), ezingamabika njengophezukomkhono, izinsingizi nothekwane. Ucwaningo lukuvezile ukuthi kulesi sikhungo sokwelusa bagcina sebengodokotela ngolwazi olunzulu lokwazi amakhambi okwelapha imfuyo. Abatolikelwa ukuthi abenzeni uma inkonyane iphethwe izilo ngoba bayiphuzisa incamu nomqaqongo nendenda. ULamula, (1963:170) uphawula kanje ngomqaqongo: Lona welapha namankonyane, kuthi uma ihobene, kugxotshwe amakhasi awo aluhlaza, iphuziswe ngomlaza ingcwayi. Ziqhasha khona manje. Ucwaningo lukubeke kwacaca bha ukuthi abafana bafundisana namaqhinga okweshela uma belusile ukuze bakwazi ukuganwa bese bakha imizi. UKhumalo ephephandabeni Isolezwe lomhla ka- 3 kuNhlangulana 2008 ikhasi lesishiyagalombili lapho uchaza kanje: Uma abantu ababili, owesilisa nowesifazane sebefuna ukuhlala bobabili njengendoda nenkosikazi, bedlula esikweni lokugana. Insizwa uma iqomisa intombi, iyayibuza intombi ukuthi iyoyenzani? Impendulo iyodwa futhi ishaya emhlolweni ethi ngifuna 284 ungigane, ngifuna ukuyokwakha nawe umuzi kababa. Phela indoda kayinawo umuzi ingaganiwe. Kuhle iganwe kuqala bese iba nomuzi. Igxathu lokuqala ngaphambi kwalo mshikashika wokuganwa elokuthi umfana ethi engabona intombi ayithandayo, ahlale izithonto ayeshele. Kusekwaluseni lapho abafana befundisana amaqhinga okuzibika ngoba kufanele umfana intombi ayijije ngamazwi nayo uma isivuma iphinde sona leso ingalimisi ngesihloko. Ngakho kufanele umfana akhaliphe. Abafana bafundisana amaqhinga okugoba uphondo izintombi ezingamashinga okuthi uma zeshelwa, zikuthele ngembiza, nokubhekana nalezo ezidle ngokuthula kube sengathi azazi lutho ngokweshela. Lokhu kusekelwa uNxumalo, (1969:136) kanje: Njengoba-ke kwase kuyiso isikhathi sokuba akhulunyiswe izinsizwa zazihamba amazwe ziqonde ukuba ziye zimvimbezele ngasemthonjeni ayekha kuwo amanzi noma ehlathini lapho babetheza khona. Wayeziphatha kahle, angabi luhlaza, kodwa aphike ngokuthi nje lokho ezazikhuluma ngakho wayengasoze akuvuma. Abafana baphinde baqwashisane ngokubaluleka kokuvunula kwensizwa iconse uma iyokweshela ngenkathi belusile. Lokhu kuvunula kuyenza ithandeke entombini nezimbangi zidlele ogageni. UNxumalo noMlambo, (1993:1) bawufaka isigxivizo lo mbono kanje: Kusadliwa ngoludala imvunulo yabe ibulala ilanga lapho seliya ngomutsha wendoda ubuhle bezinsizwa babuhlala obala. Zazigudla izintaba namaqele ziphethe imidlelo yazo. Zaziyozibika noma zaziphuma kozibika. Zazihamba lugugumbe okwenkalankala sengathi zidlisela ezweni. 285 Kakade zazidlisela ngobunsizwa bazo. kubakhethwa Kubuhlungwana nokho ukubona omfo kaZwide noMlambo bephaphalaza kube sengathi azisekho izinsizwa ezenza leli siko ngesikhathi samanje kanti zisagcwele izinkalo namathafa. Akekho ongadlula umuntu ongumZulu uma ethe usevunule. kwesekelwa uKhumalo, (1994:91) kanje: Uma uphendula amehlo, ubuya endlini kwethu, udela ngeyokosa impela. UZulu sekuthiwa uvunule, kuphithana ikhanda! Ubuhle bemvunulo kaZulu abaningi baze bathi benziwa ukuthi busazinze nya, nya, nya ekudabukeni kwengabadi. Imvunulo yezikhumba zezilwane zemvelo, iwuphawu oluthi alube seqhulwini uma ingekhona echosheni lemvunulo ngokwesabelo sikaMvelingqangi. Phela uMveli abantu wayebaphe nje isikhumba qha ukuba sibe yimvunulo yabo, ukuba sibe yiqholo nomqhanana wabo. Buka imvelo, yonke yaziwa ngezikhumba zayo zendabuko. Yithi esathi ngokwehluleka ukugcina ubuhle negqabho ngophawu lukaMenzi, sathuka sesizenyeza, sabhinca amahlamvu ezihlahla kuze kube namhlanje. EzakwaZulu zisho ngezinkomo zakwabo, ithi ukuyandlazela ishaya emaqakaleni. Injani bona ubuhle? Iyacwebezela uboya bulele buthule buthe nje du. Iphelekezelwa zinjobo zakwabo, esezithakwe ngezinyamazane zekhethelo. Sona isinene sakhona? Kuthule kuthe nje du, into ebihlalelwe kwaphela isikhathi yaphothwa. Zisho ngongiyane, imiqhele, izicoco phela. Zizodwa ezisho ngamadlokolo uma kungeminyakanyaka eshaya ngezinsiba zezinyoni zezulu. Yimigexo, yimitamatama. Ngamadavadi, zingxabulela ezinhlobonhlobo phansi. Hha! Isivunule insizwa yakwaZulu kuthi buka nje. Ebese isho ngenkomo yakwabo lapha, ingabe ngumdlelo, iyokweshela, ingabe nguncusha, ingabe yinkomo yonke, isihlangu phela. 286 Lokhu Ngisho izinduku zakhona, zenziwe! Umzaca, iwisa, ubhoko, kucanwe isisoka. Umgobo kukhuluma insimba, insimangwe, inkawu, iklolodo. Hhawu! Bakithi! Ubuhle kodwa lobuya? Uboke nje ubuke oLisho lapha eMdubane, ubone le nto ebabazeka ngokungakhulumekiyo. Amakhathakhatha okuthandeka afundwa khona ekwaluseni. ezintombini, awokunqunda izimbangi Abafana bafundisana ngobulawu, izigqabo, izimonyo namanye amasu njengokuthwala intombi. UNtuli, (2006:4) uyakweseka lokhu lapho eveza ubaba uMbatha kanje: Ngamanye amazwi-ke ngathi ngiphuma esikoleni ngabe ngingena esikoleni. Ngathi ngiphuma esikoleni lesi semfundo yabeLungu ngase ngingena esikoleni semithi. Ngaqhubeka lapho, ede engithuma engihloma ngapha nangapha. Nami-ke lapho sengino13. Hhayi, ngabe sengiqala manje ukuthi ngikwazi impela okuncane ngemithi yokuhlanza, eyobusoka nemithi ehlafunwayo, njengoba ngike ngabala umlomomnandi. Sengiqala nami phela ukuthwalathwala amehlo. Kuqala, wawuthwala amehlo kodwa ungeke utshengise ngoba uzoshaywa. Manje-ke sengiqala ukubona izintombi, ngifake umlomomnandi lapha ngaphansi kolimi ngikhulume nayo intombi, ngempela kube mnandi. Manje-ke kwathi uma sengino-14, hhayi ngase nami sengazi kakhudlwana, hhayi njengesikhathi sanamhlanjena lapho ubona abantu befuna ukusukela abanye, bathi bayelapha kanti abakakwazi. Ucwaningo lukucacisile ukutholakala kwenye yezinto eziwumgogodla wempilo yesizwe, inhlonipho. Abafana bafunda inhlonipho esezingeni eliphezulu ngokuthi bafunde ukuhlonipha abantu abadala kunabo noma ngaphansi kwanoma yisiphi isimo. Uma abafana bethuke baphunyukwa izinkomo, bathola idicane kwabadala, kungasho ukuthi ngabazali babo uqobo 287 kodwa bengathi vu. Inhlonipho baphinde bayifundiswe izingqwele zibathuma ngapha nangapha kodwa nakhona bengakhonondi. UDonda, (1997:9) uyakweseka lokhu: Kusuke kwelusiwe lapho abafana befunda khona imikhuba ebalulekile yesizwe. Kufundwa ukuhlonipha izingqwele. Zike zibathume ukuyoqwagela bengathi vu, futhi bangasho emakhaya. AbaseNtshonalanga bahlale begqugquzela ukuthi kuvocavocwe imizimba ukuze umuntu aphile kahle futhi isikhathi eside. Kuyajabulisa ukuthi leli khwela saba izinqalabutho kunabo ukulisebenzisa ngokuthi abafana benze imidlalo enhlobonhlobo ekwaluseni, ekhulisa umqondo kanye nomzimba. Abafana bayangcweka, baqhathwe, badle iphaphu, benze nemidlalo enhlobonhlobo yasemanzini njengokushaya intiki, ukubhukuda, ukutshuza, ukudlala izingwenya. U-Von Kopff, (1997:55) ubeka kanje ngokungcweka: Boys are introduced to the art of stick fighting in their early childhood. Initially they train with soft branches and should contact be made, no word of complaint is allowed. Later they use thin harmless sticks. They are presented with the real fighting sticks at the age of about fifteen. In Zululand one often sees men carrying these traditional weapons. Baphinde bafunde nokuciba insema, lokho okubahlomisela ingomuso, bakwazi ukunemba uma sebengamabutho eNkosi uma isibambene. Lokhu kufundisa ikhono elithi alifane nalelo lokunemba uma beshaya izinyoni. Ucwaningo likubeke kwacaca ukubaluleka kwemisebenzi yezandla njengokubumba nokubaza. Babumba izilwane ezinhlobonhlobo kodwa esidla umhlanganiso yinkomo, ikakhulukazi izinkunzi. 288 Isizathu esidala ukuthi izinkunzi zidle ubhedu ukuthi abagcini ngokuzibumba kepha bazakhela ukuziqhatha. Lokhu kubasiza ukuthi bafunde ukubumba izinto eziqinile ngoba uma inkomo enezimpondo ezingaqinile zihlephuka kalula bese kuba ukwehlulwa kwayo inkomo yakho. Lo mdlalo ubahlomisela ukuthi bafunde amakhono uma sebeqhathe izinkunzi ngempela. ULanga, (1997:20) uphawula kanje ngokweqhatha izinkunzi: Omunye umdlalo wabafana ekuluseni ukweqhatha izinkunzi zezinkomo. Ezinye izinkunzi zize ziwufunde lo mkhuba wokulwa kangangokuthi bathi abafana beyibongela nje iqhwishe. Kuba sengathi kunyakaza ithuku ekhanda. Kuvelile nokuthi lo mdlalo wokweqhatha izinkunzi ungagcina usuqhathe nabafana uqobo. Uma umfana inkunzi yakhe yehluliwe omunye uyadinwa acele inselele komunye amtshele ezikabhoqo ukuthi noma inkunzi yakhe yehluliwe kepha yena angeke amehlula. ULamula, (1963:124) uyakweseka lokhu lapho ethi: Ukulwa kwezilwane ezeluswayo yikhona okwakubanga ukulwa nakubafana ngoba bekuthi kungehlulwa eyakubo kasibanibani inkunzi, noma inqama noma impongo kuhlekwane kanti-ke bese kuphembeka ukulwa. Usezokuthi omunye umfana: Wuthi ungangehlula nami? Usho lokho qede ayifake kuye induku. Zishe-ke manje kubafana kubebomvu amakhanda ngokushesha. Uma-ke ehluliwe lona onkunzi yakubo yehlulwe ngenye, uzakuba mdala yena! Bona-ke esemxosha enamagqubu ephindisela inkunzi yakubo eyehlulwayo! Lukuvezile ngokungananazi ucwaningo ukubaluleka kokuzingela ngenkathi abafana belusile. Ukuzingela bengikuthatha njengomdlalo kepha kusiza kakhulu ukuthiba umashayandawonye. Lo mdlalo ubusiza kakhulu ukuthi uma sebebadala bakwazi ukubamba iqhaza uma kuphuma inqina. 289 UVonk, (1997:16) uphawula kanje ngokuzingela: Zulu men are passionate hunters and in former times were only armed with spears, clubs and axes when they went hunting. They did not only kill harless antelopes and wild bear but had an eye on lions, buffaloes, leopards and elephants as well. This demanded a good deal of courage which the hunters generated by dancing fiery dances for hours before setting off, imaginary earlier successful hunting expeditions or hunting scenes. While dancing they attack retreat and imagining animals and stabbed. Instead of spears the men use harmless sticks to prevent injuries during the aggressive gynations. Kungaso leso sikhathi belusile ngenkathi befundisana namanye amakhono njengokuhlinza, behlinza amabuzi kanye nezinyamazane ezincane ezinjengonogwaja nochakide. Ngaphandle kokuzingela izinyamazane ucwaningo lukuvezile ukuthi abafana babuye bazingele nezinyoni. Babodwa abazishaya ngezindwayimane, abanye banekhono lokuzinemba ngezagila, babodwa abasebenzisa imigoga ukuzibamba abanye bazicupha ngenomfi. 6.2 Izincomo Kubonwa ngisho ingane encane ukuthi ukufika kwempucuko yaseNtshonalanga kuthande ukuthuntubeza amasiko amaningi esizwe sakithi. Elinye lalawo masiko yilelo lokwelusa. Kuyathokozisa ukubona ukuthi noma abokufika bezama onke amaqhinga ngokuthi basiphuce amadlelo kodwa amaZulu asebenzisa lowo mhlaba yize umncane bafuye baze baluse. UMadondo, (2005:18) ukhala esikaNandi uma ebona leli siko kwezinye izindawo lingasanakiwe kwenye yezinkondlo zakhe ethi: „Ekwaluseni‟ kanje: Ngikhumbula lowo muzwa wenhlokomo Ngikhumbula sengiqule zihlwabula izinkomo 290 Sengikhashelwe egqumeni elithe chwa Njengamasele sigqwambike gqwambi esizibeni Ngesudu yesele sesase namasele simunye Ngomtshuzo sifunde ukuphila kanye nemibokwane Ngohlelo lwabaphathi ziqashelwe izinkasha Sifunde ubumqoka bokuhlela ngohlelo Sifunde ukuphathwa nokuphatheka Ngikhumbule umuzwa wobunzima Ngikhumbule ukuvuka ngovivi ngezedibha Ngikhumbule ungqowane nesithwathwa Singomabonwabulawe kubanini namasimu Ngokungazi sifunde ukumelana nobunzima Umphoso wezinkunzi ziphosa zijikijelana Kukhale uphondo iqhashe eyehluliwe, Uginge itshe wamukele isinqumo sinjalo Ngikhumbule ukuqhwagela okumsulwa kungekweba Ngihlale nginamacebo nobuchule bempilo yonkana. Ngikhumbule ukucijwa kwamakhono empilo Ngibuke onsizwanambuzana banamuhla ngakhexa Ngibabuke behla benyuka emigwaqeni ngadabuka Ngibabone benconde ngezindonga beshuka Ngibabone umtebhiso wokungazi nokuvaleka Kwengqondo yobungane etejisiwe ngakhathazeka Abazi kwalusa abazi kukhuzela imishiza nje Awabo amaqupha awazazi ezevaka. Kuyanconywa ukuthi uHulumeni osezintanjeni abukeze imitheshwana eminingi ephathelene nokuthengiswa kwemihlaba kwelengabadi ngoba lokho kunciphisa kakhulu amadlelo ebese lokho kuthuntubeza kakhulu amathuba okuthi abafana bathole amathuba okuyoqeqeshwa kulesi sikhungo esiseqophelweni eliphezulu sasekwaluseni. Kudela owaziyo ukuthi ngubani owathi uma umuntu engaphiwe ikhono elithize abizwe ngenkomo. Noma lesi senzo sithanda ukusehlisa isithunzi senkomo kuphinde kube yibo futhi abasikhuphulayo uma sebezincoma uma benze okuthe thuthu ngokwezinga lapho bezibiza ngezinkunzi. UDonda, (1997:12) uphawula kanje ngalesi senzo: Uma abantu beganga ngomunye, basuke bemfanisa nenkomo. Abadlali bebhola 291 likanobhutshuzwayo umdlali oyisahluleki. bambiza ngenkomo UDonda, (1977:5) uphinde aveze omunye umqondo uma sebezitusa kanje: Izinsizwa emaviyweni uma zisenenhlanhla yokuphumelela zizibiza ngezinkunzi. Uma zihlabana zithi ziyahlaba uma zithi: Igoso: Umnt‟ ekhuluma Umnt‟ ekhuluma zinsi-zwa! Iviyo: Uyakhuluma! Ukhuluma nobani? Yafik‟ inkunzi yahlaba Igoso: Yahlaba! Iviyo: Yafik‟ inkunzi yahlaba. Kuyanconywa ukuthi uMnyango wezeMfundo ubenohlelo ezifundweni lapho abantwana bezofunda nsukuzonke ngokubaluleka kwalo lonke uhlobo lwemfuyo ukusukela ezinkukhwini kuyoshaya phezulu kuzona izinkomo. Noma kukhona okwenziwa uhulumeni wakithi okusikhumbuza ngemvelaphi yamasiko ethu kodwa kuncane ngoba lolo suku luba lunye vo onyakeni (24 kuMandulo). Okubuhlungu ukuthi kufanele le mfundiso ifakwe ezingqondweni zabantwana bethu nsukuzonke ukuze bayiphile. Nalo lolu suku alubongwe kakhulu eLembeni iNkosi uShaka ngoba lolu hlelo lwaqala kukhunjulwa lona. Leli langa lagcina seliguqukile kwathiwa yileso naleso sizwe asigubhe amasiko aso ngalolu suku. UMnyango wezamaSiko nowezeMfundo basabhekene nenselelo enkulu lapho befanele ukufundisa intsha mayelana nokubaluleka kwamasiko anhlobonhlobo. Amasiko anjengokulobola, ukuxoshisa, ukusisela namanye. Akufanele kuvunyelwe usikompilo lwaseNtshonalanga lwengamele olwakithi kwaMalandela. Kufanele bafundise abantwana ukuthi inkomo ayithandelwa inyama noma ubisi lwayo kepha ibamba iqhaza elikhulu ekugcineni amasiko amaningi. Umemulo, ukulobola, umgcagco nokubuthwa angeke kwabakhona ngaphandle kwenkomo. Akufundiswe abantwana ukuthi umemulo nomcimbi wokugubha amashumi amabili eminyaka akufani. Akungabonwa umemulo 292 sengathi ungaphansi ngokubaluleka ngoba sekuqhakanjiswa usikompilo lwaseNtshonalanga okuyilona intsha ezifela ngalo ngenxa yokuntula ulwazi. Kuyanconywa ukuthi imidlalo eminingi edlalwa abafana ekwaluseni noMnyango weZemidlalo nokuNgcebeleka uyisabalalise isifundazwe sonkana ize ifike nasemakhaya imbala. Uma abafana bengachitha isikhathi esiningi bedlala izinga lobugebengu lingehla. Abafana kwezinye izindawo sebethembela kakhulu endukwini yamavaka, isibhamu ngoba abaselusi ukuze bathole ithuba lokweqhathwa nelokungcweka. Abafana sebephenduke amanina ngoba sebethembela kogotshwa nakuzo izibhamu. KwelikaMthaniya kuyaziwa ukuthi uma abafana bevukwe amathuku emakhanda bayadedelwa baqhuthane amakhizane ngezinduku ikakhulukazi njengasodwendweni. U-Von Kopff, (1997:55) uyakweseka lokhu lapho ethi: Teenagers and men traditionally settle their personal differences in public with a duel, using fighting sticks (umTshisa). Each opponent holds two sticks of varying lengths, the longer one in the left hand to ward off blows, with a small padded shield to protect the knuckles and in his right hand a carved club with a sharp circular edge at the top, that can crack a skull. The adversaries aim blows at the head and the knees. These bloody and sometimes even fatal stick fights usually take place at big gatherings, such as weddings, in accordance to strict rules similar to boxing matches. Constant eye contact has to be maintained, one is not allowed to strike at the ankles, stabbing is also forbidden and the temper has to be kept under control. An adult acting as referee supervises the duel and declares it to be over as soon as blood flows, which often happens within the first few seconds. The winner tends the wound of the loser and from then on there is no bad blood between the two. Should the outcome be fatal for one of them nobody is charged by the state as long as the fight was fair and took place in accordance with the rules. 293 emicimbini ethile Kuyanconywa ukuthi uHulumeni ngoMnyango wezemfundo namaSiko benza uhlelo lokuthi imidlalo efana nokungcweka ifakwe njengesinye sezifundo ezikoleni. Uma bekwazi ukufaka umkhalambazo, namankomane bengavinjwa yini ukufaka nokungcweka? Yize noma ikhonyana imizamo eyenziwa uHulumeni oqhoqhobele izintambo kodwa isemncane kakhulu. Lokhu kufakazelwa iphephandaba „Izindaba ezimtoti‟ langoNtulikazi, 2007 ikhasi lokuqala lapho likhuthaza lolu hlobo lwezemidlalo esifundeni sayo kanje: Imidlalo yendabuko osekungeyesithathu idlalwa ezingeni lesiFundazwe ibiyenziwa ngomhla ka- 1 July ezinkundleni zemidlalo zaseMzuvukile, eNseleni ngaphansi kaMasipala waseMhlathuze. Iphephandaba „i-People of the North‟ lomhla ka- 15 kuNhlangulana, 2007 ikhasi 18 nalo liyakuveza kancane okwenziwa nguHulumeni mayelana nokuqhakambisa le midlalo esihlokweni esithi: „SUKUMISA SIKHAKHANE STICKFIGHTING CHAMPION kanje: Born deep in the Northern recesses of Zululand Sukumisa found himself schooling near Melmoth. At that time Zulu culture was still very strong and life was regulated accordingly. Sukumisa has earned his respect and with his exceptional ability in traditional Zulu stickfighting is revered as a champion from his region. The man is an example to be followed. Kuyancomeka ukuthi abaqhoqhobele izintambo zokubusa izwe kebabheke ngeso elibanzi indlela yokubuyisa inhlonipho esifungwa ezinganeni esikhathini samanje. Iziphathimandla sezigixabeza abantwana ngamalungelo amaningi lokho okuzenza zidlebeleke ngoba zivikelwe umthetho. bekwenza ngokuphuca amandla kubazali bazo. ifundisa ngokungenamkhawulo. 294 Abafana Lokho Ekwaluseni inhlonipho bafundiswa ukuhloniphana bebodwana, bahloniphe izingqwele banyuke bahloniphe abadala baze bashaye phezulu sebehlonipha isizwe. Wonke umuntu omdala ungumzali wakho, ongaphezudlwana kwakho udadewenu noma umnewenu noma ningazalani. Sekuyinsakavukela ukuthola abantwana bewotawotana phambi kwabadala bengabagqiziqakala ngoba basebenzisa amalungelo abanawo. Yize kunjalo uHulumeni usethanda ukuzisola ngoba usebonile ukuthi waphaphalaza noma engeke waphumela obala alimise ngesihloko. Lokhu kufakazelwa iphephandaba Isolezwe langomhla ka- 18 kuZibandlela, 2007 ikhasi 18 esihlokweni esithi: „Kuzophela ukuwotawotana‟ kanje: Intsha engaphansi kweminyaka engu-16 ezobonakala iqabulana esidlangalaleni, noma iwotawotana sakubhucungana okwenziwa ngabantu abasothandweni isizophonswa ejele uma itholakala yenza lokhu. Lesi sinyathelo silandela ukuphasiswa komthetho omusha i-Sexual Offences Act osayinwe ngokomthetho nguMengameli uThabo Mbeki ngeledlule. Kulo mthetho kukhishwe isinqumo sokuthi intsha engaphansi kweminyaka engu-16 izoboshwa uma itholakala yenza lezi zinto ezihambisana kakhulu nocansi. Uma iziphathimandla zingalufakela izibuko lolu daba lokushabalala kwenhlonipho kungacaca ukuthi kufanele bakhuthale ukuvuselela izikhungo zokwalusa ukuze inhlonipho idlondlobale. Lokhu kungaba nomthelela omuhle wokudambisa lesi sifo esesibhuqabhuqe isizwe sikaMalandela ingculazi ngoba inhlonipho ihamba indawo ende. Ngokuhlonipha umphakathi bengahlonipha baphinde bazigqaje ngemizimba yabo. 6.3 Isiphetho Lolu cwaningo lukuveze kwacaca bha njengekati elimhlophe licashe ehlungwini ukuthi ukwelusa lokhu akukhona nje ukukhaphela izinkomo 295 ziyodla emadlelweni nokuzikhalima ukuthi zingadli amasimu kepha kuyisikhungo lapho abafana befunda ulwazi olunhlobonhlobo. Uma owesilisa nowesifazane imbala elikhipha ngesihloko imvamisa uma umoya wakhe uphezulu ethi: „Mina ngelusa, ubongibhekisisa.‟ Leyo ncazelo ingaba mbaxambili ngoba iyasho ukuthi yena izikhwepha akaziboleki kumuntu uyazifikela kumuntu. Kwenye inkathi engachaza ukuthi alukho ulwazi alweselwayo ngoba wazitamuzela lona ekwaluseni ngakho ngeke wamphamba. Umfana ongumZulu uthi ekhula esemncane esalusa izinkomo kodwa inhliziyo yakhe iyobe isilobizela ukwedlulela esikhungweni sokugcina leso sokwelusa izinkomo. Izimvu nezimbuzi kusuke sekumbambezela. Nakhona ngenkathi elusa izinkukhu, izimvu nezimbuzi, amathole, namankonyane kukhona akufundayo izinga nezinga ngoba lokho kuhambisana nokuphiwa komqondo wakhe. UNxumalo, (1969:31) uyakufakazela lokho kanje: … kwaba kanjani-ke nakimi ngizibona sezingena ebubhungwini, sengiba libhungu eliqinile, ngasuka lapho ngangena ebunsizweni. Ngayeka ukwelusa amankonyane, ngayeka ukwelusa izimbuzi, ngaze ngayeka ukwelusa izinkomo. Nalapho ngithunywa ngilayezwa okuthile, ngangithunywa kuphela lokho okusemqoka. Uma engase eqe agagamele aye ezinkomeni kukhona lapho engalimala khona ngolwazi. UKhumalo, (2005) uphawula kanje ngalokhu: Ukukhulisa umntwana ongumZulu ngosikompilo lwaseNtshonalanga kuyamthuntubeza umntwana ngokomqondo ngoba kuyaphambana nenqubo yesintu futhi maningi amagxathu aweqayo abalulekile 296 empilweni. Lokhu kweqeka kwamazinga kufana nokuhamba kwexoxo lona olunohambo olungahanjwa ngokuphelele ngoba indawo eningi yeqiwe. Akufani nokuhamba komnenke wona esikwazi nokulandela imilobo lapho uhambe khona. Nalokhu okuvulelwe kulo mqingo kutholakala ngokulandela yona kanye imilobo. Ucwaningo likuveze ngokungananazi ukubaluleka kwalo lonke uhlobo lwemfuyo kusukela ezinkukwini kuye ezinjeni kwenyuke njalo kuye ezimbuzini kuze kuyoshaya ezinkomeni. Kucacile ukuthi yileyo naleyo mfuyo ineqhaza elikhulu eliyibambile ezimpilweni zesizwe. Kukhona amasiko nemicimbi engeke yaphelela ngaphandle kwemfuyo. Kungabe isiko lokulobola liyini ngaphandle kwezinkomo, ngabe abakhongi bayithathaphi indlakudla ngaphandle kwembuzi, wona amaphisi angaba yini ngaphandle kwezinja. Inkomo yona ibaluleke kakhulu ngoba iyona ekhombisa ukuceba koMnumzane. Lokhu kufakazelwa u-Von Kopff, (1997:12) kanje: The conventional Zulu man loves his cattle almost more than himself and is prepared to risk his life for their protection. Cattle represent wealth power, status and many more things than white people, with their different mentality could ever understand. A rural man without cattle is a poor soul. He can neither implore his fate determining ancestors for a better fortune by means of sacrifices, nor may be marry a wife as he has not got the required lobola, the bride price of at least eleven breasts. Thus it is not surprising that most of the Zulu people hold their cattle very dearly. Ngaphandle kokubaluleka kwezinkomo ekugcineni amasiko anhlobonhlobo izinkomo zibamba elikhulu iqhaza ukuthiba umashayandawonye ngokusinika ubisi, amasi kanye nenyama. Ziphinde zisinike okomkhulu lapho sikhuluma khona nezinyanya zethu, isibaya. 297 U-Vonic, (1997:4) ubeka kanje ngalokhu: The Zulus like most tribes in Africa pay tribute to the souls of the dead and make offerings. Those left behind still go to great lengths to bring the soul of the deceased home from the place of death, in the family kraal. When moving to a new home, old rituals are employed to settle the soul at the new abode. Ancestors are perceived as guardian angels and intermediaries between the living and uNkulunkulu. To ensure this, the head of the family praises the deeds of the deceased and occassionaly makes an offering. Izinkomo zibuye zisize ngokusilimela amasimu, zidonse izihlibhi uma kuyothezwa, zisiphe imvunulo uma sisebenzisa izikhumba zazo ukusika amabheshu nezidwaba kanye namahawu. ULanga, (1991:7) uyakweseka lokhu kanje: Cattle were the most important thing in the life to a Zulu. They gave him food. Their hides made clothes and shields. He bought his wives with them. He killed them when he made a sacrifice. Cattle made a man rich, and a rich, important Zulu owned many cattle. This is why looking after the cattle was important work. Only men could look after the cattle. Women never went near the herd. Women never touched the cattle and their huts were far from the cattle pen. Noma ebeke kamnandi uLanga kodwa usadinga ukuthwansula kancane ngoswazi ngoba uthanda ukuphaphalaza kwezinye izindawo. Unephutha uma ethi abafazi bayathengwa ngoba uma kulotsholwa kusuke kwakhiwa ubuhlobo. Okwesibili uma ethi abesifazane abalokothi baluse futhi nemfuyo abalinge basondele emfuyweni nalapho usesenga ezimithiyo ngoba kwenziwa njani emndenini lapho bephiwe amantombazane odwa? Akayazi yini iNdlovukazi uMkabayi kaJama eyayizibambela mathupha ezinkomeni? 298 Lukuvezile ucwaningo ukuthi kulesi sikhungo sokwelusa luningi ulwazi olutholwa abafana. Imibala yezinkomo bayifunde bayigogoda khona ekwaluseni, bengazange bakuthwasele ukuba izangoma zezulu kodwa lowo msebenzi bawenza ngobuchule balibone basiqangule njengoba sinjalo isimo sezulu. Ulwazi lwemithi noma izihlahla bazitike ngalo bekhona lapho esikhungweni sokwelusa. Bafunde bagogode ngezihlahla eziqinile abangabaza ngazo izagila, izinduku neyenza izimboko. Ngaphandle kolwazi lwaseNtshonalanga lokusebenzisa ingqophasikhathi abafana basifunda basazi isikhathi bekhona ekwaluseni. Zonke izinkukhu ngokukhala kwazo bazitolika njengoba zinjalo, nezinkanyezi ngokunjalo belindele ukuya ediphini. Bayazi ukuthi kusuke kuyisikhathi kuthiwa kusampondozamnenke noma mpondozankomo. sini uma Bayazi ukuthi kusuke sekunjani uma sezibuya inhlazane noma kuthiwe selibantubahle noma seliya ngomtsha wendoda noma seliyozilahla kunina. Ucwaningo lulucacisile ulwazi lwezilwane abaluthola ngenkathi besalusile. Abafana bazingela ngenhloso yokuthiba umashayandawonye noma ukuchitha isithukuthezi. Ngaleyo nkathi bafunda ulwazi ngezinhlobonhlobo zezilwane nangemikhuba yazo. izinyathi obhejane. nezingeyona Bayazazi izilwane eziyingozi njengezingonyama, Bafunda nangezinhlobonhlobo yezinyoka eziyingozi ezabaphansi njengenkombaphansi, ifulwa, umabibibini nomsenene. Eziyingozi njengemamba, ihobosha noma ibululu, inhlangwane, imfezi nenhlwathi. UNxumalo, (1965:16) uphawula kanje ngalokhu: Sakhula-ke sazi ukuthi kukhona inyoka engabulawa, elidlozi. Sesikhulile sezwa ukuthi inhlwathi leyo yayithathwa njengedlozi. Nanamuhla lokho kuthiwa ophuphe inhlwathi usuke enenhlanhla. Kukhona enye-ke futhi inyoka eluhlazana encane okuthiwa ngeyedlozi ebizwa ngokuthi ifulwa. Nayo kayibulawa. 299 Kusuke kwelusiwe lapho abafana befundisana imidlalo enhlobonhlobo ebaqinisa imizimba iphinde ibalole nengqondo njengokubhukuda, ukuciba insema, ukudla iphaphu, ukungcweka nokuqwagela. Bafundisana nenhlonipho nokubaluleka kwayo beqale ngokuhloniphana bodwa kuze kuyoshaya esizweni. Kusobala-ke ukuthi ukwelusa lokhu kubaluleke kakhulu ekukhuliseni umfana ngoba iningi imfundiso engumphako wempilo etholakala ngenkathi kwelusiwe ngaphandle kokuqaphela imfuyo ukuthi ingadli amasimu. Kusobala ukuthi isikhungo sokwelusa singumkhombandlela nomhlahlandlela wekusasa nengomuso lomuntu wesilisa okubhekeke kuye ukuba abeyindoda yamadoda. Lesi sisekelo soqeqesho lunikezwa umuntu ozokuba yisakhamuzi esiqotho, esethembekile nesihloniphayo ikakhulukazi ngoba ezokuba yinhloko nekhanda lomndeni nomndeni. nengqalasizinda enguzime nezimpande zesizwe khona. Umndeni nomndeni ukhalela isisekelo ngoba kulapho okwesekelwe izingxabo Uma kuke kwanyiba lezi zimpande, isizwe asikho. Isizwe siyozanyazanyiswa yimimoyana nje engatheni. Kuyobanjani uma sekufika iziphepho nezivunguvungu ezihambisana nezinkanyamba? Kulolu khalo umfana ufundiswa ukuba azibambe ziqine aze aqine ukhakhayi namadolo. Ngaleyo ndlela uyokwazi ukuba neso lokhozi lokuqaphela izimo eziyingozi nezibucayi, akwazi ukuzigwema zisekude funa aze aficwe ngamathonsi abanzi abengeke amfice. Uyokwazi ukuphatha nokuchushisa umndeni wakhe, umphakathi nesizwe ngobuchule nobuhlakani uma eseyindoda noma esesebandla. Izwi lakhe liyokuba nesigqi nesizotha ngisho phakathi kwamabandla ngamabandla esehlangene koMkhulu ngani ngoba wakhishwa umnqantulo. Ngisho sekuthiwa kubanjwe impi akakudliwa yimbengwana nentola emadolweni, uyohlabana ahlabanele iNkosi, Isizwe nezwe aze axoshiswe ngobuqhawe nobuqhawekazi bakhe. Yilolu hlobo lwesakhamuzi esakhiwayo ngalolu hlobo loqeqesho olwenziwa kulesi sikhungo esingundabamlonyeni nesikhalela ukuba sisingathwe okwezikhali zamaNtungwa. 300 IMITHOMBO YOLWAZI Bhengu, K. (1965) : UNyambose NoZinitha. Pietermaritzburg: Shuter noShooter. Bhengu, R.M.M. (2006) : Iqhude. Ntunjambili: Kranskop. Bryant, A.T. (1929) : Olden Times in Zululand and Natal. London: Longmans. Bryant, A.T. (1947) : The Zulu People as they were before a white Man came. Pietermaritzburg: Shuter no Shooter. Cele, N.E. (2006) : Idada. Mshwathi: New Hanover. Cope, T. (1968) : Izibongo Zulu Praise-poems. New York: Oxford University Press. Damane, E.M. (1987) : Lalela Mngani Wami... Cape Town: Kagiso Education. Donda, G.N. (1997) : Izidlodlo. Pretoria: Aktua Press. Dirie, W. (1998) : Desert Flowers, Extra-ordinary Journey of a Desert Nomad. New York: Virago Press. Dludla, B.N. (2008) : Ukuphunga Imikhonto. INyunivesithi YaKwaZulu: KwaDlangezwa. Dreyer, H.J. (1983) : A Manual for Writing Dissertations and Theses. INyuvesithi YaKwaZulu: KwaDlangezwa. 301 Dube, M. (2006) : Ukubaluleka kwekati. Maqumbi: Maphumulo. Fuze, M.M. (1921) : Abantu Abamnyama Lapho Bavela Ngakhona. Pietermaritzburg: Shuter noShooter. Gcumisa, M.S.S. noMthiyane E.T.Z. (1992) : Insonyama. Pietermaritzburg: Shuter noShooter. Gcumisa, M.S.S. (1993) : Amakloba. Manzini: MacMillan Boleswa (Pty) Ltd. Guma, S.M. (1967) : The Form, Content and Technique of Traditional Literature in Southern Sotho. Pretoria: J.L. van Schaik. Hillary, L.C. (1989) : People of the World: Zulus. England: Wayland Publishers. Hone, C. noDela Harpe, D. (2001) : The Zulu. Pretoria: Southern Africa Art Publishers. Jobe, N.E. (2006) : Ukwelusa. KwaMthethwa: Empangeni. Jobe, N.E. (2007) : Izinyoni. KwaMthethwa: Empangeni. Khumalo, R.S. (1995) : Uphoko. Pietermaritzburg: Reach Out Publishers. Khumalo, Z.L.M. (1993) : Uzwathi LwabeNguni. Kenwyn: Juta Company Ltd. 302 Khumalo, Z.L.M. (1994) : Ingulule. Pietermaritzburg: Reach Out Publishers. Khumalo, Z.L.M. (1994) : Inyengelezi. Pietermaritzburg: Reach Out Publishers. Khumalo, Z.L.M. (1998) : Isibabule. Pretoria: Actua Press. Khumalo, Z.L.M. (2008) : Ukubaluleka Kolimi. University of Zululand: KwaDlangezwa. Knight, I. (1989) : The Zulu-Osprey Elite Series No.21. London: Osprey Publishers (Pty) Ltd. Krige, E.J. (1950) : The Social System of the Zulus. Pietermaritzburg: Shuter noShooter. Kubheka, B.S. (2002) : Izinkukhu. Enkanini: Eshowe. Lamula, P. (1963) : Isabelo SikaZulu. Pietermaritzburg: City Printing Works (Pty) Ltd. Langa, A.Y. (1997) : Isithombe Esinzulu Ngemidlalo Yezingane Nobunzulu Bayo. DurbanUmlazi: Inyunivesithi YakwaZulu. Langa, O. (1991) : Zulu Spear. London: MacMillan Education Ltd. Madondo, L.M.M.S (2005) : Amathonsi Obumbongi. Sandton: Heinemann Publishers. Magubane, P. (1998) : Vanishing Cultures of South Africa. London: Strunt Publishers (Pty) Ltd. 303 Mahlase, A. (2003) : Ukuklabisa Izinkomo. Ozwathini: Ntabamhlophe. Makhambeni, N. (1985) : Amathunzi Ayewukela. Pretoria: De Jager Haum. Makhathini, J.S. (2007) : Amankonyane. Mabhobhane: Maphumulo. Makhaye, N.J.K. (2006) : Ukusisela. Ntunjambili: Kranskop. (1989) : Sincinda Odengezini. Dundee: R.A. Maphumulo, A.M. noThwala, J.J. Burns Co. (Pty) Ltd. Maphumulo, P.B. (1993) : Yize Uvalo, Inqobo Isibindi. Empangeni Rail: Excellentia Publishers. Masondo, M.M. (1997) : Inkunzi Isematholeni. Pretoria: J.L. van Schaik Publishers. Masondo, T.Z. (1940) : Amasiko EsiZulu. Pietermaritzburg: Shuter noShooter. Mathenjwa, L.F. (1996) : Injula Yemicabango. Cape Town: Kagiso Educational Trust. Mertens, A. noSchoeman, H. (1975) : The Zulu. Cape Town: Parnell Publishers. Mhlongo, B.C. (2003) : Izigqabo Nezimonyo. Maphumulo: Maqumbi. 304 Mhlongo, D.B.K. (1987) : Iziko. Randburg: Hodder noStoughton Educational. Mhlongo, D.B.K. (1991) : Ilanga LaseLangeni. Pretoria: Palm Publishers. Mhlongo, I.S. (2008) : Inhlonipho Ekwaluseni. KwaDukuza: Madundube. Mjadu, L.N. (2006) : Ukuphana Ngokudla. Gingindlovu: Edokodweni. Mkhize, T (2001) Ukwelusa – “A Herdboy’s duty.” 50/50 : Programme SABC2. Msimang, C.T. (1975) : Kusadliwa Ngoludala. Pietermaritzburg: Shuter noShooter. Msimang, C.T. (1976) : Izulu Eladuma Esandlwana. Pretoria: J.L. van Schaik Publishers. Mthembu, M.Z. (2006) : Ukukhula Komfana Esizweni SamaZulu. Umqulu ongashicilelwe weziqu zeM.A. INyunuvesithi YakwaZulu: KwaDlangezwa. Mthembu, R.H. (1947) : UMamazane. Cowies Hill: Solo Collective. Mthethwa, S.S. (2006) : Impilo Yekati. Cwaka:Empangeni. Myeza, N. (2006) : Ukubaluleka Kwezinkukhu. Nkandla: Gqokinsimbi. 305 Myeza, N. (2007) : Imithi. Nkandla: Gqokinsimbi. Nene, J.B. (2006) : Ukulima. KwaDlangezwa: Ongoye. Ngema, M. (2004) : The Zulu. Pretoria: Palm Publishers cc. Ngema, Z.G. (2007) : Imbodla. Mtubatuba: Somkhele. Ngema, Z.G. (2008) : Imibala Yezinkomo. Mtubatuba: Somkhele. Ntombela, Z. (2007) : Ukulinda Amabele. Eshowe: Nyezane. Makhambeni, N.N. (1998) : Izimpande. Pretoria: Unisa Press. Ntuli, D.B.Z. (2006) : NginguSosobala Mbatha. Ntuli, S.B.Z. no- Pietermaritzburg: Shuter noShooter. Ntuli, P.M. (2004) : Ukweshela. Mandeni: Ngudwini. Nxumalo, J.A.W. (1951) : Umcebo Wolimi LwesiZulu. Pietermaritzburg: Shuter noShooter. Nxumalo, O.E.H. (1969) : Ngisinga EMpumalanga. Pietermaritzburg: Shuter noShooter. Nxumalo, T.E. noMlambo, L.M. (1993) : Umdlela KaZulu. Midrand: Educuum Publishers. Nxumalo, T.E. (2007) : Amasi. KwaMthethwa: MaBhuyeni. 306 Nyembezi, C.L.S. (1954) : Zulu Proverbs. Pietermaritzburg: Shuter noShooter. Nyembezi, C.L.S. (1974) : Zulu Proverbs. Johannesburg: Witwatersrand University Press. Nyembezi, S. (1953) : Ubudoda Abukhulelwa. Pietermaritzburg: Shuter noShooter. Nyembezi, S. (1958) : Izibongo Zamakhosi. Pietermaritzburg: Shuter noShooter. Nyembezi, S. noNxumalo, O.E.H. (1966) : Inqolobane Yesizwe. Pietermaritzburg: Shuter noShooter. Nyembezi, S. (1992) : Isichazamazwi Sanamuhla Nangomuso. Pietermaritzburg: Reach Out Publishers. Odoli, C.C. (1999) : Zulu Royalty and Traditions. Pretoria: Palm Publishing cc. Paton, A. (1948) : Cry, The Beloved Country. England: Penguin Books Publishers. Sibisi, W.M. (2006) : Ukwelusa. Mandini: Ndulinde. Sibiya, B.S. (2008) : Ukuhlonipha. Maphumulo: Maqumbi. Sibiya, N. (1993) : Amalangabi. Pretoria: Actua Press. Sithole, S.S. (2007) : Amazinga Okwelusa. KwaMthethwa: Cwaka. 307 Tyrell, B. (1983) : African Heritage. Johannesburg: MacMillan Publishers. Von Kopff, U. (1997) : Zulu People of Heaven. Durban: The Natal Press. Xulu, C. (nd) : UMahlase Uvakashela Edolobheni. Pietermaritzburg: University of Natal New Readers Project. Xulu, C.L. noNtuli, M.R. (1997) : Ezawokhokho. Cape Town: Maskew Miller. Xulu, M.K. (1994) : Udwendwe LukaKoto. Pietermaritzburg: Reach Out Publishers. Xulu, P. (2006) : Ukubaluleka Kwezinkukhu. Maphumulo: Maqumbi. Zama, J.M. (1967) : Ingwe Idla Ngamabala. Pietermaritzburg: Shuter noShooter. Zulu, B.Z. (2005) : Umongo KaZulu. Cape Town: Lotsha Publishers. AMAPHEPHANDABA City Press 3 Ncwaba 2006 ikhasi 7. Ilanga 13-15 kuNdasa 2008 ikhasi 1. Isolezwe 22 July 2006 ikhasi 13. Isolezwe LangeSonto 25 kuNhlaba 2000 ikhasi 10. Isolezwe LangeSonto 3 kuMfumfu 2008 ikhasi 10. 308 Isolezwe LangeSonto 15 kuMfumfu 2008 ikhasi 8. Isolezwe 3 kuNhlangulana 2008 ikhasi 8. Isolezwe 25 kuNhlaba 2004 ikhasi 7. Isolezwe 18 Zibandlela 2007 ikhasi 18. People of the North 15 Nhlangulana 2007 ikhasi 18. Sunday Sun 19 kuNcwaba 2006 ikhasi 23. Sunday Times 3 kuNhlangulana 2007 ikhasi 3. IBhayibheli Elingcwele: Inhlangano YeBhayibheli YaseNingizimu Afrika. Cape Town. 309
© Copyright 2025 Paperzz